Ukusakaza Amakha Olwazi NgoNkulunkulu
‘Makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi ngaye ezindaweni zonke.’—2 KORINTE 2:14.
1. Yimaphi amakha esixoxa ngawo lapha, futhi kumelwe libhekwe kanjani ilungelo lokuwasakaza?
HOGELA, hogela! M-m-m-m! Ingabe uyalizwa iphunga lamakha amnandi? Lapha asibhekiseli emakheni ezimbali eziqhakazayo, kodwa kunalokho, emakheni angokomfanekiso athaphuka emibhalweni emihle kunayo yonke emhlabeni. Lemibhalo akuyona leyo evela kubantu abangelutho kodwa ingamakha angokomfanekiso aphefumlelwe yiLowo owadala nezimbali ezinamakha ezihlobisa umhlaba. Ilungelo lokusakaza lamakha olwazi ngoNkulunkulu liyingcebo enkulu. Yebo, liyinkonzo eyigugu ngokukhethekile—okungeyona eyabo bonke, okungesona sonke isintu esihlanganyela kuyo.
2. Abafundi bakaKristu baqala nini ukusakaza amakha angokomfanekiso, futhi kwaba namuphi umphumela?
2 Lengcebo eyigugu yanikezwa abafundi bakaKristu lapho bengeniswa enkonzweni yenkuthalo eyenzelwa uJehova uNkulunkulu ngosuku lwePentekoste ngonyaka ka-33 weSikhathi sethu Esivamile. Begcwele umoya ongcwele, baqala ukusakaza amakha angokomfanekiso, bechaza ‘imisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.’ (IzEnzo 2:1-4, 11) Ngabo amakha olwazi ngoNkulunkulu ayezokuya kwabanye, hhayi kumaJuda emvelo asokile kuphela kodwa nasezizweni ezingasokile, imindeni, abantu, nezilimi. (IzEnzo 10:34, 35) Abafundi beqiniso babebheka lenkonzo njengebaluleke kunayo yonke ingcebo yezinto ezibonakalayo abantu abaziqongelelela yona.
3. Umsebenzi wokusakaza amakha olwazi ngoNkulunkulu uqhutshwa ngezinga elingakanani, futhi kudingeka sizibuze muphi umbuzo?
3 Namuhla, umsebenzi omkhulu wokusakaza amakha olwazi ngoNkulunkulu wenziwa emhlabeni wonke—ngesilinganiso esikhulu kunanini ngaphambili emlandweni wesintu. Uhilela ukufakaza kuso sonke isintu ngoMbuso kaNkulunkulu osumiswe ngaphansi kweNkosi yakhe emisiwe, uJesu Kristu. (Mathewu 6:10; IzEnzo 1:8) Ingabe ubheka inkonzo yokumemezela iNkosi noMbuso wayo njengengcebo eyigugu? UJesu Kristu, owaqalisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zalowoMbuso, wayeyazisa ngaleyondlela, ebeka isibonelo.—Mathewu 4:17; 6:19-21.
Ukuqhola Ngamakha Indlela Yodwendwe Lokunqoba
4. Ngokweyesi-2 Korinte 2:14, uNkulunkulu uzihola kanjani manje izinceku zakhe emhlabeni, futhi amazwi kaPawulu abhekisela kumuphi umkhuba wasendulo?
4 Kungani ukukhonza uNkulunkulu kungokuthile okumelwe kwaziswe? Esinye isizathu siwukuthi ngisho namanje labo abakhonza uJehova banelungelo eliphawulekayo lokuholwa uNkulunkulu odwendweni oluhle lokunqoba. NgokweNew International Version, eyesi-2 Korinte 2:14 ithi: “Makabongwe uNkulunkulu, osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu futhi osakaza ngathi amakha olwazi ngaye kuyo yonke indawo [“wenza ulwazi lwethu ngaye lusakazeke kuwo wonke umhlaba njengamakha amnandi!” Phillips].” Lawomazwi omphostoli uPawulu abonakala ebhekisela emkhubeni wasendulo wokuba nezindwendwe zokunqoba.a
5, 6. (a) Yini eyayenzeka phakathi nodwendwe lokunqoba lwamaRoma asendulo, futhi amakha amnandi ayebonisani kubantu abahlukahlukene? (b) Ikuphi ukusebenza okungokomoya komfanekiso okweyesi-2 Korinte 2:14-16?
