Bheka Ngalé Kwezinto Ozibonayo!
AMEHLO abona kahle ayisibusiso. Eqinisweni, abantu abaningi bangasho ukuthi zimbalwa izinto abanazo eziyigugu ngaphezu kwawo. Nokho, kumaKristu kunohlobo oluthile lwamehlo umphostoli uPawulu akhuluma ngalo olubaluleke nakakhulu kunamehlo angokwenyama abona kahle. “Sigcina amehlo ethu esezintweni ezingabonwayo, hhayi ezintweni ezibonwayo,” kubhala uPawulu. (2 Korinte 4:18) Kumelwe kube uhlobo lwamehlo olukhetheke ngempela olwenza umuntu abone izinto ezingabonwayo! Singalubiza ngokuthi amehlo angokomoya abukhali.
Kungani Ludingeka?
AmaKristu ekhulu lokuqala ayekudinga ngempela ukuba nalolu hlobo lwamehlo angokomoya. Ayefeza inkonzo yawo yobuKristu ngaphansi kobunzima obukhulu. UPawulu wakubeka ngalendlela: “Sicindezelwe ngazo zonke izindlela, kodwa asiminyene kangangokuthi asikwazi nokunyakaza; sisambathekile, kodwa asibona abangenayo nhlobo indlela yokuphuma; siyashushiswa, kodwa asishiywa dengwane; siphonswa phansi, kodwa asibhujiswa.”—2 Korinte 4:8, 9.
Naphezu kwezimo ezinjalo, abafundi abathembekile bama beqinile. Benokholo oluqinile kuNkulunkulu, babengasho njengoPawulu: “Asiyeki, kodwa ngisho noma umuntu esinguye ngaphandle ewohloka, ngokuqinisekile umuntu esinguye ngaphakathi wenziwa musha usuku nosuku.” Nokho, yini eyayibangela lokhu kuvuselelwa kosuku ngalunye? UPawulu waqhubeka wathi: “Ngoba nakuba usizi lungolomzuzwana futhi lulula, lusivezela inkazimulo yesisindo esidlulele ngokwengeziwe futhi emi phakade; kuyilapho sigcina amehlo ethu esezintweni ezingabonwayo, hhayi ezintweni ezibonwayo. Ngoba izinto ezibonwayo zingezesikhashana, kodwa izinto ezingabonwayo zimi phakade.”—2 Korinte 4:16-18.
UPawulu wayekhuthaza abafowabo abangokomoya ukuba bangavumeli izinkinga, ubunzima, ushushiso—usizi lwanoma yiluphi uhlobo—ukuba kusithibeze umbono wabo womvuzo okhazimulayo owawubekwe phambi kwabo. Kumelwe babheke ngalé kwezimo zabo zamanje, bagcine amehlo abo egxile emphumeleni ojabulisayo wenkambo yobuKristu. Yilokho okwakubasiza ukuba nsuku zonke bavuselele isinqumo sabo sokuphikelela empini. Namuhla amaKristu akudinga ngendlela efanayo ukuba nalawo mehlo angokomoya abukhali.
Bheka Usizi Lwamanje Njengolwesikhashana!
Sithanda noma singathandi, nsuku zonke sibona izinto esingathandi ukuzibona. Ngokulunguza nje esibukweni ngeke sihlale singawaboni amabala nezisihla ezingathandeki emzimbeni ongokwenyama, okuyizimpawu zokungapheleli komzimba. Lapho sisinga esibukweni esiyiZwi likaNkulunkulu, sibona amaphutha nezisihla, kokubili kithi nakwabanye. (Jakobe 1:22-25) Futhi lapho sifunda iphephandaba lansuku zonke noma sibuka ithelevishini, izinhliziyo zethu zidabuka kakhulu ngenxa yemibiko yokungabi nabulungisa, unya, nezinhlekelele.
