Ukunqoba Impi Yokucindezeleka
ULOLA wavuma: “Into enkulu kakhulu okwakumelwe ngibhekane nayo kwakuwumuzwa wecala ngenxa yokuzizwa ngingenathemba njengoba, njengomunye wezinceku zikaJehova, ngangicabanga ukuthi kwakungafanele ngizizwe ngaleyondlela.” Lokhu kungaqondi okuvamile ngokuvamile kuyisitha umKristu ocindezelekile okumelwe asinqobe. ULola wanezela: “Lapho sengiyekile ukuzishaya ngengqondo ngenxa yokuzizwa ngalendlela engangizizwa ngayo futhi ngagxila ekululameni, ngakwazi ukubhekana kangcono nokucindezeleka.” Yebo, ukucindezeleka ngokwakho akusona isizathu esingakwenza ucabange ukuthi umdumazile uNkulunkulu.
Njengoba kushiwo esihlokweni esandulelayo, imbangela yokucindezeleka ingase ibe semzimbeni. Ngo-1915, ngaphambili kakhulu kokuvela kokuhlola kwamuva okuhlobanisa ukugula okuningi okungokomzimba nokucindezeleka, iWatch Tower yathi: “Lomoya wokudabuka, noma umuzwa wokuba wedwa nowokucindezeleka, ungovamile ngezinye izikhathi kuso sonke isintu . . . Ngezinga elithile [wa]ndiswa isimo sempilo engokomzimba.” Ngakho, uma umuzwa wokucindezeleka ungapheli, ukubonana nodokotela kungase kusize. Uma isimo singesidlulele, lowomuntu angase afune ukuba lokhu kuphazamiseka kusingathwe uchwepheshe osebenza ngokukhethekile ngezifo zokucindezeleka.a
Kodwa ngisho nalapho imbangela ingekho emzimbeni, akunangqondo ukulindela ukuthi omunye wezinceku zikaNkulunkulu akasoze adabuka noma adumale. Cabanga nje ngendlela uHana othembekile aba ngayo ‘nomphefumulo onomunyu, futhi wakhala kakhulu.’ (1 Samuweli 1:7, 10) UNehemiya naye ‘walila izinsuku ezithile,’ futhi waba ‘nokudabuka kwenhliziyo.’ (Nehemiya 1:4; 2:2) UJobe wakuzonda ukuphila kwakhe futhi waba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu umshiyile. (Jobe 10:1; 29:2, 4, 5) INkosi uDavide yathi umoya wayo uphelile kuyo nokuthi inhliziyo yayo indikindiki. (IHubo 143:4) Futhi umphostoli uPawulu wakhuluma ngokuba ‘nokwesaba kwangaphakathi’ ‘nokudana’ noma ‘nokuwiswa phansi’ ngokomzwelo.—2 Korinte 4:9; 7:5, 6.
Nakuba bonke laba babeyizinceku zikaNkulunkulu ezithembekile, ukucindezeleka okuhlukahlukene, ukukhathazeka, noma ukudumala okubuhlungu ngesinye isikhathi kwababangela usizi. Nokho, uNkulunkulu wayengabashiyanga noma ethathe umoya wakhe. Umuzwa wabo wokucindezeleka wawungabangelwe ukwehluleka ngokomoya. Ngesikhathi uDavide ayehlaselwe yilokhu, wanxusa ngomthandazo: “Thokozisa umphefumulo wenceku yakho.” UNkulunkulu wamduduza uDavide ‘ngosuku losizi’ futhi wamsiza, ngesikhathi esifanele, ukuba athokoze. (IHubo 86:1, 4, 7) Ngokufanayo uJehova uyozisiza izinceku zakhe namuhla.
Njengoba ukucindezeleka ngokwakho kungebona ubufakazi bokuhluleka ngokomoya noma bobuthakathaka obungokwengqondo, umKristu ohlaselwe yikho akufanele athule nakho ngenxa yokwesaba ukuphoxeka. Kunalokho, kufanele athathe esinye sezinyathelo ezibalulekile zokulwisana nalokhu kuphazamiseka. Siyini?
