Ukusebenzisa KukaJehova “Ubuwula” Ukuze Asindise Abakholwayo
“Njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba-kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.”—1 KORINTE 1:21.
1. UJehova angabusebenzisa ngamuphi umqondo “ubuwula,” futhi sazi kanjani ukuthi izwe ngokuhlakanipha kwalo alizange limazi uNkulunkulu?
INI? Ingabe uJehova angabusebenzisa ubuwula? Akunjalo ngempela! Kodwa angakusebenzisa futhi uyakusebenzisa lokho okubonakala kuwubuwula kulelizwe. Lokho ukwenza ukuze asindise abantu abamaziyo nabamthandayo. Ngokuhlakanipha kwalo, izwe alinakumazi uNkulunkulu. UJesu Kristu wakucacisa lokhu lapho ethi emthandazweni: “Baba olungileyo, izwe kalikwazanga.”—Johane 17:25.
2. Kungenzeka kanjani ukuba kubonakale sengathi izindlela zikaJehova nezezwe ziyahambisana, kodwa ayini amaqiniso?
2 Amazwi kaJesu abonisa ukuthi izindlela zikaJehova zehlukile kwezezwe. Uma ubheka nje kungase kubonakale sengathi injongo kaNkulunkulu neyalelizwe kuyahambisana. Kungase kubonakale sengathi izinjongo zalelizwe zinesibusiso sikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi uNkulunkulu uyomisa uhulumeni wokulunga oyoletha ukuphila okunokuthula, injabulo, nokuchuma esintwini emhlabeni. (Isaya 9:6, 7; Mathewu 6:10) Ngendlela efanayo, izwe limemezela injongo yalo yokunikeza abantu ukuthula, ukuchuma, kanye nohulumeni omuhle ngalokho okubizwa ngokuthi uhlelo lwezwe elisha. Kodwa izinjongo zikaNkulunkulu kanye nezezwe azifani. Injongo kaJehova iwukuzilwela njengoMbusi Ophakeme wendawo yonke. Lokhu uzokwenza ngokusebenzisa uhulumeni wasezulwini oyochoboza bonke ohulumeni basemhlabeni. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 4:11; 12:10) Ngakho akukho lutho uNkulunkulu aluhlanganyela nalelizwe. (Johane 18:36; 1 Johane 2:15-17) Yingakho iBhayibheli likhuluma ngezinhlobo ezimbili zokuhlakanipha—‘ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuhlakanipha kwezwe.’—1 Korinte 1:20, 21.
Ukusilela Okuyisisekelo Kokuhlakanipha Kwezwe
3. Nakuba ukuhlakanipha kwezwe kungase kubonakale kukhanga, kungani uhlelo lwezwe elisha oluthenjiswe ngumuntu lungeke lwanelise?
3 Kulabo abangaqondiswa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, ukuhlakanipha kwezwe kubonakala kuthakazelisa. Kunamafilosofi ezwe azwakala ewukuhlakanipha okukhulu athumba ingqondo. Izinkulungwane zezikhungo zemfundo ephakeme zidlulisela ukwaziswa okuthathwa kulabo iningi elibabheka njengongqondongqondo besintu. Imitapo yezincwadi emikhulu igcwaliswe ngolwazi oluqongelelwe emakhulwini amaningi eminyaka okuhlangenwe nakho kwesintu. Nokho, naphezu kwalokhu uhlelo lwezwe elisha ababusi bezwe abaluhlongozayo lungaba nje kuphela umbuso wabantu abangaphelele, abangcoliswe isono, nabafayo. Ngakho, lolohlelo luyoba olungaphelele, luphindaphinda amaphutha amaningi obuwula esikhathi esidlule futhi lungazanelisi zonke izidingo zesintu.—Roma 3:10-12; 5:12.
