IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi Yokuqala Neyesibili YabaseKorinte
UMPHOSTOLI UPAWULU ukhathazeke kakhulu ngenhlalakahle engokomoya yebandla laseKorinte. Uye wezwa ukuthi kunokungezwani phakathi kwabazalwane lapho. Ukuziphatha okubi kuyabekezelelwa. Leli bandla liye labhalela noPawulu, limbuza ngezinto ezithile. Ngakho, cishe ngo-55 C.E., lapho ese-Efesu phakathi nohambo lwakhe lwesithathu lwezithunywa zevangeli, uPawulu ubhala incwadi yakhe yokuqala kwezimbili azibhalela abaseKorinte.
Incwadi yakhe yesibili, okubonakala ayibhala ngemva nje kwezinyanga ezimbalwa ebhale eyokuqala, iqhubeka kweyokuqala. Njengoba izimo ngaphakathi nangaphandle kwebandla laseKorinte langekhulu lokuqala zifana ngezindlela eziningi nezesikhathi sethu, isigijimi esikulezi zincwadi singasizuzisa kakhulu nathi.—Heb. 4:12.
‘HLALANI NIPHAPHEME, NIME NIQINILE, NIBE NAMANDLA’
UPawulu uyayala: “Nonke [kufanele] nikhulume ngokuvumelana.” (1 Kor. 1:10) Asikho “esinye isisekelo” okwakhelwa kuso izimfanelo zobuKristu ‘ngaphandle kukaJesu Kristu.’ (1 Kor. 3:11-13) Ngokuphathelene nothile ebandleni owayefeba, uPawulu uthi: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.” (1 Kor. 5:13) Uthi: “Umzimba awuwona owobufebe, kodwa ungoweNkosi.”—1 Kor. 6:13.
Ephendula ‘ngezinto abaloba ngazo,’ uPawulu unikeza iseluleko esiwusizo mayelana nokushada kanye nokungashadi. (1 Kor. 7:1) Ngemva kokuxoxa ngesimiso sobunhloko kumaKristu, ukuhleleka emihlanganweni yobuKristu nangokuqiniseka kovuko, uPawulu uyakhuthaza: “Hlalani niphapheme, nime niqinile okholweni, niqhubeke njengamadoda, nibe namandla.”—1 Kor. 16:13.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:21—Ingabe ngempela uJehova usebenzisa ‘ubuwula’ ukuze asindise abakholwayo? Cha, akabusebenzisi. Nokho, njengoba “izwe ngokuhlakanipha kwalo lingazange limazi uNkulunkulu,” akusebenzisayo ukuze asindise abantu kubonakala kuwubuwula ezweni.—Joh. 17:25.
5:5—Kusho ukuthini ‘ukunikela umuntu omubi kuSathane ngenjongo yokuba kubhujiswe inyama, ukuze umoya usindiswe’? Lapho umenzi wesono esibi ongaphenduki esuswa ebandleni, uphinde abe ingxenye yezwe elibi likaSathane. (1 Joh. 5:19) Yingakho kuthiwa unikelwe kuSathane. Ukuxoshwa komuntu kuholela ekubhujisweni, noma ekususweni kwethonya elonakalisayo ebandleni nasekuvikelweni komoya walo noma isimo salo sengqondo.—2 Thim. 4:22.
7:33, 34—Iziphi ‘izinto zezwe’ indoda noma owesifazane oshadile abakhathazeka ngazo? UPawulu ubhekisele ezintweni zokuphila ezivamile amaKristu ashadile okudingeka akhathazeke ngazo. Zihlanganisa ukudla, izambatho nendawo yokuhlala. Azihlanganisi izinto ezimbi zaleli zwe, amaKristu okudingeka azigweme.—1 Joh. 2:15-17.
11:26—Ukufa kukaJesu kufanele kukhunjulwe kangaki, futhi ‘kuze kube’ nini? Lapho uPawulu ethi “njalo” wayengasho ukuthi ukufa kukaJesu kwakufanele kukhunjulwe kaningi. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “njalo” lisho ukuthi “noma nini” noma “isikhathi ngasinye lapho.” Ngakho, uPawulu wayethi isikhathi ngasinye lapho amaKristu agcotshiwe edla izifanekiselo zeSikhumbuzo, okungukuthi, kanye ngonyaka, ngo-Nisani 14, ‘amemezela ukufa kweNkosi.’ Lokhu akwenza iNkosi “ize ifike,” noma ibamukele ezulwini ngokubavusa.—1 Thes. 4:14-17.
