‘Ukuqonda Esiyikho’—Ngesikhathi Sesikhumbuzo
“Uma besingaqonda esiyikho thina ngokwethu, besingeke sahlulelwe . . . ukuze singalahlwa.”—1 KORINTE 11:31, 32, “NW.”
1. AmaKristu eqiniso ngokuqinisekile afuna ukugwemani, futhi ngani?
INTO umKristu angafuni nokuyizwa iwukwahlulelwa kabi uJehova. Ukudumaza “u[Ma]hluleli womhlaba wonke” kungasiholela ekubeni ‘silahlwe kanye nezwe’ futhi silahlekelwe insindiso. Lokhu kunjalo kungakhathaliseki ukuthi sinethemba lokuphila ezulwini noJesu noma lokuphila okungapheli epharadesi lasemhlabeni.—Genesise 18:25; 1 Korinte 11:32.
2, 3. Kukuyiphi indaba esingase sahlulelwe ngayo kabi, futhi uPawulu wathini ngalokhu?
2 Kweyoku-1 Korinte isahluko 11, umphostoli uPawulu wakhuluma ngesici esingase sahlulelwe ngaso. Nakuba ayeqondise amazwi akhe emaKristwini agcotshiwe, iseluleko sakhe sibalulekile kithi sonke, ikakhulukazi kulenkathi. Ukuqonda kwethu lokho esiyikho thina ngokwethu kungasisiza ukuba sibe nokuvunyelwa uNkulunkulu futhi singahlulelwa. Exoxa ngokugujwa kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa minyaka yonke, uPawulu wabhala:
3 “INkosi uJesu, ngalobobusuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wathi: Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule. Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule. Ngokuba njalo, nxa nidla lesisinkwa niphuza lesisitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.”—1 Korinte 11:23-26.a
4. Kuzokwenzekani kusihlwa ngoApril 10, 1990?
4 Ngemva kokushona kwelanga ngoApril 10, 1990, oFakazi BakaJehova bazogubha iSikhumbuzo sokufa kukaKristu. Ngokuvamile, iqembu elihlangene lizobe liyibandla elilodwa; ngaleyondlela abantu abangakabi oFakazi bayoyithola indawo. Uzoba njani lowomhlangano? Kuzoba nenkulumo engokweBhayibheli. Khona-ke, ngemva komthandazo, kuzodluliswa isinkwa. Omunye umthandazo wethula ukudluliswa kwesitsha. Kunokuba konke lokhu kube ngokwemicikilisho enemininingwane noma inqubo ethile ewumgomo, inani lezinkwa noma izingilazi nendlela okudluliswa ngayo kuhlelwa ngokuvumelana nesimo sendawo. Into ebalulekile iwukuba lezifanekiselo zidluliswe kubo bonke abakhona, ngisho nakuba abaningi beyomane bazidlulise ngaphandle kokuba bathabathe. Nokho, yiziphi izinto ezidluliswayo, futhi zisho ukuthini? Ngaphezu kwalokho, yini okufanele siyicabangele kusengaphambili ukuze siqonde lokho esiyikho thina ngokwethu?
“Lokhu Kungumzimba Wami”
5, 6. (a) Yini uJesu ayenza ngesinkwa? (b) Luhlobo luni lwesinkwa alusebenzisa?
5 Siye safunda ngalokho uPawulu “akwamukela eNkosini” ngokuphathelene neSikhumbuzo. Futhi kunokulandisa kwababhali abathathu bamaVangeli, omunye wabo owayekhona lapho uJesu emisa lomkhosi. (1 Korinte 11:23; Mathewu 26:26-29, qhathanisa neNW; Marku 14:22-25; Luka 22:19, 20) Lokhu kulandisa kuthi uJesu waqala ngokuthatha isinkwa, wathandaza, wayesesihlephula wasaba. Sasiyini lesosinkwa? Ngokomfanekiso, yini esetshenziswayo namuhla? Sisho ukuthini noma simelelani?
