Basha—Ningakhohliswa
“USathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.”—2 KORINTE 11:14.
1. (a) Kungaziphi izindlela abaningi bethu abaye bakhohliswa ngazo? (b) Ngokuvamile, obani abakhohliswa kalula?
AKUNGABAZEKI ukuthi sonke siye sakhohliswa ngezinye izikhathi. Mhlawumbe ngokudlala umdlalo lapho umdlali owawuncintisana naye ngokudlala ngendlela eyakuphamba akwenza wasuka endaweni owawuvimbe kuyo futhi kanjalo wakwehlula. Noma kungenzeka ukuthi uye wathenga ingubo enhle, kodwa ngemva kokuyigqoka isikhashana nokuyihlanza wabona ukuthi indwangu kwakungeyona eyohlobo eyayibonakala iyilo. Ngokuvamile, obani abakhohliswa kalula, okungukuthi, baphanjwe noma badukiswe? Akubona yini labo abangenakho okuhlangenwe nakho? Futhi ngokuvamile imiphumela ingengathi sína ngokwengeziwe kunokumane wehlulwe emdlalweni noma ukhohliswe ngalokho okuthengile.
2. Abasha abathile baye baholelwa kanjani ebubini obungathi sína?
2 Ngokwesibonelo, uJulie, owayeneminyaka emibili kuphela esesikoleni esiphakeme, “wayethandana” njengoba asho, “nomfana obukekayo futhi owayethandwa yiso sonke isikole.” Wachaza: “Ngamtshela ukuthi ngangingakakulungeli lokho ayekufuna, kodwa waqhubeka engitshela indlela ayengithanda ngayo, nokuthi yonke into yayizolunga. Lapho ngiphikelela nokwenqaba, kulapho angiphoqelela khona. Wathi, ‘bengikukhathalela ngempela, futhi bengicabanga ukuthi nawe uzizwa ngendlela efanayo. Uma ungafuni ukukubonakalisa kimi lokho, ngicabanga ukuthi kuzomelwe siyeke ukubonana.’” Ngakho uJulie wavuma futhi wahlobonga. Ngosuku olulandelayo, lapho ezwa ukuthi umfana wayeziqhayisa “ngokunqoba” kwakhe, wayiqaphela indlela ayekhohliswe ngayo ngokuphelele. Kwakumelwe azi ukuthi uma lomfana wayemthanda ngempela, wayengeke akwenze lokho.
3. (a) Kungani ukuhlobonga kuyisono esingathi sína kangaka? (b) Uyini umgomo kaSathane uDeveli?
3 Lokho uJulie aphanjwa noma akhohliselwa ukuba akwenze kwakuwukweqiwa okungathi sína komthetho kaNkulunkulu. Ngenxa yalesizathu iBhayibheli liyanxusa: “Balekelani ubufebe.” Futhi lisho ngokucacile: ‘Akukho-sifebe . . . esinefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.’ (1 Korinte 6:18; Efesu 5:5) Ngakho-ke nakuba uSathane uDeveli engase angabi nandaba nokuthi uyaphumelela noma uyehlulwa emdlalweni noma uthenga ngokuhlakanipha noma cha, ngokuqinisekile uzama ukukukhohlisela ekwephuleni umthetho kaNkulunkulu. IBhayibheli liyaxwayisa, “Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya.” (1 Petru 5:8) Ngempela, usebenzisa konke ukucabanga kwakhe kobuqili, kuhlanganise nokuziveza njengengelosi yokukhanya, ukuze asihlubule ekukhonzeni uJehova uNkulunkulu! Lokho akukwenzi yini ucabange ngokungathi sína?—2 Korinte 11:14.