13:13—Kungayiphi indlela uthando lulukhulu kunokholo nethemba? Lapho ‘izinto ezithenjwayo’ zigcwaliseka ‘nokulindelwa kwazo okuqinisekisiwe’ kufezeka, ukholo nethemba akube kusadingeka. (Heb. 11:1) Uthando lukhulu kunokholo nethemba ngokuthi lona luhlala phakade.
15:29—Kusho ukuthini ‘ukubhapathizwa ngenjongo yokuba abafileyo’? UPawulu wayengasho ukuthi abaphilayo kufanele babhapathizelwe abantu abafa bengabhapathiziwe. Lapha ukhuluma ngokubhapathizelwa kwamaKristu agcotshwe ngomoya enkambweni yokuphila edinga ukuba agcine ubuqotho bawo kuze kube sekufeni nangokuvuselwa kwawo ekuphileni komoya kamuva.
Izifundo Esizitholayo:
1:26-31; 3:3-9; 4:7. Uma ngokuthobeka siziqhayisa ngoJehova, hhayi ngathi ngokwethu, sithuthukisa ubunye ebandleni.
2:3-5. Ngenkathi efakaza eKorinte, umuzi owawudumile kwezemfundo nefilosofi yamaGreki, kungenzeka ukuthi uPawulu wayekhathazekile ngokuthi wayeyokwazi yini ukukholisa izilaleli zakhe. Nokho, akazange avumele noma yibuphi ubuthakathaka noma ukwesaba okungenzeka wayenakho ukuba kumphazamise ekufezeni inkonzo ayeyinikwe uNkulunkulu. Ngokufanayo, akufanele sivumele izimo esingazejwayele ukuba zisivimbele ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. NjengoPawulu, singathembela kuJehova siqiniseka ukuthi uyosisiza.
2:16. Ukuba ‘nomqondo kaKristu’ kusho ukwazi indlela ayecabanga ngayo, ukucabanga njengaye, ukubuqonda ngokugcwele ubuntu bakhe nokulingisa isibonelo sakhe. (1 Pet. 2:21; 4:1) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sitadishe ngokucophelela ukuphila nenkonzo kaJesu!
3:10-15; 4:17. Kufanele sihlole futhi sithuthukise ikhono lethu lokufundisa nokwenza abafundi. (Math. 28:19, 20) Uma singafundisi kahle, esibafundelayo bangase bangaphumeleli ovivinyweni lokholo, futhi nathi singase sizwe ubuhlungu obukhulu bokulahlekelwa kangangokuthi ukusindiswa kwethu kuyoba ‘njengokungathi sidabulé emlilweni.’
6:18. ‘Ukubalekela ubufebe’ akugcini nje ngokugwema zonke izenzo ezichazwa njenge-por·neiʹa, kodwa kusho nokugwema izithombe ezingcolile zobulili, ukuziphatha okungcolile, ukucabanga ngobulili, ukuvusela abanye imizwa yothando—nanoma yini engaholela ebufebeni.—Math. 5:28; Jak. 3:17.
7:29. Abantu abashadile kumelwe baqaphele ukuba banganakani kakhulu kangangokuba izithakazelo zoMbuso zize kamuva ekuphileni kwabo.
10:8-11. UJehova wathukuthela kakhulu lapho ama-Israyeli ekhononda ngoMose nango-Aroni. Siyobe senza ngokuhlakanipha lapho siqapha ukuba singabi nomkhuba wokukhononda.
16:2. Ukunikela kwethu ngezimali ukuze kuthuthukiswe izithakazelo zoMbuso kuyoba okungaguquguquki uma sikuhlela kusengaphambili futhi sikwenza ngendlela ehlelekile.
‘QHUBEKANI NILUNGISWA’
UPawulu utshela abaseKorinte ukuthi kufanele ‘bamthethelele ngomusa futhi bamduduze’ umenzi wobubi ophendukayo obesoliwe. Nakuba abadabukisa encwadini yakhe yokuqala, uPawulu uyajabula ngoba ‘badabuka baphenduka.’—2 Kor. 2:6, 7; 7:8, 9.
