Umcebo Wethu Osezitsheni Zobumba
“Sinalomcebo ezitsheni zobumba, ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu futhi angabi ngavela kithi.”—2 KORINTE 4:7.
1. Isibonelo sikaJesu kufanele sisikhuthaze kanjani?
NGENKATHI ebunjwa nguJehova lapha emhlabeni, uJesu wazibonela ngokwakhe ubuthakathaka besintu. Yeka indlela okufanele sisikhuthaze ngayo isibonelo sakhe sokugcina ubuqotho! Umphostoli uyasitshela: “Eqinisweni, nabizelwa kulenkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Ngokuzithoba ekubunjweni okunjalo, uJesu walinqoba izwe. Wamisa nabaphostoli bakhe isibindi ukuze babe abanqobi. (IzEnzo 4:13, 31; 9:27, 28; 14:3; 19:8) Futhi yeka isikhuthazo esihle asinikeza esiphethweni senkulumo yakhe yokugcina abanika yona! Wathi: “Ngiye ngasho lezizinto kini ukuze nibe nokuthula ngami. Ezweni ninosizi, kodwa yimani isibindi! Mina ngilinqobile izwe.”—Johane 16:33.
2. Ngokungafani nobumpumputhe bezwe, yikuphi ukukhanya esinakho?
2 Ngokufanayo, ngemva kokuqhathanisa ubumpumputhe obubangelwa “unkulunkulu walesisimiso sezinto” ‘nokukhanya kwezindaba ezinhle ezikhazimulayo,’ umphostoli uPawulu wathi ngenkonzo yethu eyigugu: “Sinalomcebo ezitsheni zobumba, ukuze amandla angaphezu kwavamile abe ngakaNkulunkulu futhi angabi ngavela kithi. Sicindezelwe ngazo zonke izindlela, kodwa asiminyene kangangokuthi asikwazi nokunyakaza; sisambathekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma; siyashushiswa, kodwa asishiywa dengwane; siphonswa phansi, kodwa asibhujiswa.” (2 Korinte 4:4, 7-9) Nakuba ‘siyizitsha zobumba’ ezibuthathaka, uNkulunkulu uye wasilolonga ngomoya wakhe ngendlela yokuba sikwazi ukulinqoba ngokuphelele izwe likaSathane.—Roma 8:35-39; 1 Korinte 15:57.
Ukulolongwa Kwa-Israyeli Wasendulo
3. U-Isaya wakuchaza kanjani ukulolongwa kwesizwe samaJuda?
3 UJehova akalolongi abantu ngabanye kuphela, kodwa ulolonga nezizwe. Ngokwesibonelo, lapho u-Israyeli wasendulo ezithoba ekulolongweni nguJehova, wachuma. Kodwa ekugcineni waphikelela enkambweni yokungalaleli. Ngenxa yalokho, uMenzi wakhe wamlethela usizi. (Isaya 45:9) Ekhulwini lesi-8 B.C.E., u-Isaya wakhuluma noJehova ngokuba nesono ngokuphawulekayo kuka-Israyeli, wathi: “Jehova, unguBaba; thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu, singumsebenzi wesandla sakho sonke. . . . Zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.” (Isaya 64:8-11) U-Israyeli wayelolongekele ukuba yisitsha esifanelwe ukubhujiswa kuphela.
4. Yimuphi umfanekiso uJeremiya awenza ngokoqobo?
4 Ngemva kweminyaka eyikhulu, njengoba kwakusondela usuku lokulandisa, uJehova watshela uJeremiya ukuba athathe uphiso lobumba ahambe namanye amadoda amadala aseJerusalema baye esiGodini sikaHinomu, wayesethi kuye: “Phula uphiso phambi kwamadoda ahamba nawe, uthi kuwo: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Ngiyakubulala kanjalo laba bantu nalo muzi njengokwaphulwa kwesitsha sombumbi esingasezukubuye sihlanganiswe.”—Jeremiya 19:10, 11.
