‘Singakhuthazela Kuze Kube Sekupheleni’
“Kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.”—MATHEWU 24:13.
1. (a) Kithina ngabanye, kungase kube yini ‘ukuphela’ okwashiwo uJesu, njengoba kulotshwe kuMathewu 24:13? (b) Yini ebalulekile ukuze kutholakale usindiso?
UJESU KRISTU, esiprofethweni esikhulu maqondana ‘nokuba-khona’ kwakhe, washo lamazwi avusa ithemba: “Kodwa okhuthazelayo kuze kube-sekupheleni nguyena oyakusindiswa.” (Mathewu 24:3, 13) Kithina ngabanye, ‘ukuphela’ kungaba ‘isiphelo sesimiso sezinto’ noma ukufa kwethu, mhlawumbe ngemva kokuvivinywa okude nokunzima. Kodwa, ukukhuthazela ngokwethembeka kubalulekile ukuze kutholwe ukusinda ekugcineni.—1 Petru 1:8, 9.
2, 3. (a) Kungani singaqiniseka ngokuthi, nakuba singaphelele, singakuzuza ukusindiswa? (b) Yini manje esizoyicabangela?
2 UJesu wabeka isibonelo esiphelele sokukhuthazela. (Heberu 12:1-3) Kodwa njengabantu abangaphelele singathembeka kuNkulunkulu naphezu kokuhlushwa okukhulu nokushushiswa “ngenxa yokulunga.” (Mathewu 5:10) Yebo, ngomusa kaJehova ongasifanele singazuza ukusindela ekuphileni okuphakade ngomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe ethandekayo, uJesu Kristu.—Johane 3:16; 1 Johane 2:1, 2.
3 Umphostoli uPawulu, nakuba ayengumuntu ongaphelele, usibekela isibonelo esihle sokukhuthazela okuholela ekusindisweni. Ekucabangeleni amavesi okuziphendulela kwakhe alotshwe kwabesi-2 Korinte 11:23-27, siye safunda ukuthi ekukhandlekeni nasekukhathazekeni waye“yiso kakhulu” ‘isikhonzi sikaKristu’ kuna“baphostoli abaqhamileyo kakhulu” baseKorinte. Njengoba sizobona, wabuye wabedlula ‘njengesikhonzi sikaKristu’ ohambweni, ezingozini nasebunzimeni obuhlukahlukene.
Uhambo Olunezingozi Lokuqhubekisa Izindaba Ezinhle
4. Wayebhekisela kukuphi ukuhamba umphostoli uPawulu uma ethi “ngangisekuhambeni kaningi”?
4 Ngangisekuhambeni kaningi: UPawulu wahamba kaningi ukuba amemezele izindaba ezinhle, ngokudlula kakhulu abaphikisi bakhe baseKorinte ngokuqondene nalokhu. (2Ko 11 Ivesi 23, 26) Yebo, wabhekana nezingozi ezazivamile ezihambini ezweni laseRoma. Kodwa uhambo lwakhe lwalulude kakhulu futhi lwalukhathalisa kakhulu. Uhambo lwakhe lwamyisa emizini enjengeAntiyokiya ePisidiya, eIkoniyu, eListra, eDerbe, eFilipi, eThesalonika, eBereya, eAthene naseKorinte.—IzEnzo 13:14–14:26; 16:11–18:17.
5. Yini eyenza uhambo lukaPawulu lukhandle futhi lube yingozi kakhulu, futhi wayengakukhuthazelela kanjani ukuhamba okukhandla kanjalo?
5 Uhambo lomphostoli lwalukhandla kakhulu futhi luyingozi ngoba ‘wayezondwa ngenxa yegama likaKristu.’ (Mathewu 10:22) Nokho, uJehova wanikeza uPawulu ukuqina nesibindi esasidingeka ohambweni lwakhe olukhandlayo. (Isaya 40:28-31) Ngokuqinisekile, njengesikhonzi esisebenza kanzima, umphostoli wabekela ofakazi bakaJehova banamuhla isibonelo esihle ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso.—Mathewu 6:33.
Ukukhuthazelela Ngokwethembeka Izingozi Eziningi
6. Kukuziphi ‘izingozi zemifula’ okungenzeka umphostoli wayebhekisela kuzo?
6 Ezingozini zemifula: Njengoba kwakunamabhuloho ambalwa kakhulu, ukuphila kukaPawulu kumelwe ukuba izikhathi eziningi kwakusengozini lapho ayewela imifula egcwele. Ngokwesibonelo, phakathi nohambo lwakhe lokuqala lokuthunywa nohambo esebuya, wadlula ePisidiya, lapho imifula egijimayo yasezintabeni yayiyingozi enkulu. (IzEnzo 13:13, 14; 14:21, 24) Ngokukhuthazela kukaPawulu ngaphansi kwezimo ezinjalo oFakazi BakaJehova—ikakhulukazi izithunywa zevangeli nezinye izikhonzi ezindaweni ezikude—bangathola isikhuthazo.
