Indoda Nowesifazane—Ngamunye Unendima Ehloniphekile
UJEHOVA UNKULUNKULU wadala u-Adamu kuqala, wabe esedala u-Eva. U-Eva udalwa nje u-Adamu usenesikhathi esithile ephila. Phakathi nalesi sikhathi uJehova wamnikeza iziyalezo ezithile. (Genesise 2:15-20) Njengoba u-Adamu ayekhonza njengomkhulumeli kaNkulunkulu, kwakumelwe adlulisele lezi ziyalezo kumkakhe. Khona-ke, kunengqondo ukuthi wayezohola kuzo zonke izindaba ezihilela ukukhulekela.
Ilungiselelo elifanayo likhona ebandleni lobuKristu, futhi singazuza ngokulihlolisisa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Angimvumeli owesifazane ukuba . . . abe negunya phezu kwendoda, kodwa ukuba athule. Ngoba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.” (1 Thimothewu 2:12, 13) Lokhu akusho ukuthi owesifazane kufanele athule du emhlanganweni webandla lobuKristu. Uthula ngomqondo wokungahileleki ezimpikiswaneni namadoda. Akufanele abukele phansi isikhundla sawo noma azame ukufundisa ebandleni. Amadoda anikezwe isabelo sokwengamela nokufundisa ibandla, kodwa abesifazane banezela lukhulu emihlanganweni yobuKristu ngokuhlanganyela ngezindlela ezihlukahlukene.
Ukuze asisize siqonde indima yamadoda nabesifazane elungiselelweni likaNkulunkulu, umphostoli uPawulu wabhala: “Ngoba indoda ayiveli kowesifazane, kodwa owesifazane uvela endodeni . . . Ngaphandle kwalokho, eNkosini, owesifazane akekho ngaphandle kwendoda nendoda ayikho ngaphandle kowesifazane [akekho kubo ozimele ongamdingi omunye]. Ngoba njengoba nje owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ikhona ngowesifazane; kodwa zonke izinto zivela kuNkulunkulu.”—1 Korinte 11:8-12.
Abesifazane Banamalungelo Amahle
Ngaphansi koMthetho uNkulunkulu ayewunike u-Israyeli, abesifazane babenamalungelo amaningi futhi bekhululekile ukusebenzisa umqondo wabo. Ngokwesibonelo, izAga 31:10-31 zikhuluma ‘ngomfazi onekhono’ othenga indwangu enhle enzele abendlu yakhe izingubo ezinhle. “Wenzé ngisho nezingubo zangaphansi futhi wazithengisa”! (Amavesi 13, 21-24) “Njengemikhumbi yomthengisi,” lona wesifazane omuhle uthola ukudla kwekhethelo ngisho noma kumelwe akulande kude. (Ivesi 14) “Ucabangelé insimu wayithola,” futhi “uye watshala isivini.” (Ivesi 16) Njengoba ‘ukuhweba kwakhe kukuhle,’ imisebenzi yakhe inenzuzo. (Ivesi 18) Ngaphezu ‘kokuqapha okwenzeka endlini yakhe,’ lona wesifazane okhuthele owesaba uJehova akanabugovu, usiza nabanye. (Amavesi 20, 27) Shono edunyiswa!—Ivesi 31.
Imithetho kaJehova eyanikezwa ngoMose yanika abesifazane ithuba lokukhula ngokomoya. Ngokwesibonelo, uJoshuwa 8:35, uthi: “Akubanga khona ngisho nelilodwa izwi kuwo wonke uMose ayeyale ngawo, uJoshuwa angazange alifunde ngokuzwakalayo phambi kwalo lonke ibandla lika-Israyeli, kuhlanganise nabesifazane nabancane nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.” Ngokuqondene no-Ezra umpristi, iBhayibheli lithi: “[Waletha] umthetho phambi kwebandla lamadoda kanye nabesifazane nabo bonke ababenengqondo ngokwanele ukuba balalele, ngosuku lokuqala lwenyanga yesikhombisa. Waqhubeka ewufunda ngokuzwakalayo ngaphambi kwesigcawu esiphambi kweSango Lamanzi, kusukela ekuntweleni kokusa kwaze kwaba semini bebade, phambi kwamadoda nabesifazane nabanye abanengqondo yokulalela; izindlebe zabo bonke abantu zazilalele incwadi yomthetho.” (Nehemiya 8:2, 3) Abesifazane bazuza kulokho kufundwa koMthetho. Babeyigubha nemikhosi engokwenkolo. (Duteronomi 12:12, 18; 16:11, 14) Okubaluleke nakakhulu, kwa-Israyeli wasendulo abesifazane babengaba nobuhlobo bomuntu siqu noJehova uNkulunkulu futhi bazithandazele.—1 Samuweli 1:10.