4. Yini uhlelo lwezwe elisha oluhlongozwayo olubhekene nayo, futhi kunamuphi umphumela?
4 Uhlelo lwezwe elisha oluhlongozwa umuntu alubhekene nje nobuthakathaka bomuntu kuphela kodwa futhi lubhekene nethonya lezidalwa zomoya ezimbi—yebo, uSathane uDeveli namademoni akhe. USathane uye waphuphuthekisa izingqondo zabantu ukuze bangalikholelwa ‘ivangeli lenkazimulo kaKristu.’ (2 Korinte 4:3, 4; Efesu 6:12) Ngokufanelekile, izwe libhekana nezinkinga ezingapheli. Liyalwa bese liyopha emzamweni walo odabukisayo wokuzibusa ngokwalo ngaphandle kosizo lukaNkulunkulu nangaphandle kokunaka intando yaphezulu. (Jeremiya 10:23; Jakobe 3:15, 16) Ngakho, njengoba umphostoli uPawulu asho, “izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo.”—1 Korinte 1:21.
5. Yikuphi ukusilela okuyisisekelo kokuhlakanipha kwalelizwe?
5 Khona-ke, kuyini ukusilela okuyisisekelo kokuhlakanipha kwalelizwe, kuhlanganise namacebo alo ohlelo lwezwe elisha? Kuwukuthi izwe likushaya indiva lokho okungenakushaywa indiva ngokuphumelelayo—ubukhosi obuphakeme bukaJehova uNkulunkulu. Ngokuzikhukhumeza liyenqaba ukuqaphela ubukhosi baphezulu. Ngenhloso izwe alimfaki uJehova kuwo wonke amacebo alo futhi lithembela emakhonweni nasezinhlelweni zalo siqu. (Qhathanisa noDaniyeli 4:31-34; Johane 18:37.) IBhayibheli likwenza kucace ukuthi “ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova.” (IzAga 9:10; IHubo 111:10) Nokho, izwe alikayifundi ngisho nalemfuneko eyisisekelo yokuhlakanipha. Ngakho-ke, lingaphumelela kanjani lingasekelwa ngokwaphezulu?—IHubo 127:1.
Ukushumayela NgoMbuso—Kuwubuwula Noma Kuwusizo?
6, 7. (a) Yini eshunyayelwa yilabo abaqondiswa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, kodwa izwe libabheka kanjani? (b) Abefundisi beLobukholwa bashumayela ngokuvumelana nokuhlakanipha kukabani, futhi uyini umphumela?
6 Ngakolunye uhlangothi, labo abamaziyo uNkulunkulu babonisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu futhi bakhetha ukuqondiswa yikho. Njengoba uJesu abikezela, bashumayela ‘lelivangeli lombuso ezweni lonke.’ (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Ingabe ukushumayela okunjalo kuwusizo manje, njengoba umhlaba wethu ugcwele umbango, ukungcola, ubumpofu, nokuhlupheka kwabantu? Kubantu abanokuhlakanipha kwezwe ukushumayela okunjalo ngoMbuso kaNkulunkulu kubonakala kuwubuwula nje, okungenalusizo. Babheka abashumayeli boMbuso kaNkulunkulu njengezimbambelela eziwudonsela phansi umkhumbi kaHulumeni woMbuso futhi ezilibazisa ukuthuthukela kwawo ekubeni uhulumeni omuhle ongokombangazwe. Kulokhu basekelwa abefundisi beLobukholwa, abashumayela ngokuvumelana nokuhlakanipha kwalelizwe futhi bengabatsheli abantu lokho okufanele bakwazi ngezwe elisha likaNkulunkulu nangohulumeni walo woMbuso, ngisho nakuba lokhu kwakuyimfundiso eyinhloko kaKristu.—Mathewu 4:17; Marku 1:14, 15.
7 Isazi-mlando uH. G. Wells sadonsela ukunakekela kulokhukuhluleka kwabefundisi beLobukholwa. Sabhala: “Okuphawulekayo ukuvelela okukhulu uJesu akunikeza emfundisweni yalokho akubiza ngokuthi uMbuso Wezulu, kanye nokungabaluleki kwawo uma kuqhathaniswa enqubweni nasemfundisweni yamasonto amaningi obuKristu.” Nokho, ukuze abantu balesizukulwane bazuze ukuphila, okokuqala kumelwe bezwe ngoMbuso kaNkulunkulu omisiwe, futhi ukuze benze lokho kumelwe othile ashumayele izindaba ezinhle eziphathelene nawo.—Roma 10:14, 15.
