Ukungashadi—Izinzuzo Zakho Namathuba
1. Uyini umbono wabaningi ngokungashadi, futhi kungani abathile bezizwa ngalendlela?
UTHISHA oneminyaka engama-21 ubudala wabuzwa umngane wakhe oyintombazane: “Awukufuni yini ukushada?” Lothisha osemusha, owayazisa izinzuzo zokungashadi kwakhe, waphendula: “Sengathi angikaze ngicabange ngakho kangako.” Emangaliswe yimpendulo yakhe, umngane wathi: “Nokho, lapho usuguga uyofisela sengathi ngabe washada. Wonke umuntu kumelwe ashade.” Lapho ucabangela izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezishadile ungabona ukuthi kungani abaningi, njengalomngane owasho lokhu ngenhloso enhle, benomuzwa wokuthi ukungashadi kuyisimo esingathandeki, esenza ukuphila komuntu kube okungaphelele.
2. Kungani kokubili amaKristu ashadile nangashadile kumelwe abe nesithakazelo kulendaba yethu?
2 Umuntu angase angashadi ngenxa yokuthi usemncane kakhulu noma ngenye indlela akakwazi ukuthwala imithwalo yemfanelo yomshado. Abanye baye balahlekelwa umngane ngedivosi noma ngokufa. EUnited States umkhaya owodwa kwemithathu muva nje unakekelwa umuntu oyedwa. Kuye kwaba khona ukwanda kwamaphesenti angama-64 abantu abahlala bodwa eminyakeni eyishumi nje kuphela. Ngakho-ke kungenzeka ukuthi ngisho noma ushadile, othile oseduze kwakho akashadile. Wena-ke njengomKristu oshadile ungaba kanjani ‘nesihawu’ ngabantu abangashadile abakha ingxenye ebalulekile yendlu kaNkulunkulu? Yebo uma ungashadile khona-ke uyabazi ubunzima bokuba ojabulayo nongashadile kunoma yimuphi umphakathi lapho ukushada kubhekwa njengento evamile. Ngakho-ke kumelwe ukubheke kanjani ukungashadi kwakho?—1 Petru 3:8.
3. (a) Phakathi nesikhathi sikaJesu, ukungashadi kwakubhekwa kanjani? (b) UJesu wakucabangela kanjani ukungashadi ‘ngenxa yombuso’?
3 UJesu Kristu wambula ukuthi ukungashadi ‘ngenxa yombuso’ kwakuyisipho esivela kuNkulunkulu. Lokhu kwakuwumqondo omusha ngokuphelele, ngoba phakathi kwamaJuda ngosuku lwakhe ukushada kwakucatshangelwa ‘njengesibopho sabantu bonke’ futhi ukungashadi njengehlazo. “Umuntu ongenamfazi akayona indoda yoqobo,” kwakuyisisho so“rabi” abangamaJuda. Nokho, uJesu wakhuthaza abafundi ukuba ‘bamukele’ isipho sokungashadi futhi bangabi nomuzwa wokuthi babophekile ukuba bashade.—Mathewu 19:10-12.
4. Iye yaba yini inkambo yamaKristu amaningi, futhi lawa azizwa kanjani ngezimo zawo?
4 Ngakho-ke ukushada nokungashadi kokubili kuyizipho ezivela kuNkulunkulu. Phakathi nezinsuku zokuqala zobuKristu, ngisho nasosukwini lwethu, abaningi baye balandela ukuphila kokungashadi, ‘ngenxa yombuso.’a Kunokububula ngezimo zabo, abaningi balaba bazizwa njengomunye wesifazane ongumKristu ongakaze ashade oneminyaka engama-41, muva nje owathi: “Akukho okunye engingakukhetha esikhundleni seminyaka engiye ngayichitha njengomuntu ongashadile.” Kungani abaningi bezizwa ngalendlela?