Ekhulwini lokuqala C.E., abesifazane abesaba uNkulunkulu baba nelungelo lokukhonza uJesu. (Luka 8:1-3) Owesifazane wagcoba ikhanda nezinyawo zikaJesu esidlweni sakusihlwa eBhethaniya. (Mathewu 26:6-13; Johane 12:1-7) Abesifazane baphakathi kwalabo uJesu azibonakalisa kubo ngemva kokuvuswa kwakhe. (Mathewu 28:1-10; Johane 20:1-18) Eqenjini labantu abangaba ngu-120 elalihlangene ngemva kokwenyukela kukaJesu ezulwini, kwakukhona “nabesifazane abathile noMariya unina.” (IzEnzo 1:3-15) Iningi labo noma bonke laba besifazane ngokungangabazeki babekhona ekamelweni eliphezulu eJerusalema ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., ngesikhathi kuthunyelwa umoya ongcwele futhi abafundi bakaJesu bekhuluma izilimi eziningana ngokuyisimangaliso.—IzEnzo 2:1-12.
Amadoda nabesifazane babephakathi kwalabo ababona ukugcwaliseka kwencwadi kaJoweli 2:28, 29, njengoba yacashunwa umphostoli uPetru ngosuku lwePhentekoste: “[Mina Jehova] ngiyothululela omunye womoya wami phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayoprofetha . . . Ngalezo zinsuku ngiyothululela omunye womoya wami ngisho nasezincekwini zami nasezincekukazini zami.” (IzEnzo 2:13-18) Isikhathi esithile ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., abesifazane abangamaKristu baboniswa umusa banikezwa izipho zomoya. Bakhuluma ngezinye izilimi futhi baprofetha, kungekhona ukwenza izibikezelo kodwa ukuprofetha ngomqondo wokukhuluma amaqiniso angokomBhalo.
Encwadini yakhe ayibhalela amaKristu aseRoma, umphostoli uPawulu ukhuluma kahle ‘ngoFibhi udadewethu,’ futhi uyamtusa. Ukhuluma nangoTrifina noTrifosa “abesifazane abasebenza kanzima eNkosini.” (Roma 16:1, 2, 12) Nakuba laba besifazane bengazange babe nezikhundla ebandleni lobuKristu lokuqala, bona nabanye abesifazane abaningi babusiswa ngokuthi uNkulunkulu abakhethe ukuba bahlanganyele neNdodana yakhe, uJesu Kristu, eMbusweni wasezulwini.—Roma 8:16, 17; Galathiya 3:28, 29.
Yeka ilungelo elihle abesifazane abesaba uNkulunkulu abalijabulelayo namuhla! IHubo 68:11 lithi: “UJehova ngokwakhe unika izwi; abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu.” Laba besifazane kumelwe batuswe. Ngokwesibonelo, ukufundisa kwabo ngekhono lapho beqhuba izifundo zeBhayibheli zasemakhaya kuholela abaningi ukuba bamukele izimfundiso zeqiniso ezijabulisa uNkulunkulu. Kumelwe batuswe nabesifazane abashadile abangamaKristu abasiza abantwana babo ukuba babe ngamakholwa futhi abasekela abayeni babo abanemisebenzi eminingi yebandla. (IzAga 31:10-12, 28) Abesifazane abangashadile nabo banendawo ehloniphekile elungiselelweni likaNkulunkulu, futhi amadoda angamaKristu ayalwa ukuba ‘ancenge abesifazane abadala njengawonina, abesifazane abasebasha njengawodadewabo ngabo bonke ubumsulwa.’—1 Thimothewu 5:1, 2.
Izabelo Zamadoda Ezihlukahlukene
Indoda engumKristu inendima eyabelwe uNkulunkulu okulindeleke ukuba iyifeze. UPawulu wathi: “Ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.” (1 Korinte 11:3) Indoda nayo inenhloko—uKristu. Ngempela, indoda iyolandisa kuKristu bese ekugcineni ilandisa kuNkulunkulu. UNkulunkulu ulindele ukuba indoda isebenzise ubunhloko bayo ngothando. (Efesu 5:25) Lokhu bekulokhu kunjalo selokhu kwadalwa abantu.
IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu wanikeza indoda izabelo ezivumelana nesikhundla sayo sobunhloko. Ngokwesibonelo, uJehova wayala indoda uNowa ukuba yakhe umkhumbi ukuze kulondolozwe ukuphila ngesikhathi sikaZamcolo. (Genesise 6:9–7:24) Indoda u-Abrahama yathenjiswa ukuthi yonke imikhaya nezizwe zomhlaba zaziyozibusisa ngenzalo yayo. Ingxenye eyinhloko yaleyo nzalo nguKristu Jesu. (Genesise 12:3; 22:18; Galathiya 3:8-16) UNkulunkulu wakhetha indoda uMose ukuba ihole ama-Israyeli iwakhiphe eGibhithe. (Eksodusi 3:9, 10, 12, 18) UJehova wasebenzisa uMose ukuba awanikeze isimiso semithetho esaziwa ngokuthi isivumelwano soMthetho noma uMthetho KaMose. (Eksodusi 24:1-18) Bonke abalobi beBhayibheli babengamadoda.
