Umatasa Emisebenzini Efile Noma Enkonzweni KaJehova?
“NGIYAXOLISA, ngimatasa.” Lena enye yezindlela zokuvimba ingxoxo oFakazi BakaJehova abahlangabezana nazo njengoba beshumayela obala izindaba ezinhle zoMbuso. (Mathewu 24:14) Futhi nakuba ukusabela kokuthi “ngimatasa” ngezinye izikhathi kumane nje kuyizaba ezisetshenziswayo, iqiniso liwukuthi abantu abaningi bamatasa. Babanjwa cishe ngokuphelele “iminako yalesisikhathi”—ukucindezela kokuphila, ukukhokha izikweletu, ukuya nokubuya emsebenzini, ukukhulisa abantwana, ukunakekela ikhaya, imoto, nezinye izinto abanazo.—Mathewu 13:22.
Nokho, nakuba abantu bengase babe matasa ngempela, bambalwa abenza imisebenzi enenzuzo ngempela noma ekhiqizayo. Kunjengoba indoda ehlakaniphile uSolomoni yake yabhala: “Umuntu unanzuzoni yawo wonke umshikashika wakhe nokukhandleka kwenhliziyo yakhe akushikashikile phansi kwelanga na? Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe ulusizi; yebo, nasebusuku inhliziyo yakhe ayiphumuli; nalokho kuyize.”—UmShumayeli 2:22, 23.
IBhayibheli libiza futhi imisebenzi enjalo eyize ngokuthi ‘imisebenzi efileyo.’ (Heberu 9:14) Ingabe imisebenzi enjalo iyakubusa ukuphila kwakho? Lokhu kufanele ukukhathalele kakhulu njengomKristu, njengoba uNkulunkulu ‘eyophindisela umuntu njengokwenza kwakhe.’ (IHubo 62:12) Futhi njengoba “isikhathi sesinciphile,” kufanele sikukhathalele ngokukhethekile ukuba singachithi isikhathi ngemisebenzi efile. (1 Korinte 7:29) Kodwa iyini ngempela imisebenzi efile? Kufanele siyibheke kanjani? Futhi singaqiniseka kanjani ukuthi simatasa ngemisebenzi ezuzisa ngempela?
Ukubona Imisebenzi Efile
KumaHeberu 6:1, 2, uPawulu wabhala: “Ngakho-ke masidlule esifundisweni [esiyinhloko, NW] ngoKristu, siqhubekele kokupheleleyo, singabuyi sibeke isisekelo sokuphenduka emisebenzini efileyo, nokukholwa nguNkulunkulu, nesifundiso sombhapathizo nokubeka izandla, nokuvuka kwabafileyo nokwahlulelwa okuphakade.” Phawula ukuthi ‘isifundiso esiyinhloko’ sasihlanganisa ‘nokuphenduka emisebenzini efileyo.’ NjengamaKristu, abafunda incwadi kaPawulu base bephendukile kakade emisebenzini enjalo efileyo. Ngayiphi indlela?
Ngaphambi kokwamukela uKristu, abanye ekhulwini lokuqala leminyaka babehlanganyela ‘emisebenzini yenyama,’ okungukuthi, “ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha,” nezinye izenzo eziyichilo. (Galathiya 5:19-21) Uma inganakwa, imisebenzi enjalo yayiyoholela ekufeni kwabo okungokomoya. Nokho, ngesihe lawomaKristu ayeyilahlile inkambo yawo ebhubhisayo, aphenduka, futhi “ahlanzwa.” Ngakho ajabulela ukuma okuhlanzekile phambi kukaJehova.—1 Korinte 6:9-11.
Nokho, akuwona wonke amaKristu ayedinga ukuphenduka emisebenzini emibi noma engcolile. Incwadi kaPawulu yayibhalelwe ngokuyinhloko amaJuda akholwayo, amaningi awo ngokungangabazeki ayebambelele ngokuqinile eMthethweni kaMose ngaphambi kokwamukela uKristu. Kukumiphi-ke imisebenzi efile ababephenduke kuyo? Ngokuqinisekile kwakungekho okubi ngokulandela kwabo imicikilisho nezimfuneko zokudla zoMthetho. Akulona yini iqiniso ukuthi uMthetho ‘wawungcwele, ulungile, umuhle’? (Roma 7:12) Yebo, kodwa kumaRoma 10:2, 3, uPawulu wathi ngokuqondene namaJuda: “Ngiyabafakazela ukuthi bashisekela uNkulunkulu kodwa kungengokuqonda; ngokuba bengakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, befuna ukumisa okwabo, abakuthobelanga ukulunga kukaNkulunkulu.”
