Hlonipha Umshado Ongokwaphezulu!
UMBONO kaJehova ngomshado wabantu ubekwe ngokucacile emibhalweni eminingi, njengethi, “ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu,” nokuthi, “ngokuba (mina-Jehova) ngiyazonda ukwahlukana.” (Marku 10:9; Malaki 2:16) Ngakolunye uhlangothi, isitha esikhulu, uSathane uDeveli, umelana nakho konke okuhlanzekile nokulungileyo. Kulezi“nsuku zokugcina,” lapho “abantu ababi . . . besuka ebubini beya kobudlulele,” uSathane uzama ukuthela isihlamba kuwo wonke amalungiselelo kaJehova othando, kuhlanganise nokumiswa komshado. (2 Thimothewu 3:1-5, 13; IsAmbulo 12:9, 12) Ngokubheka izikhathi, oFakazi BakaJehova kumelwe bazimisele ngokwengeziwe ukuba ngokwethembeka basekele futhi bagcine ilungiselelo likaNkulunkulu lomshado lihlanzekile.—Genesise 2:24; IzAga 27:11; Heberu 13:4.
Izinkinga Emshadweni
Ngokuqinisekile, uma nje abantu bengakapheleli, izinkinga ziyophakama emshadweni. (1 Korinte 7:28-34) Nokho, lapho bobabili abashadile bengabakholwayo, kukhona isisekelo esihle sokuba isibopho somshado siqine ngoba uJehova uyaqashelwa. Umshado womKristu uba njengentambo “emicu mithathu engasheshi ukugqashuka.” (UmShumayeli 4:12) Uma kukhona ukungafanelani, noma iyiphi enye inkinga, abangane abangamaKristu bangayiyisa kuJehova ngomkhuleko, beqiniseka ngosizo lwakhe. Ngokuvamile, ikhambi lingatholakala ngokukhuluma izinto ngokupholile ngokukhanyiselwa yimiBhalo efana neyoku-1 Korinte 13:4-8; Efesu 5:21-23 kanye nabaseKolose 3:12-14, 18, 19. Kanjalo, nxa iseluleko seBhayibheli ‘sokushada eNkosini’ silandeliwe, kunesisekelo esihle sokuxazulula izinkinga ngokukhanyiselwa yimiBhalo.—1 Korinte 7:39.
Uma indaba ingaxazululwanga ngokwanelisayo ngasese, umbhangqwana ungafisa ukufuna izeluleko zomdala othile ebandleni lobuKristu. Benombono kaJehova, kumelwe bakwazi ukugcina umshado ungaphazamisekile futhi bahlakulele ubunye nothando uNkulunkulu aye vele ejonge ukuba lube khona kubangane bomshado.—Genesise 2:24; IzAga 31:10-12, 28, 30; Mathewu 19:4-6.
Nomlingane Ongakholwayo
Isimo singaba ngesihlukile nxa umuntu eba ngokholwayo kodwa umngane ehluleka ukusabela esigijimini soMbuso. Nakuba kunjalo, kungaba khona umshado omuhle kakhulu, indoda nomfazi bebonisana uthando. Futhi, njengoba umphostoli uPetru asho, “inkambo emhlophe esekwesabeni” yowesifazane ongumKristu ngesikhathi esithile ingazuza indoda engakholwayo. Ngokufanayo, indoda esanda kukholwa ngemva kwesikhathi ingamzuza umkayo. (1 Petru 3:1-7) Lapho kunezinkinga ezijulile, okholwayo angadinga ukuphatha lokhu ngobumnene nangokukhuthazela kokubekezela, ebonakalisa njalo “izithelo zikamoya.”—Galathiya 5:22, 23.