5. Saba sikhulu kangakanani isahlulelo sikaJehova ku-Israyeli?
5 Ngo-607 B.C.E., uNebukadinesari wabhubhisa iJerusalema nethempeli lalo futhi wathatha amaJuda ayesindile wawathumbela eBabiloni. Kodwa ngemva kweminyaka engu-70 esekudingisweni, amaJuda aphendukile akwazi ukubuyela emuva ayokwakha kabusha iJerusalema nethempeli lalo. (Jeremiya 25:11) Nokho, ngekhulu lokuqala C.E., lesi sizwe sase siphinde samshiya uMbumbi Omkhulu, futhi ekugcineni sazehlisa ngokwenza icala elibi kakhulu lokubulala iNdodana kaNkulunkulu uqobo. Ngo-70 C.E., uNkulunkulu wasebenzisa uMbuso Wezwe WamaRoma njengombhubhisi wakhe ukuze aqothule isimiso sezinto samaJuda, wacolisa iJerusalema nethempeli lalo. Isizwe sakwa-Israyeli sasingeke siphinde silolongwe nguJehova njengokuthile ‘okungcwele nokumangalisayo.’a
Ukubunjwa Kwesizwe Esingokomoya
6, 7. (a) UPawulu ukuchaza kanjani ukulolongwa kuka-Israyeli ongokomoya? (b) Lingakanani inani eligcwele ‘lezitsha zesihe,’ futhi lakhiwa obani?
6 AmaJuda ayamukele uJesu abunjwa aba amalungu ayisisekelo esizwe esisha, ‘u-Israyeli kaNkulunkulu’ ongokomoya. (Galathiya 6:16) Khona-ke, ayafaneleka amazwi kaPawulu: “Ini? Umbumbi akanalo yini igunya phezu kobumba ukuba enze esigaxeni esifanayo esinye isitsha kube esokusetshenziswa okunodumo, esinye kube esokusetshenziswa okungenaludumo? . . . UNkulunkulu, nakuba ethanda ukubonisa ulaka lwakhe nokwenza amandla akhe aziwe, [wazibekezelela] ngokubhekakade okukhulu izitsha zolaka ezenziwe zafanelwa ukubhujiswa, ukuze enze yaziwe ingcebo yenkazimulo yakhe ezitsheni zesihe, azilungiselela inkazimulo kusengaphambili.”—Roma 9:21-23.
7 UJesu ovusiwe kamuva wenza kwaziwa ukuthi lezi “zitsha zesihe” zaziyoba ngu-144 000. (IsAmbulo 7:4; 14:1) Njengoba u-Israyeli wemvelo ayengazange aligcwalise lelo nani, uJehova wabonisa isihe sakhe nakubantu bezizwe. (Roma 11:25, 26) Ibandla lobuKristu elalisafufusa landa ngokushesha. Ngeminyaka engu-30 izindaba ezinhle zase ‘zishunyayelwa kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’ (Kolose 1:23) Lokhu kwenza kwaba nesidingo sokuqondisa kahle amabandla amaningi ayesakazekile.
8. Obani ababakha indikimba ebusayo yokuqala, futhi yakhula kanjani le ndikimba?
8 UJesu wayelungiselele abaphostoli abangu-12 ukuba babe yindikimba ebusayo yokuqala, wabaqeqeshela inkonzo bona nabanye. (Luka 8:1; 9:1, 2; 10:1, 2) NgePhentekoste lika-33 C.E., kwamiswa ibandla lobuKristu, futhi ngesikhathi esifanele indikimba yalo ebusayo yandiswa yahlanganisa ‘abaphostoli namadoda amadala eJerusalema.’ Kubonakala sengathi uJakobe umfowabo kaJesu ngomzali oyedwa, nakuba ayengeyena umphostoli, wayengusihlalo isikhathi eside. (IzEnzo 12:17; 15:2, 6, 13; 21:18) Ngokwesazi-mlando u-Eusebius, abaphostoli bashushiswa ngokukhethekile futhi bahlakazekela kwezinye izindawo. Amalungu endikimba ebusayo ashintshwa ngokufanele.
9. Yisiphi isenzakalo esidabukisayo uJesu abikezela ukuthi sasiyokwenzeka?
9 Ngasekupheleni kwekhulu lokuqala, ‘isitha, uDeveli,’ saqala ‘ukuhlwanyela ukhula’ phakathi kwezindlalifa ‘zombuso wamazulu’ ezinjengokolweni. UJesu wayeprofethe ukuthi lesi senzakalo esidabukisayo sasiyovunyelwa kuze kube yisikhathi sokuvuna “esiphelweni sesimiso sezinto.” Khona-ke, “abalungileyo” babeyophinde ‘bakhanye ngokukhazimulayo njengelanga embusweni kaYise.’ (Mathewu 13:24, 25, 37-43) Kwakuyoba nini lokhu?
