Isipho SikaNkulunkulu Somsebenzi Ezincekwini Zakhe
“Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifezé umsebenzi ongiphé wona ukuba ngiwenze.”—Johane 17:4.
1. Yini uJesu ayenza ngomsebenzi wakhe athunyelwa wona emhlabeni?
UJESU KRISTU, iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, uyinceku eyinhloko yoMdali wezulu nomhlaba. Lapho uJehova emthumela emhlabeni ngenjongo yokulwela ubukhosi baKhe bendawo yonke nokuhlawulela izwe lesintu, uJesu waba ngumuntu omangalisayo, ikakhulukazi esintwini. Lokhu kwabikezelwa kuIsaya 52:13, 14: “Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle; iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu. Njengalokhu abaningi bamangala ngayo—ubuso bayo babonakele kunobabantu, nesimo sayo kunesamadodana abantu.” Lomsebenzi ongavamile wawufeza ngokwethembeka, njengoba avuma emthandazweni wakhe kuJehova uNkulunkulu, ethi: “Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifezé umsebenzi ongiphé wona ukuba ngiwenze.” (Johane 17:4) Uyisibonelo kuzo zonke ezinye izinceku zikaNkulunkulu.
2. Singumfanekiso kaNkulunkulu ngayiphi ingqondo?
2 Amadoda nabesifazane banesidingo sokusebenza. Kungenxa yendlela esenziwa ngayo. “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze,” kusho uJehova uNkulunkulu ngesikhathi sokudala umuntu njengenceku yakhe emhlabeni. (Genesise 1:26) Lolufuzo alukhona ukufana okungokwenyama noNkulunkulu, ongumoya nongabonakali ngamehlo obuntu. Kunalokho, kusho ukuthi izimfanelo ezithile zikaNkulunkulu zanikezwa umuntu ophelele, izimfanelo ezinjengokwahlulela, ukuhlakanipha, uthando nezinye ezihlukanisa umuntu ezilwaneni eziphansi. Ukuthi lokhu kuwumbono oqondile kuboniswa abaseKolose 3:9, 10, lapho izinceku ezizinikezele zikaJesu Kristu zitshelwa khona ukuba zishintshe ubuntu bazo, ngalamazwi: “Khumulani ubuntu obudala kanye nezenzo zabo, nizembathise obusha, obenziwa-busha ngolwazi oluqondile ngokomfanekiso waLowo owabudalayo.” (NW)
3, 4. (a) Amazwi okuqala eBhayibheli abonisani ngoNkulunkulu? (b) Kungayiphi indlela aqabuleka ngayo ekuqedeni umsebenzi wakhe wokudala?
3 Esinye isici esiqhamileyo so“mfanekiso” kaNkulunkulu siwukuba yisisebenzi. UJehova unenkululeko ephelele yokwenza akuthandayo, futhi athanda ukukwenza umsebenzi. Amazwi okuvula eBhayibheli amethula kithi njengesisebenzi esingakhathali: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.” (Genesise 1:1) Lomsebenzi awuzange umshiye ekhathele: “UJehova unguNkulunkulu ongunaphakade; udalile imikhawulo yomhlaba; akapheli amandla, akakhathali.”—Isaya 40:28.
4 Ngakho-ke akunakuba ngomqondo wokuthi wayedinga ukuthola amandla ukuthi waphumula ekupheleni kosuku lwesithupha lokudala: “Ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.” (Eksodusi 31:17) UNkulunkulu akaphumulanga kuwo wonke umsebenzi, kodwa kuphela kulomsebenzi okhethekile wokudala. Ekuwuqedeni wacabanga ngokujulile ngawo futhi waphawula ukuthi wawumuhle kakhulu, ngokwezinga lakhe lokuphelela, futhi waqabuleka, waneliseka ngokufeza lomsebenzi owawusesimweni esiphakeme kakhulu. Ukubona lomsebenzi omuhle usuphelile kwakuyinjabulo nokwaneliseka nokuqabuleka kuJehova uMdali wakho konke. (Genesise 1:31; Johane 5:17) Kukho konke lokhu siyabona ukuthi abantu, abenziwa ngomfanekiso kaNkulunkulu, banesidingo esisegazini sokungabi yizisebenzi kuphela kodwa futhi sokuqabuleka ngomuzwa wokwaneliseka ngomsebenzi owenziwe kahle.
Isidingo Somuntu Somsebenzi Onenjongo
5. (a) UNkulunkulu uboniswa ukuthi uyini enye, nalokhu kubonisani? (b) Iyiphi incazelo eyingxenye yokuncipha kwezimiso ezinhle ngomsebenzi?
5 Ngokungaphezulu, uJehova unguNkulunkulu wenjongo futhi imisebenzi yakhe inenjongo. “UJehova wenzile konke kube-nomgomo wakho,” kuhlanganise nesintu. (IzAga 16:4) Ngakho-ke, kusobala ukuthi imisebenzi yomuntu kumelwe nayo ibe nenjongo. “Ukuzama ukuthola injongo ekuphileni kwakhe umuntu,” kubhala isazi sengqondo uViktor Frankl, “kungamandla ayinhloko ashukumisayo kumuntu. . . . Nginesibindi sokusho ukuthi, akukho lutho ezweni olungasiza umuntu ngokuphumelelayo ukuba asinde ngisho nasezimweni ezimbi kakhulu, njengokwazi ukuthi kunenjongo ekuphileni kwakhe.” Kodwa abaningi bakuthola kuyisicefe ukwenza into eyodwa emsebenzini wokuhlanganisa izingxenye zomkhiqizo othile abangenasithakazelo kuwo noma iqholo. Ilapho-ke ingxenye yempendulo ngokulahlekelwa yizimiso ezinhle ngomsebenzi—umsebenzi omningi namuhla uyehluleka ukuhlangabezana nesidingo somuntu esingokwengqondo senjongo nomuzwa wokufeza okuthile.
6. Imuphi umsebenzi onenjongo owanikezwa umuntu wokuqala ukuba awenze?
6 Njengoba yonke into uNkulunkulu ayenza kwakungenjongo ethile, umuntu wenziwa ngenjongo ethile. Wenziwa futhi wabekwa emhlabeni ukuba asebenze. Umsebenzi uNkulunkulu amnikeza wona wawunenjongo, uhilela ukusebenzisa kokubili ingqondo nezandla zakhe ngezindlela ezikhiqizayo. “UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edeni ukuba ayilime, ayigcine.” Umuntu ophelele wayezobusa “phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni,” futhi “uJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokho kube-ngamagama azo.”—Genesise 2:15; 1:26; 2:19.
7, 8. (a) Kungani umsebenzi enkonzweni kaNkulunkulu ungabizwa ngokufanele ngokuthi uyisipho esivela kuye? (b) Kungani imisebenzana yokuzilibazisa ihluleka ukungena esikhundleni somsebenzi?
7 UJehova wabela umuntu umsebenzi ofanele ukuze ajabule, athokoze futhi aneliseke. Umsebenzi wawuzogcwalisa ukuphila kwakhe, ususe noma yini eyayingaba yisithukuthezi noma isidina, futhi umnikeze umuzwa owanelisayo ngokuba nomsebenzi. Kwakuzoba umsebenzi onenjongo ngoba wabiwa uMdali womhlaba nendawo yonke, uNkulunkulu wenjongo uMninimandla onke. Ngaphandle kokuba izimfanelo zaphezulu ziye zavinjelwa, zakhutshazwa noma zama ndawonye ngenxa yokungasetshenziswa, njengoba kuvame ukwenzeka emsebenzini wokuziphilisa, isabelo somsebenzi esivela kuJehova sanikeza indoda yokuqala nowesifazane, uAdamu noEva, inkululeko yokusebenzisa amakhono abo. Futhi ngisho nangemva kokukhishwa komuntu ensimini yase-Edeni nangemva kokutshelwa ukuthi umsebenzi wawuzokwenziwa “ngezithukuthuku zobuso bakho,” kwakusengokwenzuzo yomuntu.—Genesise 3:19.
8 Ukucwaninga kwamuva kwesayensi kuqinisekisa iqiniso elingokomBhalo lokuthi umuntu wayenzelwe ukuba asebenze. Baye babonisa ukuthi iningi labantu asebegugile abanempilo enhle abafuni ukuyeka emsebenzini, lokho kuyeka ngokuvamile kuletha isithukuthezi esikhundleni senjabulo. Abacwaningi bakholelwa ukuthi umhlalaphansi wenza abantu abanesithukuthezi nabavilaphayo balahlekelwe isifiso sokuphila futhi eqinisweni kufinyeza isikhathi sabo sokuphila. Imisebenzana yokuzilibazisa ayisithathi isikhundla somsebenzi ngokwanelisayo ekuphileni kwabantu asebethathe umhlalaphansi. Imisebenzana yokuzilibazisa ingase ijabulise amahora ambalwa ngesonto njengoshintsho nokuphumula emsebenzini ovamile, kodwa inesidina uma seyenziwa isikhathi esigcwele. Bayehluleka ukusenza sibe nomuzwa wokuthi ukuphila kwethu kufeza injongo ewusizo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami. Akukho okuhle kumuntu kunalokhu kokuba adle, aphuze, abonise umphefumulo wakhe okuhle emshikashikeni wakhe, kepha nalokho ngakubona ukuthi kuvela esandleni sikaNkulunkulu.” Ngakho umsebenzi enkonzweni kaNkulunkulu uyisipho esivela kuNkulunkulu.—UmShumayeli 2:10, 24.
Isisebenzi Kumelwe Sijabulele Izithelo Zomsebenzi Waso
9, 10. (a) Imiphi imifanekiso ebonisa ukuthi umuntu kumelwe ajabulele izithelo zomsebenzi wakhe? (b) Ezikabani izikhalo uJehova azilalelayo?
9 UJehova akafuni ukuba umuntu ancishwe izithelo zomsebenzi wakhe. “Umlimi osebenzayo,” kubhala umphostoli uPawulu, “kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.” Kwenye indawo wachasisa lesisimiso saphezulu kabanzi, ngokuthi: “Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na? Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na? Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele. Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na? Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye.”—2 Thimothewu 2:6; 1 Korinte 9:7-10.
10 Ngisho nezilwane ezisebenzayo kwakumelwe zidle ezithelweni zomsebenzi wazo. Uma uJehova elondoloza izithakazelo zesilwane esisebenzayo, yeka ukuthi uyowusekela kakhulu kangakanani umgomo wezisebenzi ezingabantu! Eqinisweni, uyibonisa ngokukhanyayo inhloso yakhe yokwenza lokhu: “Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi-Sebawoti.”—Jakobe 5:4.
UJesu Nabalandeli Bakhe—Izisebenzi
11. UJesu wazizwa kanjani ngomsebenzi, futhi kungani kumelwe siwuthathe ngokuthi sína umbono wakhe ngawo?
11 UJesu uyisisebenzi kanye noYise wasezulwini uJehova. Wathi: “UBaba usebenza kuze kube-manje, nami ngiyasebenza.” (Johane 5:17) Wenza umsebenzi uJehova amabele wona. Uwenza lomsebenzi ngokuzinikela nangokuzithandela futhi ubonisa ukujabula ekuwenzeni. Uwuthola unika amandla, wanelisa futhi uqabula njengokudla. Eqinisweni, lokho kwabonakala kunjalo ngokwengeziwe ngoba ngesinye isikhathi lapho abafundi bakhe bemncenga ukuba adle, waphendula: “Ukudla kwami kungukwenza intando yongithumileyo, ngifezé umsebenzi wakhe.” (Johane 4:34) Injabulo yokufeza okuthile yayiyomqabula ekupheleni komsebenzi, idambise noma yikuphi ukukhathala imshiye anelisekile futhi enamile. Labo abathi bangamaKristu kumelwe bayithathe ngokungathi sína lenkambo nesimo sengqondo sikaKristu Jesu. Kungani kunjalo? Kungoba iBhayibheli libonisa ukuthi uKristu wanishiyela “isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.”—1 Petru 2:21.
12, 13. (a) Imuphi umfanekiso obonisa ukuthi kufanelekile ukuncoma izisebenzi ezinhle, futhi imuphi umvuzo ezawunikezwa? (b) Yini eyenzeka encekwini evilaphayo? (c) Iyini injongo yamaholide?
12 UJesu wabonisa ngomfanekiso ukuthi umsebenzi unomphumela wenjabulo. Indoda ethile yathatha uhambo olude. Yabiza izinceku zayo futhi yazabela izimpahla zayo ngokwamakhono azo ahlukene. Ayizange icele okwengeziwe kunamakhono azo, kodwa yalindela ukuba zikhiqize ngokwamakhono azo. Ngemva kwesikhathi eside ingekho yabuya ukuze izothola inzuzo. Owayenikezwe amatalenta amahlanu wawaphinda kabili, owayenikezwe amabili wawaphinda kabili, kodwa owayenikezwe elilodwa akenzanga lutho ngalo. Izisebenzi ezimbili ezikhuthele zavuzwa kanjani? Ngeholide? Qha, kodwa, kunalokho, ngomsebenzi owengeziwe! Inkosi yancoma ngamunye, ithi, “Kuhle, nceku enhle nethembekileyo,” yabe isenezela: “Uthembekile ezintweni eziyingcosana; ngizakukubeka phezu kokuningi; ngena ekuthokozeni kwenkosi yakho.” Intokozo yenkosi yayikulomsebenzi, futhi ngokuthola okwengeziwe kokwenziwa lezizinceku ezikhuthele zangena ngokugcwele entokozweni yayo. Kodwa kuthiwani ngenceku evilaphayo? Isinqumo sasiwukuthi: “Mamukeni italenta, nilinike onamatalenta ayishumi.”—Mathewu 25:14-30.
13 Manje inceku evilaphayo yayingase ‘izilovele’ nje. Kodwa yayijabula? Cha, yagcina ngoku“khala nokugedla amazinyo.” Ukuze sijabule sidinga umsebenzi owusizo. Nokho, siyazidinga futhi izikhathi zokuphumula. Ngokungafani noJehova, siyakhathala. Kodwa ngemva kokuba ukuphumula sekuye kwabuyisela amandla ethu omzimba nawemizwa futhi kwavuselela umoya wethu, siwulungele umsebenzi owengeziwe—eqinisweni, silangazelela ukubuyela emsebenzini. Lokhu kunjalo ngaphandle kokuba umsebenzi udina futhi uphindaphinda into eyodwa, ungenanjongo esisebenzini, njengemisebenzi eminingi yokuziphilisa namuhla.
14. Inkambo yokufuna izinto ezibonakalayo inayiphi inzuzo ehlala njalo?
14 Kodwa ngaphezu komsebenzi ongathakazelisi obangela ukuncipha kwenkambo enhle ngomsebenzi, abaningi namuhla babanjwe izinto ezibonakalayo. Kodwa, kunayiphi inzuzo engapheliyo ukuqongelela izinto ezibonakalayo ngaphezu kwezidingo ezifanele? Njengoba abanamuhla besho, “Ngeke uhambe nazo.” USolomoni wakusho ngokufanayo: “Njengalokho aphuma esizalweni sikanina, uyakubuye amuke, ahambe-ze njengasekufikeni kwakhe, engatholi-lutho ngomshikashika wakhe, ahambe nalo esandleni sakhe. Nalokho kungububi obudabukisayo ukuthi uyamuka kukho konke njengokufika kwakhe; unanzuzoni ukuthi ushikashikele umoya na?”—UmShumayeli 5:15, 16.
15. Abanye baye babambeka kuziphi izinto eziyize?
15 Abanye bazifaka ezeni leze: ukusebenzela “ukuba njengabakwaSibanibani.” Noma ngokuvamile, ukuze badlule abakwaSibanibani. USolomoni wathi: “Ngiye ngabona ukuthi kungani umuntu esebenza kanzima ukuze aphumelele.” “Kungenxa yomhawu ngezinto umakhelwane anazo.” Noma, “kusho umbango ngomunye.” (UmShumayeli 4:4; Today’s English Version; NW) Ngempela ukuphila nemisebenzi yababi kuyize leze: “Ngokuba niyakuba-njengeoki elimaqabunga alo abunile, nanjengensimu engenamanzi. Abanamandla bayakuba-njengefilakisi, nemisebenzi yabo njengenhlansi; bayakusha bobabili kanyekanye, akuyikubakho ocimayo.”—Isaya 1:30, 31.
Umsebenzi Owenamisayo Ongaphambili
16. Imuphi umsebenzi owanelisayo osengaphambi kwesintu esilalelayo?
16 Umsebenzi wabantu emhlabeni awuyikuba ukusukela umoya ngaso sonke isikhathi. Uyoba onenjongo njengalowo ekuqaleni owabelwa abantu bokuqala ababili e-Edeni. Injongo kaJehova yokuba umhlaba ube yipharadesi lembulunga elinakekelwa izidalwa ezilungile ezingabantu iyofezwa. (Isaya 55:11) Umbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu uyobusa phezu kwabantu abanjalo abaphelele basemhlabeni. Ukuphila kulesosimiso esisha akuyikuba nesidina noma okukhathazayo, ngoba kuyoba nomsebenzi omningi wokwenziwa—hhayi umsebenzi ongasizi ngalutho noyize walelizwe elidala owenza isonto lomsebenzi libe ngelicobayo futhi wenze abantu bakhulume ngokuqala kwalo njenge“Blue Monday.” Qha, kuyoba umsebenzi othakazelisayo nohehayo wokuhlobisa umhlaba, nokuphatha ngothando izilwane, ukukhulisa abantwana, nokufundisa abavusiwe, kuze kube yilapho umhlaba sewugcwaliswe ngesizwe sokulunga neziningi ezinye izinjabulo ezingacabangeki. Khona-ke abantu abamatasatasa ‘bayowujabulela isikhathi eside umsebenzi wezandla zabo futhi uyakugugela kubo.’—Isaya 65:22.
17. Yini ebonisa ukuthi ukuphila akuyikuba nesithukuthezi ngoba sesifunde konke futhi senza konke?
17 Ngaphandle kwemisebenzi yezandla kuyoba nezinkinga ezihilela imiqondo ephelele, ukusebenzisa amakhono okucabanga ngokugcwele. Isintu asinakukwazi konke, ngoba “umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube-sekupheleni.” “Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!” (UmShumayeli 3:11; Roma 11:33) Ngaso sonke isikhathi kuyoba nezinselele ezintsha nezimfihlakalo okuyodingeka ziphenywe futhi kuchushwe kuzo. Nakuba izinceku zikaJehova ziyophila phakade, ubuphakade ngokwabo ngeke neze banele ukuba zifunde konke okukhona ukuba zazi ngomhlaba nendawo yonke uJehova ayidalile.
18. Yini okumelwe yandulele ukuhlanganyela kwethu isipho SikaNkulunkulu somsebenzi emhlabeni oyipharadesi?
18 Nokho, ngaphambi kokuba lowomsebenzi owenamisayo ube yisabelo sethu, kusenomsebenzi okumelwe siwenze ukuze uqinisekise ukufinyelela kwethu lapho ukuze sibe yingxenye yalowomhlaba oyipharadesi. Manje sekuyindaba yokuphila nokufa ngathi ukuba sifunde ukuthi lowomsebenzi obalulekile uyini.
□ Kudingeke ngani ukuba abantu basebenze?
□ Kungayiphi ingqondo ukuthi uJehova waphumula ngemva kokwenza amazulu nomhlaba?
□ Imuphi umsebenzi onenjongo uNkulunkulu awunikeza umuntu ukuba awenze ekuqaleni?
□ Kungani kungathiwa nakuba umuntu esesimweni sokungapheleli umsebenzi umlungele?
□ Yini ebonisa ukuthi abantu babedalelwe ukujabulela izithelo zemisebenzi yabo?
□ UJesu wasibonisa kanjani isimo sakhe ngomsebenzi?
□ Yimuphi umsebenzi omuhle olindele izinceku zikaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 17]
UNkulunkulu wanikeza umuntu umsebenzi onenjongo ukuba awenze