Kwezinye izimo kungase kubekhona ukuhlanjalazwa nokulinyazwa, ukusongelwa nokushaywa. Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi umngane ongumKristu kumelwe amshiye ongakholwayo? Umphostoli uPawulu uyeluleka: “Umfazi kangahlukani nendoda; kepha uma eké wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe—nendoda ingamlahli umkayo.” Njengoba uPawulu ebonisa, ukulondoloza umshado kuyoba ngokwenzuzo engokomoya yanoma yiziphi izingane. Ngendlela engokoqobo, futhi, kungaba ngokwenzuzo engokwezinto ezibonakalayo yomzali okholwayo kanye nabantwana. Esimweni lapho ukuphathwa kabi sekuba okungenakubekezelelwa, noma ukuphila kuba sengozini, umngane okholwayo angakhetha ‘ukwehlukana.’ Kepha umzamo kumelwe kube uku“buyisana” futhi ngesikhathi esifanelekile. (1 Korinte 7:10-16) Nokho, ‘ukuhlukana’ nje ngokwakho akunikezi isizathu esingokomBhalo sedivosi nokuphinde ushade; nokho, idivosi engokomthetho noma ukwehlukana okungokomthetho kunganikeza ukuvikeleka okukhulu ekuphathweni kabi okuqhubekayo.
Idivosi EngokomBhalo
Ingabe zikhona izimo ezingabangela umKristu aqhubeke athole idivosi futhi akhululeke ukuphinde ashade? Khumbula, uJesu weluleka: “Ngokuba lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.” Kodwa waqhubeka wabonisa ukuthi kungaba khona isizathu esifanelekile sedivosi, ngoba wathi: “Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga, aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga.”—Mathewu 19:6, 9; bheka futhi uMath isahluko 5:32.
Ingabe lokhu kusho ukuthi uma umKristu esekhathele umngane wakhe womshado noma ‘ethandana’ nomunye umuntu, angasebenzisa isimo esihilela ubufebe ukuze ashintshe umngane? Kuyadabukisa ukusho ukuthi, kwezinye izimo lapho bobabili abangane bethi bayakholwa, ubuqili bobufebe (ngokuvamile ukuphinga) buye basetshenziswa njengendlela yokuceba neyokuzithandela ukwephula izibopho zomshado ongokomBhalo. Ingabe abanjalo bangaba iziwula kangangokuba bacabange ukuthi uJehova akayazi “imicabango nezizindlo zenhliziyo”? (Heberu 4:12, 13) Abanjalo kubonakala benombono wokuthi bangaziphatha kabi ngamabomu, basuswe kungaba unyaka, bese kuthi nomngane omusha womshado “baphenduke” futhi babuyiselwe ebandleni.
Nokho, esimweni esinjalo, kumelwe kudlule isikhathi eside ngaphambi kokuba abadala bamukele noma yisiphi isicelo sokubuyiselwa ekuhlanganyeleni. Abadala abahlakaniphile ngeke baxhamazele. Badinga ukubona ubufakazi obukhanya kahle bezithelo ezifanele ukuphenduka. Ngisho noma isoni esinjalo besingabuyiselwa ngesikhathi esifanelekile, kungathatha iminyaka eminingi, uma kungenzeka, ngaphambi kokuba abadala bamtusele amalungelo akhethekile ebandleni, futhi ngaphambi kwanoma iziphi izimo akunakuba ngaphambi kokuba umlingane ongenacala ephinde washada noma wafa. (1 Thimothewu 3:2, 12) Singakubona ukungathi sína kwaloluhlobo lokuphinga okucetshiwe phambi kukaJehova uNkulunkulu ngokukhumbula ukuthi ngaphansi koMthetho wakhe olungileyo kuIsrayeli wasendulo iziphingi zaziyokhandwa ngamatshe zife. (Duteronomi 22:22) Futhi namuhla, noma amabandla anganqumani uJehova unguMahluleli wokugcina. “Ngokuba iziphingi nezifebe uNkulunkulu uyakuzahlulela.”—Heberu 13:4.a
Ukulondoloza Umshado
Ukuze abantu bakaNkulunkulu bavikeleke, banethemba lokuthi noma yimuphi onenkinga yokuziphatha uyobheka ebandleni lobuKristu ngokuqondiswa ekuhlonipheni umthetho kaNkulunkulu womshado, izici ezithile zendaba yobufebe zizochazwa lapha ngokukhanyayo. Lokhu kwenziwa ngokuvumelana nemiBhalo, engagodli futhi engafihli lutho ngisho noma ichaza izindaba ezibucayi nezomuntu siqu.—Qhathanisa noLevitikusi 20:10-23; Duteronomi 31:12; Mathewu 5:27, 28; Roma 1:26, 27; Juda 7.