8. Kungani ukushumayela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu kuyinto ewusizo kakhulu ukuba siyenze namuhla, kodwa iyiphi inkambo ebingeke ibe nenzuzo ehlala njalo?
8 Khona-ke, ukushumayela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, kuyinto ewusizo kakhulu esingayenza namuhla. Lokhu kunjalo ngoba isigijimi soMbuso sinikeza ithemba langempela elenza izinhliziyo zabantu zigcwale injabulo phakathi nalezinsuku zokugcina lapho ‘kukhona izikhathi ezinzima.’ (2 Thimothewu 3:1-5; Roma 12:12; Thithu 2:13) Nakuba ukuphila kulelizwe kungaqinisekile futhi kukufushane, ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu kuyoba okwaphakade, okunenjabulo, inala, nokuthula khona lapha emhlabeni. (IHubo 37:3, 4, 11) Njengoba uJesu Kristu asho, “kuyakumsizani umuntu, uma ezuza izwe lonke, onakalelwe ukuphila kwakhe, na? Yingabe uyakukhiphani umuntu, kube-yisihlengo sokuphila kwakhe, na?” Uma umuntu elahlekelwa ilungelo lokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu, linanzuzoni lelizwe elidlulayo? Ukujabulela kwamanje komuntu onjalo izinto ezibonakalayo kuye kwaba yinto engenamsebenzi, eyize, edlula ngokushesha.—Mathewu 16:26; UmShumayeli 1:14; Marku 10:29, 30.
9. (a) Lapho umuntu othile owayemenywa ukuba abe umlandeli kaJesu ecela ukukuhlehlisa, yini uJesu amyala ukuba ayenze? (b) Impendulo kaJesu kufanele isithinte kanjani?
9 Enye indoda uJesu ayimema ukuba ibe umlandeli wakhe yathi: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” Yini uJesu ayiluleka ukuba iyenze? Azi ukuthi lendoda yayiyobe ihlehlisa umsebenzi obaluleke kakhulu ukuze nje ilinde kuze kube yilapho abazali bayo befa, uJesu waphendula: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.” (Luka 9:59, 60) Labo ababonisa ukuhlakanipha ngokulalela uKristu abanakuyeka ukugcwalisa ukuthunywa kwabo kokushumayela isigijimi soMbuso. Ukuhlakanipha kwaphezulu kubenza baqaphele ukuthi lelizwe nababusi balo lilahliwe. (1 Korinte 2:6; 1 Johane 2:17) Abasekeli bobukhosi bukaNkulunkulu bayazi ukuthi okuwukuphela kwethemba leqiniso ngesintu lisekungeneleni kwaphezulu nokubusa kwako. (Zakariya 9:10) Ngakho nakuba labo abanokuhlakanipha kwalelizwe bengakholelwa eMbusweni kaNkulunkulu futhi bengawufuni lowohulumeni wasezulwini, abantu abaholwa ukuhlakanipha kwaphezulu benza lokho okuletha inzuzo yangempela kubantu abakanye nabo, bebenza balungele ukuphila okuphakade ezweni elisha elithenjiswe nguJehova.—Johane 3:16; 2 Petru 3:13.
“Kwababhubhayo Lingubuwula”
10. (a) Lapho uSawulu waseTarsu eguqulwa, imuphi umsebenzi awuthatha, futhi wawubheka kanjani? (b) AmaGreki asendulo ayedume ngani, kodwa uNkulunkulu wakubheka kanjani ukuhlakanipha kwawo?