Njengoba eyiNhloko yebandla lobuKristu, uJesu ‘waphana ngezipho ezingabantu’ besilisa. (Efesu 1:22; 4:7-13) Lapho uPawulu ebala izimfanelo zababonisi, ukhuluma ngamadoda. (1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9) Ngakho amabandla oFakazi BakaJehova akhonzwa ababonisi besilisa, noma abadala, nangamadoda amiswe njengezinceku ezikhonzayo. (Filipi 1:1, 2; 1 Thimothewu 3:8-10, 12) Amadoda kuphela okumelwe akhonze njengabelusi ebandleni lobuKristu. (1 Petru 5:1-4) Nokho, njengoba sekushiwo, abesifazane banamalungelo amangalisayo abawanikwe uNkulunkulu.
Bayajabula Ngezindima Zabo
Ukufeza izindima abazinikwe uNkulunkulu kuletha injabulo kokubili emadodeni nakwabesifazane. Lapho amadoda nabafazi belingisa isibonelo sikaKristu nesebandla lakhe baba nemishado ejabulisayo. UPawulu wabhala: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo . . . Yilowo nalowo kini makamthande kanjalo umkakhe njengoba ezithanda yena.” (Efesu 5:25-33) Ngakho, amadoda kulindeleke ukuba angasebenzisi ubunhloko bawo ngobugovu, kodwa ngothando. Ibandla likaKristu lakhiwa abantu abangaphelele. Noma kunjalo, uJesu uyalithanda futhi uyalinakekela. Ngokufanayo, indoda engumKristu kufanele imthande futhi imnakekele umkayo.
Umfazi ongumKristu “kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efesu 5:33) Kule ndaba, angabheka isibonelo sebandla. Eyabase-Efesu 5:21-24 ithi: “Zithobeni komunye nomunye ngokwesaba uKristu. Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini, ngoba indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla, yena engumsindisi walo mzimba. Eqinisweni, njengoba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele abayeni babo kuzo zonke izinto.” Nakuba umfazi ngezinye izikhathi engase akuthole kuyinselele noma kulukhuni ukuba azithobe kumyeni wakhe, lokhu “kuyafaneleka eNkosini.” (Kolose 3:18) Ukuzithoba kumyeni wakhe kuyoba lula kakhulu uma ekhumbula ukuthi kujabulisa iNkosi uJesu Kristu.
Ngisho noma umyeni wakhe engeyena umKristu kanye naye, umfazi ongumKristu kumelwe azithobe ebunhlokweni bakhe. Umphostoli uPetru uthi: “Bafazi, zithobeni kubayeni benu, ukuze kuthi, uma bekhona abangalilaleli izwi, bazuzwe ngaphandle kwezwi ngokuziphatha kwabafazi babo, ngoba beye baba ofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwenu okumsulwa kanye nenhlonipho ejulile.” (1 Petru 3:1, 2) USara, owahlonipha umyeni wakhe, u-Abrahama, wathola ilungelo lokuzala u-Isaka wayeseba ukhokho kaJesu Kristu. (Hebheru 11:11, 12; 1 Petru 3:5, 6) Abafazi abaziphatha njengoSara bangaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyobavuza.
Kuba nokuthula nokuzwana lapho amadoda nabesifazane befeza izindima zabo abazinikwe uNkulunkulu. Lokhu kuletha ukwaneliseka nenjabulo. Ngaphezu kwalokho, ukwenza ngokuvumelana nezimfuneko ezingokomBhalo kwenza umuntu ngamunye abe nesithunzi esihambisana nokuba nendawo eyigugu elungiselelweni likaNkulunkulu.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Indlela Abazizwa Ngayo Ngendima Abayinikwe UNkulunkulu
USusan uthi: “Umyeni wami usebenzisa ubunhloko bakhe ngendlela enothando nenomusa. Ngokuvamile siyaxoxa ngezinqumo, futhi lapho enza isinqumo salokho okuzokwenziwa nalokho okungezukwenziwa, ngisuke ngazi ukuthi sizosizuzisa. Ilungiselelo likaJehova ngabafazi abangamaKristu lingenza ngijabule ngempela futhi liqinisa umshado wethu. Sisondelene futhi sibambisene ekuphishekeleni imigomo engokomoya.”
Owesifazane okuthiwa uMindy uthi: “Indima uJehova ayabele izinceku zakhe zesifazane iyisiqinisekiso sokuthi uyasithanda. Nginomuzwa wokuthi ukudumisa nokuhlonipha umyeni wami kanye nokumsekela emisebenzini yakhe yebandla kuyindlela engibonisa ngayo uJehova ukuthi ngiyalazisa leli lungiselelo.”
[Izithombe ekhasini 5]
UNkulunkulu wanika uNowa, u-Abrahama noMose izabelo ezihlukahlukene ngokuvumelana nesikhundla samadoda sobunhloko
[Isithombe ekhasini 7]
“Abesifazane abalandisa izindaba ezinhle bayibutho elikhulu”