6 Okwakukhona kwakuyizinto ezazisale esidlweni sePhasika lamaJuda, enye iyisinkwa esingenamvubelo, uMose asibiza ngokuthi “isinkwa esingenamvubelo . . . , isinkwa senhlupheko.” (Duteronomi 16:3; Eksodusi 12:8) Lesinkwa sasenziwe ngofulawa kakolweni ngaphandle kokusebenzisa imvubelo, usawoti, noma izinongo. Njengoba sasingenamvubelo (ngesiHeberu, mats·tsahʹ), sasiyisicaba futhi siqinile; kwakufanele sihleshulwe sibe izingcezu ezingangena emlonyeni.—Mathewu 6:41; 8:6; IzEnzo 27:35.
7. OFakazi BakaJehova basebenzisani emelela isinkwa ngeSikhumbuzo?
7 UJesu wasebenzisa isinkwa esingenamvubelo eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa, ngakho oFakazi BakaJehova namuhla benza okufanayo. Amamatzo avamile amaJuda afeza lenjongo uma engenziwanga ngezithako ezenezelwe, njengomthombo, uhanyanisi, noma amaqanda. (Amamatzo analezozithako abengeke neze afanelane nencazelo ethi “isinkwa senhlupheko.”) Noma abadala bebandla bangase bacele othile ukuba enze isinkwa esingenamvubelo ngenhlama kafulawa kakolweni namanzi. Uma ufulawa kakolweni ungatholakali, isinkwa esingenamvubelo singenziwa ngofulawa webhali, ilayisi, ummbila, noma okunye okusanhlamvu. Inhlama yenziwa isicaba bese ibhakwa ngesitsha esifakwe kancane amafutha.
8. Kungani isinkwa esingenamvubelo siyisifanekiselo esifanelekile, futhi ukusidla kubonisani? (Heberu 10:5-7; 1 Petru 4:1)
8 Isinkwa esinjalo siyafaneleka ngoba asinayo imvubelo (imbiliso), esetshenziswa iBhayibheli ekumeleleni ukonakala noma isono. UPawulu weluleka ngokuqondene nomuntu oziphethe kabi ebandleni: ‘Imvubelo encane ibilisa inhlama yonke. Khiphani imvubelo endala, ukuze ningabi namvubelo. UKristu iphasika lethu wenziwe umhlatshelo. Masigcine lomkhosi, hhayi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.’ (1 Korinte 5:6-8; qhathanisa noMathewu 13:33; 16:6, 12.) Isinkwa esingenamvubelo siwuphawu olufanelekayo lomzimba kaJesu wobuntu, ngoba ‘wayengcwele, engenacala, engenabala, ehlukanisiwe nezoni.’ (Heberu 7:26) UJesu wayekhona lapho ngomzimba wakhe wobuntu ophelele lapho ethi kubaphostoli: “Thathani lokhu [isinkwa] nidle, kusho umzimba wami.” (Mathewu 26:26, A New Translation of the Bible, kaJames Moffatt) Ukudla isinkwa kusho ukuthi umuntu uyakholelwa enzuzweni yomhlatshelo kaJesu awenza ngenxa yakhe futhi uyawamukela. Nokho, kuhileleke okwengeziwe.
Iwayini Elisho Okuthile
9. Yisiphi esinye isifanekiselo uJesu athi kufanele sisetshenziswe?
9 UJesu wasebenzisa esinye isifanekiselo: “Futhi wathatha isitsha, futhi ngemva kokubonga uNkulunkulu wabanika sona ethi, ‘Siphuzeni, nonke; lokhu kusho igazi lami, igazi lesivumelwano esisha, elichithelwa abaningi, ukuze bazuze ukuthethelelwa kwezono zabo.’” (Mathewu 26:27, 28, Moffatt) Yini eyayikulesositsha esasihlanganyelwa ayesidlulisa, futhi sisho ukuthini ngathi njengoba silwela ukuqonda lokho esiyikho thina ngokwethu?