Xoxa Ngemizwa Yakho
Kufanele akhulume nothile ngakho. IzAga 12:25 zithi: “Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyayithobisa, kepha izwi elihle liyayithokozisa.” Akekho omunye umuntu ongazi ukujula kokukhathazeka okusenhliziyweni yakho uma wena ungakhululeki uxoxe ngakho. Ngokuyixoxela umuntu onozwela ongasiza, ngokunokwenzeka uyobona ukuthi nabanye baye baba nemizwa nezinkinga ezifanayo. Futhi, ukuchaza imizwa ngamazwi kuyinqubo yokwelapha, ngoba kuphumuza inhliziyo ukukhuluma ngokuhlangenwe nakho okubuhlungu kunokuthula nakho. Ngakho, abacindezelekile kufanele baveze imizwa yabo kumlingane womshado, kumzali, noma kumngane onozwela nofanelekayo ngokomoya.—Galathiya 6:1.
Ingxenye yenkinga kaMarie (okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulelayo) yayiwukuthi wathula nemizwelo yakhe emkhathazayo eyaholela ekucindezelekeni kwakhe. Wathi: “Eminyakeni edlule, ngangizenzisa kakhulu. Abanye babengasoze baphuphe nokuthi nganginenkinga enjalo ekubhekaneni nalemizwa yokungabi yilutho.” Kodwa uMarie wathulula isifuba sakhe kumdala ebandleni. Ngemibuzo yokuqonda lomdala ‘wakhipha’ ukukhathazeka ayekuthwele enhliziyweni yakhe ngemibuzo yokuqonda futhi wamsiza ukuba aziqonde kangcono. (IzAga 20:5) Amazwi akhe amahle avela emiBhalweni amnikeza ukuqiniseka. “Ngokokuqala ngqá, ngaqala ukuthola usizo lokubhekana nemizwa ethile eyayinengxenye ekucindezelekeni kwami,” kuchaza uMarie.
Ngakho ukuxoxa nomdala oqondayo kunganikeza ‘amanzi’ aqabulayo ngokomoya kulowo ‘omphefumulo wakhe unjengomhlaba owomileyo.’ (Isaya 32:1, 2; IHubo 143:6) Umeluleki ongokomoya oqondayo angase akusize nanokuba ubone indlela ongathatha ngayo izinyathelo ezisebenzisekayo ekubhekaneni nalokho okungenzeka ubukubheka njengesimo esingenathemba. (IzAga 24:6) Kodwa kudingeka okwengeziwe kunokumane nje uthulule isifuba sakho komunye.
Qaphela Ukubaluleka Kwakho Siqu
Imizwa yokungabi yilutho iyisici esikhulu ekucindezelekeni. Mhlawumbe ngenxa yokungajabuli ebuntwaneni, amanye amaKristu anokuzeya. Kodwa ngisho nakuba ukuphathwa kabi ngokomzimba, ngokomzwelo, noma ngokobulili esikhathini esidlule kuye kwashiya izibazi ezingokomzwelo, lokhu akukushintshi ukubaluleka komuntu. Ngakho, kumelwe ulwele ukuba nombono olinganiselwe ngokubaluleka kwakho siqu kwangempela njengomuntu. Umphostoli uPawulu wanxusa: “Ngingathi komunye nomunye wenu, angazibeki esilinganisweni esingaphezu kwalokho ayikho ngempela, kodwa azilinganise ngokunengqondo.” (Roma 12:3, Charles B. Williams) Nakuba uqaphela ukuzikhukhumeza, kufanele uzame ukungeqisi. Labo abanobuhlobo noNkulunkulu bayigugu, bayanxaneleka kuye, ngoba ukhetha abantu ukuba babe “imfuyo” yakhe. Yeka ilungelo elivelele!—Malaki 3:17; Hagayi 2:7.