5 Ezinsukwini zeriphabuliki yaseRoma, esinye seziqu eziphakeme kakhulu isiGele esasingasinika ujenene onqobayo sasiwukumvumela ukuba agubhe ukunqoba kwakhe ngodwendwe lokunqoba olubizayo. Udwendwe lwamaRoma lwaluhamba kancane lugudle iVia Triumphalis futhi lukhuphuke ngomqansa omazombezombe luye ethempelini likaJupitheri phezu kweCapitoline Hill. Amakhosi, amakhosana, nojenene abathunjwe empini, nabantwana nezinceku zabo, babeqhutshwa beboshwe ngamaketanga, ngokuvamile benqunu, ukuze balulazwe futhi bahlazeke.
6 Njengoba udwendwe lwaludlula emzini waseRoma, abantu babephonsa izimbali phambi kwenqola yomnqobi, futhi impepho eshunqayo yayinuka yonke indlela. Lamakha amnandi ayesho iziqu nokuphila okulondeke ngokwengeziwe kwamasosha anqobile. Kodwa ayesho ukufa kubathunjwa abangaxolelwe ababezobulawa ekupheleni kodwendwe. Lokhu kwenza sikhanye isizathu sokusebenzisa okungokomoya kukaPawulu umfanekiso okweyesi-2 Korinte 2:14-16. Lowomfanekiso uveza uPawulu namaKristu akanye nawo njengezinceku zikaNkulunkulu ezizinikele, ‘kanye noKristu,’ bonke belandela uhide lukaNkulunkulu olunqobayo futhi beholwa uYe odwendweni olukhulu lokunqoba endleleni eqholiwe.
Amakha Okuphila Noma Iphunga Lokufa
7, 8. (a) OFakazi BakaJehova bawasakaza kanjani amakha amnandi olwazi ngoNkulunkulu? (b) Njengoba oFakazi besakaza amakha angokomfanekiso, kuyini ukusabela kwalabo abasindiswayo? (c) Labo abalahlwayo basabela kanjani?
7 Ngokusakaza kabanzi kuyo yonke indawo amaqiniso eBhayibheli aphathelene noMbuso kaNkulunkulu ngaphansi kukaKristu, oFakazi BakaJehova basakaza, baveza, futhi babonise obala kuyo yonke indawo amakha amnandi olwazi ngoNkulunkulu onomusa oqiniso lakhe liye labakhulula enkolweni yamanga. Bamasha ngokunqoba enkonzweni kaJehova. Iminikelo yabo yenkonzo njengoFakazi bakhe neNkosi yakhe injengempepho ethokozisayo kuJehova. Ngaleyondlela, singakuqonda lokho lowomphostoli ayekusho lapho ethi: “Siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo, kulaba siyiphunga lokufa kube-ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube-ngukuphila [“amakha abalulekile aletha ukuphila,” The New English Bible; “amakha aqabulayo okuphila uqobo,” Phillips].”—2 Korinte 2:15, 16.
8 Abantu abaqotho abanesimo sezimvu bayabuzwa ubumnandi bolwazi lukaJehova njengoba lusakazwa oFakazi bakhe. Kubantu abanjalo umsebenzi wokufakaza unephunga lempilo nokuphila, leqiniso eliphilayo, elinikeza ukuphila. Bayisa ukubonga kuJehova neNkosi yakhe, okuyiyona abahlanganyela odwendweni lwayo lokunqoba, futhi bamemeza kakhulu: “Insindiso ngekaNkulunkulu wethu ohlezi esihlalweni sobukhosi neyeWundlu.” (IsAmbulo 7:10) Bahogela umoya weqiniso loMbuso, ongamakha okuphila aqabulayo aholela ekuphileni. Kodwa uSathane namademoni akhe baye baphendukezela amandla okuzwa iphunga lalabo ababambelele enkolweni yamanga, ukuze bavale amakhala futhi balenqabe ngendelelo iqiniso. Kulabo “abalahlwayo,” iqiniso nabaphathi balo abathembekile kusakaza iphunga lokufa eliholela ekufeni. Noma njengoba iNew International Version ikubeka: “Kulowo siyiphunga lokufa.” Inguqulo kaPhillips ikuhumusha ngokuthi: “Kwabaphawulwe kamuva kubonakala kunjengephunga lokufa elibulalayo.”
