Ukwamukela Inselele Yokuvuthwa KobuKristu
“Sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.”—EFESU 4:15.
1, 2. (a) “Isithelo sesisu” singumvuzo ngaziphi izindlela? (b) Yini elindelekile enganeni esanda kuzalwa?
INGANE ephilile neyingqabavu empeleni iyinjabulo enkulu. Kungaba nzima ngabantu ukuzibamba bangahleki ngokuhlekisa kwayo. Iwumthombo wenjabulo enganqamuki nokwesasa, iyakhanga noma kuphi lapho iya khona. Ngokuqondakalayo, abazali bayithanda ‘ngokuziqhenya nenjabulo’ ngayo naphezu kwakho konke ukuhlupha nokukhathaza ekulethayo. Ngempela, “isithelo sesisu singumvuzo.”—IHubo 127:3.
2 Nokho, nakuba ingane ingase ithandeke kanjalo, kwenzekani uma ingabonisi zimpawu zokukhula? Uma ilokhu ikulesosimo ngemva kwezinyanga noma mhlawumbe ngisho iminyaka yokunakekela kothando kwabazali, khona-ke ngokusobala kunokuthile okungalungile neze. Ngempela, ukukhula kufana nokuphila; sikulindela kuzo zonke izinto eziphilayo. Kuwubufakazi bamandla nokuhlakanipha kokudala kukaJehova.—Luka 2:52.
Ukukhula Okungokomoya Kudingekile
3. Ikuphi ukukhula okwabikezelwa uJesu, futhi ikuphi ukugcwaliseka okubonakalayo?
3 Ngokuvumelana nesiprofetho sikaJesu, kunokukhula kolunye uhlobo okwenzekayo. Kuwo wonke umhlaba, “ukuvuna” okungokomoya kuyaqhubeka. (Mathewu 9:37) Ngokwesibonelo, phakathi nonyaka wenkonzo ka-1984, amazwe ayisithupha abika izilinganiso ezingaphezu kwezi-100 000 zabamemezeli boMbuso. Eminyakeni nje emithathu ngaphambidlana, ngo-1981, amazwe amabili kuphela abika kanjalo. Eminyakeni eyisithupha edlule, ofakazi bakaJehova abasha abayizi-827 144 babhapathizwa futhi amabandla amasha angaphezu kwezi-5 000 amiswa. UJehova uye wawusheshisa umsebenzi wakhe.—Isaya 60:22.
4. Uye waba yini umphumela wokukhula phakathi kwabantu bakaJehova kuwo wonke umhlaba?
4 Lezibalo zibonisa ukuthi cishe umuntu oyedwa kwabathathu ohlanganyela njalo nabantu bakaJehova futhi ahlanganyele emsebenzini wokushumayela namuhla uye wabhapathizwa phakathi neminyaka eyisithupha edlule. Ingabe ungomunye wabo? Uma kunjalo, uye waba umthombo wenjabulo enkulu kulabo abakusiza ekufundeni iqiniso, kuwo wonke amaKristu ohlanganyela nawo, nakuYihlo wasezulwini, uJehova uNkulunkulu. (IzAga 27:11) Njengesinyathelo sokuqala esithathwa yingane, isinyathelo owasithatha sokuzinikezela kuJehova siyisehlakalo esijabulisayo. Sabonisa isinyathelo sokuya phambili, sokuqhubeka kuwena. Sasiwuphawu lokukhula.
5. Yimiphi imibuzo okumelwe umuntu ngamunye azibuze yona? Yini engasiza ekutholeni izimpendulo?
5 Kwenzekeni kusukela lapho? Ngokukhathalela kothando kwamaKristu okanye nawo, ingabe ubonisa ubufakazi bokukhula njalo ngokomoya? ‘Ngingazi kanjani?’ ungase ubuze. Phela, khumbula lokho umphostoli uPawulu akusho ngokukhula: “Lapho ngisengumntwana, ngakhulumisa okomntwana, ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okomntwana; kuthe sengiyindoda, ngayeka okobuntwana.” (1 Korinte 13:11) Ngakho, kwakungeyona nje indaba yokuhamba kwesikhathi, kodwa kwakuwukuyeka “okobuntwana” okwamenza indoda evuthiwe. Iyini lemikhuba?
6, 7. (a) Chaza umkhuba owodwa ‘wobuntwana’ kanye nengozi oyilethayo. (b) Lomkhuba ubonakala kanjani? Ungaba yini umphumela?