Futhi, yeka ilungelo okuyilo ukuba “izisebenzi kanye noNkulunkulu” ngokuhlanganyela emsebenzini wobuKristu wokwenza abafundi. (1 Korinte 3:9; Mathewu 28:19, 20) AmaKristu amaningi acindezelekile aye athola ukuthi lomsebenzi wakha umuzwa wokubaluleka. “Ngisho nangemva kokuba umKristu, ngazizwa ngisenokuzenyeza okukhulu,” kuvuma uMarie. Naphezu kwalokho, waphikelela emsebenzini wokushumayela, futhi ngolunye usuku wahlangana nentokazi eyayonakele ingqondo eyayifuna ukufundiswa iBhayibheli. “Yayidinga othile owayezoyibekezelela, njengoba yayithatha isikhathi ukufunda,” kusho uMarie. “Ngenxa yokuthi kwakufuneka ngiyinake, ngazilibala mina kanye nokusilela kwami. Yayidinga usizo lwami, futhi ngaqaphela ukuthi ngangingayinika lona ngamandla kaJehova. Ukuyibona ibhapathizwa kwangikhuthaza ngendlela engenakuchazeka. Ukuzethemba kwami kwakhula, futhi ukucindezeleka kwami okukhulu kwanyamalala phakade.” Yeka ukuthi kuyiqiniso kangakanani ukuthi “ophuzisayo uyakuphuziswa naye”!—IzAga 11:25.
Noma kunjalo, abantu abaningi abacindezelekile basabela njengoba kwenza owesifazane ongumKristu ocindezeleke kakhulu, owavuma: “Nakuba ngisebenza kanzima ngihlanza, ngipheka futhi ngiba ngophayo, ngijike ngizigxeke ngawo wonke amaphutha amancane engiwenzayo.” Ukuzigxeka okunjalo okungenangqondo kulehlisa kakhulu izinga lokuzethemba. Khumbula ukuthi uNkulunkulu wethu ungoqondayo futhi ‘akahlali esigxeka njalo.’ (IHubo 103:8-10, 14, NW) Uma uJehova, okwazi kangcono okulungile kunathi, engasibeleseli ngawo wonke amaphutha amancane esiwenzayo futhi ezimisele ukubonisa ukubekezela, ingabe akufanele sizimisele ukumlingisa endleleni esibheka ngayo amaphutha ethu?
Sonke sinamaphutha nobuthakathaka. Nokho, sinawo namandla. Umphostoli uPawulu akazange alindele ukwenza kahle ngokuphelele kuyo yonke imizamo yakhe. Wathi: “Noma ngiyibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngokwazi.” UPawulu akazange azinyeze ngenxa nje yokuthi wayengenzi kahle njengesikhulumi sasobala. (2 Korinte 11:6) Ngokufanayo, abacindezelekile kufanele bagxile ezintweni abazenza kahle.
“Kwabathobekileyo” noma kulabo abaqaphela nabamukela ukulinganiselwa kwabo “kukhona ukuhlakanipha.” (IzAga 11:2) Ngamunye wethu ungumphefumulo ohlukile onezimo ezihlukile, amandla angokomzimba, namakhono. Njengoba ukhonza uJehova ngomphefumulo wonke, ngokwenza lokho ongakwenza, uyajabula. (Marku 12:30-33) UNkulunkulu akayena ongeneliseki ngemizamo yabakhulekeli bakhe abazinikezele. ULeora, umKristu owalwisana ngokuphumelelayo nokucindezeleka kwakhe, wathi: “Angenzi kahle njengawo wonke omunye umuntu ezintweni ezithile, njengezingeniso enkonzweni yasensimini. Kodwa ngiyazama. Engikwenzayo yilokho engingakwenza.”