7. (a) Ziyini ‘izingozi zabaphangi’ uPawulu abhekana nazo? (b) OFakazi namuhla bangazikhuthazelela kanjani izingozi ezifanayo?
7 Ezingozini zabaphangi: Umfanekiso kaJesu womSamariya onobungane ubonisa ukuthi isihambi ekhulwini lokuqala sasingazithela phakathi kwezigcwelegcwele, ezazingasihlubula, zisishaye futhi ‘zisishiye umndondo.’ (Luka 10:25-37) Izigebengu zazigcwele ezindaweni eziningi uPawulu ayehamba kuzo. Ngokwesibonelo, lapho yena noBarnaba beya ngasenyakatho besuka ePherge beya eAntiyokiya ePhisidiya, badlula endaweni eyizintaba egcwele izigebengu. (IzEnzo 13:13, 14) Izelelesi eziyingozi kanjalo zazilalela izisulu ezindaweni ezingenamizi futhi zazingangabazi ukusebenzisa ubudlova. Ngokunokwenzeka, uPawulu ngokwakhe wahlaselwa abaphangi. Ofakazi bakaJehova banamuhla bangase babhekane nezingozi ezifanayo futhi badinga ukuqaphela. Nokho, njengomphostoli bangakhuthazela ngokwethembeka, bangahlulwa ukwesaba kodwa baqiniseke ngesivikelo sikaJehova.—Qhathanisa neHubo 56:4.
8. Kungani amaJuda akubo amzonda uPawulu futhi aze afuna nokumbulala?
8 Ezingozini kwabakithi: UPawulu wayeshumayela ngoMesiya owabethelwa futhi wavuka, owenqatshwa ngabantu bakubo abaningi. (1 Korinte 1:22-24; 2:2) Futhi, wafundisa ukuthi umuntu wayeyolungisiswa, hhayi ngemisebenzi yoMthetho kaMose, kodwa ngokholo kuJesu Kristu. (Roma 3:20; 5:18-21; 6:14) Ngakho-ke, amaJuda akubo abheka uPawulu njengesihlubuki, amzonda, amshaya futhi aze afuna ukumbulala. (IzEnzo 9:23-25) Labo bakubo babonakala bephazamisekile ngoba wayeholela ebuKristwini abanye beZizwe amaJuda ayefuna ukubenza amaproselithe enkolo yawo siqu.—Mathewu 23:15; IzEnzo 17:1-10.
9. Iziphi ‘izingozi kwabezizwe’ umphostoli abhekana nazo, kodwa ingabe izingozi ezinjalo zamthulisa?
9 Ezingozini kwabezizwe: Abezizwe, noma abantu bezizwe, nabo bamshushisa uPawulu. (IzEnzo 19:11-40) Eqinisweni, izitha zakhe ezingamaJuda ngezinye izikhathi zagqugquzela abeZizwe ukuba bamelane nomphostoli. (IzEnzo 14:1-7, 19, 20) Nokho, izingozi ezinjalo zamaJuda nabeZizwe azimthulisanga neze lommemezeli ongesabi woMbuso. Ngokufanayo, ofakazi bakaJehova abangamaKristu ashushiswayo namuhla ngokungesabi bashumayela phakathi kwabantu bakubo nabanye.—IzEnzo 17:30; qhathanisa neHubo 59:1-4.
10. UPawulu wafakwa kanjani engozini “emzini”?
10 Ezingozini emzini: Ngandlela-thile, uPawulu washushiswa emizini enjengeDamaseku, iJerusalema, iListra ne-Efesu. (IzEnzo 9:23-30; 14:19; 19:29-31) Abaphikisi babeZizwe eFilipi bathi uPawulu noSila babe‘phazamisa umuzi wabo.’ Ngenxa yalokho, labo bavangeli baba yizisulu zesiyaluyalu, ukushaywa nokuboshwa. (IzEnzo 16:16-24) Kodwa lokhu akubavimbelanga laba bamemezeli boMbuso njengoba ubudlova obufanayo bungabathulisi oFakazi BakaJehova osukwini lwethu.
