Bonakalisa Intshiseko Yokumemezela Izindaba Ezinhle
“Mina ngokwami nginentshiseko yokumemezela izindaba ezinhle nakinina.”—ROMA 1:15, NW.
1, 2. Ngokuvamile abantu basabela kanjani esimwemi esiphuthumayo?
“BAVELA kuyo yonke indawo . . . amakhulu ezisebenzi zokuzithandela atheleka endaweni enezifunda ezimbili, afika namaloli agcwele ukudla nezingubo, akha izindawo zokukhosela, abanye besebenza amahora ayi-18 kuya kwangama-20 ngosuku, abanye bengalali kwanhlobo ngezinsuku zokuqala ngemva kokudilika kwebhuloho okwesabisayo.”
2 Yilendlela abantu abasabela ngayo lapho izihlambi ezazingalindelekile nezaphela ngokushesha zihlasela umphakathi waseCalifornia ephakathi ekwindla edlule, zabangela ukuba cishe abantu abayizi-24 000 babalekele endaweni elondekile. Yebo, lapho izinhlekelele—kusukela ezikhukhuleni zendawo kuya ekuzamazameni komhlaba nasezingozini zenuzi—zihlasela, ngokuvamile abantu basabela ngokuzithandela futhi batholakale ukuze basize. Bayabhukula, ngomqondo ongokomfanekiso, bazifake ezingozini eziningi nokuzidela, futhi basize abanye ngentshiseko—ngisho nabantu abangabazi ngokuphelele.
Isikhathi Esiphuthumayo
3. Isiphi isimo esiphuthuma kakhulu isintu esibhekene naso namuhla?
3 Namuhla, isintu sibhekene ngqó nenhlekelele enkulu kakhulu emlandweni. Ayibangelwa umonakalo umuntu awenzayo endaweni emzungezile, ukusongela kwempi yenuzi, noma ukwanda kobugebengu nobudlova, nakuba lezinto ngokwazo zingezingathi sína. Kunalokho, isintu sibhekene nalokho uJesu Kristu akubiza ngokuthi “usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” Ukuze abonise ukuthi “usizi olukhulu” luyoba olubhubhisa kangakanani, uJesu waqhubeka wathi: “Uma lezozinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswemuntu.”—Mathewu 24:21, 22.
4. Lapho sibhekene nesimo esiphuthuma kanjalo, kumelwe sisabele kanjani?
4 Ubuyosabela kanjani ukuba bewazi ukuthi abantu abaningi, kuhlanganise nabanye abasondelene nawe, bebezoshabalala ngokushesha kulolosizi? Ingabe ubuyokushisekela ukusiza? Khumbula umbono kaHezekeli ongokwesiprofetho wendoda enophondo lukayinki womlobi. Watshelwa ukuthi yilabo kuphela ababethole uphawu olungokomfanekiso ebunzini labo ababeyosinda ekubhujisweni kweJerusalema, futhi nguye owayeyobeka lolophawu olusindisa ukuphila. Wasabela kanjani? Wabika: “Ngenzile njengokungiyala kwakho.”—Hezekeli 9:1-11.
5. Imuphi umsebenzi esingaphansi komyalo wokuwenza, futhi uphuthuma kangakanani?
5 Ingabe ubonisa ukuzinikela nentshiseko efanayo njengendoda eyembethe ilineni, wenza njengoba nje uJehova eyalile? Yini uJehova ayiyalile? NgeNdodana yakhe, uJesu Kristu, uye wanikeza lomyalo: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Lona umsebenzi osindisa ukuphila ofana nowokubekwa kophawu olungokomfanekiso emabunzini ngosuku lukaHezekeli. Noma ubani ongasabeli futhi abe umfundi kaJesu Kristu uyobhujiswa uMahluleli oMkhulu kaNkulunkulu. (2 Thesalonika 1:6-8) Ingabe unawo umuzwa wokuphuthuma? Ingabe uyawubonisa ngokuba nentshiseko yokumemezela izindaba ezinhle?
Intshiseko—Iboniswa Kanjani?