9. UPawulu ubuza muphi umbuzo manje, futhi ubungaphendula kanjani, futhi ngani?
9 “Ngubani ongangalokho na?” kubuza umphostoli uPawulu. (2 Korinte 2:16) Lokho kusho ukuthi, “ubani ongafanelekela umsebenzi onjengalona?” (The Jerusalem Bible) “Futhi ubani ofanelekela ukwenza inkonzo enjena?” (Weymouth) Impendulo engokomBhalo ithi: oFakazi BakaJehova! Ngani? Ngoba labo abazinikezele abathembekile, abaqotho, nabangafuni nzuzo yobugovu nalabo abakhuluma iqiniso, ngokungagwegwesi nangokungayekethisi ngenkolo yamanga, yibona kuphela abafanelekela lomsebenzi wokusakaza amakha olwazi ngoNkulunkulu.—Kolose 1:3-6, 13; 2 Thimothewu 2:15.
10. Kungani abefundisi bengawufanelekeli umsebenzi wokusakaza amakha olwazi ngoNkulunkulu?
10 Abefundisi beLobukholwa, abafuna ukuma okuhle nalelizwe, bayahluleka ukufanelekela lenkonzo engenabugovu. Ngani? Ngoba bayahluleka ukuhlangabezana nemfuneko eboniswa inkulumo kaPawulu: “Asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.” (2 Korinte 2:17) Noma njengoba iNew International Version ikubeka: “Ngokungafani nabaningi kakhulu, asithengisi izwi likaNkulunkulu ukuze sithole inzuzo. Ngokuphambene nalokho, sikhuluma ngoKristu phambi kukaNkulunkulu ngobuqotho, njengabantu abathunywe uNkulunkulu.”
11, 12. (a) Kungani oFakazi bengebona ‘abathengisi bezwi likaNkulunkulu’ ngenxa yokwamukela iminikelo? (b) Ngokuphambene nohlobo olonakele lobuKristu oluthengwa abaningi, yini oFakazi BakaJehova abayinikezayo?
11 OFakazi BakaJehova bathunywe uNkulunkulu, futhi benza umsebenzi wabo wokufakaza bebhekwe uNkulunkulu. Nakuba benika abantu abathakazelayo izincwadi eziyigugu nezinye ezichaza iZwi likaNkulunkulu futhi beyamukela iminikelo yokuzithandela yomsebenzi womhlaba wonke wokushumayela ngoMbuso, umkhuba onjalo awukhona ukuthengisa noma ukonakalisa iZwi likaNkulunkulu. Eqinisweni, iminikelo enjalo imane nje iwusizo ekusakazweni kolwazi ngoNkulunkulu kwabanye.
12 Abaningi kakhulu namuhla, bazi noma bengazi, baye bathenga uhlobo olonakele lobuKristu, ngenxa yokuthi luvumelana nezifiso zabo zobugovu futhi aluyiminyanisi indlela yabo yokuphila. Bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyabamukela ngenxa yokuzisholo kwabo ukuthi banothando ngaye ezinhliziyweni zabo. Nokho, lapho iZwi likaNkulunkulu libonakala lishayisana nezinkolelo zabo nokuziphatha, basonta imiBhalo ukuze baphakamise imibono yabo siqu ngaphezu kokuqonda okufanekile kweBhayibheli. (Mathewu 15:8, 9; 2 Petru 3:16) Kodwa oFakazi BakaJehova banikeza iqiniso elimsulwa, elingonakalisiwe elivela eBhayibhelini, ngaleyondlela bekhiqiza amakha amnandi amukelekayo kuNkulunkulu nakubakhulekeli bakhe beqiniso. Ngaleyondlela baxosha wonke amasiko nezithiyo ezingokwenkolo okuphazamisa ukuba nolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu.
13. Ngaphandle kwamaKristu agcotshiwe, obani abasodwendweni lukaNkulunkulu lokunqoba, futhi yini abayenzayo nomaphi lapho beya khona?
13 Ngempela, ukuba sodwendweni lukaNkulunkulu lokunqoba kanye noKristu kuyilungelo elingenakuqhathaniswa elingeke lijatshulelwe amaKristu agcotshiwe kuphela kodwa futhi ‘nayisixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ ngisho namanje, ngoba ukunqoba koMbuso kuseduze. (IsAmbulo 7:4, 9; Johane 10:16) Njengoba silindele okunye ukunqoba kweNkosi yethu enqobayo, nomaphi lapho siya khona sisakaza ulwazi ngoNkulunkulu olunikeza ukuphila njengamakha, noma impepho eyigugu, kulabo abazinhliziyo zabo zilangazelela iqiniso nokulunga. Yeka ilungelo okuyilo ngalabo abafanelekela lomsebenzi ophawulekayo!—Johane 17:3; Kolose 3:16, 17.
