“Umoya Uhlola . . . Ezintweni Ezijulile ZikaNkulunkulu”
“Umoya uhlola ezintweni zonke, ngisho nasezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.”—1 KOR. 2:10.
1. Iyiphi indima yomoya ongcwele uPawulu ayiqokomisayo kweyoku-1 Korinte 2:10, futhi imiphi imibuzo ephakamayo?
YEKA ukuthi sibonga kanjani ngokusebenza komoya ongcwele kaJehova! ImiBhalo ibiza umoya njengomsizi, isipho, ofakazayo nosincengelayo. (Joh. 14:16; IzE. 2:38; Roma 8:16, 26, 27) Umphostoli uPawulu waqokomisa enye indima ebalulekile efezwa umoya ongcwele: “Umoya uhlola ezintweni zonke, ngisho nasezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.” (1 Kor. 2:10) Ngempela, uJehova usebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze embule amaqiniso angokomoya ajulile. Ukube belungekho lolu sizo, kungakanani ebesiyokuqonda ngezinjongo zikaJehova? (Funda eyoku-1 Korinte 2:9-12.) Nokho, kuphakama imibuzo eminingana: ‘Umoya uhlola kanjani ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu’? UJehova wazembula ngobani lezi zinto ekhulwini lokuqala C.E.? Namuhla, umoya uzihlola kanjani lezi zinto ezijulile futhi usebenzisa obani?
2. Iyiphi indlela ekabili umoya owawuyosebenza ngayo?
2 UJesu wabonisa indlela ekabili umoya owawuyosebenza ngayo. Ngaphambi nje kokufa kwakhe, watshela abaphostoli bakhe: “Umsizi, umoya ongcwele, uBaba azowuthumela egameni lami, wona uyonifundisa zonke izinto futhi unikhumbuze zonke izinto enginitshele zona.” (Joh. 14:26) Ngakho, umoya ongcwele wawuyobafundisa futhi ubakhumbuze. Njengomfundisi, wawuyosiza amaKristu ukuba aqonde izinto ayengaziqondi ekuqaleni. Wawuyowakhumbuza izinto ezazichaziwe ukuze akwazi ukuzisebenzisa ngokufanele.
Ekhulwini Lokuqala
3. Imaphi amazwi kaJesu abonisa ukuthi ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu’ zaziyokwembulwa kancane kancane?
3 UJesu ngokwakhe wafundisa abafundi bakhe amaqiniso amaningi ayemasha kubo. Nokho, kwakunokuningi okwakusadingeka bakufunde. UJesu watshela abaphostoli: “Nginezinto eziningi okusamelwe nginitshele zona, kodwa anikwazi ukuzithwala njengamanje. Nokho, lapho efika lowo, umoya weqiniso, uyonihola kulo lonke iqiniso.” (Joh. 16:12, 13) Ngala mazwi, uJesu wabonisa ukuthi izinto ezingokomoya ezijulile zaziyokwembulwa kancane kancane ngosizo lomoya ongcwele.
4. Ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., umoya ongcwele wayifeza kanjani indima yawo yokufundisa nokukhumbuza?
4 Ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., “umoya weqiniso” wafika, wathululelwa kumaKristu angaba ngu-120 ayebuthene eJerusalema. Kwaba khona ubufakazi obubonakalayo nobuzwakalayo balokhu. (IzEnzo 1:4, 5, 15; 2:1-4) Abafundi bakhuluma ngezilimi ezihlukahlukene “ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” (IzEnzo 2:5-11) Manje kwase kuyisikhathi sokwembula okuthile okusha. Umprofethi uJoweli wayekubikezele lokhu kuthululwa komoya ongcwele. (Joweli 2:28-32) Abantu ababebukele babebona ukugcwaliseka kwalesi siprofetho ngendlela okwakungekho noyedwa kubo owayeyilindele, futhi umphostoli uPetru wahola ekuchazeni lesi senzakalo. (Funda izEnzo 2:14-18.) Ngakho, umoya ongcwele wasebenza njengomfundisi ngokucacisela uPetru ukuthi lokho okwakusanda kwenzeka kubafundi kwakugcwalisa leso siprofetho sasendulo. Umoya wabuye wabakhumbuza, ngoba uPetru akazange acaphune incwadi kaJoweli yodwa, kodwa namahubo amabili kaDavide. (IHu. 16:8-11; 110:1; IzE. 2:25-28, 34, 35) Ngempela, lokho bonke labo ababebuthene abakubona futhi bakuzwa, kwakuyizinto ezijulile zikaNkulunkulu.