6. Kusho ukuthini ‘ukushiseka’?
6 Bonke abantu bakaJehova banawo umuzwa wokuphuthuma kwesikhathi. Sonke silangazelela ukubona abantu abaningi ngangokunokwenzeka besindiswa “osizini olukhulu” olusondelayo. Nokho, intshiseko ingaphezu kokulangazelela nje. Ngokwesichazamazwi, intshiseko “isifiso esibukhali noma esijulile sokuphishekela okuthile noma sokuzuza okuthile.” Umuntu oshisekela okuthile uqondisa kokubili umcabango nesenzo ekukuzuzeni. Uyokwenza konke okusemandleni akhe ukuze anqobe noma isiphi isihibe nogibe, futhi uyophikelela ekwenzeni kanjalo aze afinyelele umgomo wakhe. Yileyondlela umphostoli uPawulu azizwa ngayo ngenkonzo yakhe, futhi senza kahle ukumlingisa.—1 Korinte 4:16.
7. Kungani uPawulu afuna ukuya eRoma?
7 Ngokwesibonelo, cabangela amazwi kaPawulu ayewabhekisele kumaKristu aseRoma, kwabaseRoma 1:13-16. Wawatshela: “Ngazimisela kaningi ukuza kini.” Ngani? “Ukuba nakini ngibenezithelo,” echaza. Ingabe ngalokhu, uPawulu wayemane ecabanga ngokuvakashela abazalwane eRoma futhi mhlawumbe abakhuthaze ukuba bahlakulele “izithelo zikamoya” ngokwengeziwe, njengoba kusho abanye abahlaziyi? (Galathiya 5:22, 23) Cha, ngoba amanye amazwi akhe athi “njengakwezinye izizwe” akwenza kukhanye ukuthi wayehlose ukuzuza izithelo zoMbuso phakathi komphakathi waseRoma owawungewona amaKristu. Wayefuna ukuletha izindaba ezinhle eRoma futhi mhlawumbe adlulele nakwezinye izindawo.—Roma 15:23, 24.
8. UPawulu ‘wayethiyeke’ kanjani ekuyeni eRoma?
8 UPawulu wathi: “Kepha ngathiyeka kuze kubemanje.” Wayethiywa yini? Ingabe wayematasa kakhulu ngezindaba zomuntu siqu ukuba wayengakufinyelela? Nokho, uPawulu wayeyindoda ematasa kodwa hhayi ngezithakazelo zomuntu siqu. Ngesikhathi ebhale la abaseRoma (cishe ngo-56 C.E.), kakade wayesejikeleze kabili ohambweni olukhulu lwe zithunywa zevangeli futhi wayematasa enza olwesithathu. Ngokuvamile, umoya ongcwele wawumqondisa ezabelweni ezithile kulokho kujikeleza. (Bheka izEnzo 16:6-9.) Ngisho nanjengoba ayebhala incwadi yakhe, ayesenziwe kakade amalungiselelo okuba aye eJerusalema ‘eyokhonza abangcwele’ lapho. (Roma 15:25, 26) Futhi wayesehlangabezane nezinye ‘izithiyo’ eziningi zaloluhlobo.—Bheka eyesi-2 Korinte 11:23-28.
9. UPawulu wayibonisa kanjani intshiseko yokumemezela izindaba ezinhle?
9 Ngisho noma kunjalo, uPawulu akazange abe nomuzwa wokuthi wayenokwanele ayengakwenza, futhi akazange asho ukuthi wayenesabelo sakhe futhi lokho kwakwanele. Wafuna ukwenza okwengeziwe. Eqinisweni, wathi: “Mina ngokwami nginentshiseko yokumemezela izindaba ezinhle nakinina eRoma.” Yilokho intshiseko eyikho! Ngokufanelekile, uProfesa F. F. Bruce encwadini yakhe ethi The Epistle of Paul to the Romans wathi ngalomphostoli: “Ukushumayela ivangeli kusegazini lakhe, futhi akanakukubalekela; akakaze ‘aphuthe’ kodwa kumelwe abe kulo njalo, aphungule futhi lelocala alikweleta isintu sonke—icala angasoze alikhokha ngokugcwele uma esaphila.” Ingabe uyibheka ngaleyondlela inkonzo?
