Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
“KWANGATHI ningaba nomusa ongafanelwe nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.” Wayewabingelela kanje uPawulu amabandla ezincwadini zakhe eziningi. Sinifisela okufanayo nani nonke.—Efe. 1:2.
Yeka indlela esiwazisa ngayo umusa ongafanelwe ovela kuJehova awubonisa ngomhlatshelo wesihlengo kaKristu Jesu! Ngenxa yaleso sihlengo, sinokuma okuhle noNkulunkulu. Besingeke sikuthole ngemizamo yethu kungakhathaliseki ukuthi sikukhuthalele kanjani ukutadisha iBhayibheli, ukushumayela izindaba ezinhle, noma ukwenza eminye imisebenzi emihle. Ukuthethelelwa kwezono nokuphila okuphakade asikutholi njengenkokhelo yemizamo yethu, kodwa njengezipho ezibonisa umusa ongafanelwe kaJehova asinika wona ngoJesu Kristu.—Roma 11:6.
UPawulu wabhalela ayekholwa nabo: “Siyanincenga . . . ukuba ningawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo. Ngoba yena uthi: ‘Ngesikhathi esamukelekayo ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza.’ Bhekani! Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile. Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.” Saba khona ‘isikhathi esamukelekayo’ ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ekhulwini lokuqala. Abantu abanhliziyo ziqotho ababethanda uJehova basindiswa ngokomoya. Lokhu kwaholela ekusindeni kwabo bonke abathembekile ababaleka eJerusalema ngaphambi kokubhujiswa kwalo ngonyaka ka-70 C.E.—2 Kor. 6:1, 2.
Nanamuhla siphila ‘esikhathini esamukelekayo nasosukwini lwensindiso.’ Abantu uJehova abamukela njengezinceku zakhe nabasindiswayo ngokomoya banethemba lokusinda ‘ngosuku olukhulu lukaJehova’ oseluseduze kangaka.—Zef. 1:14.
Ukuza kosuku lukaJehova kusithwesa umthwalo ongathí sina. Kufanele sixwayise abantu futhi sisize abanhliziyo ziqotho bazuze emseni ongafanelwe kaJehova ukuze nabo basinde. UPawulu wayeqaphela ukuthi lo msebenzi ungongathí sina. Wabhala: “Empeleni, maye kimi uma ngingazimemezelanga izindaba ezinhle!” Wabuye waveza indlela ayezizwa ngayo ngala mazwi: “Ngikweleta . . . kokubili abahlakaniphile nabangenangqondo: ngakho kimi kukhona ukulangazelela ukuba ngimemezele izindaba ezinhle.”—1 Kor. 9:16; Roma 1:14, 15.
UJehova uyosenza silandise uma siwudebeselela lo msebenzi obalulekile wokuxwayisa abantu. Siyakwazi lokho uJehova akusho kumprofethi uHezekeli: “Ndodana yomuntu, ngikwenzé umlindi endlini ka-Israyeli, futhi kumelwe uzwe inkulumo emlonyeni wami ubaxwayise ngalokho engikutshela kona. Lapho ngithi komubi, ‘Uzofa nokufa,’ kodwa wena ungamxwayisi futhi ungakhulumi uxwayise omubi endleleni yakhe embi ukuze umsindise, yena njengoba emubi, uyofela esiphambekweni sakhe, kodwa igazi lakhe ngiyolibiza esandleni sakho.”—Hez. 3:17, 18.
Kunzima ukubhekana nalezi zinsuku zokugcina. Akulula ukunakekela umkhaya, ukwenza umsebenzi wokuziphilisa, imisebenzi yasebandleni, nokushumayela, konke sikwenze ngezinga elifanele. Ngaphezu kwalokho, abaningi benu babhekene nokugula, ukucindezeleka, ukuguga ngisho nokuphikiswa. Iningi lenu ‘liyasindwa.’ Siyazwelana nani, senanela lokho uJesu akusho: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizonenza niqabuleke.” (Math. 11:28) Sithanda ukunitusa ngemfudumalo nonke nina enenza umzamo wokuqhubeka nikhonza uJehova ngokwethembeka naphezu kwezinselele ezinkulu nezincane.
Ngenxa yomsebenzi wenu wokushumayela nokufundisa ngentshiseko nangenxa yesibusiso sikaJehova, ngokwesilinganiso abantu abangu-4 762 bayabhapathizwa isonto ngalinye emhlabeni wonke. Phakathi nonyaka wenkonzo odlule, kwamiswa amabandla amasha angu-1 375. Sithemba futhi sithandazela ukuthi incwadi entsha ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, esitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-120, izosiza izigidi zabantu zizuze emseni ongafanelwe nasekuthuleni okuvela kuJehova phakathi nalolu “suku lwensindiso.”
Qinisekani ngokuthi iNdikimba Ebusayo iyanithanda nokuthi siyanithandazela. Siyanibonga nani ngokusithandazela.
Abafowenu,
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova