Ukunqoba Ukuluthwa Izinto Eziluthayo
UKUSHIYA ukulutheka kunjengokuthutha endlini owakhulela kuyo. Ngisho noma leyondlu indala futhi iwohlokile, kunzima ukuyishiya. Kwakuyikhaya lakho.
Uma uwumlutha, cishe ukulutheka bekuyikhaya lakho elingokomzwelo. Nakuba ngokungangabazeki bekuphazamisa ngokuphelele, kujwayelekile. “Ukudakwa ngikujwayele. Ukungadakwa angikujwayele,” kusho uCharles, umlutha wotshwala olulamayo. Ukugwema ukulutheka kuyoba nzima, kodwa kuwufanele umzamo.
Isinyathelo sokuqala siwukuba ugweme izinto eziluthayo.a Ungapholisi maseko noma umane nje uthembise ukuthi uzonciphisa. Lahla ngaso lesosikhathi yonke impahla ehlobene nakho. Kuyolandela inkathi emfushane yobunzima ngenxa yokuhoxa, ngezinye izikhathi engafezwa ngokuphumelelayo ngaphansi kokunakekela kwezokwelapha. Lokhu kuyisiqalo sokuphila konke sokudeda ekuluthekeni. Kodwa ungacabangi ukuthi akunakwenzeka. Qala ngokuzibekela umgomo ongawufinyelela: ukudeda isikhathi esingangenyanga, isonto, noma ngisho usuku. Ekupheleni kwenkathi ngayinye, ngaphandle kokuphindela ekusebenziseni izinto eziluthayo, vuselela isinqumo sakho.
Lesi kumane nje kuyisiqalo sokushintsha inkambo yokulutheka. IBhayibheli lisinxusa ukuba ‘sizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya.’ (2 Korinte 7:1) Ukulutheka kungaphezu kokuzingcolisa ngokwenyama. Umoya, noma ukuthambekela kwengqondo, nakho kuyathinteka. Yini engakusiza ukuze ululame, kokubili ngokwenyama nangokomoya?
Kudingeka Umzamo Oqhubekayo
UDkt. Robert L. DuPont uthi: “Ukulutheka kuwukuphazamiseka kobuntu bonke.” Ngakho, ukuze umuntu anqobe ukulutheka kumelwe abheke bonke ubuntu bakhe. Kumelwe kushintshe sonke isimiso sakho sezindinganiso. Lokhu kuthatha isikhathi. Ayikho indlela yokululama enqamulelayo. Noma isiphi isithembiso sokululama okusheshayo siyomane siholele ekuhlulekeni okusheshayo.
Impi yokulwela ukwenza okuhle iyaqhubeka. Umphostoli uPawulu ongumKristu wabhala: “Ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo [“olwa ngokuqhubekayo,” Phillips] nomthetho wengqondo yami.” (Roma 7:23) Futhi wabhala ukuthi amaKristu kufanele ‘aphelelise ubungcwele.’ (2 Korinte 7:1) Incwadi ethi Word Pictures in the New Testament iphawula ukuthi igama elithi “ukuphelelisa” lapha “alibonisi ukufinyelela ubungcwele ngokuphazima kweso, kodwa libonisa inqubo eqhubekayo.” Ngakho-ke ukunqoba ukulutheka kwenzeka kancane kancane.
Ukufuna Imbangela
Kwabaningi, ukulutheka kuwumzamo wokukhohlwa izenzakalo ezibuhlungu zangesikhathi esidlule. “I-bulimia [ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla] yayiphazamisa inkumbulo yami,” kusho uJanis. “Yaba indlela yami yokusinda.” NgoJanis, ukungakunaki okwenzeka esikhathini esidlule kwamane kwaqhubekisela phambili ukulutheka kwakhe. Ukuqonda izizathu zokuziphatha kwakhe kwasiza uJanis ukuba ashintshe inkambo yakhe yokulutheka.
Abanye bashintsha imikhuba yakuqala futhi bayakwazi ukubhekana nesimo ngokuphumelelayo ngaphandle kokuhlola okwenzeka esikhathini esidlule. Abanye bathola ukuthi imizwa egxile esimweni sabo sangaphambili ibhebhethekisa isifiso sokulutheka. Bangase bazizwe ngokufanayo nomhubi uDavide, owabhala: “[Ngihlole], Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.”—IHubo 139:23, 24.
Ukubhekana Nemizwa
Ingabe wake waba sesakhiweni esingenakukhanya wawusuphumela elangeni elikhanya bhá? Uyamangala ngokuvela kokukhanya ngokungazelele. Ngokufanayo, lapho uqala ukubhekana nokulutheka, ungase uthole ukuthi uhlaselwa imizwa ehlukahlukene ngokungazelele futhi kabuhlungu. Uthando, intukuthelo, ukuzidla, umona, ukwesaba, ukucasuka, neminye imizwelo esinesikhathi eside ifihlekile manje isisobala.
