Yenza Konke Ngenxa Yezindaba Ezinhle
“Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe-ngumhlanganyeli kulona.”—1 KORINTE 9:23.
1. Yisiphi isici sonke esinaso, kodwa uNkulunkulu uye walungiselela isisekelo sani?
NAKUBA sihluka komunye nomunye ngezindlela ezihlukahlukene, sonke sinesici esifanayo. Ngefa esalizuza kuAdamu, sazalwa siyizoni ezidediselwe kude noNkulunkulu oPhezukonke, uJehova. (Roma 5:12; Kolose 1:21) Njengoba umphostoli uPawulu ongumKristu abhala: “Bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngakho-ke, ukuze basinde, abantu bazo zonke izinhlanga nezizwe kudingeka babuyisane noNkulunkulu. Futhi yeka ukuthi singabonga kanjani ngokuthi, ngothando nomusa okungenakulinganiswa, uJehova uye walungiselela isisekelo sokubuyisana naye!
2. (a) Iyiphi inkonzo eyayiphathiswe amaKristu agcotshiwe? (b) Singafunda esibonelweni sikabani, futhi ngani? (1 Korinte 11:1)
2 Emakhulwini ayishumi nesishiyagalolunye eminyaka adlule, ofakazi abagcotshiwe bakaJehova baphathiswa “inkonzo yokubuyisana.” UPawulu wathi: “Siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: Buyisanani noNkulunkulu.” (2 Korinte 5:18-20) Lomphostoli wafeza lenkonzo enasiphi isimo sengqondo? “Noma ngikhululekile kubo bonke,” esho, “ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi.” (1 Korinte 9:19) Ngokungangabazeki, uPawulu wenza umzamo oqotho ukuze ethule isigijimi sakhe ngendlela ephumelelayo, ngoba wathi futhi: “Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe-ngumhlanganyeli kulona.” (1 Korinte 9:23) Ngakho, singafundani esibonelweni sikaPawulu?
Ukusiza AmaJuda Athobekileyo
3. Ukuzimisela kukaPawulu ukwenza konke ngenxa yezindaba ezinhle kwaboniswa kanjani ngokuqondene noThimothewu namaJuda?
3 Isizinda sikaPawulu sobuJuda nokuzimisela kwakhe ukwenza konke ngenxa yezindaba ezinhle kwamhlomisela ukuba asize amaJuda athobekileyo amukele uJesu njengoMesiya. Ngokwesibonelo, cabangela okwenziwa yilomphostoli lapho ekhetha uThimothewu njengowayezojikeleza naye. UThimothewu, oyise wayengumGreki, wayengasokiwe njengoba abantwana besilisa abangamaJuda babesokiwe. (Levitikusi 12:2, 3) UPawulu wayazi ukuthi amaJuda ayengase akhubeke uma insizwa engasokile izama ukubasiza ukuba babuyisane noNkulunkulu. Ngakho-ke, ukuze amaJuda anhliziyo-ziqotho angathiywa ekubeni amukele uJesu, wenzani uPawulu? “Wamthatha [uThimothewu], wamsoka ngenxa yabaJuda.” Lokhu kwenziwa ngisho nakuba ukusoka kwakungeyona imfuneko yamaKristu.—IzEnzo 16:1-3.
4. Ngokweyoku-1 Korinte 9:20, yayiyini injongo kaPawulu?
4 Ngakho uPawulu wayenza izinto ngenxa yezindaba ezinhle lapho ebonisa ukukhathalela kothando ngamaJuda akanye naye. Wabhala: “KubaJuda ngaba-njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba-njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho.” (1 Korinte 9:20) Yebo, njengoba kuboniswa endabeni kaThimothewu, uPawulu wenza konke ayengakwenza ukuze azuze amaJuda, ewasiza ukuba abe amaKristu. Kodwa ingabe wasebenzelana ngendlela efanayo nabeZizwe?
