UTHANDO Imfanelo Eyigugu
UMPHOSTOLI uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale ngezimfanelo ezingu-9 esiba nazo ngenxa yomoya ongcwele. (Gal. 5:22, 23) Wabiza lezi zimfanelo ezinhle ngokuthi “izithelo zomoya.”a “Ubuntu obusha” sibubona ngalezi zithelo. (Kol. 3:10) Njengoba isihlahla esiniselwa kahle sithela izithelo, nomuntu uyothela izithelo zomoya lapho umoya ongcwele ugeleza ngokukhululekile ekuphileni kwakhe.—IHu. 1:1-3.
Isithelo sokuqala uPawulu asibhala uthando, imfanelo eyigugu. Luyigugu kangakanani? UPawulu wathi uma engenalo uthando ‘akayinto yalutho.’ (1 Kor. 13:2) Kodwa luyini ngempela uthando futhi singalwakha kanjani bese silubonisa usuku nosuku?
INDLELA YOKUBONISA UTHANDO
Nakuba kungelula ukuchaza uthando, iBhayibheli liyayichaza indlela olubonakala ngayo. Ngokwesibonelo, sifunda ukuthi uthando “luyabekezela futhi lunomusa.” “Alujabuli ngokungalungi” futhi “lubekezelela zonke izinto, lukholelwa yizo zonke izinto, luthemba zonke izinto, lukhuthazelela zonke izinto.” Uthando lubonakala nangokukhathalela abanye ngobuqotho nokusondelana nabo. Ngakolunye uhlangothi, umuntu ongenalo uthando ubonakala ngokuba nomona, ukuqhosha, ukuziphatha okuhlazisayo, ubugovu, inzondo nokungathetheleli. Ngokungafani nalezi zimfanelo ezimbi, uthando esifuna ukuba nalo “aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”—1 Kor. 13:4-8.
UTHANDO OLWABONISWA UJEHOVA NOJESU
“UNkulunkulu uluthando.” Impela, uJehova uyilo uthando. (1 Joh. 4:8) Yonke imisebenzi yakhe nezenzo zakhe zifakazela ukuthi uluthando. Isenzo sakhe esikhulu sothando ngesintu kwaba ukuthumela uJesu ukuba azohlupheka ngenxa yethu futhi asifele. Umphostoli uJohane wathi: “Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. Uthando lukulesi sici, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” (1 Joh. 4:9, 10) Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyasithanda, singakwazi ukuthethelelwa, sibe nethemba nokuphila okuphakade.
UJesu wabonisa ukuthi uyabathanda abantu ngokuzimisela ukufeza intando kaNkulunkulu. UPawulu wabhala: “[UJesu uthi] ‘Bheka! Ngizile ukuba ngenze intando yakho.’ . . Ngale ‘ntando’ eshiwo singcwelisiwe ngomnikelo womzimba kaJesu Kristu kube kanye kuphela.” (Heb. 10:9, 10) Akekho umuntu ongabonisa uthando ngale ndlela. UJesu wathi: “Akekho onothando olukhulu kunalolu, ukuba umuntu anikele umphefumulo wakhe ngenxa yabangane bakhe.” (Joh. 15:13) Njengoba singaphelele singakwazi yini ukulingisa uthando lukaJehova noJesu? Yebo! Ake sixoxe ngokuthi singakwenza kanjani lokho.
“NIQHUBEKE NIHAMBA OTHANDWENI”
UPawulu wasiyala: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni njengoba nje noKristu anithanda futhi wazinikela ngenxa yenu.” (Efe. 5:1, 2) ‘Siqhubeka sihamba othandweni’ lapho silubonisa kukho konke esikwenzayo. Uthando silubonisa ngezenzo hhayi ngamazwi nje kuphela. UJohane wabhala: “Bantwanyana, masibe nothando, hhayi ngezwi noma ngomlomo, kodwa ngesenzo nangeqiniso.” (1 Joh. 3:18) Ngokwesibonelo, uma sithanda uNkulunkulu nomakhelwane bethu, siyofuna ukubatshela ‘izindaba ezinhle zoMbuso.’ (Math. 24:14; Luka 10:27) Sibonisa ukuthi sinothando lapho sibekezela, sinomusa futhi sithethelela. Yingakho iBhayibheli lisiyala ukuba ‘sithethelele njengoba nje noJehova asithethelela ngokukhululekile.’—Kol. 3:13.
Nokho uthando lwangempela alulawulwa imizwelo. Ngokwesibonelo, ukuze athulise ingane yakhe etetemayo umzali olawulwa imizwelo angase ayinike noma yini eyifunayo. Kodwa umzali oyithanda ngempela ingane yakhe angase athi, ‘Cha!’ lapho kudingeka. Ngendlela efanayo, uNkulunkulu uluthando kodwa ‘uyabayala labo abathandayo.’ (Heb. 12:6) Lapho sinothando, siyonikeza isiyalo esifanele lapho kudingeka. (IzAga 3:11, 12) Noma kunjalo, lapho sinikeza isiyalo kumelwe sikhumbule ukuthi nathi sinesono futhi siyawenza amaphutha. Ngakho sonke kudingeka sithuthukise indlela esibonisa ngayo uthando. Singakwenza kanjani lokhu? Ake sixoxe ngezindlela ezintathu zokwenza lokhu.