10. Iwayini layithola kanjani indawo ePhasikeni lamaJuda?
10 Lapho uMose ekuqaleni ehlela isidlo sePhasika, akazange akhulume ngesiphuzo. Izazi eziningi zikholelwa ukuthi iwayini langeniswa ePhasikeni kamuva kakhulu, mhlawumbe ekhulwini lesibili leminyaka B.C.E.b Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, ukusetshenziswa kwewayini kulesidlo kwakuvamile ekhulwini lokuqala leminyaka, futhi uJesu akazange akuphikise. Wasebenzisa iwayini lePhasika lapho emisa iSikhumbuzo.
11. Iwayini laluphi uhlobo elifanelekele ukusetshenziswa phakathi neSidlo SeNkosi Sakusihlwa?
11 Njengoba iPhasika lamaJuda laligujwa esikhathini eside ngemva kokuvunwa kwamagilebhisi, akunakwenzeka ukuthi uJesu wayesebenzisa amanzi amagilebhisi angavutshelwanga, kodwa wayeyosebenzisa iwayini elibomvu elalingalimelela kalula igazi lakhe. (Qhathanisa nesAmbulo 14:20.) Igazi likaKristu alizange lidinge ukwenezelwa, ngakho iwayini elingathakiwe lifanelekile, esikhundleni samawayini enziwa abe namandla ngogologo (njengeport, isherry, noma imuscatel) noma afakwe izinongo noma amakhambi (ivermouth, iDubonnet, noma izigeza-nhliziyo eziningi). Nokho, akudingeki ukuba sikhathazeke ngokuthi iwayini lenziwe kanjani, ukuthi lifakwe ushukela yini lapho libiliswa ukuze lenziwe linambitheke kahle noma linealcohol noma ukuthi kwasetshenziswa isibabule esincane yini ukuze kuvinjelwe ukuba lingonakali.c Amabandla amaningi asebenzisa iwayini elibomvu elithengiswayo (njengeChianti, iBurgundy, iBeaujolais, noma iclaret) noma iwayini elibomvu elingenazithako lokuzenzela. Iwayini nesinkwa kumane nje kuyizifanekiselo; ngakho-ke, noma ikuphi okungasetshenziswanga kungayiwa nakho ekhaya futhi kusetshenziswe kamuva njengokunye nje ukudla noma isiphuzo.
12. UJesu wachaza ukuthi iwayini limelelani?
12 Iqiniso lokuthi uJesu wakhuluma ngegazi lakhe ngobusuku bePhasika kumelwe ukuba kwakhumbuza ngegazi lewundlu emuva eGibithe. Kodwa phawula indlela uJesu eqinisweni awuveza ngayo umehluko, ethi: “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.” (Luka 22:20) Ngaphambili uNkulunkulu wayenze isivumelwano nesizwe sakwaIsrayeli ongokwenyama, futhi saqaliswa ngegazi lemihlatshelo yezilwane. Kwakunokufana phakathi kwegazi laleyomihlatshelo negazi likaJesu. Kokubili kwakuhilelekile ekuqaliseni kukaNkulunkulu isivumelwano nesizwe sabantu bakhe. (Eksodusi 24:3-8; Heberu 9:17-20) Into eyinhloko ngesivumelwano soMthetho yayiwukuthi uIsrayeli ongokwenyama wayenethemba lokuba isizwe sabapristi abangamakhosi. (Eksodusi 19:5, 6) Nokho, ngemva kokuba uIsrayeli ehlulekile ukugcina isivumelwano sikaJehova, wathi wayeyomisa “isivumelwano esisha” esikhundleni ‘sesivumelwano sokuqala.’ (Heberu 9:1, 15; Jeremiya 31:31-34) Isitsha sewayini uJesu manje ayesidlulisa kubaphostoli abathembekile sasimelela lesivumelwano esisha.
13, 14. (a) Ukuba sesivumelwaneni esisha kusho ukuthini? (b) Yini eboniswa ukudla komuntu izifanekiselo?
13 AmaKristu angeniswe kulesivumelwano esisha akha isizwe esingokomoya sabapristi abangamakhosi. (Galathiya 6:16) Umphostoli uPetru wabhala: “Nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.” (1 Petru 2:9) Kuyacaca ukuthi bathola yiphi insindiso—ukuphila ezulwini njengababusi abakanye noKristu. IsAmbulo 20:6 siyakuqinisekisa lokhu: “Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; . . . bayakuba-ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane.”