Kunokuba bafune izaba zokudivosa, abantu abashadile kumelwe bafune izindlela zokugcina umshado ungahlukani. Uma umngane enze ubufebe futhi ephenduka, umngane ongenacala angakhetha ukumxolela, ngombono wokulondoloza ilungiselelo lomshado elivela kuNkulunkulu. Umusa ungaboniswa ekulingiseni enye yezimfanelo zikaJehova ezinhle kakhulu.—Eksodusi 34:6; qhathanisa noNehemiya 9:17.
Nokho, kuthiwani uma umngane engaphenduki, asuswe futhi aqhubeke enkambweni enobufakazi bokuziphatha okubi okungathi sína? Noma kuthiwani uma impilo nesimo esingokomoya somngane othembekile siba sengozini? Nakuba engeyena ongasinaki iseluleko esingokomBhalo sokulondoloza umshado uma kunokwenzeka, amazwi kaJesu acashunwe ngenhla kuMathewu 19:9 abonisa ukuthi sikhona isizathu sokudivosa—okuwukuphela kwesizathu esingokomBhalo sedivosi—ubufebe.
Ukuchaza “Ubufebe”
Yini esiyiqondayo lapha ngo“bufebe”? Igama lesiGreki kulendaba uporneia. Ekukhulumeleni lendaba, INqabayokulinda kaMarch 15, 1973, amakhasi 142-144 yabonisa ukuthi uporneia “uvela egameni eliwumsuka elisho ‘ukudayisa.’ “Ngakho-ke kuhlanganiswe nobundindwa, njengalobo obabenziwa emathempelini amaningi obuqaba ekhulwini lokuqala ‘nasezindlini zokuziphatha okubi’ namhlanje.
Iqiniso, uporneia uyasetshenziswa ngezinye izikhathi ngomqondo olinganiselwe, njengoba esetshenziselwa ubuhlobo bobulili phakathi kwabantu abangashadile. Isibonelo sokunjalo ukusetshenziswa okulinganiselwe sikweyoku-1 Korinte 6:9, lapho “izifebe” zikhulunyelwa ngokuhlukile kulabo abenza ezinye izinhlobo zokuziphatha okubi kobulili njengokuphinga nobungqingili. Kodwa ngaphambi kwalokhu, kweyoku-1 Korinte 5:9-11, uPawulu wasebenzisa igama elifanayo ngenkathi eluleka amaKristu ukuba angazihlanganisi “nezifebe.” Ingabe kungokunengqondo ukucabanga ukuthi lapha wayebhekisele kubantu abanokuziphatha okubi abangashadile kuphela? Akukwazi ukuba njalo, ngoba isahluko 6 silandisa ngohlu olude lwezenzo zokuziphatha okubi kobulili okumelwe zixwaywe, kuhlanganise ukuphinga nobungqingili. Ngokufanayo, uJuda 7 nesAmbulo 21:8, ezibonisa ukuthi uNkulunkulu uhlulela “izifebe” ezingaphenduki njengezifanele ukubhujiswa kwaphakade, ngeke kwenzeke ukuba zibhekisele kubantu abangashadile kuphela ababa nobuhlobo bobulili. Futhi umyalo wendikimba ebusayo yaseJerusalema kuzEnzo 15:29, “ukuba-niyeke . . . nobufebe,” kumelwe uqondwe njengosebenza ngesilinganiso esibanzi kakhulu.b
Ngakho-ke, “ubufebe” ngokomqondo obanzi, nanjengoba lisetshenziswe kuMathewu 5:32 no-19:9 ngokweNW, ngokusobala libhekisela ohlwini olude lobuhlobo bobulili obunqatshelwe nobungemthetho noma ukuziphatha okubi kobulili ngaphandle komshado. Uporneia uhilela ukusetshenziswa okubi kakhulu kwezitho zokuzala okungenani zomuntu oyedwa (kungakhathaliseki noma ngokwemvelo noma ngendlela ephendukezelwe); futhi, kumelwe kube khona omunye kulokho kuziphatha okubi—umuntu wobulili obuhlukile, noma isilwane.c Kanjalo-ke ukuzingcolisa [njengokushaya indlwabu] (okungekhona ukuhlakanipha futhi okungase kube yingozi ngokomoya) akuyena uporneia. Kodwa kuze kube namuhla, igama elithi porneia lihlanganisa izinhlobo ezihlukahlukene zemisebenzi yobulili engase yenziwe endlini yobundindwa lapho ubulili buthengwa futhi buthengiswe khona. Umuntu oya esifebeni sesilisa noma sesifazane ukuze athenge noma yiluphi uhlobo lobulili aluthandayo uyoba necala leporneia.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 6:18.