Ukubunjwa Kuka-Israyeli KaNkulunkulu Namuhla
10, 11. (a) Kwaqala kanjani ukulolongwa kwanamuhla kuka-Israyeli kaNkulunkulu? (b) Yiziphi izimfundiso ezingqubuzanayo ezaziyotholakala phakathi kweLobukholwa nama-Bible Student aqotho?
10 Ngo-1870, uCharles Taze Russell wakha iqembu lokutadisha iBhayibheli ePittsburgh, ePennsylvania, e-U.S.A. Ngo-1879 waqala ukunyathelisa nyanga zonke umagazini owaziwa ngokuthi INqabayokulinda namuhla. Lawa ma-Bible Student, njengoba ethiwa kanjalo, aqaphela ngokushesha ukuthi eLobukholwa lalamukele izimfundiso zobuqaba ezingezona ezingokomBhalo, njengokungafi komphefumulo, isihogo somlilo, isihlanzo, unkulunkulu onguZiqu-zintathu nokubhapathizwa kwezinsana.
11 Nokho, okubaluleke nakakhulu, laba bathandi beqiniso leBhayibheli babuyisela izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo, njengokuhlawulelwa ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo nokuvuselwa ekuphileni okumi phakade emhlabeni oyipharadesi onokuthula ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu. Ngaphezu kwakho konke, kwagcizelelwa ukulwelwa okuseduze kukaJehova uNkulunkulu njengeNkosi EnguMbusi wendawo yonke. Ama-Bible Student ayekholelwa ukuthi uMthandazo WeNkosi wawusuzophenduleka: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:9, 10) Ayelolongwa umoya ongcwele kaNkulunkulu ukuba abe umphakathi womhlaba wonke wamaKristu athanda ukuthula.
12. Ama-Bible Student awuqonda kanjani unyaka obalulekile?
12 Ukutadisha ngokujulile uDaniyeli isahluko 4 nezinye iziprofetho kwaqinisekisa ama-Bible Student ukuthi ukuba khona kukaJesu njengeNkosi enguMesiya kumelwe ukuba kwakuseduze. Aqonda ukuthi u-1914 wawuyoba unyaka wokuphela ‘kwezikhathi ezimisiwe zezizwe.’ (Luka 21:24; Hezekeli 21:26, 27) Ama-Bible Student awandisa ngokushesha umsebenzi wawo, akha amakilasi eBhayibheli (kamuva abizwa ngokuthi amabandla) kulo lonke elase-United States. Ngasekuqaleni kwaleli khulu leminyaka, umsebenzi wawo wokufundisa ngeBhayibheli wawusufinyelela eYurophu nase-Australasia. Kwadingeka ukuhlela okuhle.
13. Yikuphi ukuqashelwa okungokomthetho ama-Bible Student akuthola, futhi iyiphi inkonzo evelele eyafezwa umongameli weNhlangano wokuqala?
13 Ukuze ama-Bible Student aqashelwe ngokomthetho, kwakhiwa i-Zion’s Watch Tower Tract Society ngo-1884 e-United States, eyayinendlunkulu ePittsburgh, ePennsylvania. Abaqondisi bayo babakha iNdikimba Ebusayo eyinhloko, eyayiqondisa umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kaNkulunkulu embulungeni yonke. Umongameli wokuqala weNhlangano, uCharles T. Russell, wabhala imiqulu eyisithupha ye-Studies in the Scriptures futhi wahambela izindawo eziningi eshumayela. Futhi wanikela emsebenzini woMbuso womhlaba wonke ngezizumbulu ayeziqongelele ngaphambi kokuba aqale izifundo zakhe zeBhayibheli. Ngo-1916, lapho kulwiwa iMpi Enkulu eYurophu, uMfoweth’ uRussell owayekhandlekile washona esohambweni lokushumayela. Wayenikele ngakho konke okwakhe ekusakazeni ubufakazi ngoMbuso kaNkulunkulu.