Amathuba Andisiwe
5. AmaKristu angashadile angawasebenzisa kanjani ngokunenzuzo amathuba avulwa izimo zawo?
5 Izibonelo zamaKristu ashadile ezinjengezabaphostoli bakaJesu, nesika-Akwila noPrisila, zibonisa ukuthi imibhangqwana ingenza ukunikela okubalulekile enkonzweni kaNkulunkulu. (IzEnzo 18:26-28; 1 Korinte 9:5) Nokho umphostoli uPawulu wabonisa ukuthi umuntu ongashadile unethuba lenkonzo eyandisiwe. Waloba: “Ongaganiwe [noma ongaganile] ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo [noma oganileyo] ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe [noma umyeni wakhe], wahlukene phakathi.” (1 Korinte 7:32-34) Umuntu ongashadile ‘akahlukene’ ngenxa yemithwalo yemfanelo yomshado, eletha ‘usizi enyameni,’ futhi kanjalo-ke ‘angakhathalela’ noma ashisekele izindaba ezingokomoya. Phawula ebhokisini izinga ukuphila kwalabo abasohlwini okwakugcwaliswa ngayo imisebenzi engcwele. Ukukwazi ukuhlanganyela ‘ngaphandle kokuphazanyiswa’ enkonzweni kaNkulunkulu, okuhlanganisa ngokuyinhloko umsebenzi wokushumayela, kuyingcebo ecebile. Abantu abangashadile ngokuvamile banesikhathi esengeziwe sokutadisha nokuzindla. Lokhu kungathuthukisa “umoya,” noma isisusa sangaphakathi, kulethe lowomuntu eduze noJehova njengoba ezindla ‘ngokuba ngcwele emzimbeni nasemoyeni.’ Ngenxa yokungabi nomngane womshado, abaningi bafunde ukuthembela ngokuphelele kuNkulunkulu, bebheka ukuqondisa neseluleko sakhe. AmaKristu angashadile ngokuvamile ayakwazi ukwamukela amalungelo enkonzo lawo imibhangqwana eshadile engakwazi ukuwamukela. Akumangalisi ukuthi uJesu wabiza lelilungelo lokuhlala njengomKristu ongashadile njenge“sipho”!—Mathewu 28:19, 20; 1 Korinte 7:28, 35.
6, 7. (a) Ingabe ukuba nesipho sokungashadi kusho ukuthi umuntu akasakhangwa ngabobulili obuhlukile futhi akasoze neze ashade? (b) Kushiwoni ‘ngokwenza isinqumo enhliziyweni yomuntu’? (c) Imuphi umbuzo ongase ube sengqondweni yabantu abathile abangashadile?
6 Labo ‘abangakwamukela’ akusho ukuthi bangabantu ‘abanesipho’ esikhethekile endleleni abakhiwe ngayo ngokwemizwelo nanokuthi abasakhangwa abobulili obuhlukile. Laba abazange benze isifungo sokuhlala bengashadile njengokungathi abazange neze bazimisele ukushada, kodwa baye benza “isinqumo,” noma isahlulelo, ezinhliziyweni zabo sokwenza isimo sabo sokungashadi siphumelele.b (1 Korinte 7:37) Labantu baye balinganisa ezinhliziyweni zabo izinzuzo zokungashadi. Ngesisekelo salobu‘bufakazi’ izinhliziyo zabo ziqala ‘ukwahlulela’ ukungashadi njenge“sipho” futhi ‘bayakwamukela.’—1 Korinte 7:38.
7 Kodwa kuthiwani uma unesifiso esinamandla sokushada? Akashongo yini uPawulu ukuthi kungcono ukushada kunokushiswa yinkanuko?—1 Korinte 7:9.
Kungani Kunesifiso Esinamandla Kanjalo?
8. (a) Kungani abantu abathile abasha abangashadile bengase babe nesifiso esinamandla sokushada? (b) Yiziphi izinzuzo ezikhona ekulindeni ungashadi kuze kube yilapho ‘usudlule ukuqhuma kobusha’?