5, 6. (a) Ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E., imiphi imibuzo ephathelene nesivumelwano esisha okwadingeka iphendulwe? (b) Kwasetshenziswa obani ekuvezeni lezi zindaba, futhi izinqumo zenziwa kanjani?
5 Kunezinto eziningi ezazisadinga ukucaciselwa amaKristu ekhulu lokuqala. Ngokwesibonelo, kwakunemibuzo ngesivumelwano esisha esasiqale ukusebenza ngalolo suku lwePhentekoste. Ingabe leso sivumelwano sasisebenza kuphela kumaJuda nakumaproselithe? Babengamukelwa yini nabeZizwe kuso futhi bagcotshwe ngomoya ongcwele? (IzE. 10:45) Ingabe kwakuyodingeka ukuba abesilisa beZizwe baqale ngokusokwa futhi bazithobe eMthethweni KaMose? (IzE. 15:1, 5) Lena imibuzo eyayibaluleke kakhulu. Kwakudingeka umoya kaJehova ukuze kuhlolwe lezi zinto ezijulile. Nokho, wawuyosebenza ngobani?
6 Kwasetshenziswa abazalwane ababenomthwalo wemfanelo ekuvezeni udaba ngalunye. UPetru, uPawulu noBarnaba babekhona kulowo mhlangano wendikimba ebusayo futhi balandisa indlela uJehova ayesebenzelana ngayo nabeZizwe abangasokile. (IzE. 15:7-12) Indikimba ebusayo yenza isinqumo ngemva kokucabangela lobu bufakazi babo ngesisekelo salokho okwashiwo emiBhalweni YesiHebheru nangosizo lomoya ongcwele. Yabe isibhalela amabandla ukuze iwazise ngaleso sinqumo.—Funda izEnzo 15:25-30; 16:4, 5; Efe. 3:5, 6.
7. Amaqiniso ajulile embulwa ngaziphi izindlela?
7 Ezinye izindaba eziningi zacaciswa ngezincwadi eziphefumulelwe njengezikaJohane, uPetru, uJakobe noPawulu. Kodwa esikhathini esithile ngemva kokuba imiBhalo YamaKristu isiqediwe, zaphela izipho zokuprofetha kanye nolwazi olwalwembulwa ngokuyisimangaliso. (1 Kor. 13:8) Ingabe umoya wawuyoqhubeka ubafundisa futhi ubakhumbuza? Ingabe wawuyoqhubeka usiza amaKristu ekuhloleni izinto ezijulile zikaNkulunkulu? Iziprofetho zabonisa ukuthi wawuyoqhubeka.
Phakathi Nesikhathi Sokuphela
8, 9. Obani ‘ababeyokhanya’ ngokuba nokuqondisisa okungokomoya phakathi nesikhathi sokuphela?
8 Ikhuluma ngesikhathi sokuphela, ingelosi yabikezela: “Abanokuqondisisa bayokhanya njengokukhanya komkhathi; nalabo abaletha abaningi ekulungeni, njengezinkanyezi kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade. . . . Ulwazi lweqiniso luyoba luningi.” (Dan. 12:3, 4) Obani laba ababeyoba nokuqondisisa futhi obani ababeyokhanya? UJesu wanikeza isihluthulelo sokuqonda lokhu emfanekisweni wakhe kakolweni nokhula. Ekhuluma ‘ngesiphelo sesimiso sezinto,’ wathi: “Ngaleso sikhathi abalungileyo bayokhanya ngokukhazimulayo njengelanga embusweni kaYise.” (Math. 13:39, 43) Encazelweni yakhe, uJesu wabiza “abalungileyo” ngokuthi “abantwana bombuso,” amaKristu agcotshiweyo.—Math. 13:38.