Funda Kulokho Okwenzeka KuEva
4. Kungani kungathiwa abasha bayizisulu ezikhethekile zikaSathane?
4 Kodwa kinina bantu abasha, lokhu kuyindaba okumelwe inenze nicabange ngisho nangokwengeziwe: Niyizisulu ezikhethekile zikaSathane. Kungani kunjalo? Ngenxa yobusha benu, anikabi naso isikhathi esanele sokuzuza ulwazi lokuhlakanipha, futhi uSathane uhlasela labo abangenakho okuhlangenwe nakho. Wakwenza lokho ekuqaleni nje kokuhlubuka kwakhe. Khumbula ukuthi ensimini yase-Edene waya kuEva, hhayi endodeni yakhe uAdamu eyayidalwe esikhathini esithile ngaphambi kwakhe. Futhi uSathane waphumelela. Wakhohlisa, yebo, wadukisa uEva osemusha nongenakho okuhlangenwe nakho ngokuzibonakalisa ngokungeyikho. IBhayibheli liyachaza, “Ngokuba uAdamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho uEva. Futhi uAdamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka.”—1 Thimothewu 2:13, 14.
5. (a) Yini okungamelwe siluthelwe ekuyicabangeni? (b) Yini umphostoli uPawulu ayekhathazeke ngayo, futhi kungani kwakufanele?
5 Ungalokothi uluthelwe ekucabangeni ukuthi izindlela zikaSathane azinakusebenza kuwe, ukuthi akasoze akwenza wephule imithetho kaNkulunkulu. Khumbula isixwayiso saphezulu sokuthi “uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.” (2 Korinte 11:14) Umphostoli uPawulu wayekhathazeke ngokufanelekile ngokuthi iNkosi Yokukhohlisa yayingase iphumelele kumaKristu ayekanye noPawulu ayengenakho okuhlangenwe nakho. UPawulu wabhala: “Nginovalo lokuthi njengalokhu inyoka yamkhohlisa uEva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.”—2 Korinte 11:3.
6. Kusho ukuthini ukuyengwa?
6 Phawula ukuthi akukhona nje kuphela ukuthi uEva wakhohliswa noma wadukiswa; kodwa futhi wayengwa. Lokhu kusho ukuthi wadonselwa enkambweni elimazayo ngokunxenxa noma ngesilingo esiyengayo. NgokweWebster’s Third New International Dictionary, ukuyenga kusho “ukunxenxela ekungalalelini,” “ukukhanga noma ukuzuza ngethonya noma njengokungathi ngethonya lobuqili elingabonakali.” Ngokuqondile, lesichazamazwi sithi, ukuyenga kusho “ukuphoqelela [owesifazane] ukuba abe nobuhlobo bobulili okokuqala ngqa.” Singazuza ngokubukeza indlela kaSathane yokuyenga uEva (nakuba ubuhlobo bobulili babungahilelekile kulendaba) nangokuphawula futhi izindlela ezifanayo azisebenzisayo namuhla.
7, 8. (a) Yayiyini injongo yombuzo kaSathane kuEva? (b) USathane wakwenza kanjani ukuba ukudla emthini kubonakale kungokukhanga kangaka?
7 Ekuqaleni nje kokuhlasela kwakhe, uSathane ngendlela yobuqili, wasebenzisa inyoka ukuba ibangele uEva aqale ukungabaza imithetho kaNkulunkulu. Ngamazwi ayeklanywe ngokunakekela ukuba avuse ukungabaza nokusola, wabuza: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: Ningadli emthini yasensimini, na?” Ngalombuzo wobuqili uSathane wayesho ukuthi kwakudabukisa ukuthi wayengenakudla kuyo yonke imithi yasensimini. Eqinisweni, waphikisa ngokuthi, kunokuba afe njengoba uNkulunkulu ayeshilo, ukudla emthini owenqatshelwe kwakuyomzuzisa ngempela. USathane wamqinisekisa, “Kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe-njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.”—Genesise 3:1-5.