8 Kumane kungokwemvelo ukufuna ukushada. UNkulunkulu wasidala sinaleso sifiso. (Genesise 2:18) Kodwa ingabe lokhu kulangazelela okunamandla kubangelwa ukuthi umuntu usesikhathini ‘sokuqhuma kobusha’ lapho kukhona isiqalo esinamandla sokufisa ubulili? UPawulu watusa ukuba umuntu athi ukulinda angashadi kuze ‘kudlule’ lenkathi. Ukulinda okunjalo kungase kubonakale kungenakwenzeka kumuntu omusha. Nabanye ekhulwini lokuqala babenomuzwa wokuthi kumelwe nakanjani bashade. Nokho ngenkathi labo “befuna abafazi” abanye abase beshadile “babefuna ukukhululeka” esimweni sabo! Ukushada, nakuba kungase kubonakale kunjengesivikelo ekuziphatheni okubi, akuzixazululi zonke izinkinga. Omunye umKristu ongakashadi oneminyaka engama-35 wathi: “Lapho njengomuntu omdala ngibona ukuphila kwabantu konakaliswa yimishado emibi, kuyashaqisa. Angimelene nokushada kodwa nginomuzwa wokuthi asikho isidingo sokujaha.” Izifundo zokucwaninga zibonisa ukuthi abesifazane baseMelika abaningi abashada ngaphambi kweminyaka eyi-18 basengozini yokuhileleka ekudivoseni ngokuphindwe kathathu kunalabo abalinda baze baba nengama-24! Isilinganiso sedivosi emadodeni angaphansi kwamashumi amabili eUnited States siphakeme ngokuphindwe kathathu kunesomphakathi ngokuvamile. Iminyaka yobusha yongashadile ingasetshenziswa ngokuhlakanipha ekuthuthukiseni ubuhlobo obuhle noJehova nezimfanelo namakhono adingekayo ukuze abe umngane womshado okahle.—1 Korinte 7:27, 36.
9. (a) Yini abanye abayenzile ngenxa yesifiso sokuthola umngane, futhi ngokuvamile namiphi imiphumela? (b) Yimuphi umbuzo lapha obhekana nabantu abangashadile?
9 AmaKristu amaningi asegugile engashadile. Ngemva kwesikhathi amanye alawa, ngenxa yesifiso esinamandla sokufuna umngane, aye agijimela ekushadeni nomuntu ongakholwa, ecabanga ukuthi noma imuphi umngane ungcono kunokungabi naye. Nokho ungase ubazi abathile abenza lokhu bazithola kuphela benesizungu ngokufanayo ngenxa yomngane womshado abangakwazi ukukhulumisana naye. Nokho, umuntu ongashadile angahlala kanjani ‘eqinile enhliziyweni yakhe’?—1 Korinte 7:28, 37, 39.
Zuza Ekukhuthazaneni Nabanye
10. NgokwabaseRoma 1:11, 12, sasiyini isifiso sikamphostoli uPawulu, futhi wazuza kanjani?
10 AmaKristu aphumelelayo angashadile athanda abantu. Umphostoli uPawulu, owayeyindoda engashadile, waloba: “Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwenu nokwami.” (Roma 1:11, 12) UPawulu wayenesithakazelo esijulile kubantu futhi wayefuna ukudlulisela ‘isipho esingokomoya’ kwayekholwa nabo. Naye wakhuthazwa. Kungendlela efanayo nanamuhla.
11. Ikuphi okuhlangenwe nakho okufanekisa indlela umuntu angakhuthazwa ngayo ngokwabela ‘isipho esingokomoya’?
11 Owesifazane ongashadile ongumKristu oneminyaka engama-28 wamemela ekhaya lakhe odade abaningi abasha basebandleni embuthanweni omncane, efisela ukuhlanganyela nabo ‘isipho esingokomoya’ ngobungane obakhayo. Ngosuku olulandelayo omunye osanda kweva eshumini waziphonsa kulodade ngokumanga futhi wathi: “Awusoze neze wazi ukuthi lowambuthano ungisize kangakanani ngendlela ebengisidinga ngayo isikhuthazo. Ngangicabanga ukuthi angisenakubhekana nezinkinga ekhaya nosingamama. Manje nginomuzwa wokuthi ngingabhekana nazo ngokuphumelelayo.” Njengoba lodade ongashadile elandisa lokhu okuhlangenwe nakho, wathi ngezinyembezi: “Angisoze neze ngikukhohlwe lokho. Waba usizo lwesikhathi eside noloqobo kimina, ngoba ngazizwa ngikahle kakhulu ngalokho akusho.” Ukuhlakulela isithakazelo somuntu siqu kwabanye ‘bomkhaya wethu ongokomoya,’ njengokufanelekile, kungasiza ekunqobeni isithukuthezi. Nokho, kudingeka umzamo ukuze kuthuthukiswe ubungane obuhle.c—Marku 10:29, 30.
12. Yimaphi amathuba ukwenza abafundi okuwavulayo?
12 Nokho, ngisho nangalé kwamathuba aphakathi kwebandla lobuKristu okunikela ‘izipho ezingokomoya,’ kukhona lawo avuleka ngomsebenzi wokwenza abafundi. Umuntu ophayo ngokuvamile uyaqabuleka lapho ebona intuthuko yofundayo nokuphawula induduzo ehlala njalo iqiniso leBhayibheli elingayiletha. Ngakho-ke njengoba uhola ekuboniseni uthando kwabanye kokubili ngaphakathi nangaphandle kwendlu kaNkulunkulu, ukuphila kwakho siqu kuyoba okucebe ngokwengeziwe futhi uyokuthola kulula ‘ukuma uqinile enhliziyweni.’—Roma 12:2; UmShumayeli 11:1; Luka 6:38.
