Ingcebo Yethu, Inkonzo Yenkazimulo Yosuku Lwanamuhla
“Lengcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube-ngobukaNkulunkulu, bungabi-ngobuvela kithi.”—2 KORINTE 4:7.
1. (a) Iyiphi ingcebo ekhazimulayo esingaba nayo, futhi ngani? (b) IBhayibheli likuchaza kanjani ukunikezwa koMthetho kaMose?
INKONZO yokushumayela “lelivangeli lombuso” phakathi nokuphela kwesimiso sezinto ngempela iyingcebo, impahla eyigugu kakhulu. Ngenxa yokuthi uJehova unguNkulunkulu wenkazimulo, inkonzo eya kuNkulunkulu iyinkonzo yenkazimulo, ngaleyondlela iyingcebo. (Mathewu 24:14; 2 Korinte 3:18–4:1) Ngokuphathelene nokunikezwa koMthetho kaMose ngendlela ekhazimulayo, kulotshiwe kuEksodusi 34:29, 30: “Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye. Bathi uAroni nabo bonke abantwana bakwaIsrayeli bembona uMose, bheka, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, besaba ukusondela kuye.”
2. Yini eyayifanekiselwa inkonzo yoMthetho kaMose, futhi kungani inkonzo ephawulwe kamuva ikhazimula kakhulu?
2 Amavesi 32 kuya ku-34 ayanezela: “Ngasemuva bonke abantwana bakwaIsrayeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulumé kuye entabeni yaseSinayi. UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wafaka iveli ebusweni bakhe. Kepha uMose esezakungena phambi kukaJehova ukukhuluma naye, walikhumula iveli waze waphuma.” Inkonzo yoMthetho kaMose yayifanekisela inkonzo yesivumelwano esisha ngoMlamuleli, uJesu Kristu. Ngakho, uma inkonzo yokuqala yayikhazimula, yeka ukuthi kumelwe ukuba eyamuva, ‘inkonzo yomoya,’ iyedlule kakhulu kangakanani ngenkazimulo! (2 Korinte 3:7-11) Ikhazimula kakhulu ngoba inenkazimulo ehlala njalo, futhi abalandeli bakaJesu Kristu bahlanganyela kuyo.—Roma 12:11.
3. (a) Yini ephawulekayo ngenkonzo yoFakazi BakaJehova, kodwa kungani kungabonakali kubantu abaningi? (b) Yini eyafakazela ukuthi uMose wayekade ephambi kukaJehova okhazimulayo?
3 Ngakho-ke, kungalesosizathu inkonzo yoFakazi BakaJehova ingcwele. Nokho, lokhu akubonakali kubantu abaningi abaye baphuphuthekiswa inkolo yamanga. Nakuba abaningi benalo iBhayibheli futhi kungenzeka bayalifunda, abanawo ‘amehlo abonayo.’ (2 Petru 1:5-9) Ukuze basuse isembozo emehlweni abo, kumelwe baphendukele kuJehova uNkulunkulu ngokholo, ngoba lapho uMose eya phambi kukaJehova, wasusa isembozo esasifihle ubuso bakhe kumaJuda. (2 Korinte 3:16) AmaIsrayeli ayesaba ukubona inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bomlamuleli wawo futhi acela ukuba ifihlwe ngesembozo ukuze angayiboni. Njengoba into enephosphorescence ebikade isekukhanyeni ikhipha ukukhanya ebumnyameni, kanjalo uMose, umlamuleli wawo, wabonakalisa inkazimulo kaJehova, efakazela ukuthi wayekade ephambi kukaJehova.
4. Abantu abangakholwa namuhla bawalingisa kanjani amaJuda asendulo, kodwa yini abalandeli bakaMose Omkhulu abangayesabi?
4 UMose wayefanekisela umProfethi omkhulu kaNkulunkulu, uJesu Kristu. Njengalowo owayemfanekisela, loMose Omkhulu akesabi ukubona inkazimulo kaJehova ngokuqondile. Nokho, kuze kube namuhla, abantu abangakholwa abaphuphuthekiswe uDeveli nenkolo yakhe yobuBabiloni balingisa lawomaJuda akudala futhi bayenqaba ukubona, noma ukuqonda, inkazimulo kaMose Omkhulu, uJesu Kristu. (2 Korinte 3:12-15) Nokho, abalandeli bakhe beqiniso abesabi ukubuka ukukhanya kwenkazimulo kaJehova njengoba kuvela ebusweni bukaJesu Kristu. Njengoba bekhululiwe ethonyeni lobuBabiloni, banikezwe isibindi sokubonakalisa inkazimulo kaNkulunkulu. “Ngakho-ke,” kubhala uPawulu, “lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke.”—2 Korinte 3:12.
