-
Iminyaka Eyikhulu Ngaphansi Kokubusa KoMbuso!INqabayokulinda—2015 | Novemba 15
-
-
2. Bangaki abezwa umyalo olotshwe kuMathewu 28:19, 20, futhi kungani sisho kanjalo?
2 Ngemva nje kokuvuswa kwakhe, uJesu wahlangana nesixuku sabantu ababengaphezu kuka-500 ababengase babe abafundi. (1 Korinte 15:6) Mhlawumbe kungalesi sikhathi lapho uJesu akhipha khona umyalo wokuba kushunyayelwe ‘kubantu bazo zonke izizwe.’ Lo msebenzi wawungeke ube lula.a Wabatshela ukuthi umsebenzi wokushumayela wawuyoqhubeka isikhathi eside, kuze kube “isiphelo sesimiso sezinto.” Lapho ushumayela izindaba ezinhle namuhla, usiza ekugcwaliseni leso siprofetho.—Mathewu 28:19, 20.
-
-
Iminyaka Eyikhulu Ngaphansi Kokubusa KoMbuso!INqabayokulinda—2015 | Novemba 15
-
-
a Kungenzeka abaningi kuleso sixuku baba amaKristu. Kungani sisho kanjalo? Kungenxa yokuthi umphostoli uPawulu ubabiza ngokuthi ‘abazalwane abangaphezu kwamakhulu amahlanu.’ Ubuye athi: “Abaningi [kubo] basekhona namanje, kodwa abanye sebelele.” Kubonakala sengathi uPawulu namanye amaKristu babebazi abaningi balabo ababezizwele mathupha lapho uJesu ekhipha umyalo wokushumayela.
-