Ukusingatha Amaphutha Nokungaqondi
Nokho, kuthiwani lapho wenza iphutha elikhulu? Mhlawumbe uzizwa njengeNkosi uDavide, ‘owahamba usuku lonke edabukile’ ngenxa yamaphutha akhe, noma isono. Kodwa wona kanye lomuzwa ungase ube ubufakazi bokuthi awukedluli waze wenza isono esingenakuthethelelwa! (IHubo 38:3-6, 8) Imizwa yecala ingase ibonise ukuthi lowo owonile unenhliziyo eqotho nonembeza omuhle. Ngakho umuzwa wecala ungasingathwa kanjani? Nokho, ingabe usuye wayithandazela intethelelo kaNkulunkulu futhi wathatha izinyathelo zokulungisa lobobubi? (2 Korinte 7:9-11) Uma kunjalo, yiba nokholo emseni waLowo othethelela kakhulu, kuyilapho uzimisela ukungasiphindi lesosono. (Isaya 55:7) Uma uye welulekwa, ‘ungapheli amandla lapho usolwa, ngoba uJehova uyamyala amthandayo.’ (Heberu 12:5, 6) Ukulungiswa okunjalo kwenziwa ngenjongo yokubuyisa imvu edukayo. Akukuqedi ukubaluleka kwayo njengomuntu.
Ngisho nakuba izinhliziyo zethu zisilahla, akudingeki ukuba siphethe ngokuthi uNkulunkulu usilahlile. “Sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.” (1 Johane 3:19, 20) UJehova ubona okungaphezu kwezono zethu namaphutha. Wazi izimo ezingathethelelwa, yonke inkambo yokuphila kwethu, izisusa nezinhloso zethu. Ubukhulu bolwazi lwakhe bumenza akwazi ukulalela ngozwela imithandazo yethu eqotho yokucela intethelelo, njengoba ezwa ekaDavide.
Ukungezwani nabanye nokukhathalela ngokweqile ukwamukelwa yibo kungase kube nengxenye ekuntuleni ukuzethemba, mhlawumbe ngisho nasekubeni nomuzwa wokuba ngolahliwe. Ngenxa yokungapheleli, umKristu okanye naye angase akhulume nawe ngendlela ebonisa ukungabi naluzwela noma engenamusa. Noma kunjalo, ukungezwani okuningi kungase kuxazululwe ngokumtshela lowomuntu indlela amazwi akhe akuthinte ngayo. (Qhathanisa noMathewu 5:23, 24.) Futhi, uSolomoni waluleka: “Ungabeki inhliziyo yakho emazwini onke akhulunywayo.” Ngani? “Ngokuba kaninginingi inhliziyo yakho iyazi ukuba nawe ubathukile abanye.” (UmShumayeli 7:21, 22) Ungakulindeli ngokungenangqondo ukuphelela kuwe noma ebuhlotsheni bakho nabanye abantu abangaphelele. Shesha ukuthethelela futhi ubekezelele abanye.—Kolose 3:13.
Ngaphezu kwalokho, ukubaluleka kwakho kwangempela akunakulinganiswa ngokuyinhloko ngokuthi abanye bayakuthanda yini noma cha. UKristu ‘akashaywanga-nto yalutho,’ futhi ‘wahlulelwa’ njengophansi ‘ngokombono wabanye.’ (Isaya 53:3; Zakariya 11:13, NW) Ingabe lokhu kwakuguqula ukubaluleka kwakhe kwangempela noma indlela uNkulunkulu ayemahlulela ngayo? Cha, ngoba ngisho noma sasiphelele, njengoJesu, sasingenakujabulisa wonke umuntu.
Amandla Okukhuthazela
Ngezinye izikhathi, ukucindezeleka okukhulu kungase kungapheli naphezu kwemizamo yethu yokukunqoba. Ubuhlungu obungokomzwelo bungase bubangele ngisho nokuba amaKristu azizwe ngendlela uJona azizwa ngayo: “Kungcono kimi ukufa kunokuphila.” (Jona 4:1-3) Nokho, usizi lwakhe lwalungewona amahlala khona. Lwadlula. Ngakho uma ukucindezeleka kwenza ukuphila kwakho kubonakale kungenakubekezeleleka, khumbula ukuthi kunjengosizi uPawulu athi “lungolomzuzwana.” (2 Korinte 4:8, 9, 16-18) Kuzophela! Asikho isimo esingenakuxazululeka. UJehova uthembisa “ukuvuselela izinhliziyo zalabo abasezinhlungwini.”—Isaya 57:15, Lamsa.