8 Yeka ukuthi lobo kwakungubuqili bukaSathane obubi kangakanani, ukuba asikisele ukuthi uNkulunkulu wayezama ukufihlela uEva ulwazi oluzuzisayo! NgokukaSathane, uNkulunkulu wayesebenzisa ngisho nokwesabisa okungasho lutho kokufa ukuba amvimbele ekusebenziseni ikhono lokuzikhethela. Ngamanye amazwi, wathi kuEva, ‘Uyazi, uyaphuthelwa! Ngeke ufe. Ungajabulela lokho uNkulunkulu akujabulelayo. Ungazinqumela ngokwakho ukuthi ikuphi okuhle noma okubi.’ Kwamkhanga uEva ukukwazi ukuzenzela izinqumo zakhe siqu ngaphandle kokulandisa komunye umuntu.
9. Njengoba kuboniswe kuJakobe 1:14, 15, yiluphi uchungechunge lwezenzakalo olwaholela esonweni sikaEva futhi ekugcineni ekufeni kwakhe?
9 Ngenxa yalokho, uEva waqala ukubuka umuthi ngokuwunxanela. “Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla.” (Genesise 3:6) Kodwa ngemva kwalokho, lapho uEva ebona ukuthi akazange akuthole lokho ayekuthenjisiwe, wachaza: “Inyoka ingikhohlisile.” (Genesise 3:13) Eqinisweni, yayimyengile futhi, yamdonsa ngokunxenxa noma isilingo esiyengayo kwaze kwaba yilapho isifiso sobugovu simbangela ukuba one, futhi ngokomphumela, ekugcineni wafa.—Jakobe 1:14, 15.
Qaphela Amaqhinga KaSathane
10. Kungani kungamelwe singawanaki amaqhinga kaSathane, futhi yiziphi iziyalezo eziwukuhlakanipha ukuzilandela?
10 USathane usebenzisa amaqhinga afanayo, okungukuthi, amacebo, amasu, ubuqili, ukuze akhohlise futhi ayenge intsha namuhla. Kodwa njengoba iBhayibheli linikeza umlando ophelele wezindlela zikaSathane zokukhohlisa, akumelwe ungawanaki amaqhinga akhe. (2 Korinte 2:11) Udinga umqondo omuhle wokulalela izixwayiso neziyalezo uJehova uNkulunkulu azinikeza ngeZwi nangenhlangano yakhe.—IzAga 2:1-6; 3:1-7, 11, 12; 4:1, 2, 20-27; 7:1-4.
11. Ngokuvamile uSathane ubayenga noma abakhohlise kanjani abasha ukuba benze okungalungile?
11 Ngokuvamile uSathane ubalinga noma abanxenxe kanjani abantu abasha ukuba benze okungalungile? Wenza kanjalo ngokuba enze lokho uNkulunkulu akulahlayo, imisebenzi engaholela ekulahlekelweni ukuvunyelwa uNkulunkulu, kubonakale kukhanga kakhulu, noma ngesikhathi esifanayo kube okungenangozi, njengoba nje nesithelo sabonakala kanjalo kuEva. Futhi njengoba enza kuEva, uyozama ukukhuthaza umqondo wokuthi ulahlekelwa ngokungafanele okuthile okujabulisayo. Ngakho, ngendlela yobuqili, neyokukhohlisa uSathane uzama ukululaza inhlonipho yakho ngeZwi likaNkulunkulu, nangeziyalezo ezinikezwa abazali bakho abesaba uNkulunkulu nenhlangano kaNkulunkulu. Ngakho-ke ngesizathu esihle iBhayibheli liyanxusa: “Nibe-namandla okumelana namaqhinga [noma, njengoba kusho iThe Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures, “izenzo zobuqili.”] kaSathane.”—Efesu 6:11.
12. (a) Iliphi iqiniso ngoSathane okumelwe sonke silithathe ngokungathi sína, futhi ngani? (b) Ukubheka kanjani lokho okushiwo kweyoku-1 Johane 2:15 nakuJakobe 4:4? (c) Yini uSathane angathanda ukukukhohlisela ukuba uyikholelwe?