9 Ingabe wonke amaKristu agcotshiweyo ‘ayeyokhanya’? Ngomqondo othile kunjalo, ngoba wonke amaKristu ayeyohlanganyela ekushumayeleni, ekwenzeni abafundi nasekwakhaneni emihlanganweni. Abagcotshiweyo babeyohola. (Zak. 8:23) Nokho, ngaphezu kwalokhu, izinto ezijulile zaziyokwembulwa esikhathini sokuphela. Sona kanye isiprofetho uDaniyeli asiloba ‘savalwa’ kwaze kwaba yileso sikhathi. (Dan. 12:9) Umoya wawuyohlola kanjani ezintweni ezijulile futhi wawuyosebenzisa obani?
10. (a) Umoya usebenzisa obani ekwembuleni amaqiniso ajulile kulezi zinsuku zokugcina? (b) Chaza indlela acaciswa ngayo amaqiniso aphathelene nethempeli likaJehova elikhulu elingokomoya.
10 Namuhla, lapho kufika isikhathi sokucacisa udaba olungokomoya, umoya ongcwele usiza abameleli abanomthwalo wemfanelo ‘benceku ethembekileyo neqondayo’ endlunkulu yomhlaba wonke ukuba baqonde amaqiniso ajulile ayengaqondwa ngaphambili. (Math. 24:45; 1 Kor. 2:13) Wonke amalungu eNdikimba Ebusayo ayazihlola izincazelo ezilungiswayo. (IzE. 15:6) Akutholayo ayakunyathelisa ukuze kuzuze wonke umuntu. (Math. 10:27) Ngokuhamba kwesikhathi, kungase kudingeke ukuba kucaciswe ezinye izinto, futhi nalezi zichazwa ngokwethembeka.—Bheka ibhokisi elithi “Indlela Umoya Owakwembula Ngayo Okushiwo Ithempeli Elingokomoya.”
Ukuzuza Endimeni Yomoya Namuhla
11. Wonke amaKristu namuhla azuza kanjani endimeni yomoya ongcwele yokwembula izinto ezijulile zikaNkulunkulu?
11 Wonke amaKristu athembekile ayazuza endimeni yomoya ongcwele yokwembula izinto ezijulile zikaNkulunkulu. NjengamaKristu ekhulu lokuqala, thina namuhla siyatadisha, kamuva sikhumbule futhi sisebenzise ukwaziswa umoya ongcwele osisiza ukuba sikuqonde. (Luka 12:11, 12) Asidingi imfundo yezwe eningi ukuze siqonde amaqiniso ajulile angokomoya aye anyatheliswa. (IzE. 4:13) Singenza kanjani ukuze sithuthukise ukuqonda kwethu izinto ezijulile zikaNkulunkulu? Cabangela lokhu kusikisela okumbalwa.
12. Kufanele siwuthandazele nini umoya ongcwele?
12 Thandazela umoya ongcwele. Ngaphambi kokufunda izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, kufanele siqale ngokuthandaza sicele umoya ongcwele ukuba usiqondise. Lokhu kuyadingeka ngisho noma sisodwa noma sinesikhathi esincane sokufunda. Ngokuqinisekile, izicelo ezinjalo zokuthobeka ziyoyijabulisa inhliziyo kaBaba wethu osezulwini. Njengoba uJesu abonisa, uJehova uyosinika umoya wakhe ongcwele ngokukhululekile lapho siwucela ngobuqotho.—Luka 11:13.
13, 14. Ukulungiselela imihlangano kufeza yiphi indima ekuqondeni izinto ezijulile zikaNkulunkulu?
13 Lungiselela imihlangano. Sithola ‘ukudla ngesikhathi esifanele’ ngesigaba senceku. ‘Inceku’ ifeza indima yayo ngokusinikeza ukwaziswa okusemiBhalweni nangokuhlela izimiso zokufunda nemihlangano. Kusuke kunezizathu ezicatshangelwe kahle zokucela “bonke abazalwane” ukuba bafunde ukwaziswa okuthile. (1 Pet. 2:17; Kol. 4:16; Jude 3) Sibambisana nomoya ongcwele lapho senza konke okusemandleni ukuba silandele lokho okutuswa ukuba sikwenze.—IsAm. 2:29.
