Ungakhuthazela Kuze Kube Sekupheleni
“Masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu.”—HEBERU 12:1.
1, 2. Kusho ukuthini ukukhuthazela?
UMPHOSTOLI UPAWULU wabhalela amaKristu ekhulu lokuqala angamaHeberu: “Ninesidingo sokukhuthazela.” (Heberu 10:36) Egcizelela ukubaluleka kwale mfanelo, umphostoli uPetru naye wanxusa amaKristu: “Nezelani okholweni lwenu . . . ukukhuthazela.” (2 Petru 1:5, 6) Kodwa kuyini ngempela ukukhuthazela?
2 Isichazamazwi sesiGreki nesiNgisi sichaza isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “khuthazela” ngokuthi “qhubeka ukhona kunokuba ubaleke . . . yima uqinile, zimelela.” Ngokuphathelene nebizo lesiGreki elisho “ukukhuthazela,” enye incwadi ithi: “Kuwumoya ongabekezelela izinto, hhayi ngokuzidela amathambo nje, kodwa ngethemba elivuthayo . . . Kuyimfanelo egcina umuntu eqinile phakathi nesikhathi esinzima. Kuwubuhle obungaguqula uvivinyo olunzima kunalo lonke lube inkazimulo ngenxa yokuthi ngalé kobuhlungu kubona umgomo.” Khona-ke ukukhuthazela kwenza umuntu akwazi ukuma eqinile lapho ebhekene nezithiyo kanye nobunzima, angaphelelwa ithemba. Obani ngokukhethekile okudingeka babe nale mfanelo?
3, 4. (a) Obani okudingeka bakhuthazele? (b) Kungani kumelwe sikhuthazele kuze kube sekupheleni?
3 Wonke amaKristu asemncintiswaneni ongokomfanekiso odinga ukukhuthazela. Cishe ngonyaka ka-65 C.E., umphostoli uPawulu wabhalela uThimothewu isisebenzi esikanye naye, esasihamba naye ngokwethembeka, la mazwi aqinisekisayo: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.” (2 Thimothewu 4:7) Ngamazwi athi “ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda,” uPawulu wayeqhathanisa ukuphila kwakhe njengomKristu nomncintiswano, onebanga nendawo okugcinwa kuyo. Ngaleso sikhathi, uPawulu wayesezowunqoba lo mncintiswano, futhi wayebheke phambili ngokuqiniseka ekwamukeleni umvuzo. Waqhubeka wathi: “Kusukela kulesisikhathi kuqhubeke ngigcinelwe umqhele wokulunga, lowo iNkosi, umahluleli olungileyo, eyonginika wona njengomvuzo ngalolosuku.” (2 Thimothewu 4:8) UPawulu wayeqiniseka ukuthi wayeyothola umvuzo ngenxa yokuthi wayekhuthazele kwaze kwaba sekupheleni. Kuthiwani ngathi?
4 Ukuze akhuthaze labo abaye bangenela lo mncintiswano, uPawulu wabhala: “Masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu.” (Heberu 12:1) NjengamaKristu, singenela lo mncintiswano wokukhuthazela lapho sizinikezela kuJehova uNkulunkulu ngoJesu Kristu. Kubalulekile ukuba nesiqalo esihle kulo mncintiswano wokuba umfundi, kodwa okusemqoka ukuba ekugcineni siwuqede lo mncintiswano. UJesu wathi: “Lowo oye wakhuthazela kwaze kwaba sekupheleni nguye oyosindiswa.” (Mathewu 24:13) Umklomelo ozotholwa yilabo abawuqeda ngempumelelo lo mncintiswano uwukuphila okumi phakade! Ngakho, njengoba sinomgomo esicabanga ngawo, kumelwe sikhuthazele kuze kube sekupheleni. Yini eyosisiza ukuba sifinyelele lowo mgomo?
Kumelwe Sondleke Ngokufanele
5, 6. (a) Ukuze sikhuthazele emncintiswaneni wokuphila, yini okumelwe siyinake? (b) Yimaphi amalungiselelo angokomoya okumelwe siwasebenzise, futhi ngani?
5 Endulo, eduze nomuzi waseKorinte, eGrisi, kwakunendawo okwakudlalelwa kuyo iMidlalo Yase-Isthmus edumile. Akungabazeki ukuthi uPawulu wayeqaphela ukuthi abazalwane baseKorinte babejwayelene nale mincintiswano yezemidlalo neminye eyayiba lapho. Esebenzisa lolo lwazi lwabo, wabakhumbuza ngomncintiswano wokuphila ababewungenele, ethi: “Anazi yini ukuthi emncintiswaneni abagijimi bagijima bonke, kodwa munye kuphela owamukela umklomelo? Gijimani ngendlela yokuba niwufinyelele.” UPawulu wagcizelela ukubaluleka kokuqhubeka besemncintiswaneni nokuphokophela phambili baze bafinyelele ekupheleni. Kodwa yini eyayizobasiza ukuba benze kanjalo? Wanezela: “Wonke umuntu onengxenye emncintiswaneni ubonisa ukuzithiba ezintweni zonke.” Yebo, labo ababeba nengxenye emidlalweni yasendulo babeziqeqesha kanzima, bekuqaphelisisa abakudlayo nabakuphuzayo, belawula zonke izinto abazenzayo ukuze banqobe.—1 Korinte 9:24, 25.
6 Kuthiwani ngomncintiswano amaKristu awungenele? Omunye umdala ebandleni loFakazi BakaJehova wathi: “Kudingeka unake ukondliwa kwakho okungokomoya ukuze ukhuthazele emncintiswaneni wokuphila.” Cabangela ukudla okungokomoya uJehova, “uNkulunkulu onika ukukhuthazela,” aye wasilungiselela kona. (Roma 15:5) Umthombo oyinhloko wokondliwa okungokomoya yiZwi lakhe, iBhayibheli. Akufanele yini silondoloze isimiso esihle sokufunda iBhayibheli? ‘Ngesigqila esikholekile nesiqondayo,’ uJehova uye walungiselela nomagazini abafika ngesikhathi INqabayokulinda ne-Phaphama! kanye nezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini. (Mathewu 24:45) Ukuzifunda ngenkuthalo lezi zincwadi kuyosiqinisa ngokomoya. Yebo, kumelwe sizinike isikhathi—‘sithengisise ithuba’—lesifundo somuntu siqu.—Efesu 5:16.
7. (a) Kungani kungafanele saneliswe ukwazi nje izimfundiso eziyisisekelo zobuKristu? (b) ‘Singaphokophelela’ kanjani ‘ekuvuthweni’?
7 Ukuze sihlale emncintiswaneni wokuba abafundi abangamaKristu, kudingeka sidlulele ngalé ‘kwemfundiso yokuqala’ futhi “siphokopheleleni ekuvuthweni.” (Heberu 6:1) Ngakho kumelwe sibe nesithakazelo ekwazini “ububanzi nobude nokuphakama nokujula” kweqiniso futhi sizondle ‘ngokudla okuqinile kwabantu abavuthiwe.’ (Efesu 3:18; Heberu 5:12-14) Ngokwesibonelo, cabangela ukulandisa okunokwethenjelwa kokuphila kukaJesu kwasemhlabeni—iVangeli likaMathewu, likaMarku, likaLuka nelikaJohane. Ngokutadisha ngokucophelela lokhu kulandisa kwamaVangeli, ngeke sigcine ngokwazi izenzo ezenziwa uJesu nohlobo lomuntu ayeyilo kodwa siyoqonda nendlela yokucabanga eyamshukumisela ezenzweni azenza. Kanjalo ‘singaba nomqondo kaKristu.’—1 Korinte 2:16.
8. Imihlangano yobuKristu isisiza kanjani ukuba sikhuthazele emncintiswaneni wokuphila?
8 UPawulu wayala ayekholwa nabo: “Masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye, njengoba abanye benaleyonkambiso, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” (Heberu 10:24, 25) Yeka indlela imihlangano yobuKristu ewumthombo wesikhuthazo ngayo! Futhi yeka indlela okuqabula ngayo ukuba nabafowethu nodadewethu abanesithakazelo kithi nabafuna ukusisiza ukuba sikhuthazele kuze kube sekupheleni! Asikwazi ukulithatha kalula leli lungiselelo lothando elivela kuJehova. Ngesifundo somuntu siqu esenziwa ngenkuthalo nokuba khona njalo emhlanganweni, “[masibe] abakhule ngokugcwele emandleni okuqonda.”—1 Korinte 14:20.
Izibukeli Ezisikhuthazayo
9, 10. (a) Izibukeli zingaba kanjani umthombo wesikhuthazo emncintiswaneni wokukhuthazela? (b) Liyini ‘ifu elikhulu lofakazi elisihaqile’ okukhulunywa ngalo kumaHeberu 12:1?