14. UJ. F. Rutherford ‘wakulwa kanjani ukulwa okuhle’? (2 Thimothewu 4:7)
14 UJoseph F. Rutherford, owayeke waba yijaji okwesikhashana eMissouri, waba umongameli olandelayo. Ngenxa yokumelela kwakhe iqiniso leBhayibheli ngokungesabi, abefundisi beLobukholwa bahlangana nabezombangazwe ukuze ‘basebenze okubi kungathi ngomthetho.’ Ngo-June 21, 1918, uMfoweth’ uRutherford namanye ama-Bible Student angu-7 ayehola baboshwa, bathola izigwebo eziningana zeminyaka engu-10 noma engu-20 ababezozidonsa ngesikhathi esisodwa. Ama-Bible Student alwa. (IHubo 94:20; Filipi 1:7) Lapho icala liqulwa enkantolo ephakeme, bakhululwa ngo-March 26, 1919, futhi kamuva kwahoxiswa ngokuphelele ukumangalelwa kwabo ngokuvukela umbuso okwakungamanga.b Lesi senzakalo sababumba baba abameleli abaqinile beqiniso. Ngosizo lukaJehova, benza konke ababengakwenza ukuze banqobe empini engokomoya yokumemezela izindaba ezinhle naphezu kokuphikisa kweBabiloni Elikhulu. Leyo mpi isaqhubeka kuze kube yilo nyaka ka-1999.—Qhathanisa noMathewu, isahluko 23; Johane 8:38-47.
15. Kungani unyaka ka-1931 wawubalulekile emlandweni?
15 Phakathi nawo-1920 nawo-1930, u-Israyeli kaNkulunkulu ogcotshiwe waqhubeka elolongwa ngokuqondisa koMbumbi Omkhulu. Ukukhanya okuvela emiBhalweni okwakuprofethwe ngako kwakhanya, kwanika uJehova udumo futhi kwagxila eMbusweni kaJesu onguMesiya. Ngo-1931 ama-Bible Student ajabula ukwamukela igama elisha, elithi oFakazi BakaJehova.—Isaya 43:10-12; Mathewu 6:9, 10; 24:14.
16. nebhokisi elisekhasini 19. Inani eligcwele labangu-144 000 lahlangana nini, futhi yibuphi ubufakazi balokhu obukhona?
16 Ngawo-1930, inani ‘lalabo ababiziweyo nabakhethiweyo nabakholekileyo,’ abangu-144-000, kwabonakala sengathi lase ligcwele. (IsAmbulo 17:14; bheka ibhokisi ekhasini 19.) Asazi ukuthi bangaki abagcotshiwe abaqoqwa ekhulwini lokuqala ‘nasokhuleni’ phakathi namakhulu eminyaka obumnyama okuhlubuka okukhulu kweLobukholwa. Kodwa ngo-1935 kwakunengqikithi yomhlaba wonke yabamemezeli abangu-52 465, enanini eliphakeme labangu-56 153, ababonisa ithemba labo lasezulwini ngokudla izifanekiselo zeSikhumbuzo. Lalizoba yini ithemba labaningi ababesazoqoqwa?
“Bheka! Isixuku Esikhulu”
17. Yisiphi isenzakalo esiyingqopha-mlando esenzeka ngo-1935?
17 Emhlanganweni owawungo-May 30 kuya ku-June 3, ngo-1935, eWashington, D.C., e-U.S.A., uMfoweth’ uRutherford wanikeza inkulumo eyaba yingqopha-mlando eyayinesihloko esithi “Isixuku Esikhulu.” Leli qembu, ‘okungekho muntu owakwazi ukulibala,’ lalizovela lapho ukubekwa uphawu kwama-Israyeli angokomoya angu-144 000 kusondela ekupheleni. Nalaba babeyobonisa ukholo emandleni ahlengayo ‘egazi leWundlu,’ uJesu, futhi banikele inkonzo engcwele elungiselelweni likaJehova lethempeli lokukhulekela. Njengeqembu, ‘babeyophuma osizini olukhulu’ bephila, ukuze bazuze njengefa iPharadesi lasemhlabeni lapho ‘ukufa kuyobe kungasekho’ khona. Iminyaka eminingana ngaphambi kwalowo mhlangano, leli qembu lalikade libizwa ngokuthi amaJonadaba.—IsAmbulo 7:9-17; 21:4; Jeremiya 35:10.
18. Unyaka ka-1938 wawubaluleke ngaziphi izindlela?
18 Unyaka ka-1938 wawubalulekile ekuzihlukaniseni ngokucacile lezi zigaba ezimbili. Omagazini (besiNgisi) INqabayokulinda, owango-March 15 nowango-April 1, 1938, banikeza isifundo esinezingxenye ezimbili esithi “Umhlambi Wakhe” futhi bacacisa izimo ezihlukene zensali egcotshiwe nabangane bayo, isixuku esikhulu. Khona-ke owango-June 1 nowango-June 15 babenezihloko ezifundwayo eziphathelene ‘Nokuhleleka,’ ezisekelwe ku-Isaya 60:17. Wonke amabandla acelwa ukuba acele iNdikimba Ebusayo ukuba imise izinceku zamabandla, ukuze kube nelungiselelo elingokwasezulwini elithuthukisiwe elimiswe uNkulunkulu. Amabandla enza kanjalo.