UPawulu ukhuthaza abaseKorinte ukuba ‘bavame ekupheni njengoba nje bevama kuzo zonke izinto.’ Ngemva kokuphendula abaphikisi, unikeza iseluleko sokugcina kubo bonke: “Qhubekani nijabula, nilungiswa, niduduzwa, nicabanga ngokuvumelana, niphila ngokuthula.”—2 Kor. 8:7; 13:11.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
2:15, 16—“Siyiphunga likaKristu elimnandi” ngayiphi indlela? Ngoba sinamathela eBhayibhelini futhi sihlanganyela nabanye isigijimi salo. Nakuba kungenzeka ukuthi lelo “phunga” liyabenyanyisa abantu abangalungile, kodwa limnandi kuJehova nakulabo abanhliziyo ziqotho.
5:16—Kungayiphi indlela amaKristu agcotshiwe ‘engazi muntu ngokwenyama’? Awabheki abantu ngendlela engokwenyama, okungukuthi, abonise ukukhetha ngenxa yengcebo, uhlanga noma ubuzwe. Okubalulekile kuwo ubuhlobo bawo obungokomoya namanye amakholwa.
11:1, 16; 12:11—Ingabe uPawulu wayenza ngendlela ebonisa ukungabi nangqondo kwabaseKorinte? Cha, akunjalo. Nokho, kungenzeka kwabathile kwabonakala sengathi wayeqhosha futhi enza ngokungenangqondo ngenxa yalokho ashukunyiselwa ukuba akusho lapho evikela ubuphostoli bakhe.
12:1-4—Ubani ‘owathathwa wayiswa epharadesi’? Njengoba iBhayibheli lingakhulumi ngomunye umuntu owaba nombono onjalo futhi la mavesi elandela ukuvikela kukaPawulu ubuphostoli bakhe, kungenzeka ukuthi wayekhuluma ngokuhlangenwe nakho kwakhe. Kulo mbono kungenzeka ukuthi lo mphostoli wabona ipharadesi elingokomoya elijatshulelwa ibandla lamaKristu ‘esikhathini sokuphela.’—Dan. 12:4.
Izifundo Esizitholayo:
3:5. Isimiso esikuleli vesi sisitshela ukuthi uJehova usebenzisa iZwi lakhe, umoya wakhe ongcwele nengxenye esemhlabeni yenhlangano yakhe ukuze enze amaKristu ayifanelekele ngokwanele inkonzo. (Joh. 16:7; 2 Thim. 3:16, 17) Siyobe senza kahle uma silitadisha ngenkuthalo iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo, siphikelela ekuthandazeleni umoya ongcwele, siba khona njalo emihlanganweni yobuKristu futhi sihlanganyele kuyo.—IHu. 1:1-3; Luka 11:10-13; Heb. 10:24, 25.
4:16. Njengoba uJehova enza “umuntu esinguye ngaphakathi” abe musha “usuku nosuku,” kufanele siwasebenzise njalo amalungiselelo akhe, singavumeli usuku ludlule singazange sicabange ngezinto ezingokomoya.
4:17, 18. Ukukhumbula ukuthi “usizi lungolomzuzwana futhi lulula” kungasisiza ukuba sihlale sithembekile kuJehova lapho sibhekene nobunzima.
5:1-5. Yeka indlela uPawulu awuveza kahle ngayo umuzwa wamaKristu agcotshiwe ngethemba lawo lokuphila kwasezulwini!
10:13. Ngaphandle kwalapho kuye kwenziwa amalungiselelo akhethekile okuba sisize lapho kunendingeko enkulu khona, ngokuvamile kufanele sisebenze kuphela insimu ibandla lethu elabelwe yona.
13:5. Ukuze ‘sihlole ukuthi sisokholweni yini’ kudingeka siqiniseke ukuthi ukuziphatha kwethu kuyavumelana nalokho esikufunda eBhayibhelini. Ukuze ‘sihlole lokho thina ngokwethu esiyikho,’ kufanele sihlole intuthuko yethu ngokomoya, kuhlanganise nokucija ‘kwamandla ethu okuqonda’ nobuningi bemisebenzi yethu yokholo. (Heb. 5:14; Jak. 1:22-25) Ngokusebenzisa iseluleko sikaPawulu esinengqondo, singaqhubeka sihamba endleleni yeqiniso.
[Isithombe ekhasini 26, 27]
Asho ukuthini amazwi athi “njalo uma nidla lesi sinkwa futhi niphuza le ndebe”?—1 Kor. 11:26