10 USawulu waseTarsu, owaba uPawulu umphostoli kaJesu Kristu, wawuthatha lomsebenzi osindisa ukuphila. Ingabe kunengqondo ukucabanga ukuthi lapho uJesu Kristu eguqula uSawulu, wayemabela ukuba ahlanganyele emsebenzini wobuwula? UPawulu akazange acabange kanjalo. (Filipi 2:16) Ngalesosikhathi amaGreki ayebhekwa njengabantu abahlakaniphe kakhulu emhlabeni. Ayeqhosha ngokuba nezazi ezinkulu zefilosofi namadoda ahlakaniphile. Nakuba uPawulu ayekhuluma isiGreki, akazange ayiphishekele ifilosofi yamaGreki nemfundo yawo. Ngani? Ngoba ukuhlakanipha okunjalo kwalelizwe kuwubuwula kuNkulunkulu.a UPawulu wafuna ukuhlakanipha kwaphezulu, okwamshukumisela ukuba ashumayele izindaba ezinhle endlini ngendlu. UmShumayeli omkhulu kunabo bonke waso sonke isikhathi, uJesu Kristu, wayembekele isibonelo futhi wayemyale ukuba enze umsebenzi ofanayo.—Luka 4:43; IzEnzo 20:20, 21; 26:15-20; 1 Korinte 9:16.
11. Ngokuyisisekelo, yini uPawulu ayisho ngokuthunywa kwakhe kokushumayela nangokuhlakanipha kwezwe?
11 UPawulu uthi ngokuthunywa kwakhe kokushumayela: “UKristu [wangithuma] . . . ukuba ngishumayele ivangeli, kungabi-ngokuhlakanipha kwamazwi, funa [isigxobo sokuhlushwa] sikaKristu senziwe ize. Ngokuba izwi [lesigxobo sokuhlushwa (umhlatshelo kaJesu wesihlengo)] kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu. Ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngiyakuchitha ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo, nokuqonda kwabaqondileyo ngikwenze ize. Siphi isazi na [njengesazi sefilosofi]? Uphi umbhali na? Uphi umphikisi walesisikhathi na? UNkulunkulu kakwenzanga kube-yize ukuhlakanipha kwalelizwe na? Ngokuba njengalokho ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu izwe alimazanga uNkulunkulu ngokuhlakanipha kwalo, kwaba-kuhle kuNkulunkulu ukusindisa abakholwayo ngobuwula bentshumayelo.”—1 Korinte 1:17-21, qhathanisa neNW.
12. Yini uJehova ayifezayo “ngobuwula bentshumayelo,” futhi labo abafuna ‘ukuhlakanipha kwaphezulu’ bayosabela kanjani?
12 Njengoba kungase kubonakale kungakholeki, bona kanye labo izwe elibabiza ngeziwula, yibo kanye uJehova abasebenzisa njengabashumayeli bakhe. Yebo, ngobuwula benkonzo yalabashumayeli, uNkulunkulu usindisa abakholwayo. UJehova uhlela izinto ukuze abashumayeli ‘balobuwula’ bangazidumisi bona ngokwabo, futhi abanye abantu bangabadumisi ngokufanelekile labo abazizwa ngabo izindaba ezinhle. Lokhu kwenzelwa ukuba “kungabikho-nyama ezibongayo phambi kukaNkulunkulu.” (1 Korinte 1:28-31; 3:6, 7) Yiqiniso, umshumayeli ufeza indima ebalulekile, kodwa isigijimi athunywe ukuba asishumayele yisona esenza umuntu asindiswe uma esikholelwa. Labo abafuna ‘ukuhlakanipha kwaphezulu’ ngeke basidelele isigijimi somshumayeli ngoba nje ebonakala sengathi uyisiwula futhi uphansi, uyashushiswa, futhi uhamba indlu ngendlu. Kunalokho, abathobekile bayomhlonipha ummemezeli woMbuso njengomshumayeli othunywe uJehova futhi oza ngegama likaNkulunkulu. Bayosibheka njengesibaluleke kakhulu isigijimi umshumayeli asiletha ngezwi lomlomo nangezincwadi.—Jakobe 3:17; 1 Thesalonika 2:13.
13. (a) AmaJuda namaGreki akubheka kanjani ukushumayela ngoKristu owabethelwa? (b) Kukumaphi amaqembu abantu lapho abaningi bengabizwanga ukuba babe abalandeli bakaJesu, futhi ngani?