12 Ngokusobala uEva wayeyisiwula ngokukholelwa amanga kaSathane. Nokho ingabe abasha abaningi namuhla abazithathi yini kalula ngokufanayo izixwayiso eziseZwini likaJehova noma lezo ezinikezwa abazali babo noma ngabadala abangamaKristu? Kuthiwani ngawe? Ngokwesibonelo, ingabe ulithatha ngokungathi sína iqiniso lokuthi uSathane uDeveli ungumbusi walelizwe nokuthi, njengonkulunkulu walesimiso sezinto, uphuphuthekisa izingqondo zabantu? (1 Johane 5:19, NW; Johane 12:31; 14:30; 16:11; 2 Korinte 4:4) Ingabe ngempela uzama ukulalela umyalo kaNkulunkulu othi: “Ningathandi izwe nezinto ezisezweni”? (1 Johane 2:15) Futhi zibuze: ‘Ingabe ngempela ngiyayikholelwa inkulumo engokomBhalo ethi, “Ngakho lowo othanda ukuba-ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu”’? (Jakobe 4:4) USathane angathanda ukukukhohlisela ekukholelweni ukuthi izwe alisongeli neze, ukuthi imisebenzi eliyikhuthazayo ayinangozi. Kodwa qaphela! Ungakhohliswa!
Ukuyenga Okukhohlisayo Namuhla
13. Iliphi isiko eliye laba ngelithandwa kakhulu ezindaweni eziningi, futhi yini uSathane angathanda ukuba siyikholelwe ngokuqondene naye?
13 Ngokuvamile uSathane uyengela abantu ekwenzeni okubi ngezinto ezingase zingabi zimbi zona ngokwazo noma ezingasolwa ngokuqondile eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, nakuba imibhangqwana eminingi eshadile inezinkumbulo ezijabulisayo ezihlanzekile eyazijabulela ezinsukwini zokuthembisana kwayo, kunezingozi ezingaba khona lapho abantu bebodwa uma bephola. Eqinisweni, ukuphola kuyisiko lanamuhla eliye lathandwa kakhulu ezindaweni eziningi ngemva nje kweMpi Yezwe I. USathane angathanda ukuba ukholelwe ukuthi lelisiko limane liwuhlobo oluthile olumsulwa lokuzilibazisa elenza ukuba abantu abasha bakwazi ukujwayelana namalungu obulili obuhlukile ngokwesizinda sabantu ababili. Kodwa, eqinisweni, lugudle izingozi ezingokokuziphatha.
14. (a) Lingabhekwa kanjani isiko lokuphola? (b) Imiphi imizwa engakheka lapho kupholwa?
14 AmaKristu asekhulile, avuthiwe, ngenxa yokuhlangenwe nakho kwawo, aziqaphela ngokwengeziwe izingozi khona-ke futhi anganikeza ukuqondisa okuwusizo. (IzAga 27:12) Kodwa mhlawumbe unomuzwa wokuthi ayikho ingozi ekupholeni nokuthi abazali bakho banemingcele ngokweqile, bakuncisha injabulo. Nokho njengoba nje abantu bengahlulelwa ngezithelo abazivezayo, kungokufanayo nangamasiko anjengokuphola. (IzAga 20:11; Mathewu 7:16) Ngokwesibonelo, othile oneminyaka eyi-18 owayevame ukuphola, futhi owakhulelwa, wabhala: “Ngangingomunye wezinkulungwane zabantwana ababecabanga ukuthi kwakungenakwenzeka kimi.” Uyavuma ukuthi ngemva kokuphola isikhathi esithile “ukubambana ngezandla nokuqabulana kuyaphupha.” Ngokufanayo, intombazane eneminyaka eyi-17 ubudala eyayivame ukuphola, iyabika: “Ukuqabulana nokwangana kukhulisa imizwa kuze kube yilapho ngifuna ngamandla ukuba umfana alale nami.” Ingabe kuwumuzwa ongavamile? Akunjalo neze!