AmaKristu Ashadile
Kuthiwani ngezenzo zobulili phakathi kwemibhangqwana eshadile esibophweni somshado? Akukhona okwabadala ukugomboloqa ukuphila kwangasese kwamaKristu ashadile. Nokho, iBhayibheli ngokuqinisekile liyangenela ekuphileni kwabo. Labo abayoqhubeka “behamba ngomoya” akumelwe bazidelele iziqondiso ezingokomBhalo zokucabanga kukaNkulunkulu. Futhi bayokwenza kahle ngokuhlakulela inzondo yakho konke okungcolileyo phambi kukaJehova, kuhlanganise nezenzo ezisobala zokuphendukezelwa kobulili. Imibhangqwana eshadile kumelwe yenze ngendlela eyoyishiya inonembeza ohlanzekile, njengoba inakekela ngokungenakuphazanyiswa ukuthuthukisa “izithelo zikamoya.”—Galathiya 5:16, 22, 23; Efesu 5:3-5.
Kodwa, kuthiwani, nxa omunye efuna noma ephoqelela ukuhlanganyela nomngane wakhe kulokho ngokusobala okuyisenzo sobulili obuphendukezelwe? Amaphuzu abekwe ngenhla abonisa ukuthi uporneia uhlanganisa ukuziphatha kobulili okungemthetho ngaphandle kwelungiselelo lomshado. Kanjaloke, umngane ophoqelela izenzo eziphendukezelwe, ngaphakathi ngeke kube isizathu esingokomBhalo sokudivosa esingakhulula omunye ukuba aphinde ashade.d Ngisho noma umngane okholwayo ecindezelwa yisimo, nokho imizamo yakhe yokubambelela ezimisweni ezingokomBhalo iyophumela esibusisweni esivela kuJehova. Ezimweni ezinjalo kungaba usizo ngombhangqwana ukuxoxa ngenkinga ngokungafihli lutho, bekhumbula ukuthi ubuhlobo bobulili kumelwe buhlonipheke, bube obunempilo, bubonakalise uthando olufudumele. Lokhu ngokuqinisekile kumelwe kungahlanganisi lutho olungase ludumaze noma lulimaze umngane wakhe umuntu.—Efesu 5:28-30; 1 Petru 3:1, 7.
Njengoba sekushiwo, akukhona okwabadala “ukugada” izindaba zangasese zemibhangqwana eshadile ebandleni. Nokho, uma sekwaziwa ukuthi ilungu lebandla lenza noma likhuthaza ngokusobala ubuhlobo bobulili obuphendukezelwe ngaphakathi kwesibopho somshado, ngempela lowo akanakuba ongasolekiyo, futhi kanjalo ngeke avumeleke ekubeni namalungelo akhethekile, njengokukhonza njengomdala, inceku ekhonzayo noma iphayona. Isenzo esinjalo nokusikhuthaza kungaholela ngisho nasekuxoshweni ebandleni. Ngani?
KwabaseGalathiya 5:19-21 kunohlu lweminingi imikhuba emibi engathathwa njengepomeia, futhi engase iholele ekubeni umuntu angawufanelekeli uMbuso kaNkulunkulu. Phakathi kwayo “ukungcola” (ngesiGreki, akatharsia, okusho ukungcola, ukonakala; nokunge mthetho) “namanyala [ukuziphatha okuxekethile]” (ngesiGreki, aselgeia, okusho ukungabi nasimilo, ubundindwa, ukuziphatha okuyihlazo njengoporneia, lemikhuba emibi, uma iba mibi kakhulu ingaba isizathu sokususwa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu, kodwa hhayi esokuthola idivosi engokomBhalo. Umuntu okhuthaza ngobuqhalaqhala izenzo zobulili ezishaqisayo nezinyanyisayo uyoba necala lokuziphatha okuxekethile. Yebo, umuntu onalesosimo angaqhubekela ekwenzeni iporneia; khona-ke kungaba nezizathu zedivosi engokomBhalo.e Yeka ukuthi wonke amaKristu kumelwe akukhathalele kangakanani ukugwema nokulwisana nayo yonke “imisebenzi yenyama”!—Galathiya 5:24, 25.