9 Nokho, kungakhathaliseki ukuthi umgijimi uzilungiselele kahle kangakanani, endleleni kungase kwenzeke izinto ezithile ezingamenza abe madolo-nzima. UPawulu wabuza: “Nanigijima kahle. Ubani onithiyile ukuba ningaqhubeki nilalela iqiniso?” (Galathiya 5:7) Ngokusobala, abathile emaKristwini aseGalathiya bajwayelana nabantu ababi, futhi ngenxa yalokho, baphazamiseka emncintiswaneni wabo wokuphila. Ngakolunye uhlangothi, ukusekela nesikhuthazo sabanye kungenza kube lula kakhudlwana ukukhuthazela emncintiswaneni. Lokhu kufana kakhulu nethonya izibukeli emdlalweni ezingaba nalo kulabo abanengxenye. Izihlwele ezibongela ngenjabulo zandisa umoya ovusa amadlingozi owenza labo abasemncintiswaneni babe nomdlandla kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni. Ukubongela kwezibukeli, ngokuvamile okuhlangene nokuculela phezulu nehlombe, kunganika abanengxenye isikhuthazo esengeziwe abasidingayo njengoba sebefinyelela entanjeni. Ngempela, izibukeli ezinozwela zingaba nethonya elihle kulabo abasemncintiswaneni.
10 Emncintiswaneni wokuphila amaKristu awungenele, zingobani izibukeli? Ngemva kokubala ofakazi bakaJehova abathembekile bangaphambi kobuKristu, njengoba belotshwe esahlukweni se-11 seyamaHeberu, uPawulu wabhala: “Ngakho-ke, ngenxa yokuthi sinefu elikhulu kangaka lofakazi elisihaqile, . . . masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu.” (Heberu 12:1) Lapho esebenzisa isingathekiso sefu, uPawulu akazange asebenzise igama lesiGreki elichaza ifu elicace kahle elinobukhulu nesimo esiqondile. Kunalokho, wasebenzisa lelo ngokomlobi wesichazamazwi uW. E. Vine “elisho ifu elimnyama nelingabumbekile kahle elisibekele amazulu.” Ngokusobala, uPawulu wayecabanga ngesixuku esikhulu sofakazi—esikhulu kangangokuthi sasinjengefu.
11, 12. (a) Ofakazi abathembekile bangaphambi kobuKristu bangasibongela kanjani ngendlela engokomfanekiso, ukuze sigijime ngokukhuthazela emncintiswaneni? (b) Singazuza kanjani ngokugcwele ‘efwini elikhulu lofakazi’?
11 Ingabe ofakazi abathembekile bangaphambi kobuKristu bangaba izibukeli ezingokoqobo zosuku lwanamuhla? Akunakwenzeka. Bonke balele ekufeni, balinde uvuko. Nokho, bona ngokwabo baba abagijimi abaphumelelayo ngesikhathi besaphila, futhi izibonelo zabo zisekhona emakhasini eBhayibheli. Lapho sitadisha imiBhalo, laba bantu abathembekile bangaphila ezingqondweni zethu futhi bangasibongela ngendlela engokomfanekiso, ukuze sigijime kuze kube sekupheleni.—Roma 15:4.a
12 Ngokwesibonelo, lapho silingwa amathuba ezwe, ukucabangela indlela uMose ayenqaba ngayo inkazimulo yaseGibithe, ngeke yini kusikhuthaze ukuba siqhubeke emncintiswaneni? Uma isilingo esibhekene naso sibonakala sinzima, ukukhumbula uvivinyo olunzima u-Abrahama abhekana nalo lapho ecelwa ukuba anikele ngendodana yakhe u-Isaka, ngokuqinisekile kuyosikhuthaza ukuba singayeki emncintiswaneni wokholo. Izinga ‘lelifu elikhulu’ lalab’ ofakazi elisikhuthaza ngayo ngale ndlela lixhomeke ekutheni sibabona ngokucace kangakanani ngamehlo ethu okuqonda.
13. OFakazi BakaJehova banamuhla basikhuthaza kanjani emncintiswaneni wokuphila?
13 Singungwe nawoFakazi BakaJehova abaningi kakhulu osukwini lwanamuhla. Yeka izibonelo ezinhle zokholo amaKristu agcotshiwe kanye nabesilisa nabesifazane ‘besixuku esikhulu’ abaye basibekela zona! (IsAmbulo 7:9) Singafunda izindaba zokuphila kwabo ngezikhathi ezithile kulo magazini nakwezinye izincwadi ze-Watch Tower Society.b Lapho sicabanga ngokholo lwabo, sikhuthazwa ukuba sikhuthazele kuze kube sekupheleni. Futhi yeka indlela okukuhle ngayo ukusekelwa abangane abaseduze nezihlobo, nabo abakhonza uJehova ngokwethembeka! Yebo, kunabaningi abasikhuthazayo kulo mncintiswano wokuphila.