19. nombhalo waphansi. Yimaphi amaqiniso aqinisekisa ukuthi ubizo ‘lwezinye izimvu’ seluneminyaka engaphezu kuka-60 luqhubeka?
19 Umbiko okuyi-Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1939 (yesiNgisi), wathi: “Abalandeli bakaKristu Jesu abagcotshiwe abasemhlabeni manje bambalwa, futhi inani labo alisoze laba likhulu kunalokhu. EmiBhalweni laba babizwa ngokuthi ‘insali’ yenzalo yeSiyoni, inhlangano kaNkulunkulu. (IsAm. 12:17) Manje iNkosi ibuthela kuyo ‘ezinye izimvu’ zayo, eziyokwakha ‘isixuku esikhulu.’ (Joh. 10:16) Labo ababuthwa manje bangabangane bensali, abasebenza ndawonye nensali. Kusukela manje kuqhubeke labo abayingxenye ‘yezinye izimvu’ bazokwanda kuze kube yilapho sekubuthwe ‘isixuku esikhulu.’” Insali egcotshiwe yayibunjelwe ukuba inakekele ukubuthwa kwesixuku esikhulu. Naso manje kumelwe silolongwe.c
20. Yiluphi ushintsho ekuhlelekeni kwezinto oluye lwenzeka kusukela ngo-1942?
20 Ngo-January 1942, lapho iMpi Yezwe II ishisa, uJoseph Rutherford washona futhi walandelwa nguNathan Knorr njengomongameli. Lo mongameli wesithathu weNhlangano ukhunjulwa kakhulu ngokumisa izikole ezingokwasezulwini emabandleni neSikole SaseGileyadi sokuqeqesha izithunywa zevangeli. Emhlanganweni weNhlangano waminyaka yonke ngo-1944, wamemezela ukuthi umthetho-sisekelo weNhlangano wawubukezwa ukuze ukuba yilungu kungasekelwa eminikelweni yezinto ezibonakalayo, kodwa isekelwe kuyingokomoya. Phakathi neminyaka engu-30 eyalandela, inani lezisebenzi zasensimini lakhuphuka lisuka ku-156-299 laya ku-2 179 256 emhlabeni wonke. Phakathi no-1971-75 kwadingeka ezinye izinguquko mayelana nokuhleleka kwezinto. Kwakungeke kusaba umuntu oyedwa ongumongameli oqondisa ngokuphelele umsebenzi wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke. INdikimba Ebusayo, enosihlalo abashintshanayo, yandiswa yaba namalungu agcotshiwe angu-18, ingxenye yawo eseyiqedile inkambo yayo yasemhlabeni manje.
21. Yini eye yenza amalungu omhlambi omncane awufanelekela uMbuso?
21 Amalungu asele omhlambi omncane aye abunjwa phakathi namashumi amaningi eminyaka yokulingwa. Anesibindi, njengoba eye amukela ngokucacile ‘ubufakazi bomoya.’ UJesu uye wawatshela: “Nina ningabanamathele kimi ekulingweni kwami; futhi ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano nami, sombuso, sokuba nidle futhi niphuze etafuleni lami embusweni wami, futhi nihlale ezihlalweni zobukhosi ukuze nahlulele izizwana eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.”—Roma 8:16, 17; Luka 12:32; 22:28-30.
22, 23. Umhlambi omncane nezinye izimvu balolongwa kanjani?
22 Njengoba inani lensali egcotshwe ngomoya esemhlabeni selinciphile, abazalwane abavuthiwe besixuku esikhulu baye banikwa umthwalo wokuqondisa ngokomoya cishe kuwo wonke amabandla emhlabeni. Futhi lapho oFakazi abagcotshiwe asebekhulile beqeda inkambo yabo yasemhlabeni, ama-sa·rimʹ angamakhosi angezinye izimvu ayobe esekuqeqeshelwe kahle ukwenza imisebenzi yokwengamela njengezikhulu emhlabeni.—Hezekeli 44:3; Isaya 32:1.