6 Enye into ngezingane iwukuthi zinomqondo osheshe uzule. Nakuba zikuthanda ukwazi ngazo zonke izinto ezizizungezile, ngeke wazi ukuthi zicabanga ukwenzani, ziyaguquguquka, futhi azimi ndawonye. Ngokusobala, noma ubani ohlala esimweni esinjalo usengozini enkulu ngokomoya. Ngokunokwenzeka, ‘angashukunyiswa okwamaza, epheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisa,’ njengoba umphostoli uPawulu akuchaza kwabase-Efesu 4:14.
7 Amaza nomoya kungaqubuka ngokushesha njengokunqamuka kwakho. Namuhla, uma kuhleliwe ukuba izinto ziphele, imikhuba evamile, izitayela, kanye nezimfashini kuyafika kubuye kudlule. Izinto ezazicatshangelwa njengezibalulekile esikhathini esingekude esidlule seziyisidala ngokuphelele futhi sezikhohlakele. Kungakhathaliseki ukuthi kukwezokuzijabulisa, ezokugqoka nezokuzilungisa, noma yini enye, yeka indlela okuwubuwula ngayo—nokuwubuntwana ngayo—ukuhileleka njalo ekufuneni nasekutholeni okwamuva kuyo yonke into, ezobuye nje ibe yisidala futhi ingabe isathandwa ngokushesha. Ezindabeni ezingokomoya, umphumela wokuntengantenga okunjalo ungaba ngobhubhisayo.—Qhathanisa noJakobe 1:6-8.
8. Uyini omunye umkhuba wezingane ezingokomoya, futhi iyiphi ingozi oyilethayo?
8 Omunye umkhuba ‘wezingane’ uwukuthi zinolwazi oluncane kakhulu lwalokho okuhle noma okubi, okulungile noma okungalungile. Ngokufanayo, izingane ezingokomoya azikabi nawo ‘umqondo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi,’ futhi kungakho umphostoli uPawulu anxusa amaKristu akanye nawo ukuba ‘aqhubekele kokupheleleyo, angabuyi abeke isisekelo.’ (Heberu 5:14; 6:1) Labo abayizingane ezingokomoya badinga ukuqinisekiswa njalo ukuthi lokho abaye bakwamukela njengokuyiqiniso kuyiqiniso ngempela, nokuthi lokho abaye bafundiswa ukukwenza yilokho okumelwe bakwenze ngempela. Badinga usizo ngisho nasezintweni eziyisisekelo. Ngaphandle kwalokho badidwa, bakhungathekiswe, futhi banqotshwe kalula ukungabaza okungalimaza ukholo lwabo.
9. Kungani kumelwe samukele inselele yokuvuthwa kobuKristu?
9 Wake waqaphela yini ukuthi izingane zikushisekela njalo ukwenza lokho ezibona abantu abadala bekwenza? Yebo, kuzo, kumane nje kuwumdlalo. Akungabazeki, ingxenye yenjabulo isekukwazini ukwenza lokho ezifuna ukukwenza ngaphandle kokwamukela umthwalo wemfanelo ohambisana nakho. Kakade, yilokho okuyindlela yokuphila komntwana. (Bheka uMathewu 11:16, 17.) Kodwa kanye nokukhula nokuthuthuka, kuza umsebenzi nomthwalo wemfanelo. Kuyinselele okumelwe umntwana asizwe ukuba ayamukele. Indlela ayoyamukela kahle ngayo iyobonisa, ngokwesilinganiso esikhulu, ukuphumelela noma ukwehluleka kwakhe ekuphileni kamuva. Ngokomoya, kubaluleke ngisho nangokungaphezulu ukuba ngamunye wethu acabangele ngokungathi sína inselele yokuvuthwa kobuKristu. Ingabe uzimisele, futhi uyakushisekela ukwamukela umthwalo wemfanelo oza nokuba umuntu ongokomoya okhule ngokuphelele, novuthiwe? Noma ingabe umane nje uyalandela, wenze abanye bakuthwalele imithwalo yakho yemfanelo?—Galathiya 6:4, 5.
Ukuvuthwa KobuKristu—Kuyini?