Ukufuna Ukuzuza AbeZizwe
5. UPawulu washumayela kobani eKorinte, futhi kwaba namuphi umphumela?
5 Ngemva kokufika kukaPawulu emzini waseKorinte cishe ekwindla ka-50 C.E., wanikeza izinkulumo zamasonto onke esinagogeni ezilalelini ezingamaJuda namaGreki angamaproselithe okholweni lwamaJuda. Kodwa ukushumayela kwakhe ngentshiseko kwabangela ukuphikiswa okukhulu kangangokuthi watshela abaphikisi bakhe: “Igazi lenu malibe-phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.” UJehova wakubusisa lokhu kushintsha, ngoba ‘abaningi babaseKorinte balalela, bakholwa, babhapathizwa,’ njengamaKristu. Ngempela, embonweni, iNkosi yanxusa uPawulu ukuba anamathele kulesosabelo, imtshela: “Nginabantu abaningi kulomuzi.”—IzEnzo 18:1-10.
6. Yini eyashukumisa isithakazelo sikaPawulu kulabo abasizinda sabo sasihlukile kwesakhe?
6 Isifiso esiqotho sikaPawulu sokuzuza abeZizwe abaphendukele ebuKristwini samshukumisela ukuba abe nesithakazelo nakubantu abasizinda sabo sasihluke kakhulu kwesakhe. “Kwabangenamthetho [abeZizwe] ngaba-njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho.” (1 Korinte 9:21) Lomphostoli wakufuna kanjani ukuzuza abeZizwe?
7. Ngokuqondene nokusoka, kungani isimo sikaThithu sasihlukile kwesikaThimothewu?
7 Lapho uPawulu eya emhlanganweni obalulekile wendikimba ebusayo yebandla lobuKristu eJerusalema cishe ngo-49 C.E., wahamba nomfundi ongumGreki uThithu. Kubazalwane ababehlangene lapho, uPawulu wanikeza umbiko ngomsebenzi wakhe wokushumayela phakathi kwabantu bezizwe, futhi kamuva wabhala: “Ngisho noThithu owayenami engumGreki kaphoqwanga ukuba asoke.” (Galathiya 2:1-3) Ngokungafani noThimothewu, uThithu wenza inkonzo yakhe ngokuyinhloko kubantu abangasokile bezizwe. Ngenxa yalokho, impikiswano yokusoka ayizange iphakame endabeni yakhe.—2 Korinte 8:6, 16-18, 23; 12:18; Thithu 1:4, 5.
8. UPawulu wabunikeza kanjani ubufakazi eAthene?
8 Enikeza ubufakazi eAthene, uPawulu waphinde wabonisa ukuthi wenza konke ngenxa yezindaba ezinhle. Ecabangela ukucabanga kwezakhamuzi zaleyonhloko-dolobha yaseGrisi, wazitshela ngoNkulunkulu ezazingamazi futhi wacaphuna izimbongi zazo ezingoAratus noCleanthes, ezathi: “Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.” Ngaleyondlela lomphostoli wafuna ukusiza izilaleli zakhe ziqonde ukuthi ‘akumelwe zicabange ukuthi uNkulunkulu unjengokuthile okubazwe ngobuciko nangesu lomuntu.’ Ngaphezu kwalokho, uPawulu wabonisana nazo: “Izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke.” Waqondisa ukunakekela ngendlela ephumelelayo ‘eNkosini yezulu nomhlaba,’ uJehova. Futhi waba yini umphumela? “Amadoda athile anamathela kuye, akholwa.” (IzEnzo 17:22-34) Yebo, izindlela zikaPawulu zaziphumelela!
9. UPawulu waba kanjani ‘obuthakathaka kwababuthakathaka,’ futhi ngani?
9 “Kwababuthakathaka ngaba-buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka,” kusho uPawulu. (1 Korinte 9:22a) Nakuba inkulumo yakhe yayinamandla, lomphostoli wacabangela onembeza ababuthakathaka bamaJuda nabeZizwe abathile ebandleni. Wanxusa amaKristu aseRoma: “Obuthakathaka ekukholweni mamukeleni, kungabi-ngokwahlulela ngezizindlo.” Kunokuba abahlulelayo, uPawulu wathi: “Asijonge okokuthula nokokwakhana.” (Roma 14:1, 13, 19) Weluleka: “Kepha thina esinamandla sifanele ukuthwala ubuthakathaka babangenamandla, singazithokozisi thina.” (Roma 15:1) Eqaphela isibopho sakhe sokulungisa indlela yakhe yokukhuluma neyokwenza ukuze asize abanye, wabhala: “Sengaba-yikho konke kubo bonke.”—1 Korinte 9:22b; Galathiya 3:28.