USathane angathanda ukusenza siphelelwe ithemba ngenxa yezinto esizibonayo noma asenze sichezuke futhi siqale ukuntengantenga okholweni. Singakuvimbela kanjani lokhu ukuba kwenzeke? Kumelwe silandele isibonelo esabekwa uJesu Kristu, njengoba kwatusa umphostoli uPetru lapho ethi: “Eqinisweni, nabizelwa kulenkambo, ngoba ngisho noKristu wahlupheka ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) Kuzo zonke izici zokuphila kobuKristu, uJesu wayeyisibonelo esiphelele.
Lapho ekhomba uJesu njengesibonelo sethu, uPetru waphawula ikakhulukazi ukuthi uJesu wahlupheka. Ngempela, uJesu wahlupheka kakhulu lapho esemhlabeni. ‘Njengengcweti yomsebenzi’ kaJehova eyayikhona lapho kudalwa isintu, wayekwazi kahle lokho uNkulunkulu ayehlose ukuba abantu babe yikho. (IzAga 8:30, 31) Kodwa manje wayekubona mathupha lokho isono nokungapheleli okwakubenze baba yikho. Nsuku zonke wayebona futhi kwakudingeka asebenzelane nokungapheleli nobuthakathaka babantu. Kumelwe ukuba kwamvivinya lokho.—Mathewu 9:36; Marku 6:34.
Ngaphandle kosizi lwabanye, uJesu naye wabhekana nolwakhe. (Heberu 5:7, 8) Kodwa ngamehlo angokomoya aphelele, wabheka ngalé kwalo ukuze abone umvuzo wokukhushulelwa ekuphileni kokungafi ngenxa yenkambo yakhe yobuqotho. Khona-ke njengeNkosi YobuMesiya, wayeyoba nelungelo lokuphakamisa isintu esihluphekayo asikhiphe esimweni saso sokwehliswa asibuyisele ekupheleleni uJehova ayekujongile ekuqaleni. Ukugcina amehlo akhe egxile kulamathemba esikhathi esizayo angabonakali kwamsiza ukuba alondoloze injabulo enkonzweni yokuhlonipha uNkulunkulu naphezu kosizi ayebhekana nalo usuku nosuku. Kamuva uPawulu wabhala: “Ngenxa yenjabulo eyayibekwe phambi kwakhe wakhuthazelela isigxobo sokuhlushwa, edelela ihlazo, futhi useye wahlala phansi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.”—Heberu 12:2.
UJesu akazange avumele izimo ezinzima nezivivinyayo ukuba zimenze aphelelwe ithemba, achezuke, noma antengantenge okholweni lwakhe. Njengabafundi bakhe, kumelwe sisilandele ngokuseduze isibonelo sakhe esivelele.—Mathewu 16:24.
Gxila Ezintweni Ezimi Phakade Ezingabonakali!
Lapho ekhuluma ngalokho okwenza uJesu wakwazi ukukhuthazela, uPawulu waveza nenkambo okumelwe siyilandele lapho ebhala: “Masiwugijimeni ngokukhuthazela umncintiswano obekwe phambi kwethu, njengoba sigxilise amehlo ethu kuMmeli Oyinhloko noMphelelisi wokholo lwethu, uJesu.” (Heberu 12:1, 2) Yebo, ukuze sigijime ngempumelelo nangenjabulo enkambweni yobuKristu, kumelwe sibheke ngalé kwezinto ezilapha phambi kwethu. Kodwa ‘singawagxilisa kanjani amehlo’ ethu kuJesu, futhi kuyosenzelani?
Phakathi kokunye, ngo-1914, uJesu wamiswa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, futhi uyabusa esezulwini. Yebo, konke lokhu akubonakali emehlweni ethu angokwenyama. Nokho, uma ‘sigxilisa amehlo’ ethu kuJesu, amehlo ethu angokomoya ayosisiza ukuba sibone ukuthi manje uselungele ukuthatha isinyathelo ukuze aphelise lesi simiso sezinto esibi abese esusa uSathane noquqaba lwakhe lwamademoni abenze bangakwazi ukwenza lutho. Uma siqhubeka sibheka, amehlo ethu angokomoya ayokwembula izwe elisha elihle lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu kungeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’—IsAmbulo 19:11-16; 20:1-3; 21:4.