10. Kungani uPawulu ayala amaKristu angamaHeberu ukuba ‘aqhubekele kokupheleleyo’?
10 Lapho umphostoli uPawulu eluleka amaKristu ukuba ‘aqhubekele kokupheleleyo,’ yini ayenayo engqondweni? (Heberu 6:1) Umongo wendaba ubonisa ukuthi uPawulu ekuqaleni wayenokuningi kokukusho kumaKristu angamaHeberu ngokuphathelene “nompristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki,” uJesu Kristu. Kodwa waba nomuzwa wokuthi babengakakulungeli ngoba lokho ayenakho engqondweni ‘kwakulukhuni ukukuchasisa.’ (Heberu 5:10, 11) Kunalokho, wabakhumbuza: “Senaba-ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo. Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi-lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane. Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.”—Heberu 5:12-14; qhathanisa noJuda 3.
11. Ukuba ngovuthiwe kusho ukuthini?
11 Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi ukuvuthwa kumane nje kuyindaba yokuba nolwazi lwezinto ezijulile zeBhayibheli? Nakuba ukuvuthwa kobuKristu kuhlanganisa ulwazi nokuqonda iBhayibheli, kunokuningi okwengeziwe kukho. Ukuqonda amazwi asetshenziswa umphostoli uPawulu kuyosisiza ukuba sibone lendaba ngokukhanya ngokwengeziwe. Igama lesiGreki elihunyushwe ngelithi “ukuvuthwa” ute·lei·oʹtes, nesiphawulo “ukuvuthwa” lihunyushwe egameni uteʹlei·os. Lawomazwi ahlobene noteʹlos, okusho “isiphelo.” Khona-ke, iExpository Dictionary of New Testament Words, kaW. E. Vine, ichaza ukuthi ukuba ngovuthiwe (teʹlei·os) “kusho ukufinyelela umkhawulo (teʹlos), ukuphela, ukugcwala, ukuphelela.” Khona-ke, umKristu ovuthiwe yilowo osefinyelele umkhawulo othile, noma umgomo. Uyini lomgomo?
12. Ngokweyabase-Efesu 4:11-13, ukuvuthwa kuhlanganisani?
12 Umphostoli uPawulu, kwabase-Efesu 4:11-13, wachaza ukuthi uKristu Jesu, njengenhloko yebandla lobuKristu, uye wenza amalungiselelo amaningi okusiza “abangcwele” ukuba bafinyelele lowomgomo, okungukuthi, size “sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu.” Lapha, ukuba ngovuthiwe, noma okhule ngokugcwele (teʹlei·os ngesiGreki), akuhlobene nje kuphela nokuba ‘nolwazi’ kodwa futhi ‘nobunye bokukholwa’ nasekuzibekeleni isilinganiso esifana nesobukhulu obafinyelelwa uKristu.
13. Kungani kungeke kube khona ukuvuthwa kobuKristu ngaphandle ‘kobunye bokukholwa’?
13 ‘Ubunye bokukholwa’ bubonisa ubunye. Ngaphambi kokuba umuntu afunde ‘ngenkolo eyodwa,’ kungenzeka wayenemiqondo nemibono yakhe ngendlela okumelwe kwenziwe ngayo izinto, ngalokho okulungile nokungalungile, njalonjalo. (Efesu 4:4, 5) Uma evumela imiqondo enjalo ukuba iphikelele, uyokuthola kunzima kakhulu ukukhula ngokomoya. UPawulu wake wabiza amaKristu ebandla lasendulo laseKorinte ngokuthi “izingane kuKristu” nangokuthi “angabenyama” ngoba ayehlukaniswe “umhawu nokuphikisana,” abanye bethi balandela uPawulu, abanye uApholo. (1 Korinte 3:1-4) Khona-ke kungabonakala kalula ukuthi, ubunye noma ‘ubunye bokukholwa,’ kuyahambisana nokuvuthwa kobuKristu. Ngeke kube khona okunye ngaphandle kokunye. Ngakho-ke kumelwe sizibuze: Ingabe siye salahla izindlela zethu zangaphambili zezwe zokucabanga? Ingabe siyakubona ukubaluleka kobunye emqondweni nasesenzweni kubantu bakaJehova? ‘Ubunye bokukholwa’ buyimfuneko ebalulekile yokuvuthwa kobuKristu.—Efesu 4:2, 3.