Ababonakalisi Benkazimulo KaNkulunkulu
5. Singayibonakalisa kanjani inkazimulo kaNkulunkulu futhi sifane noMose phambi kukaJehova esiqongweni sentaba?
5 UJesu Kristu uye wasusa isembozo ngokwembula nangokushumayela ngoJehova uNkulunkulu kithi. (Johane 1:14, 17, 18) Ngakho kumelwe sikhanye, futhi ngaleyondlela inkazimulo kaNkulunkulu ikhanya ‘ngezindaba ezinhle ezikhazimulayo ngoKristu, ongumfanekiso kaNkulunkulu,’ okumelwe sizimemezele. Imisebe yazo “ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.” Kumelwe sibonakalise lenkazimulo ngokukhuluma ngenkazimulo kaJehova nenkazimulo yoMbuso wakhe ngeNdodana yakhe. (2 Korinte 4:4-6) NjengoMose esiqongweni sentaba phambi kukaJehova, oFakazi baKhe emhlabeni abambozi izinhliziyo zabo ukuze bangaboni inkazimulo kaJehova. Bayayazisa inkazimulo ebonakala ebusweni beNdodana kaJehova eyiNkosi, uJesu Kristu. Ngaleyondlela, kumelwe bakhanyisele abanye ukukhanya okuphathelene nenkazimulo kaNkulunkulu.
6. UPawulu uyichaza kanjani inkonzo yethu yenkazimulo kweyesi-2 Korinte 3:18, futhi ‘singaguqulwa’ ngaziphi izindlela?
6 Kubo bonke ofakazi benkazimulo kaJehova akanye nabo, umphostoli uPawulu uyichaza ngalamazwi: “Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe-njengalowomfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.” (2 Korinte 3:18) Lapho sithola ukukhazimula kwalokhu kukhanya ngokwengeziwe, yilapho kumelwe siveze khona imisebe yakho ngokwengeziwe, futhi ngaleyondlela yilapho siguqulwa khona ngokwengeziwe. Izingqondo zenziwa zintsha futhi zivuselelwe, nakuba kungase kungabonakali zinguquko emzimbeni noma ebusweni. Ukukhanya kwesigijimi esikhazimulayo esikukhiphayo okwenza sibe nomahluko. Ukuphila kwethu kuyaguquka kube njengokukaKristu, njengoba sizibeka esimweni sokuba sifeze inkonzo eyilungelo yokusakaza lokhu kukhanya okukhazimulayo kwabanye.—Heberu 13:15.
7. Inkazimulo yangempela ivela kumuphi umthombo, futhi singayibonakalisa kanjani inkazimulo enjalo?
7 Konke ukuguquka okunjalo kwenziwa umoya, noma amandla ayisiphekupheku, kaNkulunkulu. Abefundisi beLobukholwa abayibonakalisi inkazimulo kaJehova uNkulunkulu kodwa baye baphendukela ekubukiseni kokukhohlisa ukuze benze umbukwane. Lenkazimulo akuyona inkazimulo yethu, futhi akudingeki ukuba sizihlobise ngezivatho zesonto eziwubucwebecwebe zikasilika, igolide, namatshe ayigugu abenyezelayo. Inkazimulo yangempela itholakala emoyeni kaNkulunkulu futhi ibonakaliswa ngokunikeza ubufakazi obukhazimulayo ngokuphathelene noJehova onguMoya.
Abaphathi Bokukhanya Abanelungelo Elikhulu
8, 9. Isiphi isikhuthazo uPawulu asinikeza sona kweyesi-2 Korinte 4:1, 2, futhi sidinga kuphi ukuzimisela kithi?
8 Kweyesi-2 Korinte 4:1, 2, siyafunda: “Ngakho lokhu sinalenkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali, kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.” UNkulunkulu uye waba nomusa kithi ngokuba asabele lenkonzo. Lokhu ukunxusa kokusikhuthaza ukuba sihlale sinesibindi, futhi sizokwenza lokhu! Njengoba siye saboniswa umusa ngokunikezwa ukukhanya okuvela eZwini likaNkulunkulu, sibophekile ukuba sikukhanyisele abanye.—Qhathanisa noMathewu 5:14-16.