13 Eqhuba ingxoxo yakhe ngezindlela zikaNkulunkulu, uPawulu uthi: “AbaJuda babiza izibonakaliso, namaGreki afuna ukuhlakanipha, kepha thina sishumayela uKristu [owabethelwa], isikhubekiso kubaJuda, ubuwula kubo abezizwe, kepha kubo ababiziweyo, abaJuda namaGreki, sishumayela uKristu, amandla kaNkulunkulu nokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngokuba ubuwula bukaNkulunkulu buhlakaniphile kunabantu; nobuthakathaka bukaNkulunkulu bunamandla kunabantu. Ngokuba bhekani ukubizwa kwenu-bazalwane: kababaningi abahlakaniphileyo ngokwenyama, kababaningi abanamandla, kababaningi abayizikhulu, kodwa izinto zobuwula zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise abahlakaniphileyo; nezinto ezibuthakathaka zezwe uNkulunkulu uzikhethile ukuba ajabhise izinto ezinamandla.”—1 Korinte 1:22-27; qhathanisa noIsaya 55:8, 9.
14. (a) Uma bebuzwa ngezitifiketi zabo, oFakazi BakaJehova bakhombaphi? (b) Kungani uPawulu anqaba ukujabulisa amaGreki ngokubonisa ukuhlakanipha kwezwe nganoma iyiphi indlela?
14 Lapho uJesu esemhlabeni, amaJuda acela isibonakaliso esivela ezulwini. (Mathewu 12:38, 39; 16:1) Kodwa uJesu wenqaba ukunika noma isiphi isibonakaliso. Ngendlela efanayo, oFakazi BakaJehova namuhla abanazo izitifiketi abazivezayo ezinjengezibonakaliso. Kunalokho, babhekisela ekuthunyweni kwabo kokushumayela izindaba ezinhle, njengoba kulotshwe emavesini eBhayibheli anjengoIsaya 61:1, 2; Marku 13:10; nesAmbulo 22:17. AmaGreki asendulo ayefuna ukuhlakanipha, imfundo ephakeme ezintweni zalelizwe. Nakuba uPawulu ayefundiswe ngokuhlakanipha kwalelizwe, wenqaba ukujabulisa amaGreki ngokukubonisa nganoma iyiphi indlela. (IzEnzo 22:3) Wakhuluma futhi wabhala ngesiGreki esasikhulunywa abantu abavamile, esikhundleni sesiGreki sakudala. UPawulu watshela abaseKorinte: “Bazalwane, ekufikeni kwami kini angifikanga ngobungcweti bokukhuluma nobokuhlakanipha, ngimemezele kini ubufakazi bukaNkulunkulu. . . . Nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga-ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba-ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu.”—1 Korinte 2:1-5.
15. UPetru ubakhumbuzani abazihleka usulu izindaba ezinhle, futhi isimo samanje sifana kanjani nesosuku lukaNowa?
15 Kulezinsuku zokugcina, abahleki bosulu bezindaba ezinhle zezwe elisha likaNkulunkulu elizayo kanye nesiphelo esisondelayo salelizwe bakhunjuzwa umphostoli uPetru ukuthi izwe losuku lukaNowa “labhubha ngokukhukhula kwamanzi.” (2 Petru 3:3-7) Ebhekene nalesosiphelo esiyinhlekelele, yini uNowa ayenza? Abantu abaningi bacabanga ngaye njengomakhi womkhumbi kuphela. Kodwa uPetru uthi lapho uNkulunkulu eletha uZamcolo phezu kwezwe lamandulo, “wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyangalombili.” (2 Petru 2:5) Ngokuhlakanipha kwabo kwezwe, labobantu abangamesabi uNkulunkulu besikhathi sangaphambi kukaZamcolo ngokungangabazeki bakuhleka usulu lokho uNowa ayekushumayela futhi bambiza ngokuthi isiwula, umuntu ongabhekani namaqiniso, nongenakuhlakanipha. Namuhla, amaKristu eqiniso abhekene nesimo esifanayo, njengoba uJesu afanisa isizukulwane sethu nesosuku lukaNowa. Nokho, naphezu kwabahleki bosulu, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kungaphezu nje kokuba inkulumo engasho lutho. Njengokushumayela okwakwenziwa uNowa, kusho insindiso kumshumayeli nakulabo abamlalelayo!—Mathewu 24:37-39; 1 Thimothewu 4:16.