Thola Amandla Avela Phezulu
13. Eye-2 kuThimothewu 4:17 ingakhuthaza kanjani ngokukhethekile kumaKristu angashadile?
13 Ngenkathi eboshwe eRoma, umphostoli uPawulu kwadingeka abhekane nesimo esinzima eyedwa. Waloba: “Kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla.” (2 Thimothewu 4:17) Ngalamandla uPawulu wathembeka futhi wakhululwa kungaba ngokoqobo noma ngokomfanekiso “emlonyeni wengonyama.” Lapho ‘izingonyama’ ezingokomfanekiso zingenela ekuphileni kwakho, ingabe uyaphendukela kuYihlo onothando ukuze uthole usizo. Ingabe uyamthululela inhliziyo yakho, wazi ukuthi ngisho noma abanye bengaziqondi, yena uyaziqonda izidingo zakho futhi uyoma eduze kwakho?—1 Petru 5:6-9.
14. (a) Omunye udade wabhekana nakuphi ukucindezela, futhi wabusiswa kanjani? (b) Ikuphi ukuqiniseka okumelwe eyoku-1 Korinte 10:13 isinikeze khona?
14 Omunye udade ongashadile oneminyaka engama-53 waphazamiseka kakhulu lapho elahlekelwa umsebenzi wakhe. “Ngacela usizo kuJehova lokuba ngithole umsebenzi othile ukuze nje ngiqhubeke ngiphila. Ngaphambi kokuphela kwesonto ngase ngithole umsebenzi omusha! Kusukela kulolosuku kuqhubeke nganquma ukukhathazeka ngezidingo zosuku ngalunye futhi ngathembela ekunakekeleni kukaJehova. Akazange angidumaze.” Ngo-1982, ngemva kweminyaka engama-26 yokuphayona, umthandazo wakhe wokuthola umngane ofanelekayo ngokomoya waphendulwa njengoba waba umfazi wombonisi ojikelezayo ongumfelwa. Yiqiniso, uJehova akayiphenduli njalo imithandazo yethu ngalezindlela ngokuqondile, kodwa uyosiqinisa ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nanoma yiziphi izinkinga eziphikelelayo.—1 Korinte 10:13.
Ukuzithiba
15. (a) Ukuze aqondise izifiso zobulili umuntu kumelwe aqapheleni? (b) Kuboniswe kanjani lokho kuzAga isahluko 7?
15 “Nginomuzwa wokuthi angisakwazi neze ukuqhubeka ngingedwa,” kubhala omunye owesifazane ongumKristu. “Ngizithola nginesifiso esinamandla sobulili futhi sekuyiminyaka eminingi ngingakwazi ukuthola indoda efanelekile ewumKristu. Ngiye ngatshelwa ukuba ngimane nje ngiye ekhaya futhi ngizithibe. Kodwa kanjani?” Ukubhekana ngokuphumelelayo nemizwelo enjalo akulula. Ukuze aqondise izifiso ezingokobulili umuntu ongashadile kumelwe aqaphele ukuthi kunini lapho kumelwe aqale ukuzinqoba ngokuziqeqesha. Ngokwesibonelo, kuzAga 7:6-23, insizwa ilahlekelwa ukuzithiba futhi ishiswa ubulili ‘ilandela’ isifebe. Nokho, ayizange ifinyelele kuleliqophelo ngokushesha. Izinyathelo zokuqala zahlanganisa (1) ukuhamba emgwaqweni waso ebusuku, (2) ukusivumela ukuba simqabule, (3) nokulalela izinkulumo zaso zokuziphatha okubi. Isinyathelo ngasinye sakwenza kwaba nzima ukuzithiba kwaze kwayilapho kungasekho ukuphenduka. Ngokushesha nje lapho izibona ilandelela isinyathelo sokuqala, yayidinga ukuyeka!—Galathiya 5:22, 23.