9 Izinto abantu abanamahloni ngazo, njengokukhwabanisa, bazifihla ngokukhohlisa nangobuqili. Kodwa asinasizathu sokuba namahloni ngoba isigijimi nomsebenzi wethu akukhona okokukhwabanisa kodwa kulungile futhi kuyiqiniso. Ngakho-ke, kumelwe sikhanyise inkazimulo egcwele yokukhanya. Asiliphathi iZwi likaNkulunkulu ngokukhohlisa. Ukwenza kanjalo bekuyosho ukuliphatha ngobugovu ukuze umuntu azizuzise yena siqu, athole inkazimulo, namandla ezwe nokuba angatholi ukuphikiswa nokushushiswa yizwe. Labo abangesabi ukuza kuJehova ngobuso obungamboziwe nababuka ekukhanyeni kweqiniso okukhazimulayo ngokufanayo ngeke bakwesabe ukubhekana nomthwalo wabo wemfanelo. Bayokwenza ukukhanya kubonakale kubo.
10. Kungani kungelona iphutha loFakazi BakaJehova uma izindaba ezinhle zoMbuso zisithekile kwabanye abantu?
10 Uma bekhona abangaziboni izindaba ezinhle zoMbuso, akulona iphutha loFakazi BakaJehova kodwa iphutha lalabobantu ngokwabo. Izindaba ezinhle zoMbuso azifihliwe. Umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke woFakazi BakaJehova waziwa kabanzi. Ngakho-ke, bangasho njengoba kwasho umphostoli uPawulu: “Lokhu akwenziwanga engosini.” Ngempela, njengoba abhala, izindaba ezinhle ziye ‘zashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu.’—IzEnzo 26:26; Kolose 1:23.
11. Kungani izindaba ezinhle ezikhazimulayo zifihlekile kwabaningi kangaka besintu?
11 Labo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ezifihlekile kubo bangabaphikisi, labo abaphuphuthekiswe uDeveli. (Qhathanisa noMathewu 12:30.) Ngaphandle kokuba bagqashule enkolweni yamanga nasezihibeni zikaDeveli, basohlwini lwabazobhujiswa. Ngaphansi kwethonya lamademoni, abantu abanjalo bazimboza amehlo ngokwabo, ngoba umphostoli uPawulu uthi kweyesi-2 Korinte 4:3-5: “Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo, okukubona abangakholwa unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu. Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu.”
12. Ngokuphambene nabaphuphuthekiswe izingqondo, abantu bakaJehova basabela kanjani emazwini akweyesi-2 Korinte 4:6?
12 Abaphuphuthekiswe izingqondo abafuni ukukholwa. Ukungakholwa kwabo kuvulela izingqondo zabo ekuhlaselweni amademoni. (1 Thimothewu 4:1) Abayiboni inkazimulo kaJehova noma ukubonakala kwayo ebusweni bukaJesu, uMose Omkhulu. Abantu bakaJehova bathola ukukhanya okukhazimulayo eBhayibhelini futhi bakhanyisele ngakho abanye. Ngakho zonke izinceku zikaNkulunkulu zingabaphathi bokukhanya, futhi uNkulunkulu uyala ukukhanya ukuba kukhanye. Ukukhanya kumelwe kubonakale kubantu bakaNkulunkulu futhi kukhanyisele nabanye abasebumnyameni nabasengozini yokubhujiswa. Lokhu kunjengoba nje eyesi-2 Korinte 4:6 ikubeka: “Ngokuba uNkulunkulu owathi: Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye, nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.” Ngenxa yalokhu, oFakazi BakaJehova balalela umyalo waphezulu futhi benza ukukhanya kwabo kukhanye kwabanye, kube inkazimulo kuNkulunkulu.
Umcebo Okhazimulayo Ezitsheni Ezibuthakathaka
13. Ukunikeza izidalwa zenyama inkonzo eyisibusiso yokuba abaphathi bokukhanya kunamuphi umphumela?
13 Kulelilungelo lenkonzo elihle ngokungenakuqhathaniswa, kubaluleke kakhulu ukuba abaphathi bokukhanya bazibonakalise bekufanelekele ukuba nokukhanya ngokugcina ubuqotho babo kuNkulunkulu. Ukuze kwenziwe lelilungelo elimangalisayo lenkonzo, uNkulunkulu akasebenzisanga izingelosi ezingcwele, ezifisa ukuhlola lezizinto, kodwa lenkonzo eyisibusiso uye wayinikeza izidalwa zenyama. (1 Petru 1:12) Lokhu uye wakwenza ukuze kukhuliswe amandla akhe siqu naphezu kobuthakathaka babantu. Njengoba eyesi-2 Korinte 4:7 isho: “Kepha lengcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube-ngobukaNkulunkulu, bungabi-ngobuvela kithi.”