Thuthukisa Amakhono Akho Okushumayela
10. Thina namuhla singamlingisa kanjani uPawulu?
10 OFakazi BakaJehova namuhla kudingeka balingise uPawulu njengoba ayelingisa uKristu. (1 Korinte 11:1) Lomphostoli wayengumshumayeli onekhono owayenomoya wobuthunywa bevangeli. Kungaba njalo nangathi, nakuba izimo zethu zingase zingasivumeli ukuba sikhonze ensimini yakwelinye izwe. NjengoPawulu, kumelwe ‘senze konke ngenxa yezindaba ezinhle ukuze sizihlanganyele nabanye.’ (1 Korinte 9:23) Kodwa yini engathuthukisa amakhono ethu njengabashumayeli boMbuso nabenzi babafundi?—Mathewu 28:19, 20.
11. Njengesikhonzi, kungani kudingeka uhlakulele amandla akho okuqaphela?
11 Sebenzela ukukhulisa amandla akho okuqaphela. Ngokuba oqaphelisisayo, ungafunda okuningi okuyokusiza ukuba uvumelanise intshumayelo yakho yezindaba ezinhle nabaninikhaya ngabanye. Ngokwesibonelo, uma ufakaza kubantu abahlala edolobheni, phawula izihluthulelo emnyango, imihlobiso engokwenkolo, neziqubulo ezinanyatheliswe emafasiteleni. Lezizinto zingakusiza ukuba unikeze ubufakazi obungathinta izinhliziyo zabantu abahlala emakhaya anjalo. Ngokuqinisekile uPawulu wayeqaphelisisa. EAthene wasebenzisa ialtare “LikaNkulunkulu Ongaziwayo” njengesici esisodwa sobufakazi bakhe obuhle ngokuqondene ‘noNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo.’ (IzEnzo 17:22-25) Ungenza okufanayo enkonzweni yakho.
12. Iyiphi indima efezwa ukuqonda enkonzweni yethu?
12 Sebenzisa ukuqonda enkonzweni. Ungadunyazwa ukwenqaba komuntu kokuqala ukuvula umnyango akhulume nawe. Kunokuba uzivumele ukuba uxoshwe ubuso obunyukubele, bonisa umusa futhi usebenzise ukuqonda. Zama ukuvumelanisa ubufakazi bakho nezimo. Ngisho nangokuthandaza kafushane ngenhliziyo, ungase ukwazi ukusho okuthile okuyovusa isithakazelo enhliziyweni yalowomuntu.—Qhathanisa noNehemiya 2:4-6.
13. Singakubonisa kanjani ukubacabangela labo esifakaza kubo?
13 Yiba ngocabangelayo. Ngokuqondene nalokhu, kungenziwa izinto ezihlukahlukene ngenxa yezindaba ezinhle. Ngokwesibonelo, ukucabangela kuyokuvimbela ekubeni ugcine abantu asebegugile noma abagulayo bemi emnyango isikhathi eside. Ungase usikisele ukuba ukhulume nabo phakathi endlini, lapho bengase bazizwe khona bekhululeke ngokwengeziwe. Noma ungase unqume ukuthi ngaphansi kwalezozimo kungaba kuhle ukwenza ukuhambela kwakho kube okufushane. Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, yiba ocabangelayo. Bonisa ukuthi uyakhathalela!—Mathewu 9:35, 36.