Ukugunyazwa Ukuba Abaqholi Abangabantu
14. Kungani labo abasakaza amakha olwazi lukaNkulunkulu bengadingi isitifiketi sokubagunyaza esivela kubantu?
14 Kodwa ingabe labo abasakaza amakha olwazi ngoNkulunkulu nangoMbuso wakhe badinga idiploma noma isitifiketi esibagunyazayo esivela kubantu? Cha! Sesithunyiwe kakade, noma samiswa, njengoFakazi baLowo oPhakeme endaweni yonke. Ngakho, akudingeki singabaze ukuya ensimini sisakaze amakha ezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Khumbulani ukuthi uJehova uyasihola. UJesu wafeza inkonzo yakhe naphezu ‘kokuphikwa yizoni.’ (Heberu 12:3) Nokho, umbiko kaJesu womsebenzi wasensimini, njengoba utholakala eBhayibhelini, usalokhu uyiqiniso, futhi umsebenzi wakhe wasensimini uyamncoma futhi ufakazela ukuthi wayeyisikhonzi seqiniso sikaJehova uNkulunkulu.
15. Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi amaKristu eqiniso awazidingi “izincwadi zokusincoma”?
15 Umphostoli uPawulu wahlangabezana nesimo esifanayo esibeka inselele osukwini lwakhe ngokusho lenkulumo: “Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na? Nina niyincwadi yethu elotshwé ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke, nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi-sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.”—2 Korinte 3:1-3.
16. Luhlobo luni lwencwadi oFakazi BakaJehova abayivezayo njengobufakazi obusobala bokuthi inkonzo yabo ivela kuNkulunkulu?
16 Iziphathi-mandla zezwe azikuqapheli ukuthunywa kwethu njengoFakazi BakaJehova. Kodwa umsebenzi wethu wokusakaza amakha olwazi ngoJehova mawuzikhulumele! Lomsebenzi awunakucishwa, nakuba abanye abantu benqaba ukufunda lobufakazi obusobala benkonzo yethu. Abefundisi bakhipha amaphepha abo ezitifiketi avela ezindikimbeni ezilawulayo zabefundisi. Nokho, okunjalo kungamaphepha angasebenzi, izwi lomuntu. OFakazi BakaJehova, ngaphandle kokucaphuna okubasekelayo okuvela eZwini likaNkulunkulu, bawubufakazi obuphilayo. Isixuku esikhulu sezinye izimvu esiye safinyelelwa ngezindaba izinhle zoMbuso siye futhi sabuthelwa kwesokudla seNkosi kaJehova. (Mathewu 25:33, 34) Bonke laba bayincwadi yethu yokuncoma, incwadi thina njengoFakazi BakaJehova esihamba nayo noma kuphi ezihliziyweni nasezingqondweni zethu nesingayiveza ngeqholo. Labo abama ohlangothini lobukhosi bukaNkulunkulu bendawo yonke nabahlanganyela ekukhonzeni uNkulunkulu kanye noFakazi BakaJehova ngokwabo bayincwadi yokuncoma engenakukubalekela ukufundwa nokwaziwa yibo bonke abantu.
17. “Incwadi” yethu “kaKristu” ibhalwa kanjani, futhi kungani uPawulu ethi iqoshwa ezinhliziyweni?
17 Njengoba ungase ulindele, lokhu kwenza abanamathele enkolweni yamanga bathukuthele futhi babe nomona lapho beyifunda. Nakuba kunjalo, isixuku esikhulu sezinye izimvu esandayo siyincwadi yokuncoma evela kuJesu Kristu, uMalusi Omuhle, osebenzisa bonke oFakazi BakaJehova emsebenzini wakhe wokwelusa. Siyipeni, noma ithuluzi elingabantu, alisebenzisayo ekubhaleni lencwadi. Lencwadi ayibhalwa ngoyinki ongasuleka, kodwa iqoshwa ngamandla ayisiphekupheku, noma umoya, kaNkulunkulu, asebenza kithi. Akunjengasendabeni kaMose lapho umthetho weMiyalo Eyishumi wabhalwa ngomunwe kaNkulunkulu ezibhebheni ezimbili zamatshe. Incwadi yethu ibhalwa ezibhebheni ezingokwenyama zezinhliziyo zabantu, njengoba inkonzo yethu engokomoya iveza ushintsho lwengqondo nenhliziyo kwabamukela amakha ezindaba ezinhle.