Ngakho-ke, esikhundleni sokusindwa usizi lwesikhashana okungase kudingeke sibhekane nalo usuku ngalunye, kungani singagxilisi amehlo ethu ezintweni ezingunaphakade? Ngamehlo okholo, kungani singabheki ngalé kokugula nokuhaha kulomhlaba owonakele ukuze sibone ipharadesi eligcwele abantu abanempilo, abajabulile, nabakhathalelayo? Kungani singabheki ngalé kwezisihla zethu ezingokwenyama nezingokomoya, bese sizibona sezisuswe zonke kithi ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaKristu? Kungani singabheki ngalé kokubulala okubangelwe yimpi, ubugebengu, nobudlova futhi sibone abantu abasanda kuvuswa befundiswa ngokuthula nokulunga kukaJehova?
Ngaphezu kwalokho, ‘ukugxilisa amehlo’ kuJesu kungahlanganisa nokugxilisa amehlo ethu angokomoya kulokho uMbuso, nakuba ungabonakali, osukufezile kakade phakathi kwabantu bakaNkulunkulu emhlabeni: ubunye, ukuthula, uthando, ukusondelana kobuzalwane, nokuchuma okungokomoya. Omunye wesifazane ongumKristu eJalimane, ngemva kokubukela i-video ethi United by Divine Teaching, wabhala: “Le-video izongisiza ngokwengeziwe ukuba ngikhumbule ukuthi kunabazalwane nodade abangamaKristu abaningi emhlabeni wonke abakhonza uJehova ngobuqotho ngawo kanye lomzuzu—futhi lokhu bakwenza naphezu kokuphikiswa umphakathi. Yeka indlela ubunye bethu bobuzalwane obuyigugu ngayo ezweni elinobudlova nenzondo!”
Ingabe nawe “uyambona” uJehova, uJesu, izingelosi ezithembekile, nezigidi zamaKristu okanye nawo bemi eceleni kwakho? Uma kunjalo, ngeke ukhathazeke ngokweqile ‘ngezinkathazo zalesisimiso sezinto’ ezingakwenza udumale futhi zikubangele ukuba ube “ongatheli” enkonzweni yobuKristu. (Mathewu 13:22) Ngakho ‘gxilisa amehlo’ kuJesu ngokugxilisa amehlo akho angokomoya eMbusweni kaNkulunkulu omisiwe nasezibusisweni zawo, kokubili zamanje nezesikhathi esizayo.
Phila Ukuze Ubone Okungabonakali!
Njengoba sibona umehluko omkhulu phakathi kwezwe elisha likaNkulunkulu elingunaphakade nezwe lanamuhla elidala eliwohlokayo, kufanele sishukumiseleke ukuba siziphathe ngendlela eyosenza sibalwe njengabafanelekayo ukuphila ukuze sibone ngokoqobo izinto esingazibona ngamehlo okholo kuphela namuhla. Uquqaba lwabavusiwe luyokhexa imilomo lapho luvuswa ukuze lubone umhlaba wokulunga oyipharadesi ohluke kakhulu ezweni elalilibona ngaphambi kokuba lufe. Cabanga ngenjabulo yethu lapho siphila ukuze silubingelele futhi siluchazele lokho uNkulunkulu akwenzile!—Qhathanisa noJoweli 2:21-27.
Yebo, yeka indlela amehlo angokomoya abona kahle ayigugu ngayo, futhi yeka indlela okubaluleke ngayo ukuwagcina ebukhali! Lokhu singakwenza ngokuba nesifundo seBhayibheli somuntu siqu sasikhathi sonke, ukuba khona emihlanganweni yobuKristu, ukukhuluma nabanye ngethemba lethu elisekelwe eBhayibhelini, futhi ngaphezu kwakho konke, ukuthandazela isiqondiso saphezulu. Lokhu kuyogcina amehlo ethu angokomoya ebukhali futhi ephapheme, esenza sikwazi ukubheka ngalé kwezinto esizibonayo!