Imibuzo Evela Kubafundi
● AbaseRoma 8:30 bakhuluma ngamaKristu ‘aphiwe inkazimulo.’ Lokhu kwenzeka nini, futhi lokhu ‘kukhazinyuliswa’ kuhlangana kanjani ‘nokubizwa’ no‘kulungisiswa’ kwawo?
KwabaseRoma isahluko 8, umphostoli uPawulu wakhuluma ngokusebenzelana kukaNkulunkulu namaKristu agcotshwe ngomoya. UNkulunkulu wayefeza injongo yakhe ngokuwanika udumo ngokuwakhazimulisa ngokuwanika ulwazi lwamaqiniso akhe, kuhlanganise nenjongo yakhe yokuwenza abe “izindlalifa kanye noKristu” ezulwini. (Roma 8:14-17) UPawulu futhi wabhala, lengxenye:
“Ngokuba labo [uNkulunkulu] ayebazi ngaphambili wabamisa ngaphambili, bafane nesimo seNdodana yakhe, ukuze yona ibe-yizibulo phakathi kwabazalwane abaningi; labo abamisile ngaphambili ubabizile futhi; labo ababizile ubalungisisile futhi; labo abalungisisileyo ubaphile nenkazimulo futhi.”—Roma 8:29, 30.
Abanye baye bamangaliswa ukulandelana: ‘ababizile, abalungisisileyo, abakhazimusile.’ Lokhu kungase kubhekwe njengamabanga alandelanayo kuze kube sekugcineni kumaKristu agcotshiwe athola ukuphila okukhazimulayo okungokomoya ezulwini. Nokho, phawula inkathi yamazwi kaPawulu: “Labo abalungisisileyo ubaphile nenkazimulo futhi.” Ubonakala sengathi ukhuluma ngokuthile okwase kwenzekile kakade, okwakungenakuba kanjalo ukuba wayebhekisela ekukhazimulisweni kwamaKristu ngokuwavusela ekuphileni kwasezulwini esikhathini esizayo.
Ngokungaphezulu, ngisho nakuba ukuvusa kukaNkulunkulu othile ukuba abe umbusi embusweni ongokomoya ‘kuwukumkhazimulisa,’ abantu ‘bangakhazinyuliswa’ ngezindlela eziningi. (Bheka KwabaseRoma 8:17; Joh. 7:39.) UJesu ‘wakhazinyuliswa’ emhlabeni ngezimangaliso zakhe. (Joh. 11:4) UKristu wakhuluma ngendoda ezithobayo ‘njengenikwa udumo noma njengekhazinyuliswayo,’ ngokunikezwa isihlalo esiphambili edilini. (Luka 14:10) UMose wathola i“nkazimulo” njengomkhulumeli kaNkulunkulu ngokuphathelene nesivumelwano soMthetho. (2 Kor. 3:7) IBhayibheli likhuluma ngisho nangowesifazane othola “udumo” noma ‘okhazinyuliswayo,’ ngezinwele zakhe ezinde. (1 Kor. 11:15) Kuzo zonke lezizimo izindlela ezinesiqu segama elifanayo ngesiGreki lisetshenziswe njengelihunyushwe ngokuthi ‘abakhazinyulisiwe’ kwabaseRoma 8:30.—Luka 12:27; Roma 2:10; 1 Thes. 2:6.
Kuyathakazelisa ukuthi emuva lé ngo-1904 i“The New Creation” (Volume VI, yeStudies in the Scriptures) yaphawula ngokuqondene nabaseRoma 8:28-30:
“Lamavesi ngokuvamile awaqondwa kahle, ngoba abafundi ngokuvamile bacabanga ukuthi umphostoli lapha ulandelanisa okuhlangenwe nakho kobuKristu ngendlela evamile, . . . kodwa umPhostoli lapha unombono ohlukile, futhi uqala ngasekugcineni. . . Ulandelanisa ngokubheka emuva ukuthuthuka kweBandla, iNdalo Entsha. Ubonisa ukuthi akekho oyofinyelela isikhundla esihle sokukhethwa okukhazimulayo nguNkulunkulu ngaphandle kwalabo ababiziwe [abemukelweyo] kuso ngomusa kaNkulunkulu; nokuthi bonke ababiziwe kumelwe ukuba babelungisisiwe ngaphambili; . . . Futhi labo abalungisisiwe kumelwe ukuba ngaphambili, ngaphambi kokulungisiswa kwabo babenikwe udumo [bekhazinyulisiwe AV] . . . uNkulunkulu ngokuthumela kubo ulwazi ngaye neNdodana yakhe ethandekayo.”—K. 182.
Akusikho okungavamile ukuthi uPawulu lapha angase anikeze uchungechunge lwezinto ezixhumene njengokungathi, ngendlela ehlehlayo. Wenza into efanayo kwabaseRoma 10:13-15.
KwabaseRoma 8:28-30, uPawulu uchaza ukuthi “uNkulunkulu wenza yonke imisebenzi yakhe isebenzelane.” (NW) Lokhu kungokwenzuzo yalabo abayohlanganyela ekugcwaliseni injongo yakhe. Emuva ngesikhathi sensimu yase-Edeni uJehova uNkulunkulu waprofetha nge“nzalo” ezayo. (Gen. 3:15) UJesu Kristu waba oyinhloko yale“nzalo” neyenzalo ka-Abrahama. Kodwa futhi uNkulunkulu wakhetha isibalo esilinganiselwe sabantu ukuba sakhe ingxenye ye“nzalo” kamuva. (Gal. 3:16, 29) Kanjalo, kusukela esikhathini sasensimini yase-Edeni uNkulunkulu ‘wabazi kuqala’ labo abakha “inzalo” futhi “wabamisa ngaphambili” ukuze labantu abakhethiwe babe umzimba wabafowabo bakaKristu ezulwini, bafane nesimo sakhe.
Khona-ke, kwabaseRoma 8:30, umphostoli uhlela izimo ezithile ezandulela ukuba kwabo munye noKristu ezulwini. Abantu abanjalo kumelwe babe “ababizile” noma abamemile ukuba babe ingxenye yombuso wasezulwini. (Roma 1:7; Fil. 3:14; 1 Thes. 2:12: Heb. 3:1) Kodwa uNkulunkulu wayenga‘babiza’ kanjani uma babeseyizoni, amalungu omkhaya ka-Adamu ongaphelele? Ngaphambi koku‘babiza,’ uNkulunkulu wayezo‘balungisisa,’ abathethelele izono zabo ngenxa yokholo lwabo kuKristu nasemhlatshelweni wakhe. (Roma 3:23-26; 4:25; 5:18) Kodwa, babengaluthola kanjani lolokholo oludingekayo? Ngaphambi kokuba baluthole, kwakufanele baboniswe ulwazi lukaJesu Kristu, uPawulu kwenye indawo alubiza ngokuthi “izindaba ezinhle ezikhazimulayo ngoKristu.” (2 Kor. 4:4, NW; qhathanisa no-1 Thimothewu 1:11) Labo abamukela “lezindaba ezinhle ezikhazimulayo” futhi beze endleleni eyobaholela enkazimulweni yasezulwini ngokuqinisekile kungashiwo ukuthi “ubaphile nenkazimulo,” noma badunyisiwe, ngokuzamukela.