18. Imuphi umphumela owenza abemukeli bezindaba ezinhle babe incwadi yokuncoma?
18 Umsebenzi wethu ngeZwi likaNkulunkulu uye wenza umbhalo oqoshiwe kubemukeli abanokwazisa bezindaba ezinhle futhi uye wabangela ushintsho oluphawulekayo. Isinqumo sabo sokukhonza uNkulunkulu asibanga nje ukuma kokuthatheka okubangelwa intshiseko ethile eshukunyiswe kubo umvangeli ovusa imizwelo. Kunalokho, simelela ukuguqulwa okuhlala njalo kokuphila kwabo okusekelwe emaqinisweni akhanya bhá eBhayibheli Elingcwele. Uthando ngoNkulunkulu weqiniso, uJehova, lubashukumisela ekubeni ‘bakhumule ubuntu babo obudala nezifiso zabo ezikhohlisayo futhi bambathe ubuntu obusha,’ obubonakalisa “izithelo zikaMoya.” (Efesu 4:20-24; Galathiya 5:22, 23) Ngakho-ke, umphumela ubenza babe incwadi yokuncoma. Ikhuluma ngokucace kakhulu kunanoma iyiphi incwadi ebhalwe yithina ngesandla noma inhlangano ebonakalayo engasithumelela yona.
19. UPawulu uzichaza kanjani izimfanelo ‘zezikhonzi zesivumelwano esisha,’ futhi umsebenzi wazo uye waba namuphi umphumela esixukwini esikhulu?
19 Kweyesi-2 Korinte 3:4-6 uPawulu uyaqhubeka: “Sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu, kungesikho ukuthi singaba-namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu, oyena futhi osenzela amandla okuba-yizikhonzi zesivumelwano esisha.” Nakuba kuyilabo bensali egcotshiwe kuphela ‘abayizikhonzi zesivumelwano esisha,’ umsebenzi wabo uye waba nomphumela esixukwini esikhulu sezinye izimvu, futhi usazothinta amanani angenakubalwa ezinye izimvu ezinjalo ezisazobuthwa. Leli ithemba bonke oFakazi BakaJehova abanalo ngoKristu Jesu kuJehova uNkulunkulu. Insali ngokubonga ikhuthaza isixuku esikhulu sezinye izimvu ukuba sihlanganyele ngenhliziyo yonke enkonzweni ‘yokubhala incwadi’ uJesu Kristu ayibikezela kuMathewu 24:14 nakuMathewu 28:19, 20.
20. (a) Umbiko weYearbook ubonisani ngalabo abasakaza amakha olwazi ngoNkulunkulu? (b) Yini sonke esingayisho ngokuphathelene nokufanelekela kwethu inkonzo yokubhala izincwadi?
20 Yilokho eziye zakwenza, njengoba kubonakala embikweni okuyiYearbook ka-1990 oFakazi BakaJehova ababoniswa kuwo besakaza amakha olwazi lukaNkulunkulu emazweni angu-212. Abamemezeli abakhuthele bangaphezu kuka-3 787 000, futhi ngonyaka odlule uwodwa basebenza amahora acishe abe ngu-835 000 000 ekushumayeleni lezindaba ezinhle zoMbuso. ESidlweni SeNkosi Sakusihlwa ngonyaka odlule, ababekhona babengu-9 479 064. Kokubili insali egcotshiwe namalungu esixuku esikhulu sezinye izimvu bangathi: “Ukufaneleka kwethu kahle kuvela kuNkulunkulu.” Noma njengoba iJerusalem Bible ikubeka: “Zonke izimfanelo zethu zivela kuNkulunkulu.”
21. Yini okumelwe ukuba ngabe sonke siyayenza, futhi ngani?
21 Ngakho-ke, sakaza amakha amnandi, olwazi ngoNkulunkulu anikeza ukuphila kuyo yonke indawo! Yenza umoya wensimu yebandla lakini uthaphuke amakha olwazi ngoJehova. Khona-ke, njengoJenene onqobayo ongokwasezulwini, uyokuholela odwendweni lwakhe lokunqoba njengoba bonke oFakazi bakhe bephikelela kulenkonzo yenkazimulo yosuku lwanamuhla!
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka i-Insight on the Scriptures, umQulu 2, amakhasi 1128-9, ekhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Ubungaphendula Uthini?
◻ Imuphi umfanekiso uPawulu awusebenzisayo kweyesi-2 Korinte 2:14-16?
◻ Uyini umphumela wokusakaza amakha olwazi ngoNkulunkulu kwabanye?
◻ Obani kuphela abafanelekela lomsebenzi, futhi ngani?
◻ Kungani abaqholi abangabantu bengadingi izincwadi zokuncoma ezibhalwe ngesandla ukuze benze umsebenzi wabo?