14. Lapho sifakaza, singazenza kanjani izilaleli zikhululeke?
14 Khuluma ngendlela eyenza izilaleli zakho zikhululeke. Qalisa ukufakaza kwakho ngokubingelela kobungane okwamukelekayo endaweni yakini. (Mathewu 10:12) Cabangela ukwesaba nobandlululo olungaba khona. Khuluma ngenhlonipho nangobungane obuqotho. Lokhu kuyosiza ekuqinisekiseni abaninikhaya ukuthi uzobasiza futhi awunazisusa zobugovu.
15. Kungani kudingeka uzichaze ngokwanele nesizathu sokuhambela kwakho lelokhaya?
15 Abaninikhaya kudingeka bazi ukuthi ubani obahambele nokuthi kungani. Ngakho-ke, zichaze ngokwanele. Kwezinye izindawo, ikakhulukazi eAfrika naseAsia, abantu banesithakazelo esikhulu ezivakashini kangangokuthi balangazelela ukuthola izimpendulo zemibuzo enjengethi: Ungubani? Uhlalaphi? Ingabe ushadile? Ingabe unomkhaya? Ukuze unezele ebumnandini balelothuba, kuyisiko ukuba uyiphendule lemibuzo ngaphambi kokuchaza injongo yokuhambela kwakho. Ungabheki ukubingelela okunjalo njengokungadingekile, kodwa sebenzisa lesosikhathi ukuba umfunde lowomuntu futhi wakhe ukuthintana naye ngamehlo ngendlela ehloniphekile.
16. Imibuzo emihle ingaba kanjani esizayo ekulondolozeni ukukhulumisana nomninikhaya?
16 Sebenzisa imibuzo emihle ukuze ulondoloze ukukhulumisana nomninikhaya. Nakuba ubuso bomuntu bungembula okuthile, kudingeka ukuba kuqondwe akucabangayo nemizwa yakhe. Ukuze ufinyelele lokho, ungase ngobuciko usebenzise imibuzo ukuze uqhubezele umninikhaya ekubeni aveze imibono nemizwa yakhe. Ngokwesibonelo: Enye inkosikazi engenabantwana eyayinakekele kakhulu izilwane yasho lokhu ngokuhambela komunye uFakazi: “Engikukhumbulayo ngobuso bakhe obumamathekayo kwakuwukuthula. Ngahlabeka umxhwele. Lentokazi yangibuza ukuthi yini eyayingikhathaza kakhulu ngezimo emhlabeni. Ngayitshela ukuthi ngangikhathazwa indlela umuntu aphatha ngayo izilwane, futhi yangibonisa uIsaya 11:6-9 okhuluma ngezilwane ziphila ngokuthula kweqiniso. Ngafuna ukwazi okwengeziwe.”
17. Kungani kufanele uphaphamele okushiwo umninikhaya ngezimo zakhe?
17 Phaphamela okungase kushiwo umninikhaya ngezimo zakhe, ikakhulukazi ensimini ehlanganiswa njalo. Ngalendlela, ngisho nasengxoxweni emfushane, cishe uyothola okuthile okuphawulekayo ngalomuntu. Ngemva kokuphuma kuleyondlu, kuphawule kafushane ukwaziswa okunjalo embikweni wendlu ngendlu. Kodwa kuthiwani uma umninikhaya ephakamisa umbuzo ongenakukwazi ukuwuphendula? Khona-ke cwaninga ezincwadini zeWatch Tower Society ukuze uthole indlela engcono kakhulu yokuhlanganyela izindaba ezinhle nalowomuntu ekuhambeleni kwakho okulandelayo.