15. Ukuphola kumelwe kube necala elikhulu ngenxa yaziphi izinkathazo?
15 Lapho abantu abasha abakhangene ngokomzimba bezehlukanisa, njengoba kungokuvamile lapho kupholwa, isifiso sobulili singakhula kangangokuba size siholele ngisho nentsha enenhloso enhle ekubeni iphule umthetho kaNkulunkulu. Cabangela ukuthi eUnited States amantombazane eve eshumini elinambili angaphezu kwesigidi ayakhulelwa unyaka ngamunye nokuthi amakhulu ezinkulungwane awo akhipha izisu noma athola abantwana engashadile. Ngeshwa, ngezinye izikhathi amanye alamantombazane eve eshumini elinambili angabantwana boFakazi BakaJehova futhi ngokufanayo nangabafana abahileleke nawo. Isiko lamuva lokuphola kumelwe libe necala elikhulu ngalolusizi, kanye mhlawumbe nangezigidi zezifo ezintsha ezithathelwana ngokobulili unyaka ngamunye.
16. (a) Kukuphi lapho izifiso zobulili zigcwaliswa khona ngokufanelekile? (b) Yini eyenzeka kubantu bakaNkulunkulu abaningi?
16 UNkulunkulu wayehlose ukuba izifiso ezingokobulili zigcwaliswe ngaphakathi kwezibopho zomshado, lapho zingaletha khona injabulo nokwaneliseka okuhlanzekile. (Heberu 13:4; IzAga 5:15-19) Nokho, ngobuqili uSathane uye wasebenzisa lesipho esivela kuNkulunkulu ukuba ayengele abantu ekusebenziseni kabi ubulili futhi bahlobonge. Ezikhathini zasendulo, amaIsrayeli ayizi-24 000 abulawa ngosuku olulodwa ngenxa yalesisono kuNkulunkulu, futhi namuhla unyaka ngamunye izinkulungwane ziyakhishwa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu ngenxa yobufebe. Ngakho-ke hlakanipha. Lalela iseluleko nokuqondisa. Ungazivumeli ukuba ukhohliswe.—Numeri 25:1-9, 16-18; 31:16.
17. (a) Imuphi umbono okhohlisayo uSathane aye wawukhuthaza ngokuqondene nezinto ezinjengemidlalo, umculo, nomdanso? (b) Kungani ukuzijabulisa kwezwe kungokulimazayo kubantu bakaNkulunkulu?
17 Xwayani, futhi, amanye amaqhinga kaSathane. Ngokwesibonelo, imidlalo, umculo, nomdanso kuye kwaba yingxenye evelele yokuzijabulisa kwezwe lakhe. Yiqiniso, lezinto ngokwazo azizona ezingalungile futhi zingase zijabulise zize ngisho zizuzise. (1 Thimothewu 4:8; Zakariya 8:5; Luka 15:25) Nokho, uSathane ngokukhohlisa uye wakhuthaza umbono wokuthi aziyilethi ingozi elimazayo ngisho nalapho ngokuvamile zihlanganyelwa nabantu bezwe. Kodwa iZwi likaNkulunkulu liyaxwayisa: “Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.” (1 Korinte 15:33) Cabanga ngakho. Uma inkolo nezombangazwe kuyingxenye yesimiso sikaSathane, ingabe akubona yini ubuwula ukukholelwa ukuthi ukuzilibazisa okukhuthazwa yizwe kukhululekile ethonyeni lakhe? Nidinga ukuqapha njalo ukuba “ningavumeli izwe elinizungezile linimpintshele esimweni salo.”—Roma 12:2, The New Testament in Modern English, kaJ. B. Phillips.
