-
Esikufunda Kumfowabo KaJesu OmncaneINqabayokulinda (Efundwayo)—2022 | Januwari
-
-
HLALE UTHOBEKILE NJENGOJAKOBE
UJakobe wazithoba lapho uJesu ebonakala kuye, futhi kusukela ngaleso sikhathi wakhonza ngokwethembeka njengomfundi kaKristu (Bheka izigaba 5-7)
5. Yini uJakobe ayenza lapho uJesu ovusiwe ebonakala kuye?
5 UJakobe waqala nini ukuba umlandeli kaJesu oqotho? Ngemva kokuvuswa kwakhe ekufeni, uJesu “wabonakala kuJakobe, kwase kuba kubo bonke abaphostoli.” (1 Kor. 15:7) Ukuphila kukaJakobe kwashintsha ngemva kwalokho. Wayekhona lapho abaphostoli besekamelweni eliphezulu eJerusalema belinde ukwamukela umoya ongcwele othenjisiwe. (IzE. 1:13, 14) Kamuva, uJakobe wajabulela ukukhonza njengelungu lendikimba ebusayo yangekhulu lokuqala. (IzE. 15:6, 13-22; Gal. 2:9) Ngemva kwesikhathi esithile ngaphambi kuka-62 C.E., waphefumulelwa ukuba abhalele amaKristu agcotshiwe incwadi. Leyo ncwadi iwusizo kithi namuhla kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lokuphila ezulwini noma emhlabeni. (Jak. 1:1) Ngokwesazi-mlando sangekhulu lokuqala uJosephus, uJakobe wabulawa ngemva kokuba uMpristi Ophakeme ongumJuda, u-Ananiya Omncane, eyale ukuba abulawe. UJakobe wahlale ethembekile kuJehova waze waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni.
-