23 Abomhlambi omncane nezinye izimvu ngokufanayo bayaqhubeka belolongwa beba yizitsha zokusetshenziswa okunodumo. (Johane 10:14-16) Kungakhathaliseki ukuthi ithemba lethu ‘lisemazulwini amasha’ noma ‘emhlabeni omusha,’ kwangathi singasabela ngenhliziyo yonke esimemweni sikaJehova esithi: “Jabulani, nethabe kuze kube phakade ngengikudalayo, ngokuba bheka, ngilidala iJerusalema libe ngukwethaba, nabantu balo babe yinjabulo.” (Isaya 65:17, 18) Kwangathi thina bantu ababuthakathaka singakhonza njalo ngokuthobeka, silolongwa “amandla angaphezu kwavamile”—amandla kaNkulunkulu omoya ongcwele!—2 Korinte 4:7; Johane 16:13.
[Imibhalo yaphansi]
a Lokhu makube yisixwayiso kweLobukholwa eliwumbuka, elafanekiselwa u-Israyeli wasendulo, sokuthi lizothola isahlulelo esifanayo esivela kuJehova.—1 Petru 4:17, 18.
b UMahlulel’ uManton, umRoma Katolika owayenqabe ukukhulula ama-Bible Student ngebheyili, waboshwa kamuva, elahlwe yicala lokuvuma ukufumbathiswa.
c Ngo-1938 ababa khona eSikhumbuzweni emhlabeni wonke babengu-73 420, abangu-39 225—amaphesenti angu-53 ababekhona—badla izifanekiselo. Ngo-1998 inani lababekhona lase likhuphuke lafika ku-13 896 312, kwadla abangu-8 756 kuphela, isilinganiso soyedwa odlayo emabandleni ayishumi.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ UJesu waba kanjani iSibonelo kithi ekuzithobeni ekulolongweni nguYise?
◻ Yikuphi ukulolongwa okwenzeka kwa-Israyeli wasendulo?
◻ ‘U-Israyeli kaNkulunkulu’ uye walolongwa kanjani kuze kube manje?
◻ Iyiphi injongo “ezinye izimvu” eziye zalolongelwa yona?
[Ibhokisi ekhasini 18]
Ukulolongwa Okuqhubekayo KweLobukholwa
Umbiko we-Associated Press owawuvela e-Athens, eGrisi, wabika kanje mayelana nomholi osanda kumiswa weSonto LamaGreki Lobu-Orthodox: “Kufanele ngabe uyisithunywa sokuthula. Kodwa umholi weSonto LamaGreki Lobu-Orthodox uzwakala njengojenene elungiselela impi.
“‘Sizimisele, uma kudingekile, ukuchitha igazi senze nemihlatshelo. Thina, njengesonto, sithandazela ukuthula . . . Kodwa sibusisa izikhali ezingcwele lapho isimo sifuna senze kanjalo,’ kusho uMbhishobhi Omkhulu uChristodoulos muva nje ngosuku olungcwele loMenyuko WeNcasakazi, oluqondana nosuku lwamabutho empi lwaseGrisi.”
[Ibhokisi ekhasini 19]
“Akusenezelwa Muntu!”
Lapho kuthweswa iziqu eGileyadi ngo-1970, uFrederick Franz, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi, watshela abafundi ukuthi, njengoba bona bonke babengabezinye izimvu futhi benamathemba asemhlabeni, babengase babhapathize umuntu oyothi uyingxenye yensali egcotshiwe. Ingabe kwakungenzeka lokhu? Wachaza ukuthi uJohane uMbhapathizi wayengomunye wezinye izimvu, futhi wabhapathiza uJesu nabanye babaphostoli. Wabe esebuza ukuthi ingabe lwalusekhona yini ubizo lokubutha abengeziwe bensali. Wathi: “Cha, akusenezelwa muntu! Lolo bizo lwaphela emuva le ngo-1931-35! Akusenezelwa muntu. Pho, bangobani labo abambalwa abasanda kuhlanganyela abadla izifanekiselo zeSikhumbuzo? Uma beyingxenye yensali, bavala izikhala! Abanezeli ezinhlwini zabagcotshiwe, kodwa bavala izikhala zalabo okungenzeka baye baluphika ukholo.”
[Isithombe ekhasini 15]
Yeka indlela esiwazisa ngayo umcebo wethu wenkonzo!
[Isithombe ekhasini 16]
U-Israyeli wasendulo waba yisitsha esifanelwe ukubhujiswa kuphela