Ukukhathazeka kungase kukubangele ukuba ubalekele ebumnyameni obujwayele bokusebenzisa kabi izinto ezithile. Kodwa akudingeki ukuba ubalekele imizwa yakho. Ingase ibe umthombo wokwaziswa owusizo kuwe. Ngokuvamile imizwa imane iwuphawu lokuthi okuthile kudinga ukunakekelwa. Ngakho uma kudingekile, cabangisisa ngemizwa yakho. Ikutshelani? Uma isigijimi singacacile noma kubonakala sengathi imizwa iyakukhungathekisa, thululela isifuba sakho kumngane ovuthiwe. (Jobe 7:11) Akudingekile ukuba ubhekane nemizwa yakho uwedwa.—Qhathanisa nezAga 12:25.
Khumbula ukuthi imizwa ayizona izitha zakho. UJehova uNkulunkulu ngokwakhe unemizwa ejulile, nomuntu—owadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu—unemizwa efanayo. (Genesise 1:26; IHubo 78:21, 40, 41; 1 Johane 4:8) Njengokukhanya kwelanga okungalindelekile, ekuqaleni imizwa ingase ibe buhlungu. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi nayo iyoba njengokukhanya kwelanga, umthombo wesiqondiso nokufudumala.
Ukuxazulula Inkinga
Ukuhamba entanjeni ephakeme kuyesabeka kumuntu owesaba izindawo eziphakeme. Kumlutha oqala ukululama, ukuphila kungabonakala kufana nokuhamba entanjeni esabisayo ephakeme. Imithwalo yemfanelo ephakeme yokungadakwa ingase ngokomfanekiso ibangele ukwesaba izindawo eziphakeme. Ukucabanga ngokwehluleka kungase kukubangele ukuba ucabange: ‘Ngizokwehluleka nje. Kungani ngingamane ngiqhubeke?’
Kodwa khumbula, izinkinga azihlaseli wena ngokuqondile. Zimane ziyizimo okudingeka kubhekanwe nazo. Ngakho ungaphamazeli. Bhekana nenkinga ngayinye ngesikhathi. Lokhu kuyokusiza ukuba uzibheke ngombono ofanele.—1 Korinte 10:13.
Ukuzethemba
UMarion, umlutha wotshwala olulamayo, kwadingeka ukuba abhekane nemizwa yakhe yokungazethembi. Uthi: “Ngaphakathi ngangihlala nginomuzwa wokuthi uma ngiziveza engiyikho ngempela, [abantu] babengeke bangithande.”
Ukugqashula ekuxhakathiseni kokulutheka kufuna ukuba ufunde—mhlawumbe okokuqala ngqá—ukubaluleka kwakho njengomuntu. Lokhu kunzima uma ukuphila kwakho bekuphazanyiswe ukulutheka. Yini engakusiza?
IBhayibheli incwadi enikeza abadumele induduzo. Lingakusiza ukuba wakhe ukuzihlonipha okunempilo. (IHubo 94:19) Ngokwesibonelo, umhubi uDavide wabhala ukuthi aba-ntu bathweswe umqhele ‘wenkazimulo nobukhosi.’ Waphinde wathi: “Ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo.” (IHubo 8:5; 139:14) Yeka amazwi amahle okuzethemba okunempilo!
Yazisa umzimba wakho, futhi uyowunakekela ngendlela eshiwo kulombhalo: “Akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle.” (Efesu 5:29) Yebo, ungabhekana nenselele yokululama ekuluthekeni.b
Nokho, ukulutheka kungahlanganisa okwengeziwe. Imisebenzi ingaphishekelwa ngokuzinikela nangenjongo efanayo nokuphishekelwa ngayo izidakamizwa, utshwala, nokudla. Manje kuzocatshangelwa eminye yalemisebenzi.
[Imibhalo yaphansi]
a Yiqiniso, labo abanemikhuba yokudla ephazamisekile abanakudeda ekudleni. Nokho, bangayeka ukusebenzisa ukudla njengento yokuguqula imizwa yabo. Imikhuba yokuminza, ukungadli, ukuhlanza, nokucabanga ngokweqile ngokudla ingathathelwa isikhundla ukudla okufanele.
b Ukuze bazigcine bekude nokulutheka futhi balulame ngokuthuthukayo, abanye baye bafuna uhlelo lokwelashwa. Ziningi izikhungo zokwelapha, izibhedlela, neminye imithombo enikeza izinhlelo ezinjalo. Akukho ukwelapha okusekelwa i-Phaphama! Labo abathanda ukuphila ngezimiso zeBhayibheli bayoqaphela ukuba bangahileleki emisebenzini engayekethisa izimiso ezingokomBhalo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]
“Ukululama kuyindaba yokushintsha sonke isimiso [somuntu] sezindinganiso.”—UDkt. Robert L. DuPont.
[Isithombe ekhasini 7]
Isinyathelo sokuqala siwukuba ugweme izinto eziluthayo
[Isithombe ekhasini 8]
Lapho imizwa ikukhungathekisa, xoxa ngayo