Kuthiwani Ngempilo Yakho Siqu?
UMUTHI uzama ukwelapha isifo. Ezikhathini eziningi uyaphumelela ekwenzeni kanjalo kodwa inkambo ehlanzekile yokuphila ibingavimbela ukugula kwasekuqaleni.
UDr. Halfdan Mahler, umqondisi-jikelele weWHO, wathi kumelwe sinakekele impilo yethu siqu, “ukudla ngokuhlakanipha, ukuphuza ngokulinganisela, ukungabhemi, ukushayela ngokucophelela, ukuvivinya umzimba okwanele, ukufunda ukuphila ngaphansi kokucindezela kwempilo yasedolobheni, nokusizana omunye nomunye ukuba nenze kanjalo.”
IBhayibheli ngesiqondiso salo esihlakaniphile neseluleko esinengqondo lingasisiza kakhulu kulendaba. Izimiso zalo ziholela ekuphileni okunokuthula ngokwengeziwe futhi khona-ke liholele empilweni engcono ezweni lethu elicindezelayo. Izimfundiso zalo ‘zingamazwi aphilayo’ hhayi nje ngomqondo ongokomoya kodwa futhi nangomqondo ongokwenyama. Amazwi alo amahle ‘angukuphila kwabakufunayo nempilo yomzimba wonke wabo.’—2 Thimothewu 1:13; IzAga 4:22.
Kodwa ngisho nangokwengeziwe, izimiso zeBhayibheli zinganciphisa izinkinga ezingathi sina, ezibangela ukufa. Kungenzeka kanjani lokho? Nazi ezinye izibonelo:
Uhulumeni waseU.S. ubiza ukubhema ugwayi “ngokusobala ngokuthi kuyimbangela eyodwa nenkulukazi evimbelekayo yokugula nokufa ngaphambi kwesikhathi eUnited States.” Ababulawa umdlavuza baningi ngokuphindwe kasithupha phakathi kwabantu ababhemayo kunalabo abangabhemi. IBhayibheli lithi: “Masizihlanze ekungcoleni konke kwenyama nokomoya.” (2 Korinte 7:1) OFakazi BakaJehova kade bakwenza lokhu nasekubhemeni ugwayi. Khona-ke, bazinciphisela kakhulu imbangela yesinye sezifo ezisabeka kakhulu ezweni.
Ukusebenzisa kabi utshwala nokudakwa akubangeli nje kuphela ukusha kwesibindi kodwa futhi nezimpi, izingxabano, ubudlova, nomqedazwe wanamuhla wezingozi ezibulalayo zezimoto. Ingabe iBhayibheli lingasiza lapha? Leluleka ngokulinganisela ophuzweni oludakayo, lithi: “Nazidakwa, nazithuki . . . abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini.” Futhi: “Iwayini liyisideleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.” (1 Korinte 6:9-11; IzAga 20:1) Ingabe lesoseluleko esiphilisayo esingokweBhayibheli sinengqondo?
Ukusebenzisa kabi imilaliso edakayo kuye kwaba yinkinga yempilo engathi sina phakathi kwentsha yanamuhla. iHealth Crisis 2000 ithi: “Isizumbulu semali sisetshenziselwa ekuphoqeleleni ukugcinwa komthetho ngokumelene nokuthengwa kwezidakamizwa kuyilapho incane kakhulu esetshenziselwa ukuvimbela intsha yethu eyizisulu ekubeni ilutheke kwasekuqaleni.” OFakazi BakaJehova basebenzisa ezidakamizweni ezilimaza ingqondo izimiso eziseBhayibhelini ezifanayo nalezo ezisebenza kugwayi. (2 Korinte 7:1) Abazali babeka isibonelo kulokhu, bakufundise abantwana babo, futhi lokhu kuhamba ibanga elide ekuvimbeleni ukulutheka kwasekuqaleni.
Izifo ezithathelwana ngobulili, njengesipatsholo neAIDS, ziwusongo olukhulayo kubantu abanabangane bobulili abaningi. Lithini iBhayibheli ngalokhu? Likulahla ngokuqinile ukuziphatha okubi kobulili. Lifundisa ukushada nomngane oyedwa phakade futhi athembeke ngokokuziphatha kulowomuntu. Lithi: “Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba iziphingi nezihlobongi uNkulunkulu uyakuzahlulela.” (Heberu 13:4) Futhi, lithi: “Kepha imisebenzi yenyama isobala engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala! . . . abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.”—Galathiya 5:19-21; Mathewu 5:32.
Izimiso zeBhayibheli ezinengqondo kanjalo ziholela empilweni engcono ngisho nasezweni lanamuhla eligcwele izinkinga, kodwa azinakunikeza ukwelapha okuhlala njalo. Ukwelapha okuhlala njalo kuyindaba yesihloko esilandelayo.
[Isithombe ekhasini 7]
“Siye sazilimaza, sikholelwa ukuthi isayensi, odokotela nezibhedlela bekuyothola ikhambi, esikhundleni sokuvimbela zona kanye izimbangela zokugula kwasekuqaleni.”—Health Crisis 2000