Yebo, amaJuda ngephutha ayekholelwa ukuthi ngokulandela uMthetho ngobuqotho, ayengathola insindiso. Nokho, uPawulu wachaza ukuthi “umuntu akalungisiswa ngemisebenzi yomthetho, kuphela ngokukholwa nguKristu Jesu.” (Galathiya 2:16) Ngemva kokuba umhlatshelo kaKristu usulungiselelwe, imisebenzi yoMthetho—kungakhathaliseki ukuthi eyokuzinikela noma ephakeme—yase iyimisebenzi efile futhi engenanzuzo ekutholeni insindiso. Ngakho amaJuda anhliziyo-zilungile afuna umusa kaNkulunkulu ngokuphenduka emisebenzini enjalo efile nokubhapathizwa ukuze abonakalise ukuphenduka kwawo.—IzEnzo 2:38.
Sifundani kulokhu? Ukuthi imisebenzi efile ingahlanganisa okungaphezu kwezenzo ezimbi noma ezingcolile; ihlanganisa noma imuphi umsebenzi ofile ngokomoya, oyize, noma ongazuzisi. Kodwa akulona yini iqiniso ukuthi wonke amaKristu ayaphenduka emisebenzini enjalo efile ngaphambi kokubhapathizwa? Yiqiniso, kodwa amanye amaKristu ekhulwini lokuqala leminyaka awela ekuziphatheni okungcolile. (1 Korinte 5:1) Futhi phakathi kwamaKristu angamaJuda, kwakunokuthambekela kokuphindela emisebenzini efile yoMthetho kaMose. Kwadingeka ukuba uPawulu abakhumbuze abanjalo ukuba bangaphindeli emisebenzini efile.—Galathiya 4:21; 5:1.
Ukuxwaya Imisebenzi Efile
Ngakho abantu bakaJehova namuhla kumelwe baqaphele ukuba bangaweli ogibeni lwemisebenzi efile. Sihlaselwa cishe nxazonke ukucindezela kokuba siyekethise ngokokuziphatha, singathembeki, futhi sihlanganyele ezenzweni zokuziphatha okubi ngokobulili. Kuyadabukisa ukusho ukuthi, izinkulungwane zamaKristu unyaka ngamunye zinqotshwa ukucindezela okunjalo futhi, uma zingaphenduki, ziyaxoshwa ebandleni lobuKristu. Khona-ke, ngaphezu kwanoma yinini ngaphambili umKristu kumelwe alalele iseluleko somphostoli uPawulu kweyabase-Efesu 4:22-24: “Nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso, nenziwe-basha emoyeni wengqondo yenu, nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.”
Eqinisweni, abase-Efesu uPawulu ayebabhalela kakade base bebembathile ubuntu obusha ngezinga elikhulu. Kodwa uPawulu wabasiza ukuba baqonde ukuthi ukwenza kanjalo kwakuyinqubo eqhubekayo! Ngaphandle komzamo oqhubekayo, amaKristu ayengahlehlela emisebenzini efile ngenxa yezifiso ezikhohlisayo eziphikelela njengethonya elonakalisayo. Kungokufanayo nangathi namuhla. Kumelwe silwele njalo ukwembatha ubuntu obusha, singabuvumeli ukuba bonakaliswe yinoma yiziphi izici esazizuza endleleni yethu endala yokuphila. Kumelwe sifulathele—sizonde—noma yiluphi uhlobo lwemisebenzi emibi yenyama. “Nina enithanda uJehova zondani okubi,” kunxusa umhubi.—IHubo 97:10.