Bonke abantu bakaJehova, beshadile noma bengashadile, kumelwe bagweme lonke uhlobo lokuziphatha okubi. Kumelwe basekele ngokwethembeka wonke amalungiselelo kaJehova kuhlanganise nelungiselelo lomshado. (IHubo 18:21-25) Labo abashadile kumelwe, njengaba”nyamanye,” bazame ukuhlonipha uJehova, behlakulela uthando lweqiniso nenhlonipho emshadweni wabo. (Genesise 2:23, 24; EFesu 5:33; Kolose 3:18, 19) Ngalendlela, nanjengezinye izindlela, bangabonisa ukuthi abayona “ingxenye yezwe”—izwe uSathane aye walidonsela esidakadakeni sokuziphatha okubi nokonakala nalelo ‘eselizodlula kanye nezinkanuko zalo.’ Bekhumbula ukuthi “owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kubephakade,” bonke kumelwe bashikashikele ukwenza “intando” kaNkulunkulu ngokuqondene nelungiselelo laKhe eliyigugu lomshado.—Johane 17:16; 1 Johane 2:17.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka INqabayokulinda yesiNgisi kaNovember 15, 1979, amakhasi 31, no-32; nekaSeptember 15, 1980, ikhasi 31 yesiNgisi.
b Kungokuphawulekayo ukuthi iWebster’s New Collegiate Dictionary inikeza lokhu njengencazelo yayo yokuqala yegama elithi “fornication [ubufebe]”: “Ubuhlobo bobulili babantu okungebona obuphakathi kwendoda nomkayo.” Futhi ekuchazeni “ubuhlobo bobulili” (kwabobulili obuhlukene, obendunu, nobomlomo) iphawula ukuthi lokhu kuhlanganisa “izitho zobulili okungenani zomuntu oyedwa.” Ngakho-ke igama lesiNgisi elithi “fornication” [ubufebe] lingelifanelekile ekuhumusheni igama elithi porneia.
c Indoda noma umfazi odlwengulwe ngokuphoqwa ngeke abe necala leporneia.
IThe New International Dictionary of New Testament Theology iyaphawula, ngokwesibonelo, ukuthi elithi porneia lisho “ukungabimsulwa, ubundindwa, ukuziphatha okubi, ubufebe.” Ithi futhi: “Amagama ahlobene [ahlela elithi porneia] angachaza imikhuba ehlukahlukene yokuziphatha kobulili okungaphandle komshado njengoba ehlukile kwejwayelekile eyamukelekayo ngokwenhlalo nangokwenkolo (ngokwesibonelo ubungqingili, ubundindwa ubulili nabantwana, [ukoniwa kwezingane ngokobulili], futhi ikakhulu ubundindwa.” Kanjalo elithi porneia lihlanganisa ukuphinga (ngesiGreki, moikheia, futhi lingahlanganisa eziningi ezinye izenzo zokuziphatha okubi ezingaphandle komshado, njengobulili bomlomo noma ngendunu kanye nokulala nesilwane.
Eka-1979 iGreek-English Lexicon of the New Testament and Other Early Christian Literature ehlonishwa kakhulu (nguBauer, Arndt noGingrich) ichaza elithi porneia njengo“bundindwa, ukungabi nasimilo, ubufebe, balo lonke uhlobo lokuhlangana kobulili okungemthetho.”
d Lokhu kuwukukhanyisa ngokwengeziwe nokushintsha umqondo owavezwa kuyiNqabayokulinda kaJuly 1, 1975 ikhasi 311, neyesiNgisi kaFebruary 15, 1978, amakhasi 30-32. Labo abenza ngokwezisekelo zolwazi ababenalo ngalesosikhathi akumelwe bagxekwe. Futhi lokhu ngeke kuthinte isimo somuntu okwathi esikhathini esidlule wakholelwa ukuthi inkambo yomngane yokuziphatha kobulili okuphendukezelwe ngaphakathi komshado kwakuyiporneia futhi, ngalokho wathola idivosi futhi manje oseshadile futhi.
e INqabayokulinda ka-April 1, 1974 amakhasi 166-168.
[Isithombe ekhasini 28]
Umshado kumelwe ugcinwe uhloniphekile futhi uhlukile ekuziphatheni kabi kwezwe