14. Yini enye ukuvuthwa okuhlobene nayo?
14 Ukuvuthwa kobuKristu kuhlobene futhi nokuba ‘nesilinganiso sobukhulu sokugcwala kukaKristu.’ Lokhu kusho ukuthini? UPawulu uyaqhubeka athi labo abafinyelela lelizinga abasezona izingane, ‘beshukunyiswa okwamaza, bepheshulwa yimimoya yonke yezimfundiso ngenkohliso yabantu’ ngobuqili abaceba amanga. Kunalokho, banolwazi oluqondile lweqiniso. Baye bakhula othandweni lukaKristu, futhi baveza ezinye izimfanelo zikaNkulunkulu, njengokuhlakanipha, ukulunga, namandla. (Efesu 4:13, 14; Johane 15:12, 13; 1 Korinte 1:24, 30; 2:7, 8; IzAga 8:1, 22-31) Nakuba thina, njengabantu abangaphelele, singeke sifinyelele ngokuphelele ‘isilinganiso sikaKristu,’ ngokuqinisekile singamenza iSibonelo sethu, sizibekele isiphetho, noma umgomo, wokuthuthukisa ubuntu obufanayo bokwesaba uNkulunkulu. (Kolose 3:9) Kulelozinga esifinyelela ngalo lomgomo siyavuthwa.
Khulani Ngothando
15. Isiphi isinyathelo sokuqala ekuphokopheleni ukuvuthwa?
15 Njengoba sesicabangele okushiwo amazwi athi “ukuvuthwa kobuKristu,” sidinga ukwazi indlela esingakufinyelela ngayo. Njengoba sibonile, amaHeberu 6:1 abonisa ukuthi ekuphishekeleni ukuvuthwa kobuKristu kunesisekelo esithile okumelwe sakhele kuso. Uma lokhu sekwenziwe, imizamo enezelwe ingaqondiswa ekuqhubekeleni ekuvuthweni. Okokuqala phakathi kwezinto ezihlukahlukene ezakha lesosisekelo ‘ukuphenduka emisebenzini efileyo.’
16. Kukuyiphi ‘imisebenzi efileyo’ okumelwe siphenduke kuyo?
16 Ngokusobala, ‘imisebenzi efileyo’ ihlanganisa imisebenzi yenyama ebuthakathaka, leyo, uma ingaqashelwa, engaholela ekufeni. Kalula siyakubona ukona okusobala okufana nobufebe, ukungcola, ukuziphatha okuxekethile, kanye nemimoya njengezono, futhi siyakubalekela. Kodwa imisebenzi yenyama, ‘imisebenzi efileyo,’ ihlanganisa futhi lokho abanye abangase bakubize ngokuthi imikhuba yobuntu efana nobutha, ukulwa, umona, ukuthukuthela, ukubanga, ukwalana, ukwahlukana, nomhawu. (Galathiya 5:19-21) Ngaphandle kokuba lemikhuba yobuntu ikhunyulwe futhi kwembathwe “umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso,” akunakwenzeka ukuba umuntu enze noma ikuphi ukuqhubekela ekufinyeleleni ukuvuthwa kobuKristu.—Efesu 4:22-24.
17. Yini enye engacatshangelwa ‘njengemisebenzi efileyo’? Ngani?
17 Ngaphandle kwemisebenzi yenyama, ‘imisebenzi efileyo’ leyo okumelwe sizihlukanise nayo ihlanganisa futhi imisebenzi neminako eyize, engazuzisi nefile ngokomoya. Kungase kube amasu okwenza imali, nawokuceba ngokushesha. Kungase kube amacebo okuzikhandla nadla isikhathi emfundo ephakeme, noma kungaba izinhlangano zezwe zokuguqula ezenhlalo, ukuthula, njalonjalo. Zonke lezinto zingase zibonakale zinobuhle obuthile kuzo, kodwa ‘ziyimisebenzi efileyo’ ngoba zingabangela ukufa ngokomoya kulabo abangena ogibeni lwazo. Bonke labo abanesithakazelo sokufinyelela ukuvuthwa kobuKristu kumelwe ‘baphenduke’ noma bayeke ukuphishekela ‘imisebenzi efileyo’ njengaleyo, balandele iseluleko sikaJesu ‘sokufuna kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga [kukaNkulunkulu].’—Mathewu 6:33.
18, 19. (a) Kweyabase-Efesu 4:15, kushiwoni ‘ngokukhuluma iqiniso’? (b) Kuhlobene ngani nokuvuthwa kobuKristu?
