-
Indlela Ongawuqeqesha Ngayo Unembeza WakhoINqabayokulinda—1997 | Agasti 1
-
-
Ngokwesibonelo, zama ukuzindla ngamazwi omphostoli uPawulu akweyesi-2 Korinte 7:1: “Ngakho-ke, njengoba sinalezizithembiso, bathandekayo, masizihlanzeni kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ekwesabeni uNkulunkulu.” Thola umqondo walamazwi. Zibuze, ‘Ziyini ngempela “lezizithembiso” uPawulu abhekisela kuzo?’ Ngokufunda umongo, uzophawula ukuthi ivesi elandulelayo lithi: “‘“Phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,” kusho uJehova, “futhi niyeke ukuthinta into engahlanzekile”’; ‘“ngizonamukela.”’ ‘“Futhi mina ngiyoba uyihlo, nina niyoba amadodana namadodakazi kimi,” kusho uJehova uMninimandla onke.’”—2 Korinte 6:17, 18.
Umyalo kaPawulu wokuba ‘sizihlanze ekungcoleni’ manje usunamandla engeziwe! Njengesikhuthazo esinamandla sokwenza kanjalo, uNkulunkulu uthembisa ‘ukusamukela,’ okusho ukusifaka ngaphansi kokunakekela kwakhe okuyisivikelo. Ungase uzibuze: ‘Ingabe ngingabujabulela ubuhlobo obuseduze naye—obunjengobendodana noma indodakazi noyise?’ Awukhangi kakhulu yini umcabango ‘wokwamukelwa’ noma ukuthandwa uNkulunkulu ohlakaniphile nonothando? Uma lowo mcabango uzwakala ungajwayelekile kuwe, phawula indlela obaba abanothando ababonisa ngayo uthando ezinganeni zabo. Manje cabanga ngesibopho esinjalo siphakathi kwakho noJehova! Lapho uzindla ngokwengeziwe ngaso, isifiso sokuba nobuhlobo obunjalo sikhula nakakhulu.
Kodwa phawula: Ukusondelana noNkulunkulu kungenzeka kuphela uma ‘uyeka ukuthinta into engahlanzekile.’ Zibuze: ‘Ingabe ukuluthwa ugwayi akukho phakathi “kwezinto ezingahlanzekile” uNkulunkulu azilahlayo? Ingabe ukuwusebenzisa kungaba “ukungcola kwenyama,” okwenza ngizichaye kuzo zonke izinhlobo zezingozi ezingokwempilo? Njengoba uJehova enguNkulunkulu ohlanzekile, noma “ongcwele,” ingabe angakwamukela ukuzingcolisa kwami ngamabomu ngalendlela?’ (1 Petru 1:15, 16) Phawula ukuthi uPawulu uxwayisa ‘nangokungcola komoya womuntu,’ noma ukuthambekela okungokwengqondo. Zibuze: ‘Ingabe lokhu kulutheka kubusa ukucabanga kwami? Ingabe ngingenza konke okusemandleni ukuba nganelise ukuqaleka kwami, mhlawumbe ngifaka impilo yami, yomkhaya wami, ngisho nokuma kwami phambi kukaNkulunkulu engozini? Ingabe ngiye ngakuvumela ngezinga elingakanani ukuluthwa kwami ugwayi ukuba kulimaze ukuphila kwami?’ Ukubhekana nalemibuzo ebuhlungu kungase kukunike isibindi sokuyeka!
-
-
Wathola “Iparele Lenani Eliphakeme”INqabayokulinda—1997 | Agasti 1
-
-
Ngaphambi kokuba bafunde iqiniso, abakwaLin babetshale amasundu e-betel nut angu-1 300 endaweni yabo. Nakuba kwakuyothatha iminyaka emihlanu ukuba lemithi ibe nenzuzo, lapho isikhiqiza ngokuphelele, abakwaLin babengalindela ukuthola amaRandi angu-360 000 ngonyaka. Njengoba isikhathi sokuvuna kokuqala sasisondela, abakwaLin kwadingeka benze isinqumo esibalulekile. Base befundile esifundweni sabo seBhayibheli ukuthi amaKristu kumelwe azihlanze “kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya” ngokugwema ukusebenzisa, noma ukukhuthaza imikhuba engahlanzekile njengokubhema ugwayi, ukusebenzisa kabi izidakamizwa nokuhlafuna i-betel nut. (2 Korinte 7:1) Babezokwenzenjani?
Ecindezelwa unembeza okhathazekile, uMnu. Lin wanquma ukusiyeka isifundo sakhe. Phakathi naleso sikhathi, uNkk. Lin wathengisa ama-betel nut awavuna ezihlahleni zabo zakudala zamasundu futhi wazuza imali engaphezu kuka-R14 000. Lokhu kwakumane kuwukunambitha kusengaphambili lokho okwakuzokuza ngokushesha uma beyigcina imithi yabo. Nokho, unembeza kaMnu. Lin waqhubeka umudla.
Walwa nalendaba kwaze kwaba ngolunye usuku lapho acela khona ukuba oFakazi bendawo bamgawulele amasundu akhe e-betel. OFakazi bachaza ukuthi leso isinqumo sakhe; ngakho-ke, kwakuyodingeka ‘athwale umthwalo wakhe siqu’ futhi azigawulele ngokwakhe imithi. (Galathiya 6:4, 5) Bamkhuthaza ukuba akhumbule isithembiso esikweyoku-1 Korinte 10:13, esithi: “Asikho isilingo esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. Kodwa uNkulunkulu ukholekile, futhi ngeke anivumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa ngokuhambisana nalesosilingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.” OFakazi babuye babonisana naye, bethi: “Uma sikugawulela imithi yakho, ungase uzisole bese usibeka icala ngalokho kulahlekelwa.” Kungakabiphi, uNkk. Lin wavuswa umsindo womshini wokusaha. Umyeni wakhe nezingane babegawula amasundu e-betel!
UMnu. Lin wathola ukuthi uJehova uyasigcina isithembiso saKhe. Wathola umsebenzi owamshiya nonembeza ohlanzekile, owamenza wakwazi ukuba umdumisi kaJehova. Wabhapathizwa emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova ngo-April 1996.
-