10. Iziphi ‘izithiyo’ ezingasivimbela, kodwa kumelwe sibhekane kanjani nazo?
10 Namuhla, bonke abantu bakaJehova bamatasa ngemithwalo yemfanelo eminingi. Abanye banemikhaya okumelwe bayinakekele. Abanye banezibopho kwezinye izici. Abanye balinganiselwe kulokho abangakwenza ngenxa yokuguga noma impilo ebuthakathaka. Futhi abanye banezabelo ezinzima ebandleni lobuKristu. Nokho, siyaqaphela futhi ukuthi isimiso sezinto samanje siphelelwa isikhathi, futhi ubufakazi boMbuso kumelwe bunikezwe. (Marku 13:10) Kanjalo, njengoPawulu, kumelwe sibonise intshiseko yokufinyelela umsebenzi wokushumayela naphezu ‘kwezithiyo’ ezingase zisivimbele. Akumelwe sibe nomuzwa wokungabi nandaba, njengoba sibona ukuthi sinokuningi esingakwenza.—1 Korinte 15:58.
“Nginecala” Kubo Bonke
11. Asho ukuthini amazwi athi “nginecala”?
11 Kwakunamanye amandla ayeshukumisa imizamo kaPawulu yokungakhathali ekumemezeleni izindaba ezinhle. “Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo,” kusho uPawulu. (Roma 1:14) Kungayiphi indlela uPawulu ‘ayenecala’? Ezinye izinguqulo zihumusha lamazwi ngokuthi “Ngingaphansi kwesibopho” (New English Bible), “Nginesibopho” (Today’s English Version), noma “ngiyakweleta” (Jerusalem Bible). Khona-ke, ingabe wayesho ukuthi umsebenzi woku shumayela wawuwumsebenzi noma isibopho esiwumthwalo okwakumelwe asifeze phambi kukaNkulunkulu? Kulula ukuba nesimo sengqondo esinjalo uma silahlekelwa umbono wokuphuthuma noma siphazanyiswa izinto zezwe ezikhangayo. Kodwa akukhona lokho uPawulu ayecabanga ngakho.
12. UPawulu ‘wayenecala’ kubani, futhi ngani?
12 ‘Njengesitsha esikhethiweyo’ sikaNkulunkulu ‘nanjengomphostoli wabezizwe,’ uPawulu wayenomthwalo wemfanelo onzima kakhulu phambi kukaNkulunkulu. (IzEnzo 9:15; Roma 11:13) Nokho wayengenawo umuzwa wokuba nesibopho kuNkulunkulu kuphela. Wathi ‘wayenecala’ “kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo.” Ngenxa yomusa nelungelo alinikezwa, waba nomuzwa wokuthi kungumsebenzi wakhe ukushumayela ukuze bonke abantu bezwe izindaba ezinhle. Waqaphela, futhi, ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba “abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.” (1 Thimothewu 1:12-16; 2:3, 4) Kungakho asebenza ngokungayeki, hhayi nje kuphela ukuze afeze umthwalo wakhe kuNkulunkulu kodwa futhi ukuze azikhulule ecaleni lakhe kubantu akanye nabo. Ingabe unomuzwa wecala elinjalo lakho siqu kubantu abasensimini yakini? Ingabe unomuzwa wokuthi ubakweleta ukuzikhandla kwakho ukuze ubalethele izindaba ezinhle?
“Anginamahloni Ngezindaba Ezinhle”
13. UPawulu wayezibheka kanjani izindaba ezinhle?
13 Ngempela uPawulu wayeyisibonelo esivelele ekuboniseni intshiseko ekumemezeleni izindaba ezinhle. Wayewazisa ngokujulile umusa ongafanelekanga ayewuboniswe nguNkulunkulu, futhi wayengafuni ukuba ube yize. (1 Korinte 15:9, 10) Kungakho aqhubeka wathi: “Ngokuba anginamahloni ngevangeli [“ngezindaba ezinhle,” NW].” (Roma 1:16) Ngokombono womuntu, kwakungekhona nje kuphela ukuthi amaKristu ayengathandwa kodwa futhi ayedelelwa. “Senziwa kungathi siyinsila yezwe, umphucuzo wezinto zonke,” kusho uPawulu. (1 Korinte 4:13) Nokho wayengenamahloni okuyisa izindaba ezinhle eRoma, isikhungo sezwe elivelele ngemfundo ne komkhulu loMbuso omkhulu waseRoma. Lapho sibhekene nokudumazeka, ukuxhashazwa, noma ngisho nokuphikiswa emsebenzini wethu wokushumayela, singakhumbula isibonelo sikaPawulu esikhuthazayo.
14. Kungani uPawulu ‘ayengenamahloni ngezindaba ezinhle’?
14 Eqinisweni ukuthi “anginamahloni ngezindaba ezinhle” kungenye indlela yokuthi “ngiyaziqhenya ngezindaba ezinhle,” futhi kumelwe sibe njalo. Ngani? Ngoba “lingamandla kaNkulunkulu, kube-yinsindiso kulowo nalowo okholwayo,” kuchaza uPawulu. Wayenokuhlangenwe nakho komuntu siqu okwanele ukuba kusekele amazwi akhe. UPawulu wathi, ngezindaba ezinhle “sichitha izizindlo, nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu.’ (2 Korinte 10:5) Kungakhathaliseki ukuthi zazimelene nesiko lamaJuda, ifilosofi yamaGreki, noma umbuso waseRoma, izindaba ezinhle zabonakala zinqoba.
15. Kukanjani intshiseko yayingamandla ashukumisayo ekuphileni kukaPawulu?
15 Yeka indlela okuhle ngayo ukuthi esikhundleni sokukuzwa kuwumthwalo, uPawulu ‘wayekushisekela’ ukufeza umthwalo wakhe wemfanelo ayewunikezwe uNkulunkulu! Njengoba yena ngokwakhe akubeka: “Ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli [“izindaba ezinhle,” NW]!” (1 Korinte 9:16) Lentshiseko yamsiza ukuba aqhubeke iminyaka eminingi nenkonzo yokungakhathali, ukuze ekugcineni athi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa.”—2 Thimothewu 4:7.
Ukuphumelela Kuyayandisa Imiphumela
16. Iziphi izinselele ocabanga ukuthi indoda eyayinophondo lukayinki womlobi embonweni kaHezekeli yabhekana nazo?
16 NjengoPawulu, akungabazeki ukuthi indoda eyayinophondo lukayinki womlobi embonweni kaHezekeli yayisishisekela isabelo sayo. Yabuyisa umbiko omuhle: Ngikufezile ukuthunywa! Indaba ayisitsheli ukuthi yabathola kanjani “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso [ezenziwayo].” (Hezekeli 9:4) Nakuba kungekho lutho olwashiwo ngendlela okwafezwa ngayo lokhu kubekwa kophawu, ngokusobala kwakungewona umsebenzi olula.
17. (a) Iziphi izinselele wena obhekana nazo emsebenzini wokwenza abafundi, futhi ubhekana kanjani nazo? (b) Ingabe imizamo edingekile ifanele?
17 Ngokufanayo namuhla, ukuthunywa kwethu akulula. Ngakho-ke, nanku umbuzo: Siphumelela kangakanani kulomsebenzi osindisa ukuphila? Ukuze senze abantu abaningi ngangokunokwenzeka babe abafundi, kumelwe sihlanganyele njalo nangokuhleleka kulomsebenzi, kungabikho thuba lokuhlanganyela izindaba ezinhle esiliyeka lidlule. Njengathi, abantu abasemphakathini wakithi bamatasa; bangase bangabikho emakhaya lapho sifika, futhi ngisho noma bekhona, ngokuvamile bamatasa. Yini esingayenza? Nokho, kudingeka sigcine imibhalo eqondile futhi sibuyele ngezikhathi ezihlukahlukene, ngokuphindaphindiwe, sinethemba lokuthi siyomthola othile esingaxoxa naye. Ingabe leyomizamo ifanele? Vumela izincwadi ezimfushane ezilandelayo ezivela kubaninikhaya ababili zinikeze impendulo:
“Ngithanda ukubonisa ukwazisa kwami koFakazi BakaJehova ngokuvakasha kwabo kaningi endlini yami. Ngiyazi ukuthi ngezinye izikhathi labo abangebona abesonto lenu abanawo umdlandla owufanele ngempela umsebenzi wenu. Ngakho ngiye ngacabanga ukuthi ngingahlanganyela okuhlangenwe nakho kwami nani futhi nginibonge!”