16. Nakuba engekho umKristu weqiniso ongalandela inkambo yensizwa eziphethe kabi, yini angase ayenze?
16 Akekho umKristu weqiniso ongalandela izinyathelo ezingokoqobo zalensizwa, kodwa kuthiwani ngemicabango yomuntu? Ingabe umuntu angaqala ngemicabango ‘ukuhamba emgwaqweni aye endlini yaso’ ngokugxila emicabangweni yokuziphatha okubi? Zithibe ngaso lesosikhathi! Ukwehluleka ukwenze njalo kungaphumela ekubeni ngengqondo aqhubekele ezinyathelweni eziqhubekayo njengokushaya indlwabu noma ekugcineni ukuziphatha okubi kobulili.
17. (a) Kungani kubalulekile ukubethela inyama nezinkanuko zayo? (b) UmKristu ukwenza kanjani lokhu?
17 Njengoba izifiso ezimbi zijabulisa inyama yethu engaphelele, asinakuzixosha kalula. “Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.” (Galathiya 5:24) Ukubethelwa kwakuwukubulawa okubuhlungu, nokunzima. Ngakho-ke zithathele ngokwakho izinyathelo ezinzima ukuze “ubulale” izifiso ezinjalo ezingafanelekile—uma zisaqala nje ngaphambi kokuba zigxile. Uma uhlelo lweTV luqala ukuvusa isifiso senkanuko, khona-ke yivale noma uvule olunye uhlelo ngokushesha. Yiba oqaphile maqondana namabhayisikobho owabukelayo noma izincwadi ozifundayo. Qaphela ingxoxo yakho nendlela obheka ngayo abobulili obuhlukile.—Mathewu 5:25-30; Kolose 3:5.
18. Yini amaKristu angashadile aye ayenza ukuze abulale izifiso ezingafanelekile zobulili, namuphi umphumela?
18 Lapho kuyisikhathi sesifundo seBhayibheli somuntu siqu noma sebandla, ingabe siyamelana nanoma ikuphi ukucindezela kokungasinaki? Omunye umKristu, emzamweni wokubethela izinkanuko ezingahlanzekile lapho imizwelo inamandla ngokukhethekile, waziphoqelela ukuba avuke embhedeni ebusuku futhi wafunda ngokuzwakalayo iBhayibheli wakhulumela ngamafuphi ivesi ngalinye kwaze kwaba yilapho lokho kucindezela kudamba. AmaKristu ngezinye izikhathi aye aziphoqelela ukuba athandaze ngentshiseko kuJehova ecela usizo ngalesosikhathi. Uma nje umKristu ekulwela ngobuqotho ukubethela ‘izinkanuko zobulili’ akunakwenzeka ukuba aqhubekele ebufebeni.—Heberu 4:16.
Umzamo Ufanelekile!
19. Ingabe ubuhlobo bethu noNkulunkulu buxhomeke ekutheni sishadile noma asishadile?
19 Ukungashadi ‘ngenxa yombuso’ nokushada—kokubili kuyizipho ezivela kuNkulunkulu. Nokho kokubili kudinga umzamo uma umKristu ezophumelela. Kungakhathaliseki ukuthi isimo sethu siyini, singabakha ubuhlobo obuseduze noNkulunkulu wethu futhi sithole ukwaneliseka ekuphileni. Ngisho noma ‘ungasamukela’ isipho sokungashadi isikhashana nje kuphela, okubalulekile kuwukuba usisebenzise ngokuhlakanipha.
20. (a) Wonke amaKristu avuthiwe kumelwe akubheke kanjani ukungashadi? (b) Ikuphi ukuqiniseka abantu abangashadile abangaba nakho ngesikhathi esizayo?
20 Qaphela ukuthi uJesu ubeka isipho sokungashadi ngokuzithandela esikhundleni esihle kakhulu. Wonke umKristu ovuthiwe kumelwe azizwe njengoJesu futhi angakucabangeli njengesimo sokuzwelwa ubuhlungu. UJehova uyithatha njengebalulekile iminikelo eyenziwa abantu abangashadile abaye bakhetha ukwenza lokho akuthandayo. (Qhathanisa noIsaya 56:4, 5.) UJehova akanakubakhohlwa. Abanye abasindela emhlabeni omusha bangase bajabulele amalungelo omshado, futhi njengabantwana bakaNowa ngemva kukazamcolo wembulunga, bangase babe namathuba okuhlanganyela ekuthunyweni kwaphezulu ‘kokugcwalisa umhlaba.’ (Genesise 9:1) Leso kungase kube yisibusiso esinezela kulezo kakade ezijatshulelwa amaKristu angashadile. Ohlelweni olusha lukaNkulunkulu ‘uyokwanelisa isifiso sakho konke okuphilayo’ futhi anikeze bonke ‘okufiswa yinhliziyo.’ Ngakho-ke qinisekiswa wukuthi bonke bayothola injabulo egcwele ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu ngalesosikhathi.—IHubo 37:3, 4; 145:16.