Kuyatuseka ukuthi inani elikhulu labantu bakaJehova namuhla liye lasilalela leseluleko futhi lahlala lihlanzekile ngokokuziphatha. Nokho, abanye baye baphambukiswa imisebenzi yona ngokwayo engemibi ngempela kodwa ekugcineni eyize futhi engazuzisi. Ngokwesibonelo, abanye baye bahileleka ngokugcwele emacebweni okwenza imali noma ekuzuzeni izinto ezibonakalayo. Kodwa iBhayibheli liyaxwayisa: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.” (1 Thimothewu 6:9) Kwabanye, imfundo yezwe iye yaba ugibe. Yiqiniso, isilinganiso esithile semfundo yezwe singase sidingeke ukuze uthole umsebenzi. Kodwa ngokuphishekela imfundo yezwe ephakeme okudla isikhathi, abanye baye bazilimaza ngokomoya.
Yebo, imisebenzi eminingi yona ngokwayo ingase ingabi mibi. Kodwa nakuba kunjalo ifile uma ngempela inganezeli ekuphileni kwethu manje noma isizuzele umusa kaJehova uNkulunkulu. Imisebenzi enjalo idla isikhathi namandla kodwa ayizilethi izinzuzo ezingokomoya, nokuqabuleka okuhlala njalo.—Qhathanisa nomShumayeli 2:11.
Ngokungangabazeki ulwa kanzima ukuba ube matasa emisebenzini ezuzisayo ngokomoya. Nokho, kuyasiza ukuzihlolisisa njalo. Ngezikhathi ezithile, ungase uzibuze imibuzo enjengalena: ‘Ingabe ukuhlanganyela kwami enkonzweni yasensimini nokuba khona emihlanganweni kuyalimala ngenxa yokuthi ngithathe umsebenzi wokuziphilisa ongadingekile?’ ‘Ingabe nginaso isikhathi sokuzilibazisa kodwa anginaso isikhathi sesifundo somuntu siqu nesomkhaya?’ ‘Ingabe ngichitha isikhathi esiningi namandla nginakekela izinto ezibonakalayo kodwa ngehluleke ukunakekela abaswele ebandleni, njengabagulayo nasebegugile?’ Izimpendulo zalemibuzo zingase zembule isidingo sokuba unikeze imisebenzi engokomoya indawo yokuqala.
Zigcine Umatasa Enkonzweni KaJehova
Njengoba eyoku-1 Korinte 15:58 (NW) isho, ‘kunokuningi kokwenziwa emsebenzini weNkosi.’ Okuphambili umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Kweyesi-2 Thimothewu 4:5, uPawulu wakhuthaza: “Yenza ukushunyayelwa kweZindaba Ezinhle kube umsebenzi wokuphila kwakho, ngenkonzo engayekethisi.” (Jerusalem Bible) Abadala nezinceku ezikhonzayo nabo banokuningi kokukwenza ekunakekeleni izidingo zomhlambi. (1 Thimothewu 3:1, 5, 13; 1 Petru 5:2) Izinhloko zemikhaya—eziningi zingabazali abangabodwa—nazo zinemithwalo yemfanelo enzima yokunakekela imikhaya yazo nokusiza abantwana bazo ukuba bakhule ebuhlotsheni babo noNkulunkulu. Imisebenzi enjalo ingaba ngekhandlayo, ngisho neqeda amandla, ngezinye izikhathi. Kodwa kunokuba kube imisebenzi efile, iletha ukwaneliseka kwangempela!
Inkinga iwukuthi: Umuntu usithola kanjani isikhathi sokufeza yonke lemisebenzi ezuzisayo? Ukuzithiba nokuhleleka komuntu siqu kubalulekile. Kweyoku-1 Korinte 9:26, 27, uPawulu wabhala: “Ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya. Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.” Enye indlela yokusebenzisa isimiso salombhalo kungaba ukuhlola ngezikhathi ezithile isimiso sakho siqu nendlela yokuphila. Ungase uthole ukuthi unganciphisa izinto ezidla isikhathi sakho namandla ngokungadingekile.