18 Lapho isisekelo sesakhiwe, yini elandelayo? UPawulu uyeluleka: “Kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.” (Efesu 4:15) Okokuqala, siyaphawula ukuthi uPawulu ukhuluma ngesidingo ‘sokukhuluma iqiniso.’ Lawomazwi ngokusobala ahlanganisa okungaphezu nje kokukhuluma; empeleni asho “ukulondoloza iqiniso.” (Kingdom Interlinear) Ezinye izinguqulo zikuhumusha ngokuthi “phila ngeqiniso”; “ngothando landela iqiniso ngazo zonke izikhathi—ukhulume ngeqiniso, wenze ngeqiniso, uphile ngeqiniso.”—Efesu 4:15, The Jerusalem Bible; The Living Bible.
19 Khona-ke, ukuphishekela ukuvuthwa kobuKristu kudinga ukuba silondoloze, noma siphakamise, iqiniso ngendlela esiphila, sikhulume, senze, futhi sisebenzelane ngayo nabanye. Lokhu kusho ukusebenzisa ezindabeni zethu zansuku zonke ulwazi lweBhayibheli esiye saluzuza futhi khona-ke sibe phakathi kwalabo “abathe ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.” (Heberu 5:14) Ingabe uyakwenza lokhu? Ingabe ucabanga ngokwezimiso zeBhayibheli isikhathi ngasinye ubhekene nesinqumo? Ingabe uyayamukela inselele yokuba umKristu ovuthiwe, uphakamisa iqiniso ngezwi nangenkambo, noma ukhetha ukuba yingane engokomoya, ukhululeke emithwalweni yemfanelo futhi ukhululekele ukuphishekela izifiso nezithakazelo zakho siqu?
20, 21. (a) Uthando luhlangene kanjani nokukhulela ekuvuthweni? (b) Imiphi imibuzo elinde ukuchazwa okuqhubekayo?
20 UPawulu uthi: “Sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu.” (Efesu 4:15) Lapha, uPawulu ukhomba into ebaluleke kakhulu—isisusa. Kweyoku-1 Korinte 13:1-3 ubonisa ukuthi imisebenzi engase ibe usizo ngenye indlela iba engazuzisi ngokuphelele uma yenziwa kungekho sisusa esihle. Khona-ke kumelwe sihlole isisusa sethu ngakho konke esikwenzayo. Ingabe kwenzelwa ukubukwa ngabanye, ukubahlaba umxhwele ukuze bacabange ukuthi sivuthiwe? Noma, kunalokho, ingabe kwenziwa ngothando ngoNkulunkulu nothando ngomakhelwane? Lapho uthando luyisisusa sethu, ‘siyokhula kukho konke,’ sibe amaKristu alinganiselayo, athembekile, avuthiwe, simqaphela ngokugcwele lowo “oyinhloko, uKristu.”
21 Nakuba ukulwela ukufinyelela ukuvuthwa kobuKristu kuwumgomo obalulekile, akusona isiphelo. Uma umuntu esefinyelele lomgomo, ingabe kukhona okwengeziwe ngaye kokukwenza? Kuthiwani ngalabo abebeseqinisweni iminyaka eminingi futhi abaye bafinyelela umgomo wokuvuthwa kobuKristu? Lokhu sizokucabangela esihlokweni esilandelayo.
Ungachaza?
◻ Imiphi eminye imikhuba “yobuntwana,” futhi iziphi izingozi ezibekayo?
◻ ‘Ubunye bokukholwa’ ‘nokugcwala kukaKristu’ kuhlobene kanjani nokuvuthwa?
◻ Ukuze sifinyelele ukuvuthwa kobuKristu, imiphi ‘imisebenzi efileyo’ okumelwe siyiyeke?
◻ Umuntu ukhula kanjani ‘ngothando’?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
EMINYAKENI EYISITHUPHA EDLULE
—OFakazi abasha abayizi-827 144 babhapathizwa
—Amabandla angaphezu kwezi-5 000 amiswa
—Kulabo manje abahlanganyela emsebenzini wokushumayela, oyedwa kwabathathu wabhapathizwa phakathi nalesikhathi
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
Phakathi no-1984, amazwe ayisithupha aba nesilinganiso sabamemezeli boMbuso abangaphezu kwezi-100 000
[Isithombe ekhasini 11]
Abaningi namuhla bakhetha inkonzo kuneminako yezinto ezibonakalayo