14 Lapho silungiselela imihlangano yobuKristu, senza kahle ngokubheka yonke imiBhalo ekhonjiwe futhi sizame ukuthola indlela ngamunye osebenza ngayo endabeni esiyifundayo. Lo mkhuba uyokugxilisa kancane kancane ukuliqonda kwethu iBhayibheli. (IzE. 17:11, 12) Ukuyibheka kwenza indaba ibhaleke engqondweni futhi umoya ongcwele ube ususisiza ukuba siyikhumbule. Ngaphezu kwalokho, uma silifunda eBhayibhelini lelo vesi, indawo elikuyo iyabhaleka engqondweni bese kusisiza ukuba silithole kalula lapho silidinga.
15. Kungani kungafanele sisilele ekufundeni izincwadi zethu, futhi wena ukwenza kanjani lokhu?
15 Ungasileli ekufundeni izincwadi esizitholayo. Ezinye izincwadi ezinyatheliswayo azifundwa emihlanganweni yethu, kodwa zilungiselelwe ukuba zizuzise thina. Ngisho nomagazini esibahambisela umphakathi balungiselelwe kucatshangwa ngathi. Kuleli zwe elimatasa, kuvamile ukuba silinde othile noma into ethile. Uma siphatha incwadi ethile esingakayifundi noma esingakayiqedi, singase sikwazi ukusebenzisa amathuba anjengalawa ukuze sifunde ingxenye ethile. Abanye bagwema ukusilela ekufundeni ngokulalela izinto eziqoshiwe zezincwadi zethu lapho behamba ngezinyawo noma ngemoto. Njengoba zicwaningwe kahle futhi zabhalwa ngendlela engajatshulelwa abafundi abavamile, zonke lezi zincwadi zijulisa ukwazisa kwethu ngezinto ezingokomoya.—Hab. 2:2.
16. Kuzuzisa ngani ukubhala phansi imibuzo esifikelayo nokuyicwaninga kamuva?
16 Zindla. Lapho ufunda iBhayibheli noma izincwadi ezisekelwe kulo, zinike isikhathi sokucabanga ngalokho okufundayo. Njengoba ulandela umqondo osendabeni, ungase ufikelwe imibuzo ethile. Ungase uyibhale phansi imibuzo enjalo futhi uyicwaninge kamuva. Sivame ukucwaninga sijule impela lapho kuwudaba olusithakazelisayo. Ukuqonda esikutholayo kuba ingxenye yengcebo yethu esingacaphuna kuyo lapho kudingeka.—Math. 13:52.
17. Isiphi isimiso enizibekele sona sesifundo somkhaya noma somuntu siqu?
17 Beka isikhathi sokukhulekela komkhaya. INdikimba Ebusayo iye yasikhuthaza sonke ukuba sibekele eceleni ubusuku noma esinye isikhathi isonto ngalinye sesifundo somuntu siqu noma somkhaya. Isimiso esishintshiwe semihlangano yethu sisivulela ithuba lokusisebenzisa lesi seluleko. Nifundani ngobusuku bokuKhulekela Komkhaya? Abanye bafunda iBhayibheli, bacwaninge ngamavesi aphakamisa imibuzo ezingqondweni zabo futhi babhale kulo kafushane amaphuzu awachazayo. Imikhaya eminingi izinika isikhathi sokubonisa ukuthi lokho ekufundayo kusebenza kanjani kubo njengomkhaya. Ezinye izinhloko zemikhaya zikhetha indaba ezinomuzwa wokuthi kudingeka umkhaya uyifunde noma ephathelene nezihloko noma imibuzo lo mkhaya oye wacela ukuba icatshangelwe. Cishe niyocabanga ngezinye izihloko eningazicabangela njengoba isikhathi sihamba.a
18. Kungani kungafanele sibe mathintanyawo ukutadisha amaqiniso ajulile eZwi likaNkulunkulu?
18 UJesu wathi umoya wawuyosebenza njengomsizi. Ngakho akufanele sibe mathintanyawo ukutadisha amaqiniso ajulile eZwi likaNkulunkulu. Amaqiniso anjalo ayingxenye ‘yolwazi ngoNkulunkulu’ oluyigugu, futhi sicelwa ukuba siwahlole. (Funda izAga 2:1-5.) Asembulela okuningi “[ngezinto] uNkulunkulu aye wazilungiselela labo abamthandayo.” Njengoba senza umzamo wokufunda okwengeziwe ngeZwi likaJehova, umoya ongcwele uyosisiza, ngoba “umoya uhlola ezintweni zonke, ngisho nasezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.”—1 Kor. 2:9, 10.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka ne-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-October 2008, ikhasi 8.
