-
Lolu Usuku Lwensindiso!INqabayokulinda—1998 | Disemba 15
-
-
12. Iyiphi inkonzo ebalulekile efezwa amanxusa nezithunywa zikaJehova?
12 Ukuze sisindiswe, kumelwe senze ngokuvumelana namazwi kaPawulu: “Njengoba sisebenza kanye naye [uJehova], siyanincenga futhi ukuba ningawamukeli umusa ongafanelwe kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo. Ngoba yena uthi: ‘Ngesikhathi esamukelekayo ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza.’ Bhekani! Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile. Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.” (2 Korinte 6:1, 2) Amanxusa kaJehova agcotshiwe nezithunywa zakhe, “ezinye izimvu,” abamukeli umusa ongafanelwe kaYise osezulwini bese belahlekelwa yinjongo yawo. (Johane 10:16) Ngokuziphatha kwabo okuqotho nenkonzo yabo yentshiseko kulesi “sikhathi esamukeleka ngokukhethekile,” bafuna umusa waphezulu futhi bazisa izakhamuzi zasemhlabeni ukuthi lolu “usuku lwensindiso.”
13. Uyini umnyombo ka-Isaya 49:8, futhi wagcwaliseka kanjani okokuqala?
13 UPawulu ucaphuna u-Isaya 49:8, othi: “Usho kanje uJehova, uthi: Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa, ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza; ngiyakukulondoloza, ngikubeke ube-yisivumelwano sabantu sokubuyisa izwe nokubenza badle amafa achithekileyo.” Lesi siprofetho sagcwaliseka okokuqala lapho abantu bakwa-Israyeli bekhululwa ebugqilini baseBabiloni futhi kamuva bephindela ezweni lakubo elase liyincithakalo.—Isaya 49:3, 9.
14. U-Isaya 49:8 wagcwaliseka kanjani kuJesu?
14 Ekugcwalisekeni okuqhubekayo kwesiprofetho sika-Isaya, uJehova wanikela ‘ngenceku’ yakhe uJesu ukuba ibe ‘ukukhanya kwabezizwe, ukuze insindiso kaNkulunkulu ize ibe-semkhawulweni womhlaba.’ (Isaya 49:6, 8; qhathanisa no-Isaya 42:1-4, 6, 7; Mathewu 12:18-21.) ‘Isikhathi somusa,’ noma ‘isikhathi esamukelekayo,’ ngokusobala siyisikhathi lapho uJesu ayesemhlabeni. Wathandaza, futhi uNkulunkulu ‘wamphendula.’ Lolo kwaba “usuku lwensindiso” kuJesu ngoba walondoloza ubuqotho ngokuphelele futhi ngenxa yalokho “waba isisusa sensindiso emi phakade kubo bonke abamlalelayo.”—Heberu 5:7, 9; Johane 12:27, 28.
15. Ama-Israyeli angokomoya aye azama ukuzibonakalisa ewufanelekela umusa ongafanelwe kaNkulunkulu kusukela nini, futhi ngayiphi injongo?
15 UPawulu usebenzisa u-Isaya 49:8 kumaKristu agcotshiwe, ewanxusa ukuba ‘angalahlekelwa injongo yomusa ongafanelwe kaNkulunkulu’ ngokuhluleka ukufuna umusa wakhe ‘ngesikhathi esamukelekayo’ ‘nangosuku lwensindiso’ alunikezayo. UPawulu uyenezela: “Bhekani! Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile. Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.” (2 Korinte 6:2) Kusukela ngePhentekoste lika-33 C.E., ama-Israyeli angokomoya aye azama ukuzibonakalisa ewufanelekela umusa ongafanelwe kaNkulunkulu ukuze ‘isikhathi esamukelekayo’ sibe “usuku lwensindiso” kuwo.
-
-
Lolu Usuku Lwensindiso!INqabayokulinda—1998 | Disemba 15
-
-
Thembela Ekusindiseni KukaJehova
20. (a) Sasiyini isifiso sikaPawulu esiqotho, futhi kungani kwakungekho sikhathi sokuchithwa? (b) Yini ephawula usuku lwensindiso esiphila kulo manje?
20 Lapho uPawulu ebhala incwadi yakhe yesibili eya kwabaseKorinte cishe ngo-55 C.E., isimiso sezinto samaJuda sasisalelwe yiminyaka engaba ngu-15 kuphela. Lo mphostoli wayefuna ngobuqotho ukuba amaJuda nabeZizwe babuyisane noNkulunkulu ngoKristu. Lolo kwakuwusuku lwensindiso, futhi sasingasekho isikhathi sokuchithwa. Nathi besilokhu sisesiphelweni esifanayo sesimiso sezinto kusukela ngo-1914. Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso embulungeni yonke owenziwayo manje uphawula lolu suku njengolwensindiso.
21. (a) Yiliphi itekisi lonyaka eliye lakhethwa ku-1999? (b) Yini okufanele ngabe siyayenza kulolu suku lwensindiso?
21 Abantu bazo zonke izizwe kudingeka bezwe ngelungiselelo likaNkulunkulu lensindiso ngoJesu Kristu. Akukho sikhathi sokulibala. UPawulu wabhala: “Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.” Lawo mazwi akweyesi-2 Korinte 6:2 azoba yitekisi lonyaka ka-1999 loFakazi BakaJehova. Yeka ukuthi afaneleka kanjani, ngoba sibhekene nokuthile okubi kakhulu kunokubhujiswa kweJerusalema nethempeli lalo! Ukuphela kwaso sonke lesi simiso sezinto, okuhilela wonke umuntu emhlabeni, sekufike qathatha. Manje—hhayi kusasa—yisikhathi sokuthatha isinyathelo. Uma sikholelwa ukuthi insindiso ingekaJehova, uma simthanda, futhi uma sikwazisa ukuphila okungunaphakade, ngeke silahlekelwe yinjongo yomusa ongafanelwe kaNkulunkulu. Sinesifiso esisuka enhliziyweni sokudumisa uJehova, siyobonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi sisho ngobuqotho lapho sithi: “Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.”
-