14. (a) Iyini ‘lengcebo esezitsheni zobumba’? (b) Kungani uMose noJesu Kristu beyizibonelo eziwukuhlakanipha kithi ngokuphathelene nengcebo?
14 Ezikhathini zasendulo ngokuvamile izitsha zazisetshenziswa njengezinto zokufaka izinto eziyigugu. Iyini lengcebo ekhazimulayo oFakazi BakaJehova abanayo ezitsheni ezibuthakathaka, zobumba—bona ngokwabo, njengezidalwa ezibuthaka ezenziwe ngothuli lomhlaba? Lengcebo ayikhona nje ukukhanya okuye kwakhanya kwangena ezinhliziyweni zabo. Iyinkonzo yalokho kukhanya, okuyinkonzo okumelwe yenziwe besemizimbeni yabo yasemhlabeni. Lenkonzo iwukukhishwa kokukhanya uNkulunkulu aye wakukhanyisa ezinhliziyweni zabo. Lenkonzo iyingcebo enhle kangangokuthi iyilungelo lenkonzo eliyigugu namuhla okungahlanganyeli kulo insali egcotshiwe ‘yomhlambi omncane’ kuphela kodwa futhi ‘nesixuku esikhulu’ ‘sezinye izimvu’ zikaMalusi Omuhle, uJesu Kristu. (Luka 12:32; Johane 10:14-16; IsAmbulo 7:9) UMose nalowo amfanekiselayo, uJesu Kristu, bayizibonelo eziwukuhlakanipha kithi, ukuze sigxilise izinhliziyo zethu kulengcebo yenkonzo yaphezulu, “ngokuba lapho kukhona ingcebo yakho, nenhliziyo yakho iyakuba-khona lapho.”—Mathewu 6:19-21; Heberu 11:26.
15, 16. (a) Amandla angaphezu kwavamile kuboniswa kanjani ukuthi avela kuNkulunkulu awaveli kithi? (b) Kungani konke ukuphikisa kwezwe kuyokwehluleka ukwephula izitsha zikaNkulunkulu zobumba?
15 Khona-ke, kuboniswa kanjani ukuthi amandla angaphezu kwavamile avela kuNkulunkulu nokuthi akuwona awethu? Ngalendlela: Izitsha ezinjalo ezibuthakathaka, zobumba njengathi esiphethe lenkonzo eyigugu nokuthunywa asifaneleki futhi besingelokothe sibe nokuhlonishwa okunjalo ngokwethu. Ngaphezu kwalokho, thina boFakazi BakaJehova siyizisulu zazo zonke izinhlobo zokucindezela kwesitha zokuzama ukusenza buthaka ngokomoya futhi zisibulale ukuze zisenze singakwazi ukufeza ukuthunywa kwethu uNkulunkulu. Ngakho-ke, kumelwe ukuba kube amandla oMthumi Omkhulu asisiza ukuba simelane nokuphathwa kabi okukhulu yilelizwe futhi sibe abakufanelekele ukugcinwa enkonzweni yakhe. Ngakho-ke, konke ukuphikisa kwezwe kuyohluleka ukwephula izitsha zikaNkulunkulu zobumba futhi kuziphange ingcebo yazo eyigugu, ngoba kulotshiwe kweyesi-2 Korinte 4:8-12:
16 “Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali; siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa; sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.”
Isixuku Esikhulu Siyazisa Kakhulu “Lengcebo”
17. Isixuku esikhulu siyibheka kanjani “lengcebo” yenkonzo yenkazimulo?
17 “Kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.” Lenkulumo isebenza kumaKristu agcotshwe ngomoya. Nokho, ingase isenze sicabange ngobuhlobo bensali kaNkulunkulu egcotshiwe nesixuku esikhulu sezinye izimvu. Abagcotshiwe bayazi ukuthi ekugcineni kumelwe baqede inkambo yabo yasemhlabeni ngokufa njengoba kwenzeka kuJesu, kodwa banabangane abahlanganyela nabo engcebweni yenkonzo ekhazimulayo, ukuze babasize ngokwenza omningi womsebenzi wokushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso. Njengensali egcotshiwe, namuhla isixuku esikhulu sezinye izimvu siyaqonda ukuthi okuwukuphela kwengcebo eyosinda empini enjengomlilo yeArmagedoni neyoqhubekela ezweni elisha ingahangukile futhi ingaqothuliwe yilengcebo yenkonzo eyisibusiso, inkonzo eya kuJehova uNkulunkulu neNkosi yakhe ekhazimulayo, uJesu Kristu. Isixuku esikhulu siyoyibambisisa, ‘sinikeza [uNkulunkulu] inkonzo engcwele imini nobusuku ethempelini lakhe.’—IsAmbulo 7:15.
18. (a) Yini ezokwenzeka ngokushesha enkazimulweni yalelizwe engamanga? (b) Iyiphi ‘inkazimulo’ uJesu ayenqaba, futhi wazuza inkazimulo ephakeme ngokwenzani?
18 Ngokushesha, uNkulunkulu uzoqeda inkazimulo yamanga yalesisimiso sezinto esibi samanje—‘inkazimulo’ eye yaqhubeka kusukela uSathane uDeveli ayisa uJesu entabeni ephakeme wambonisa yonke imibuso yezwe “nenkazimulo yayo.” (Luka 4:5, 6) UJesu wayenqaba inkazimulo evela emthonjeni onjengalowo futhi esemhlabeni waqhubeka ephishekela inkambo eyayivunyelwa uNkulunkulu. Ngokwenza kanjalo, wayeyothweswa umqhele wenkazimulo ephakeme ngisho nangaphezu kwenkazimulo yena, Ndodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, ayekade eyijabulela ezulwini ngaphambi kokuba aqalise isabelo sakhe sasemhlabeni njengoba sihlelwe uJehova.—Johane 5:36; 17:5; Filipi 2:9-11.
19. Yiliphi ilungelo lenkonzo elihloniphekayo elisondela ekufezekeni kwalo okugcwele, futhi kuyini ukuzimisela kwethu kulokhu?
19 Isiphelo esibikezelwe salesimiso sezinto sikaDeveli ngeke sifike ngaphambi kokuba ubufakazi boMbuso sebunikezwe kuwo wonke umhlaba njengomvuthwandaba omuhle womsebenzi wabalandeli bakaJesu Kristu, oFakazi BakaJehova. (Mathewu 24:14) Ubufakazi boMbuso manje sebuye banikezwa isikhathi esiyizingxenye ezintathu kwezine zekhulu leminyaka, futhi njengoba kuboniswa izenzakalo zezwe zesikhathi sethu, lesosiphelo esibikezelwe kumelwe ukuba siseduze. Ngenxa yalokho, ilungelo elihloniphekayo lokuhlanganyela enkonzweni kahulumeni wobukhosi ongcwele kumelwe ukuba lisondela ekufezekeni kwalo okugcwele. (Mathewu, izahluko 24, 25; Marku, isahluko 13; Luka, isahluko 21) Ilungelo lethu lokuhlanganyela ekunikezeni ubufakazi bomhlaba wonke boMbuso omisiwe ngempela liyingcebo ekhazimulayo oFakazi BakaJehova, njengabalandeli beNdodana yakhe ebekwe esihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu, abayazisa kakhulu. Ngentshiseko bafisa ukubambelela kuyo kuze kube yilapho ubufakazi boMbuso sebuqediwe futhi uNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova, emboza isimo sendawo yonke ngobufakazi bakhe siqu bobukhosi bakhe bendawo yonke.—Zefaniya 3:8.
Zithini Izimpendulo Zakho?
◻ Kungani inkonzo yoFakazi BakaJehova ingekhazimulayo?
◻ Kungani izindaba ezinhle zisithekile kwabaningi kangaka namuhla?
◻ Iyini ‘lengcebo esezitsheni zobumba’?
◻ Kungani uNkulunkulu eye wasebenzisa izitsha ezibuthakathaka zobumba, enkonzweni yakhe eyaziswayo?
◻ Abantu bakaJehova bayibheka kanjani “lengcebo,” futhi ngani?
[Isithombe ekhasini 17]
Inkazimulo kaNkulunkulu ibonakala ebusweni bukaJesu Kristu, uMose Omkhulu. OFakazi BakaJehova banelungelo lokuthatha ukukhanya kukaNkulunkulu okukhazimulayo eBhayibhelini futhi bakukhanyisele abanye