Isibonelo Sezithunywa Zevangeli
18. Izithunywa zevangeli nabanye bangafundani kuPawulu?
18 Phakathi kwalabo abenza konke ngenxa yezindaba ezinhle kunezithunywa zevangeli eziqeqeshwe eWatchtower Bible School of Gilead. Zingafunda kuPawulu, owayenomoya omuhle wobuthunywa bevangeli. Ngokwesibonelo, akafunanga ukuba necala ngezikhubekiso ezazingase zivimbele amaJuda nabeZizwe ekubeni bamukele iqiniso. Ngakho-ke, lomphostoli wayeqaphela ukuthi udlani futhi waxwayisa amaKristu aseKorinte ukuba axwaye ukuba ukusebenzisa igunya lawo lokudla ukudla okuthile kungabakhubekisi abanye. (1 Korinte 8:8, 9) KuyiNew Century Bible, uProfesa F. F. Bruce wathi: “Kuzo zonke izinto ezivulekele imibono ehlukahlukene (njengokudla okwakukhulunywa ngakho [kweyoku-1 Korinte] esahlukweni 8), [uPawulu] uzivumelanisa namasiko alabo anabo ngalesosikhathi, ukuze angabeki sikhubekiso endleleni ‘yokubazuzela’ evangelini.” (Roma 14:21) Ngokufanayo, izithunywa zevangeli zoFakazi BakaJehova azizami ukushintsha amasiko abantu abasezabelweni zazo nakuba abasanda kuthakazela benikezwa usizo olungokomoya ekwenzeni ushintsho oludingekile ukuze bathokozise uNkulunkulu.—Roma 12:1, 2.
19. Ekwenzeni abafundi, yiluphi ushintsho olungase ludingeke (a) kulabo abasemsebenzini wezithunywa zevangeli? (b) kubo bonke abamemezeli boMbuso?
19 Labo abaqalisayo esabelweni sezithunywa zevangeli kudingeka bafunde ngezindlela namasiko abantu. Lokhu kungokuhlangenwe nakho okucebisayo futhi kungasiza izithunywa zevangeli ukuba zibe eziphumelela ngokwengeziwe emsebenzini wazo wokushumayela. Eqinisweni, ukuze zigweme ukukhubekisa abanye, kungase kudingeke ukuba zenze ushintsho ezindabeni ezinjengokugqoka nokuzilungisa. Ngokwesibonelo, lapho omunye udade oyisithunywa sevangeli efika okokuqala eNtshonalanga Afrika, wathola ukuthi indlela ayesebenzisa ngayo izimonyo yayingamenza ahlanganiswe kalula nabesifazane abaziphethe ngokuxekethile kulesosifunda. Ngakho-ke, ukuze abanye bangazingabazi izisusa zakhe, ngokushesha washintsha indlela yakhe yokuzimonyonga. Yebo, bonke oFakazi BakaJehova kumelwe basebenzise ukwahlulela okuhle ekugqokeni nasekuzilungiseni ukuze basize abanye ngokomoya. AmaKristu, axwayiswa ukuba ‘angabekeli umzalwane isikhubekiso’ nokuba aphishekele izinto ezakhayo komunye nomunye, ngokuqinisekile awafuni ukukhubekisa noma ubani.—Roma 14:13, 19.
20. (a) Ngamafuphi, yini eyosisiza ukuba ‘senze konke ngenxa yezindaba ezinhle’? (b) Imiphi imibuzo esadinga ukuphendulwa?
20 Ukuphumelela njengabamemezeli boMbuso kuxhomeke ngokuyinhloko esibusisweni sikaJehova. (1 Korinte 3:6, 7) Nokho, kudingeka futhi senze umzamo. Ngakho yiba ngoqaphelisisayo, njengoba uPawulu ayenjalo enkonzweni yakhe. Sebenzisa ukuqonda, ukuba ocabangelayo, yenza abaninikhaya bakhululeke, futhi sebenzisa imibuzo emihle ukuze ulondoloze ukukhulumisana nabo. Zivumelanise namasiko angase abonakale engavamile kodwa angewona alahlwa imibhalo. Yebo, ‘masenzeni konke ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze sibe abazihlanganyela nabanye.’ (1 Korinte 9:23) Kodwa kwenzekani uma abanye kakade sebeyingxenye yobuzalwane bethu bobuKristu? Sibaphatha kanjani?
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Yini eyenziwa uPawulu ukuze asize amaJuda abe ngamaKristu?
◻ UPawulu wakufuna kanjani ukuzuza abeZizwe?
◻ Yiziphi ezinye izindlela zokuthuthukisa amakhono ethu okushumayela?
◻ Yisiphi isibonelo uPawulu asibekela izithunywa zevangeli nabanye abamemezeli boMbuso?