14 Eqinisweni, ngemva kokuba uJesu eyale abaphostoli ukuba badle isinkwa baphuze newayini okuyizifanekiselo, wabatshela ukuthi ‘babeyodla, baphuze etafuleni lakhe embusweni wakhe, bahlale ezihlalweni zobukhosi ukuze bahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwaIsrayeli.’ (Luka 22:28-30) Ngakho-ke, ukudla izifanekiselo zeSikhumbuzo kusho okungaphezu kokukholelwa nje emhlatshelweni kaJesu. Wonke amaKristu kumelwe amukele lesosihlengo futhi abe nokholo uma efuna ukuzuza ukuphila okuphakade nomaphi. (Mathewu 20:28; Johane 6:51) Kodwa ukudla izifanekiselo kubonisa ukuthi lowomuntu usesivumelwaneni esisha, ukhethelwe ukuba noJesu eMbusweni wakhe.
Isidingo Sokuqonda Ngesikhathi SeSikhumbuzo
15. UJesu walingenisa kanjani ithemba elisha lezinceku zikaNkulunkulu?
15 Njengoba isihloko esandulelayo sichazile, ngaphambi kwesikhathi sikaJesu izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zazingenathemba lokuya ezulwini. Zazibheke phambili ekuzuzeni ukuphila okuphakade emhlabeni, ikhaya lokuqala lesintu. UJesu Kristu wayengowokuqala ukuvuswa njengomoya, futhi waba ngowokuqala esintwini ukuba ayiswe ezulwini. (Efesu 1:20-22; 1 Petru 3:18, 22) UPawulu wakuqinisekisa lokhu, ebhala: “Sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo.” (Heberu 10:19, 20) Obani ababeyolandela, ngemva kokuba uJesu evule leyondlela?
16. Ikusasa libaphatheleni labo abadla isinkwa baphuze newayini?
16 Ngobusuku uJesu amisa ngabo iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, watshela abaphostoli bakhe abathembekile ukuthi wayebalungiselela indawo ezulwini. (Johane 14:2, 3) Nokho, khumbula ukuthi uJesu wathi futhi labo abadla isinkwa baphuze esitsheni babeyoba seMbusweni wakhe futhi bahlale ezihlalweni zobukhosi ukuze bahlulele. Ingabe labo kwakuyoba abaphostoli kuphela? Cha, ngoba kamuva umphostoli uJohane wezwa ukuthi namanye amaKristu ayeyonqoba futhi ‘ahlale noJesu esihlalweni sakhe sobukhosi,’ futhi ekanye naye ayeyoba ‘umbuso nabapristi ukuze abuse phezu komhlaba.’ (IsAmbulo 3:21; 5:10) UJohane wezwa nangenani eliphelele lamaKristu “athengiweyo emhlabeni”—izi-144 000. (IsAmbulo 14:1-3) Ngenxa yokuthi leli iqembu elincane ngokuqhathaniswa, “umhlambi omncane” uma liqhathaniswa nabo bonke abaye bakhulekela uNkulunkulu esikhathini eside esidlule, ukuqonda okukhethekile kuyadingeka ngesikhathi seSikhumbuzo.—Luka 12:32.
17, 18. (a) Amanye amaKristu eKorinte awela kumuphi umkhuba? (b) Kungani ukuminza ekudleni nasophuzweni kwakukubi kangaka? (Heberu 10:28-31)
17 UPawulu wakuveza lokhu encwadini yakhe eyayiya kwabaseKorinte ngesikhathi esithile lapho abanye abaphostoli besaphila nangesikhathi uNkulunkulu ebiza amaKristu ukuba abe “abangcwele.” UPawulu wathi lapho kwase kuqale umkhuba omubi phakathi kwalabo ababebophekile ukuba badle izifanekiselo. Abanye babeba nezidlo ngaphambi kokuba bafike, ababedla noma baphuze kakhulu kuzo, kubenze bozele, kudunge imizwa yabo. Ngenxa yalokho, babengenakukwazi “ukuqonda umzimba,” umzimba kaJesu ongokwenyama owawumelelwa isinkwa. Ingabe lokho kwakukubi kangako? Yebo! Ngokudla ngokungafanele, baba “necala lomzimba negazi leNkosi.” Ukuba babephapheme ngokwengqondo nangokomoya, ‘babengaqonda lokho ababeyikho futhi babengeke bahlulelwe.’—1 Korinte 1:2; 11:20-22, 27-31, qhathanisa neNW.
18 Yini lawomaKristu okwakudingeka ayiqonde futhi kanjani? Ngokuyinhloko, kwakufanele aqonde enhliziyweni nasengqondweni ukubizwa kwawo ukuba abe phakathi kwezindlalifa zokuphila kwasezulwini eziyizi-144 000. Akuqonda kanjani lokhu, futhi ingabe abaningi namuhla kufanele bakholelwe ukuthi bayingxenye yaleliqembu elincane ebelikhethwa uNkulunkulu kusukela osukwini lwabaphostoli?
19. Yisiphi isimo esembulayo esaba khona phakathi neSikhumbuzo sango-1989?
19 Eqinisweni, iqembu elincane kakhulu kuphela lamaKristu eqiniso namuhla elikuqondayo lokhu ngalo ngokwalo. Ekugujweni kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngo-1989, abangaphezu kwezi-9 479 000 babehlangene emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Abayizi-8 700 bathi banethemba lokuba ‘basindiswe ngenxa yombuso wasezulwini.’ (2 Thimothewu 4:18) Uquqaba olukhulu—yebo, izigidi ezazihlangene zamanye amaKristu athembekile, abusisiwe—zaqonda ukuthi ithemba lazo elisebenzayo elokuphila phakade emhlabeni.
20. Labo bezi-144 000 baqasheliswa kanjani ukuthi babiziwe? (1 Johane 2:27)
20 NgePentekoste lika-33 C.E., uNkulunkulu waqala ukukhetha abayizi-144 000 ngenjongo yokuphila kwasezulwini. Njengoba lelithemba lalilisha, zingenalo izinceku zikaNkulunkulu zangaphambi kwesikhathi sikaJesu, labo abakhethiwe babeyokwazi noma baqinisekiswe kanjani ngalelithemba? Lokhu bakuqonda ngokuthola ubufakazi bakho obunikezwa umoya ongcwele kaNkulunkulu. Lokho akusho ukuthi bawubona ngokoqobo umoya (awuyena umuntu) noma baba nombono othile engqondweni womoya ukhuluma nabo, futhi abezwa mazwi avela endaweni yomoya. UPawulu uyachaza: “[Wo]na lowomoya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu . . . siyizindlalifa futhi, izindlalifa zikaNkulunkulu, izindlalifa kanye noKristu, uma phela sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye.”—Roma 8:16, 17.
21. (a) Abagcotshiwe bazi kanjani ukuthi banethemba lasezulwini? (1 Korinte 10:15-17) (b) Abagcotshiwe baluhlobo luni lwabantu, futhi balifakazela kanjani ngesizotha ithemba labo?
21 Lobufakazi, noma ukuqaphela, buqondisa kabusha ukucabanga kwabo nethemba. Basengabantu, bejabulela izinto ezinhle zendalo kaJehova yasemhlabeni, kodwa ukuphila kwabo nokukhathalela kuqondiswe ngokuyinhloko ekubeni izindlalifa ezikanye noKristu. Ababanga nalelithemba ngokuthathwa imizwelo. Bangabantu abavamile, abalinganiselayo emibonweni yabo nasekuziphatheni. Nokho, njengoba bengcweliswe ngomoya kaNkulunkulu, bayaqiniseka ngokubizwa kwabo, bengenakho ukungabaza okuphikelelayo ngakho. Bayaqaphela ukuthi ukusindiswa kwabo kuyoba sezulwini uma bezibonakalisa bethembekile. (2 Thesalonika 2:13; 2 Thimothewu 2:10-12) Njengoba beqonda lokho umhlatshelo kaJesu okushoyo ngabo futhi beqonda ukuthi bangamaKristu agcotshwe ngomoya, ngesizotha badla izifanekiselo zeSikhumbuzo.