Amalungiselelo Okuvikela Abasha
18. Kungani kumelwe ubazise abazali abakuyalayo futhi bakuqondise?
18 Ngothando uJehova uNkulunkulu uye wenza amalungiselelo okuvikela nina bantu abasha ekukhohlisweni uSathane. Okokuqala, uye walungiselela abazali benu ukuba baniyale futhi baniqondise. Futhi ningajabula lapho benza lokho. Othile odumazekile oneminyaka eyi-18, owakhulelwa ngaphandle komshado, wakhononda ngokuthi kwakungeke kwenzeke “ukuba abazali bami babewenzile umsebenzi wabo njengoba abazali kumelwe benze, futhi bangitshela ngezingozi zokuthandana, futhi bangalela ukuba ngihileleke kulokho.” Ngakho-ke bonga uma unabazali abesaba uNkulunkulu. Abazami ukukubopha futhi benze ukuphila kungajabulisi ngemingcele abakubekela yona. Ngokuphambene, bayakuthanda futhi bafuna ukukuvikela. Zuza kokuhlangenwe nakho nokuhlakanipha kwabo ngokufuna iseluleko sabo.
19. Yiluphi usizo olwengeziwe oluye lwalungiselelwa ukuze kuvikelwe abasha?
19 Ngokungaphezulu, uJehova uye walungiselela inhlangano yasemhlabeni ukuba ikusize. Ngokwesibonelo, umagazini ngamunye wePhaphama! unesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . ” esibonisa ukuba nengqondo kwezindinganiso zikaJehova. Ngokufanayo, incwajana ethi Isikole NoFakazi BakaJehova yalungiselelwa ukuba ikusize unamathele emithethweni nasezimisweni zikaNkulunkulu lapho usesikoleni. Isikhuthazo neseluleko esiqhubekayo sinikezwa emakhasini eNqabayokulinda nasemihlanganweni yebandla, emihlanganweni yesifunda, nasemihlanganweni yesigodi. Eqinisweni, sona kanye lesihloko esithi “Basha Ningakhohliswa,” sasiyinkulumo emhlanganweni wesigodi wamuva futhi saba yindaba eyingxenye yoMhlangano weNkonzo.
20. (a) Kungani abantu abasha benikezwa usizo oluningi kangaka? (b) Isiphi isimo sengqondo esingakusiza ukuba umelane nemizamo kaSathane yokukukhohlisa?
20 Kwangathi ningecabange neze ukuthi ngakho konke lokhu kunakekela sizama ukunihlasela ukuze siniphange injabulo yenu. Kunalokho, inhlangano kaNkulunkulu iyanithanda, futhi yonke into elotshiwe neshiwo ngomlomo ilungiselelwe ukuba inisize—ukuba isindise ukuphila kwenu! Fundani ukuwazisa lamalungiselelo. Kwenzeni umkhuba ukutadisha iBhayibheli ngezincwadi zeNhlangano; vumelani amaqiniso eBhayibheli avuse ukwazisa kwenu. Kwangathi ningaba nesimo sengqondo somusha oneminyaka eyi-18, okwathi ngemva kokucabangela iseluleko esiqondile esasiqondiswe kwabasha, wabhala: “Samane sangenza ngaqaphela indlela esinenhlanhla ngayo thina bantu abasha ngokuba seqinisweni! Ayikho enye inhlangano emhlabeni enakekela nethanda intsha yayo kangaka!” Kwangathi singahlangana futhi simelane nemizamo kaDeveli yokusikhohlisa, ngoba asibona abangawazi amaqhinga akhe!
IBHOKISI LOKUBUKEZA
◻ Kungani abantu abasha beyizisulu ezikhethekile zikaSathane?
◻ USathane wamyengela kanjani uEva ekwenzeni okungalungile?
◻ Ngokuvamile, namuhla, uSathane ubayengela kanjani abasha ekwenzeni okungalungile?
◻ Imaphi amalungiselelo akhona okuvikela abantu abasha?
[Isithombe ekhasini 10]
Njengoba nje uSathane azimisela ukukhohlisa uEva, owayengenakho okuhlangenwe nakho okuningi njengoAdamu, ngakho-ke abasha bayizisulu ezikhethekile zikaSathane
[Isithombe ekhasini 13]
Lapho abantu abasha bezehlukanisa, izifiso zobulili zingakheka futhi ziholele ekwephuleni umthetho kaNkulunkulu