ESINGAKWENZA UKUZE SIBE NOTHANDO
Okokuqala, cela uNkulunkulu ukuba akuphe umoya wakhe ongcwele, ozokwenza ube nothando. UJesu wathi, uJehova “uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!” (Luka 11:13) Uma sithandazela umoya ongcwele futhi silwa kanzima ukuze ‘sihambe ngomoya,’ izenzo zethu ziyobonisa ukuthi sinothando. (Gal. 5:16) Ngokwesibonelo, uma ungumdala ebandleni lobuKristu ungacela umoya ongcwele ukusize unike abanye iseluleko esingokomBhalo ngendlela enothando. Uma ungumzali ungacela umoya kaNkulunkulu ukuba ukusize ukhuze izingane zakho ngendlela enothando, hhayi ngolaka.
Okwesibili, cabanga ngendlela uJesu abonisa ngayo uthando ngisho nalapho echukuluzwa. (1 Pet. 2:21, 23) Isidingo sokucabanga ngesibonelo sikaKristu singase siphakame lapho sicasulwa noma siphathwa ngokungenabulungisa. Ngaphansi kwalezo zimo, umbuzo okufanele sizibuze wona ukuthi, ‘UJesu ubezokwenzenjani?’ Udade ogama lakhe uLeigh uthi ukuzindla ngalo mbuzo kwamsiza ukuba acabange ngaphambi kokwenza okuthile. Uthi: “Ngolunye usuku, engangisebenza naye wathumelela ezinye izisebenzi imeseji ekhuluma kabi ngami nomsebenzi engiwenzayo. Kwangiphatha kabi kakhulu lokho. Ngabe sengizibuza, ‘Ngingamlingisa kanjani uJesu kule ndaba?’ Ngemva kokucabanga ngalokho obekungase kwenziwe uJesu, nganquma ukuyidlulisa indaba. Kamuva ngathola ukuthi lo engangisebenza naye wayegula futhi ecindezelekile. Ngaphetha ngokuthi cishe wayengaqondile ukusho lokho akubhala. Ukuzindla ngesibonelo sikaJesu sokubonisa uthando ngisho nalapho echukuluzwa, kwangisiza ukuba ngibonise uthando ngendlela efanayo kulo engangisebenza naye.” Ngempela, uma silingisa uJesu, sizohlale senza ngothando.
Okwesithathu, yiba nothando lokuzidela, okuyilo amaKristu eqiniso abonakala ngalo. (Joh. 13:34, 35) Mayelana nalokhu, imiBhalo isikhuthaza ukuthi sibe ‘nesimo sengqondo’ esifana nesikaJesu. Ngokuza emhlabeni “wazidela” ngenxa yethu, “kwaze kwaba sekufeni.” (Fil. 2:5-8) Njengoba silingisa uthando lwakhe lokuzidela, siyocabanga futhi senze njengaye. Lokho kuyosenza sikwazi nokubeka izidingo zabanye kuqala. Iziphi ezinye izinzuzo zokubonisa uthando lokuzidela?
IZINZUZO ZOKUBONISA UTHANDO
Lapho sibonisa uthando sizuza ngendlela engenakuqhathaniswa. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili:
ABAFOWETHU EMHLABENI WONKE: Ngenxa yokuthi siyathandana, siyazi ukuthi noma singaya kunoma yiliphi ibandla emhlabeni, abafowethu nodadewethu bayosamukela ngemfudumalo. Kuyisibusiso ngempela ukuthandwa yibo ‘bonke abazalwane bethu emhlabeni wonke’! (1 Pet. 5:9) Yibaphi abanye abantu abanothando ngale ndlela ngaphandle kwabantu bakaNkulunkulu?
UKUTHULA: ‘Ukubekezelelana ngothando’ kusenza sikwazi ukujabulela “isibopho esihlanganisayo sokuthula.” (Efe. 4:2, 3) Sizibonela mathupha lokhu kuthula lapho sisemihlanganweni yebandla, eyesigodi neyesifunda. Awuvumi yini ukuthi ukuthula esinakho kusenza sihluke ngempela kuleli zwe elingenakho ukuthula? (IHu. 119:165; Isaya 54:13) Ngokufuna ukuba nokuthula nabanye, sibonisa ukuthi sibathanda ngempela futhi lokho kujabulisa uBaba wethu osezulwini.—IHu. 133:1-3; Math. 5:9.
“UTHANDO LUYAKHA”
UPawulu wabhala: “Uthando luyakha.” (1 Kor. 8:1) Kanjani? Esahlukweni 13 sencwadi yokuqala eya kwabaseKorinte—abanye abasibiza ngokuthi “iHubo Lothando”—umphostoli uPawulu uchaza indlela uthando olwakha ngayo. Uthando aluzifuneli inzuzo yalo. (1 Kor. 10:24; 13:5) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi uthando luyacabangela, luyabekezela futhi lunomusa, lwenza amalungu emindeni asondelane, namabandla abe nobunye.—Kol. 3:14.
Ukuthi sithanda uNkulunkulu yikhona okusenza sithandane nakakhulu. Uthando olunjalo lwenza abantu abavela kuwo wonke amazwe, izinhlanga nezilimi bakhonze uJehova ngenjabulo ‘belinganisene ihlombe nehlombe.’ (Zef. 3:9) Masizimisele ukubonisa le mfanelo eyigugu eyisithelo somoya kaNkulunkulu nsuku zonke.
a Lesi isihloko sokuqala sochungechunge lwezingxenye ezingu-9 oluzokhuluma ngemfanelo ngayinye yezithelo zomoya.