21. (a) Uthisha ophawulwe ekuqaleni uye wakusebenzisa kanjani ukuphila kwakhe kokungashadi? (b) Amanye amaKristu angashadile angazizwa kanjani ngendlela efanayo?
21 Owayenguthisha ophawulwe esigabeni sokuqala salesihloko manje uneminyaka engama-83 futhi usalokhu engashadile. Uye wachitha iminyaka engama-57 enkonzweni yoMbuso yesikhathi esigcwele, kuhlanganisa iminyaka engama-56 endlunkulu yezwe lonke yoFakazi BakaJehova. Uzizwa kanjani ngokuphila kwakhe? “Nganeliseke ngokugcwele ngokuphila kwami nangomsebenzi wami. Ngimatasa manje kunanini ngaphambili emsebenzini engiwuthanda kakhulu,” kusho lona owesifazane ongumKristu oshisekayo. “Angizisoli ngalutho. Ngingenza isinqumo esifanayo futhi.” Yebo, nawe futhi, uma ungashadile, ungaba nakho ukwaneliseka okunjalo ngokwenza ukungashadi kwakho kube yimpumelelo—uvune ngokugcwele izinzuzo zakho namathuba.
□ Ukungashadi ‘ngenxa yoMbuso’ kumelwe kubhekwe kanjani?
□ Imaphi amathuba andisiwe akhona kumaKristu angashadile?
□ Kungani kungcono ukungashadi ngokushesha?
□ Ukuze ame ‘eqinile enhliziyweni yakhe,’ umuntu ongashadile udinga ziphi izinto ezintathu?
[Imibhalo yaphansi]
a Umlobi ongumKristu wokuzisholo uAthenagoras waloba cishe ngo-175 C.E.: “Uyothola abaningi phakathi kwethu, kokubili amadoda nabesifazane, abaguga bengashadile, ngethemba lokuphila ngokuvumelana okuseduze noNkulunkulu.”—A Plea for the Christians, isahluko 33.
b Igama lesiGreki elihunyushwa ngokuthi “isinqumo,” ukrino, lisho “ukwahlulela, ukuveza umbono.” Leligama lisetshenzlswa kuJohane 7:51 lapho uNikodemu ethi ngaphambi kokuba umuntu ahlulelwe, kudingeka kulalelwe ubufakazi. Lokho kungathatha isikhathi.
c Siza ubheke izihloko “But What Do I Say?—Developing the Art of Conversation” kuPhaphama! yesiNgisi kaJuly 8, 1982 nesithi “Ngingazenzela Kanjani Abangane Bangempela?” kwekaOctober 8, 1982, umagazini owumngane walona.
[Ibhokisi ekhasini 12]
ABANTU ABATHILE ABABENGASHADILE EBHAYIBHELINI
UJesu: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifeze umsebenzi wakhe.”—Johane 4:34.
UPawulu: ‘Ngaba yisigqila seNkosi futhi nganikeza ubufakazi obanele. Ukuphila kwami ngakushaya indiva.’—IzEnzo 20:19-24.
UJeremiya: “Jehova, mandla ami nenqaba yami, siphephelo sami ngosuku lokuhlupheka.”—Jeremiya 16:19.
Indodakazi kaJefta: ‘Ayiyazanga indoda. Minyaka yonke, abesifazane bakwaIsrayeli baya ethempelini beyoyitusa.’—AbAhluleli 11:39, 40.
UAna: ‘Wayengumfelokazi oneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nane, engaphuthi ethempelini, enikela inkonzo engcwele ubusuku nemini ngokuzila nangokunxusa.’—Luka 2:37.
UDorka: “Wayenemisebenzi emihle nokwabela abampofu izipho.”—IzEnzo 9:36.
[Isithombe ekhasini 14]
UKUZE UME UQINILE ENHLIZIYWENI
1. Zinikele ngokomoya ngenxa yabanye
2. Thola amandla avela phezulu uma kwanda izinkinga
3. Melana nezifiso ezingafanelekile ngokushesha