‘Ukuba Yiziwula Ukuze Nihlakaniphe’
16. Yini eyokwenzeka ekuhlakanipheni kwalelizwe eArmagedoni, futhi obani abayosindela ezweni elisha likaNkulunkulu?
16 Ngokushesha, eArmagedoni, uJehova uNkulunkulu uyobhubhisa konke “ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo.” Uyochitha konke ‘ukuqonda kwabaqondileyo’ ababenze izibikezelo zokuthi uhlelo lwabo lwezwe elisha luyoziletha kanjani izimo ezingcono esintwini. ‘Ukulwa kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ kuyobhuqa yonke imibono eyinkohliso, ifilosofi, nokuhlakanipha kwalelizwe. (1 Korinte 1:19; IsAmbulo 16:14-16) Okuwukuphela kwabantu abayosinda kuleyompi futhi bazuze ukuphila ezweni elisha likaNkulunkulu yilabo abalalela lokho lelizwe elikubiza ngokuthi ubuwula—yebo, izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova okhazimulayo.
17. OFakazi BakaJehova baye baba kanjani ‘iziwula,’ futhi yini abashumayeli bezindaba ezinhle bakaNkulunkulu abazimisele ukuyenza?
17 OFakazi BakaJehova, njengoba beholwa umoya wakhe, abanamahloni okushumayela lokho izwe elikubiza ngokuthi ubuwula. Esikhundleni sokuzama ukuba bahlakaniphe ngokwezwe, baye baba ‘iziwula.’ Kanjani? Ngokwenza umsebenzi wokushumayela ngoMbuso ukuze bahlakaniphe, njengoba uPawulu abhala: “Uma umuntu phakathi kwenu ethi uhlakaniphile kulesisikhathi, akabe-yisiwula, ukuze ahlakaniphe.” (1 Korinte 3:18-20) Abashumayeli bezindaba ezinhle bakaJehova bayakwazi ukubaluleka kokusindisa ukuphila kwesigijimi sabo futhi bayoqhubeka besishumayela bengayeki kuze kube sekupheleni kwalelizwe nokuhlakanipha kwalo empini yeArmagedoni. Ngokushesha, uJehova uNkulunkulu uyolwela ubukhosi bakhe bendawo yonke futhi alethe ukuphila okuphakade kubo bonke labo manje ababukholelwayo nabenza ngokuvumelana ‘nobuwula bentshumayelo.’
[Umbhalo waphansi]
a Naphezu kwazo zonke izinkulumo-mpikiswano nokucwaninga kwamadoda ahlakaniphile aseGrisi lasendulo, imibhalo yawo ibonisa ukuthi awazange asithole isisekelo esiqinile sethemba. UProfesa J. R. S. Sterrett noSamuel Angus bathi: “Azikho izincwadi eziqukethe amazwi abonisa ukudabuka okukhulu ngosizi lokuphila, ukudlula kothando, ukukhohlisa kwethemba, kanye nokungabi nasihawu kokufa.”—Funk and Wagnalls New “Standard” Bible Dictionary, 1936, ikhasi 313.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Iziphi izinhlobo ezimbili zokuhlakanipha ezikhona?
◻ Ikuphi ukusilela okuyisisekelo kokuhlakanipha kwezwe?
◻ Kungani ukushumayela izindaba ezinhle kuyinto ewusizo kakhulu ukuyenza?
◻ Yini ezokwenzeka ngokushesha kukho konke ukuhlakanipha kwezwe?
◻ Kungani oFakazi BakaJehova bengenamahloni okushumayela lokho izwe elikubiza ngokuthi ubuwula?
[Isithombe ekhasini 23]
AmaGreki ayefuna ukuhlakanipha kwezwe futhi ngokuvamile ayebheka ukushumayela kukaPawulu njengobuwula