Ngokwesibonelo, ingabe amandla akho amaningi nesikhathi kusetshenziswa ekubukeleni iTV, ekuzilibaziseni, ekufundeni izincwadi zezwe, noma ekuqedeni isizungu? Ngokwesihloko seNew York Times, umuntu omdala ovamile eUnited States uchitha “amahora angaphezudlwana kuka-30 ngesonto” ekubukeleni iTV. Ngokuqinisekile, lesosikhathi besingasetshenziswa kahle! Inkosikazi yomunye umbonisi ojikelezayo iyabika: “Cishe sengizinciphise ngokuphelele zonke izinto ezidla isikhathi, njengokubukela ithelevishini.” Waba yini umphumela? Yakwazi ukufunda yonke iencyclopedia yeBhayibheli eyimiqulu emibili ethi Insight on the Scriptures!
Nawe kungadingeka ukuba ucabangele ukuthi kungezinga elingakanani ongenza ngalo indlela yakho yokuphila ibe lula. USolomoni wathi: “Ubuthongo besisebenzi bumnandi, noma sidla okuyingcosana noma okuningi, kepha ukusutha kocebileyo akumvumeli ukuba alale.” (UmShumayeli 5:12) Ingabe esiningi sesikhathi sakho namandla kunikelwe ekunakekeleni izinto ezibonakalayo ezingadingekile? Eqinisweni, lapho siba nezinto eziningi, kulapho ziba ziningi khona izinto okudingeka sizilondoloze, sizikhokhele umshwalense, sizilungise, futhi sizivikele. Ingabe kungaba inzuzo kuwe ukuba nje wehlukane nenye yempahla yakho?
Enye indlela yokusisebenzisa kahle isikhathi sakho ukuba nesimiso esingokoqobo. Isimiso esinjalo kufanele sihlanganise isidingo somuntu sokuphumula noma ukuzilibazisa. Kodwa izithakazelo ezingokomoya kufanele zize kuqala. Kufanele kubekelwe eceleni isikhathi sokuya njalo kuyo yonke imihlangano yebandla. Ungase futhi ulungiselele kusengaphambili ukuthi yiziphi izinsuku noma izikhathi zantambama ezinganikelelwa umsebenzi wobuvangeli. Ngokuhlela ngokunakekela, ungakwazi ngisho nokwandisa ukuhlanganyela kwakho enkonzweni, mhlawumbe ukhonze njengephayona elisizayo ngezikhathi ezithile. Nokho, qiniseka ukuba uhlele isikhathi sesifundo somuntu siqu nesomkhaya, kuhlanganise nokulungiselela kahle imihlangano. Ngokuba ngolungiselele, ngeke nje kuphela uzuze wena siqu emihlanganweni kodwa uyoba sesimweni esingcono ‘sokuvusa uthando nemisebenzi emihle’ ngezimpendulo zakho.—Heberu 10:24.
Ukuthola isikhathi sokutadisha kungase kudinge ukuba wenze ukuzidela okuthile. Ngokwesibonelo, imikhaya yaseBethel emhlabeni wonke ivuka ekuseni usuku ngalunye ukuze ibe nengxoxo yetekisi losuku. Ingabe kungenzeka ngawe ukuba njalo ekuseni uthengisise isikhathi esincane uqhube isifundo somuntu siqu? Umhubi wathi: “Ngiyandulela uvivi lokusa ngikhala; ngiyethemba amazwi akho.” (IHubo 119:147) Yebo, ukuvuka ekuseni kuyodinga ukuhlelwa kwesikhathi esihle sokuyolala ukuze uqale usuku olulandelayo uphilile futhi uphumulile.
Izinzuzo Zokuba Matasa Enkonzweni KaJehova
Ukuba ‘nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi’ kuyakudinga ukuhlela, ukuzikhuza, nokuzidela. Kodwa uyojabulela izinzuzo ezingenakulinganiswa njengomphumela. Ngakho hlala umatasa, hhayi emisebenzini efile noma eyize emane nje ilethe ukunganeliseki nosizi, kodwa enkonzweni kaJehova. Ngoba kungemisebenzi enjalo ongabonisa ngayo ukholo lwakho, uzuze ukwamukelwa uNkulunkulu, futhi ekugcineni umvuzo wokuphila okuphakade!
[Isithombe ekhasini 28]
Ukwenza isimiso esingokoqobo kusiza umKristu ukuba asebenzise isikhathi sakhe ngokuhlakanipha okwengeziwe