Umbono WeBhayibheli
Kuthiwani Ngokuhlala Ndawonye Ngaphambi Komshado?
UNGAYITHENGA yini isudi noma ingubo ungazange uyilinganise? Cishe ngeke. Phela, uma kamuva uthola ukuthi ayikulingani, kungasho ukuthi ulahle isikhathi sakho nemali.
Abantu abaningi bacabanga ngendlela efanayo ngomshado. Banomuzwa wokuthi kungcono owesilisa nowesifazane bahlale ndawonye ngaphambi kokuba bazibophe ngomshado. Bazitshela ukuthi, ‘Uma izinto zingalungi bangahlukana ngaphandle kokubhekana nenqubo yesehlukaniso eyinkimbinkimbi neyizindleko.’
Mhlawumbe abanye abanalowo muzwa baye babona abangane babo bebekezelela ubudlova emshadweni. Noma baye babona imiphumela ebuhlungu yomshado ongenalo uthando. Ngenxa yalokho, bangase babheke ukukipita njengesu eliwukuhlakanipha.
Uyini umbono weBhayibheli ngale ndaba? Ukuze siphendule, okuqala sidinga ukucabangela ukuthi lithini iZwi likaNkulunkulu ngelungiselelo lomshado.
“Babe Nyamanye”
IBhayibheli liveza umbono ophakeme ngomshado, futhi lokhu akumangalisi ngoba leli lungiselelo lagunyazwa futhi lamiswa uJehova uNkulunkulu ngokwakhe. (Genesise 2:21-24) Kusukela ekuqaleni, uJehova wayehlose ukuba owesilisa nowesifazane “babe nyamanye” ngelungiselelo lomshado. (Genesise 2:24) Ngemva kokucaphuna umbhalo weBhayibheli okhuluma ngalokhu, uJesu wanezela: “Lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”—Mathewu 19:6.
Kuyavunywa, abanye abashadayo bayohlukana kamuva.a Kodwa, uma lokhu kwenzeka, akungenxa yephutha elithile elungiselelweni lomshado ngokwalo; kunalokho kungenxa yokwehluleka koyedwa noma bobabili kwabashadile ukuphila ngokuvumelana nezifungo zabo zomshado.
Ngokwesibonelo: Ake sithi owesilisa nowesifazane banemoto, kodwa abayinakekeli ngokuvumelana neziqondiso zabenzi bayo. Uma ngenxa yalokho imoto iphuka, ubani okufanele abekwe icala? Ingabe abenzi bemoto noma abanikazi bayo abahlulekile ukuyinakekela ngendlela efanele?
Isimiso esifanayo siyasebenza nasemshadweni. Lapho indoda nomkayo belondoloza ubuhlobo babo futhi bezimisele ukulungisa izinkinga zabo besebenzisa izimiso zeBhayibheli, cishe isehlukaniso siyinto ekude nabo. Kuba khona umuzwa wokulondeka emshadweni ngenxa yokuthi ngamunye uzibophezele kuwo. Umshado uba isisekelo sobuhlobo obunothando.
‘Dedani Ebufebeni’
Kodwa abanye basengaphinde babuze: ‘Kungani singakipiti kuqala? Ingabe ukuhlola okunjalo ngaphambi kokuzibophezela akubonisi yini inhlonipho ngobungcwele bomshado?’
Impendulo yeBhayibheli icacile. UPawulu wabhala: ‘Dedani ebufebeni.’ (1 Thesalonika 4:3) Igama elithi “ubufebe” libhekisela kubo bonke ubuhlobo bobulili ngaphandle komshado. Lokho kuhlanganisa nobulili phakathi kwemibhangqwana ekipitile, ngisho noma izimisele ukushada. Ngakho, ngokweBhayibheli akulungile ukuba umbhangqwana uhlale ndawonye—ngisho noma uzimisele ukushada kamuva.
Ingabe umbono weBhayibheli udlulelwe isikhathi? Abanye bangase bacabange kanjalo. Kakade, emazweni amaningi, ukukipita ngenhloso yokushada noma cha kubhekwa njengento evamile. Kodwa cabanga ngemiphumela. Ingabe labo abakipitayo bayitholile yini imfihlo yempumelelo yomkhaya? Ingabe bajabula kangcono kunemibhangqwana eshadile? Ingabe imibhangqwana ekipitayo ngaphambi kokushada ithembeka kakhudlwana ngemva kokushada? Ukuhlola kubonisa okwehlukile. Empeleni, imibhangqwana eke yahlala ndawonye ngaphambi kokushada kutholakala ukuthi iyona enezinkinga eziningi emshadweni futhi egcina ngokwehlukana.
Abanye ochwepheshe bangase bathi ukuhlola okunjalo kunephutha. Esinye isazi sokusebenza kwengqondo sabhala: “Abantu abakhetha ukushada kuqala ngaphandle [kokukipita] banesimo sengqondo esihlukile kunesalabo abakhetha ukuqala [ngokukipita].” Ugcizelela ukuthi ukukipita akuyona into eyinhloko, kunalokho, indaba “isekwaziseni isimo sokuba oshadile.”
Ngisho noma lokho kuyiqiniso, kumane nje kugcizelela ukubaluleka kokuhlakulela umbono kaNkulunkulu ngomshado. IBhayibheli lithi: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke.” (Hebheru 13:4) Lapho owesilisa nowesifazane befunga ukuthi bayohlala benyamanye bese bebonisa inhlonipho ngelungiselelo lomshado, baba nesibopho esingenakugqashuka kalula.—UmShumayeli 4:12.
Ngakho uma sibuyela esifanisweni esisenze ekuqaleni, kunengqondo ukulinganisa isudi noma ingubo ngaphambi kokuyithenga. Kodwa akunakufaniswa nokukipita. Esikhundleni salokho, ukuzinika isikhathi esanele sokwazi umuntu ofuna ukushada naye. Lesi sinyathelo esibalulekile kodwa esivame ukushaywa indiva, singenye yezimfihlo zomshado ophumelelayo.
[Umbhalo waphansi]
a IBhayibheli liyasivumela isehlukaniso nokuba umuntu abuye ashade, uma omunye kwabashadile ehileleka ebuhlotsheni bobulili obungaphandle komshado.—Mathewu 19:9.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
◼ Kungani iBhayibheli lifuna ubuhlobo bobulili bugcine phakathi kwabantu abashadile?—IHubo 84:11; 1 Korinte 6:18.
◼ Iziphi izimfanelo okufanele uzibheke kulowo ofuna ukushada naye?—Ruthe 1:16, 17; IzAga 31:10-31.
[Ibhokisi ekhasini 29]
“WONA OWAKHE UMZIMBA”
IBhayibheli lithi: “Lowo ofebayo wona owakhe umzimba.” (1 Korinte 6:18) Emashumini eminyaka amuva nje ubuqiniso balawo mazwi buye bagcizelelwa ukufa kwezigidi zibulawa yingculaza nezinye izifo ezithathelwana ngocansi. Kodwa akukhona lokho kuphela. Ukuhlola kubonisa ukuthi ukucindezeleka nemizamo yokuzibulala kuningi kakhulu entsheni eya ocansini. Ukuba nobuhlobo bobulili nabantu abahlukahlukene kuholela ekukhulelweni okungafunwa, nakho ezimweni eziningi okubangela isilingo sokukhipha isisu. Njengoba sesihlaziye lama qiniso, singaphetha ngokuthi izimiso zeBhayibheli zokuziphatha azikadlulelwa isikhathi.