22. Yini iningi lalabo abayoba khona eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa eliyoyiqonda?
22 Abaningi balabo ngokulalela abazohlangana ngoApril 10 abanalo lelothemba, ngoba uNkulunkulu akabagcobanga ngomoya, ebabizela ekuphileni kwasezulwini. Njengoba siphawulile, uNkulunkulu waqala ukukhetha izi-144 000 emuva osukwini lwabaphostoli. Kodwa lapho lolobizo luphela, kumelwe kulindelwe ukuthi abanye abeza ukuzomkhulekela babeyoba nethemba ayenalo uMose, uDavide, uJohane uMbhapathizi, nabanye abantu abathembekile abafa ngaphambi kokuba uJesu avule indlela eya ekuphileni kwasezulwini. Ngakho-ke, izigidi zamaKristu athembekile nashisekayo namuhla azizidli izifanekiselo zeSikhumbuzo. AmaKristu anjalo ayakuqonda lokho ayikho phambi kukaNkulunkulu ngomqondo wokuthi aye aqaphela ithemba lawo elisebenzayo. Ayazuza egazini nasemzimbeni kaJesu ngokuthethelelwa izono zawo bese ezuza ukuphila okungapheli emhlabeni.—1 Petru 1:19; 2:24; IsAmbulo 7:9, 15.
23. Kungani iSikhumbuzo siyoba umkhosi ojabulisayo? (Qhathanisa neyesi-2 IziKronike 30:21.)
23 Khona-ke, masibheke phambili emkhosini ojabulisayo ngoApril 10. Kuzoba isikhathi sokusebenzisa ukuqonda kodwa futhi kube isikhathi senjabulo. Injabulo ngenani elincane elinethemba lasezulwini lelo ngokufanelekile nangokulalela elizodla isinkwa liphuze esitsheni. (IsAmbulo 19:7) Injabulo futhi nangezigidi zamaKristu ajabulayo lezo ngalolosuku kusihlwa eziyobukela futhi zifunde nezinethemba lokuwukhumbula phakade emhlabeni lowomkhosi obalulekile.—Johane 3:29.
[Imibhalo yaphansi]
a “Ngobusuku eyakhashelwa ngabo iNkosi uJesu yathatha isinkwa; ibonga, yasihlephula yayisithi: ‘Lona umzimba wami okungowenu; yenzani lokhu njengesikhumbuzo sami.’ Ngokufanayo yathatha isitsha lapho ukudla kwakusihlwa sekuqediwe, yathi: ‘Lesisitsha siyisivumelwano esisha, esiqiniswa ngegazi lami; zonke izikhathi enisiphuza ngazo, kwenzeni njengesikhumbuzo sami.’”—An Expanded Paraphrase of the Epistles of Paul, kaF. F. Bruce.
b Esinye isazi sinikeza lombono mayelana nokuthi kungani kwanezelwa iwayini: “[IPhasika] lalingasezukuba ukuhlangana okungcwele kwabantu abadala besilisa kwaminyaka yonke; lalizoba isenzakalo somkhosi ogujwa umkhaya, ukuphuzwa kwewayini okwathola indawo engokwemvelo kuwo.”—The Hebrew Passover—From the Earliest Times to A.D. 70, kaJ. B. Segal.
c Kusukela ezikhathini zasendulo usawoti, okumhlophe kweqanda, nezinye izinto bekusetshenziselwa ukucacisa noma ukuveza umbala nokunambitheka kwewayini, amaRoma ayesebenzisa ngisho nesibabule njengesibulala-magciwane ekwenzeni iwayini.
Ithini Impendulo Yakho?
◻ Kungani kudluliswa isinkwa esingenamvubelo phakathi neSikhumbuzo, futhi sifanekiselani?
◻ Siyini isitsha esidluliswa phakathi neSidlo SeNkosi Sakusihlwa, futhi simelelani?
◻ Kungani kudingeka ukuqonda mayelana nokugujwa kweSikhumbuzo?
◻ Kungani ubheke phambili eSikhumbuzweni esizayo?