“Kunabaningi bethu abalambele iqiniso, abaningi bethu abakholelwa ukuthi zonke izindlela ziholela ensindisweni. Nina enisaqhubeka nokufuna othile eningamsiza, ningasidubi! Asibona abantu abesabekayo, nakuba sinithuka, sinidumaza, futhi sinenqaba. Ningadubi, ngoba siye safundiswa amanga amaningi, sitshelwa izindaba eziningi ezithusayo, futhi safundiswa ukuba sinizonde ukuze sisigcine sikude nathi isigijimi soMbuso kaJehova.”
18. (a) Ungabasiza kanjani abanye bathole umqondo wezindaba ezinhle? (b) Omunye ummemezeli wakugwema kanjani ukudumazeka okusobala?
18 Ukufinyelela inhliziyo yabantu nokubasiza ukuba baqonde izindaba ezinhle kudinga okungaphezu kokubonana nje, ukunikeza isigijimi esilungiselelwe, noma ukushiya incwadi ethile yeBhayibheli. Kumelwe silwele ukuqonda izidingo nokukhathalela kwabo, abakuthandayo nabangakuthandi, abakwesabayo nabakubandlululayo. Konke lokhu kudinga ukucatshangisiswa nomzamo—nentshiseko yethu. Cabangela okuhlangenwe nakho okulandelayo:
Ummemezeli waxoxa nowesifazane emnyango wasephasishini kodwa wangakuthola ukusabela okuhle. Eqaphela ukuthi kwakunabantwana abaningana eduze, wabuza owesifazane ukuthi unabantwana abangaki. Waphendula ukuthi laba kwakungebona abantwana bakhe kodwa babengabomlamu wakhe, owayesanda kufika nje evela kwelinye izwe. Ngokushesha baxoxa ngenkinga yokusweleka kwezindawo zokuhlala. Ummemezeli wavuma ukuthi kunzima ukuthola izindawo ezinhle zokuhlala emadolobheni amakhulu, njengoba naye ayenezihlobo ezazizofika ngokushesha, futhi wathembisa ukusiza. Owesifazane wajabula futhi wabiza umlamu wakhe. Ingxoxo yaqhubeka, futhi banikezana izinombolo zocingo. Engayikhohliwe injongo yokuza kwakhe, ngokuhlakanipha ummemezeli wavula ekhasini 157 lencwadi Ungaphila Phakade futhi wachaza ukuthi esimisweni esisha esithenjisiwe, izinkinga zezindlu nomsebenzi ziyobe zingasekho. Lendoda yahlabeka umxhwele kakhulu futhi yayamukela ngokushesha incwadi. Kamuva, ummemezeli wabuya nempendulo ngendawo yokuhlala eqashiswayo; futhi wavuselela ingxoxo yabo ngeBhayibheli.
19. Manje isikhathi sokwenzani ngathi? Futhi yini okudingeka sixoxe ngayo ngokwengeziwe?
19 Isikhathi sokushumayela izindaba ezinhle siyaphela ngokushesha. Ukuthi “izingelosi ezine” ‘ziyobamba imimoya yomine yomhlaba’ isikhathi eside kangakanani asazi. (IsAmbulo 7:1) Kungakhathaliseki ukuthi ikuphi, “usizi olukhulu” lusengaphambili, futhi abantu abanhliziyo ziqotho bayaqoqwa. Ngempela, “amasimu asemhlophe, aselungele ukuvunwa.” (Mathewu 24:21, 22; Johane 4:35) Manje isikhathi sethu sokuphikelela kulomsebenzi ongasoze waphindwa. Singasisebenzisa kanjani kangcono kakhulu isikhathi esisele? Yini esingayenza ukuze sibe nengxenye egcwele kulomsebenzi osindisa ukuphila? Futhi yini engasisiza ukuba siqhubeke sibonisa intshiseko ekumemezeleni izindaba ezinhle? Lemibuzo kuzoxoxwa ngayo esihlokweni esilandelayo.
Cabangela Isibonelo SikaPawulu NgokwabaseRoma 1:13-16—
◻ Kungani ayeshisekela ukuya eRoma?
◻ Yini eyamthiya ekuyeni khona? Kodwa wasabela kanjani?
◻ ‘Wayenecala’ kobani futhi ngani?
◻ Wazizwa kanjani ngezindaba ezinhle? Ngani?
◻ NjengoPawulu, yini esingayenza ukuze siphumelele ekumemezeleni izindaba ezinhle?