Zibekele Ngokuhlakanipha Ijubane Ozogijima Ngalo
14, 15. (a) Kungani kubalulekile ukulibeka ngokuhlakanipha ijubane esigijima ngalo? (b) Kungani kufanele sibe nengqondo lapho sizibekela imigomo?
14 Lapho egijima emncintiswaneni webanga elide, umgijimi kumelwe azibekele ngokuhlakanipha ijubane azogijima ngalo. “Ukuqala ukugijima ngejubane elikhulu ngokweqile kungenza ungaphumeleli,” kusho umagazini i-New York Runner. “Cishe kungaphumela ekudonseni kanzima isikhathi eside emakhilomitheni okugcina noma ukuyeka.” Umgijimi othile womncintiswano webanga elide uyakhumbula: “Isikhulumi sasekilasini engangifunda kulo lapho ngizilungiselela umncintiswano saxwayisa ngokucacile: ‘Ungalweli ukugijima kanye nabagijimi abanejubane. Gijima ngejubane lakho. Uma kungenjalo uzokhathala futhi kungenzeka kudingeke uyeke.’ Ukulalela lesi seluleko kwangisiza ukuba ngiwuqede umncintiswano.”
15 Emncintiswaneni wokuphila, izinceku zikaNkulunkulu kumelwe zizikhandle ngamandla. (Luka 13:24) Nokho, umfundi uJakobe wabhala: “Ukuhlakanipha okuvela phezulu . . . kunengqondo.” (Jakobe 3:17) Nakuba isibonelo esihle sabanye singase sisikhuthaze ukuba senze okwengeziwe, ukuba nengqondo kuyosisiza ukuba sizibekele imigomo efinyelelekayo ngokuvumelana nalokho esingakwazi ukukwenza nezimo zethu. ImiBhalo iyasikhumbuza: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa, hhayi ngokuziqhathanisa nomunye umuntu. Ngoba yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.”—Galathiya 6:4, 5.
16. Ukuthobeka kusisiza kanjani ekuzibekeleni izinga esisebenza ngalo?
16 KuMika 6:8, sibuzwa nawu umbuzo oshukumisa ingqondo: “UJehova ufunani kuwe, . . . [kungekhona ukuba] uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?” Ukuthobeka kuhlanganisa ukuqaphela ukulinganiselwa kwethu. Ingabe ukuwohloka kwempilo noma ukukhula ngeminyaka kuyasilinganisela kulokho esingakwenza enkonzweni kaNkulunkulu? Masingadangali. UJehova wamukela imizamo neminikelo yethu ‘ngokwalokho esinakho, hhayi ngokwalokho esingenakho.’—2 Korinte 8:12; qhathanisa noLuka 21:1-4.
Gcina Amehlo Akho Esemklomelweni
17, 18. Ukugcinani engqondweni okwasiza uJesu ukuba akhuthazelele isigxobo sokuhlushwa?
17 Lapho etshela amaKristu aseKorinte ngesidingo sokukhuthazela emncintiswaneni wokuphila, uPawulu wabala nesinye isici seMidlalo Yase-Isthmus okwakufanele asinake. Ngokuphathelene nalabo ababeba nengxenye kuleyo midlalo, uPawulu wabhala: “Manje, yiqiniso, bona [bagijima] ukuze bathole umqhele owonakalayo, kodwa thina ongonakaliyo. Ngakho-ke, indlela engigijima ngayo akuyona engaqinisekile; indlela engiqondisa ngayo amagalelo ami ingeyokuba ngingashayi umoya.” (1 Korinte 9:25, 26) Kuleyo midlalo yasendulo, umklomelo wokunqoba wawuwumqhele wezimbali, owenziwe nge-pine noma ngezinye izitshalo, noma ngisho nange-celery eyomisiwe yasendle—‘kwakuwumqhele owonakalayo’ ngempela. Nokho, yini ezotholwa amaKristu akhuthazela kuze kube sekupheleni?
18 Ebhekisela eSibonelweni sethu, uJesu Kristu, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.” (Heberu 12:2) UJesu wakhuthazela kwaze kwaba sekugcineni kokuphila kwakhe kobuntu ngokubheka ngalé kwesigxobo sokuhlushwa, emvuzweni wakhe, ohlanganisa injabulo anayo ngokuba nengxenye ekungcweliseni igama likaJehova, ekuhlengeni umkhaya wesintu ekufeni nasekubuseni njengeNkosi noMpristi Ophakeme lapho ebuyisela isintu esilalelayo ekuphileni okungenasiphelo emhlabeni oyipharadesi.—Mathewu 6:9, 10; 20:28; Heberu 7:23-26.