Ungaphendula Kanjani?
• Iyiphi indlela ekabili umoya osisiza ngayo ukuba sihlole “ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu”?
• Umoya ongcwele wawembula ngobani amaqiniso ajulile ekhulwini lokuqala?
• Umoya ongcwele usebenza kanjani ekucaciseni izinto osukwini lwethu?
• Yini ongayenza ukuze uzuze endimeni efezwa umoya?
[Ibhokisi ekhasini 22]
Indlela Umoya Owakwembula Ngayo Okushiwo Ithempeli Elingokomoya
Phakathi ‘kwezinto ezijulile zikaNkulunkulu’ ezembulwa ngekhulu lokuqala kwaba ukuthi itabernakele kamuva namathempeli kwakufanekisela ithempeli elikhulu elikhona elingokomoya. UPawulu walibiza ngokuthi ‘itende leqiniso, elamiswa uJehova, hhayi umuntu.’ (Heb. 8:2) Leli kwakuyithempeli elikhulu elingokomoya, ilungiselelo lokusondela kuNkulunkulu elenziwa laba khona ngomhlatshelo nangobupristi bukaJesu Kristu.
‘Itende leqiniso’ laba khona ngo-29 C.E. lapho uJesu ebhapathizwa futhi uJehova emamukela njengalowo owayezoba umhlatshelo ophelele. (Heb. 10:5-10) Ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe, uJesu wangena eNgcwelengcwele yethempeli elingokomoya elethe inani lomhlatshelo wakhe “phambi kukaNkulunkulu.”—Heb. 9:11, 12, 24.
Kwenye indawo, umphostoli uPawulu wakhuluma ngamaKristu agcotshiweyo “[njengakhulela] ekubeni ithempeli elingcwele likaJehova.” (Efe. 2:20-22) Ingabe leli thempeli liyinto efanayo ‘netende leqiniso’ alichaza kamuva encwadini yakhe ayibhalela amaHebheru? Kwaphela amashumi eminyaka izinceku zikaJehova zicabanga ukuthi laliyinto efanayo. Kwakubonakala sengathi amaKristu agcotshiweyo ayelungiswa emhlabeni ukuze abe “amatshe” ethempelini likaJehova lasezulwini.—1 Pet 2:5.
Nokho, lapho kusondela u-1971, amalungu esigaba senceku anomthwalo wemfanelo aqala ukuqonda ukuthi ithempeli uPawulu akhuluma ngalo kweyabase-Efesu alinakuba ithempeli likaJehova elikhulu elingokomoya. Ukube ‘itende leqiniso’ belakhiwa amaKristu agcotshiwe avusiwe, beliyoqala ukuba khona ngemva kokuba ukuvuswa kwawo kuqalile phakathi ‘nokuba khona kweNkosi.’ (1 Thes. 4:15-17) Kodwa uPawulu waloba lokhu ngetabernakele: “Leli tende liwumfanekiso wesikhathi esimisiwe esesikhona manje.”—Heb. 9:9.
Ngokuqhathanisa ngokucophelela le miBhalo neminye, kwaba sobala ukuthi akukhona ukuthi leli thempeli elingokomoya lisakhiwa nokuthi amaKristu agcotshiwe awawona “amatshe” alungiswa emhlabeni ukuze afakwe kulo. Kunalokho, amaKristu agcotshiwe akhonza egcekeni lethempeli elingokomoya naseNgcwele yalo, nsuku zonke enikela kuNkulunkulu “umhlatshelo wokudumisa.”—Heb. 13:15.
[Isithombe ekhasini 23]
Singakuthuthukisa kanjani ukuqonda kwethu ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu’?