Ungayeki ukuthandaza, ngisho noma imithandazo yakho ibonakala iyize. UDavide wanxusa: “Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami . . . lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.” (IHubo 61:1, 2) UNkulunkulu usiholela kanjani ekuqinisekeni kwangaphakathi okubonakala kungenakufinyeleleka ngamandla ethu siqu? UEileen, oselwe nokucindezeleka iminyaka eminingi, uyaphendula: “UJehova akazange angivumele ukuba ngilahle ithemba. Lokhu kunginika ithemba lokuthi uma ngiqhubeka ngizama, uzoqhubeka engisiza. Ukwazi iqiniso leBhayibheli kuye kwangigcina ngiphila ngokoqobo. Ngezindlela eziningi ezihlukahlukene—umthandazo, inkonzo, imihlangano, izincwadi, umkhaya, nabangane—uJehova uye wanginikeza amandla okuba ngiqhubeke ngizama.”
Bheka lokhu kuphazamiseka njengokuvivinywa kokholo lwakho. Umphostoli uPawulu usiqinisekisa ngokuthi: “Ningamethemba uNkulunkulu.” “Akayikuvuma ukuba nilingwe ngaphezu kwalokho eningakumela. Kodwa lapho nilingwa, uyokwenza indlela ukuze nikwazi ukukubekezelela.” (1 Korinte 10:13, Beck) Yebo, uNkulunkulu uyokunika “amandla angaphezu kwavamile” ukuze uthwale noma yimuphi umthwalo ongokomzwelo.—2 Korinte 4:7, NW.
Izwe Elisha Elingenakho Ukucindezeleka!
UNkulunkulu uthembise ukuzisusa ngokushesha, ngoMbuso wakhe wasezulwini, zonke izimo ezicindezelayo ezisemhlabeni wethu. IZwi lakhe lithi: “Ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kube-phakade ngengikudalayo.” (Isaya 65:17, 18) Lamazwi agcwaliseka okokuqala emuva ngo-537 B.C.E., ngesikhathi isizwe sasendulo sakwaIsrayeli sibuyiselwa ezweni eliyikhaya laso. Ngalesosikhathi abantu bakhe bahlabelela: “Sasinjengabaphuphayo. Umlomo wethu wawusugcwala ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba.” (IHubo 126:1, 2) Yeka ukuthi kuyoba kuhle kakhulu kangakanani ukugcwaliseka osekuzojatshulelwa ngokushesha kwalesiprofetho esifudumeza inhliziyo ezweni elisha likaNkulunkulu!—2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:1-4.
Ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu (“amazulu amasha”), umphakathi olungile wabantu emhlabeni (“umhlaba omusha”) uyobuyiselwa empilweni ephelele engokomzwelo, yomzimba, nengokomoya. Akusho ukuthi laba ngeke bazikhumbule izinto zesikhathi esidlule, kodwa ngenxa yozo zonke izinto ezinhle abayocabanga ngazo ngalesosikhathi futhi bazijabulele, ngeke sibe khona isizathu sokuba bakhumbule noma bagxilise izingqondo zabo kokuhlangenwe nakho okubuhlungu kwesikhathi esidlule. Cabanga nje, njalo ekuseni uvuka unomqondo ophapheme, ukulangazelela ukuqhubeka nomsebenzi wosuku—ungasaphazanyiswa isimo sokucindezeleka!
Eqiniseke ngokuphelele ngokuba ngokoqobo kwalelithemba, uLola (okukhulunywe ngaye ekuqaleni), wathi: “Ukukhumbula ukuthi uMbuso kaJehova uyoyilungisa lenkinga kwangisiza kakhulu. Ngazi ukuthi ukucindezeleka akuyikuhlala kuze kube-phakade.” Yebo, ungaqiniseka ukuthi uNkulunkulu ngokushesha uyokwenza kwenzeke ukuba kunqotshwe ngokuphelele ukucindezeleka!
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Attacking Major Depression—Professional Treatments” esikuAwake! kaOctober 22, 1981.