19. Yini okufanele sigxilise amehlo ethu kuyo njengoba sisemncintiswaneni wokuba abafundi abangamaKristu?
19 Cabangela injabulo ebekwe phambi kwethu njengoba sisemncintiswaneni wokuba abafundi abangamaKristu. UJehova uye wasinika umsebenzi owanelisa ngokujulile wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokudlulisela kwabanye ulwazi lweBhayibheli olusindisa ukuphila. (Mathewu 28:19, 20) Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuthola othile onesithakazelo kuNkulunkulu weqiniso nokumsiza angene emncintiswaneni wokuphila! Kungakhathaliseki ukuthi abantu esishumayela kubo basabela kanjani, kuyilungelo ukuhlanganyela kulo msebenzi ohlobene nokungcweliswa kwegama likaJehova. Lapho sikhuthazela enkonzweni naphezu kokunganaki nokuphikisa kwalabo abasensimini esishumayela kuyo, siyajabula ngenxa yokuthi senza inhliziyo kaJehova ijabule. (IzAga 27:11) Futhi usithembisa umvuzo omkhulu owukuphila okumi phakade. Yeka ukuthi lokho kuyojabulisa kanjani! Kudingeka sihlale sinombono walezi zibusiso futhi siphikelele emncintiswaneni.
Njengoba Ukuphela Kusondela
20. Umncintiswano wokuphila uba nzima kanjani nakakhulu njengoba uya ngasekupheleni?
20 Emncintiswaneni wokuphila, kudingeka silwe nesitha sethu esikhulu, uSathane uDeveli. Njengoba sisondela esiphelweni, uzama ngokungayeki ukusikhuba noma asenze sehlise ijubane. (IsAmbulo 12:12, 17) Futhi akulula ukuqhubeka singabamemezeli boMbuso abazinikezele nabathembekile ngenxa yezimpi, indlala, izifo eziwumshayabhuqe kanye nabo bonke ubunzima obuphawula ‘isikhathi sokugcina.’ (Daniyeli 12:4; Mathewu 24:3-14; Luka 21:11; 2 Thimothewu 3:1-5) Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi isiphelo singase sibonakale sikude kunalokho ebesikulindele, ikakhulukazi uma sesinamashumi eminyaka sawungenela lo mncintiswano. Nokho, iZwi likaNkulunkulu liyasiqinisekisa ukuthi ukuphela kuzofika. UJehova uthi ngeke kwephuze. Ukuphela sekuseduze.—Habakuki 2:3; 2 Petru 3:9, 10.
21. (a) Yini eyosiqinisa njengoba siqhubeka emncintiswaneni wokuphila? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza njengoba isiphelo sisondela nakakhulu?
21 Khona-ke ukuze siphumelele kulo mncintiswano wokuphila, kumelwe sithole amandla kulokho uJehova aye wasilungiselela kona ngothando ukuze sondleke ngokomoya. Futhi siyazidinga zonke izikhuthazo esingazithola ngokuhlangana njalo nalabo esikholwa nabo, nabo abagijima kulo mncintiswano. Ngisho noma ushushiso olunzima noma izinto ezenzeka ngokungalindelekile zingenza umncintiswano wethu ube nzima nakakhulu endleleni, singakhuthazela kuze kube sekupheleni ngoba uJehova unikeza “amandla angaphezu kwavamile.” (2 Korinte 4:7) Yeka ukuthi kuqinisekisa kanjani ukwazi ukuthi uJehova ufuna sinqobe kulo mncintiswano! Ngokuzimisela okukhulu, “masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu,” siqiniseka ngokugcwele ukuthi “ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—Heberu 12:1; Galathiya 6:9.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo ephathelene neyamaHeberu 11:1–12:3, bheka INqabayokulinda ka-January 15, 1987, amakhasi 10-20.
b Izibonelo zamuva zalokho okuhlangenwe nakho okukhuthazayo zingatholakala kuyi-Nqabayokulinda ka-June 1, 1998, amakhasi 28-31; September 1, 1998, amakhasi 24-8; February 1, 1999, amakhasi 25-9.
Uyakhumbula?
◻ Kungani kumelwe sikhuthazele kuze kube sekupheleni?
◻ Yimaphi amalungiselelo kaJehova okungafanele siwashaye indiva?
◻ Kungani kubalulekile ukuzibekela ngokuhlakanipha izinga esizosebenza ngalo?
◻ Iyiphi injabulo ebekwe phambi kwethu njengoba siqhubeka emncintiswaneni?
[Isithombe ekhasini 18]
Thola isikhuthazo emihlanganweni yobuKristu