11. Zaziyini ‘izingozi ehlane’ ezazingenzeka?
11 Ezingozini ehlane: Umphostoli akazange agcinise umsebenzi wakhe nokuhamba ezindaweni ezigcwele abantu nemigwaqo ehamba abantu abaningi. Uhambo lwakhe lwalumyisa ezindaweni ezakhiwe ngokugqagqene, nasemahlane. Lapho indlala, iziphepho, ukulahleka, ukunyonyobelwa izilwane zasendle nokuhlangabezana nezigebengu ezilele endleleni kwakuyizingozi ezazinokwenzeka uPawulu abhekana nazo ngesibindi.
12. Ziyini ‘izingozi elwandle’ uPawulu abhekana nazo, futhi ingabe lezi zamvimbela ekuqhubekeni nenkonzo yakhe?
12 Ezingozini olwandle: Lapho umsebenzi wokusakaza izindaba ezinhle noma wokusiza amanye amakholwa ubizela ukuhamba “phakathi nolwandle” (TEV) lapho kwakunezingozi zeziphepho ezinamandla, nokuphukelwa umkhumbi kwakungenzeka. Kodwa uPawulu akazange avumele izingozi ezinjalo zimise ukuqhubeka kwakhe nenkonzo yakhe, njengoba noFakazi bakaJehova abaningi esikhathini sethu bekhuthazelela ngesibindi izingozi ezifanayo uma behamba ukuze bathuthukise izithakazelo zoMbuso.
Ukufakwa Engozini “Abazalwane Bamanga”
13, 14. (a) Babengobani “abazalwane bamanga”? (b) Kungani “abazalwane bamanga” babeyingozi kakhulu? (c) OFakazi BakaJehova baye baqiniswa kanjani ngokomoya ukuba bazivikele “kubazalwane bamanga” abangase bangene ngokunyelela emabandleni?
13 Ezingozini kubazalwane bamanga: Okwakuyingozi ngaphezu kwakho konke, futhi ngokungangabazeki okwakuvivinya kakhulu kuPawulu, kunga“bazalwane bamanga” ababekhohlisa noma “abazalwane mbumbulu.” (The Kingdom Interlinear Translation of the Greek Scriptures) Abantu abanjalo babetholakala phakathi kwabalandeli bakaKristu kusukela ngesikhathi sikaJuda Iskariyothi owayeyimbuka. Ngosuku lukaPawulu laba“zalwane bamanga” kungenzeka babehlanganisa “abaphostoli abaqhamile kakhulu” baseKorinte. “Abazalwane bamanga” babeyingozi kakhulu, ngoba ngobuqili babezenza abangane kulapho eqinisweni babengamambuka angathembekile. Abantu abanjalo babezama ukuthola icala elithile abangalibeka uPawulu.—2 Korinte 11:5, 12-14; qhathanisa noDaniyeli 6:4, 5.
14 Phakathi kwa“bazalwane mbumbulu” kwakunabakhuthele “kuwo amabandla aseGalathiya.” Kodwa uPawulu akadedelanga lamadoda, “ukuze iqiniso levangeli lime njalo” kumakholwa akanye nawo. (Galathiya 1:1, 2; 2:4, 5; qhathanisa noJuda 3, 4.) Njengoba uJehova asiza uPawulu, uye waqinisa ofakazi baKhe banamuhla ngokomoya ukuze “iqiniso levangeli” liqhubeke nabo. Emibhalweni enjengezincwadi eziphefumlelwe ngokwaphezulu ezaziya kwayekholwa nabo baseKorinte naseGalathiya, bathola usizo olwaludingeka ukuze bazivikele “kubazalwane bamanga’’ ababengase bangene ngokunyelela emabandleni.
Ukukhuthazelela Ubunzima ‘Enkonzweni Engcwele’
15. Wayebhekisela kukuphi uPawulu lapho ethi waye“yiso kakhulu” isikhonzi sikaKristu “ngokukhandleka nangokukhathazeka”?
15 Ngokukhandleka nangokukhuthazela: UPawulu ubuye aveze obunye ubunzima obumenza abe “yiso kakhulu” ‘isikhonzi sikaKristu’ kunabaphikisi bakhe. (2Ko 11 Ivesi 23, 27) ‘Ukukhandleka nokukhathazeka’ okuphawulwe lapha kungabhekisela cishe emsebenzini onzima wezandla uPawulu awenza ukuze aziphilise enkonzweni. (IzEnzo 18:1-4; 1 Korinte 4:11, 12; 2 Thesalonika 3:7, 8) Kodwa yonke into umphostoli uPawulu ayenza yayigxiliswe enkonzweni kaJehova. Ngakho-ke, lokhu ‘kukhandleka nokukhathazeka’ ngokungangabazeki kwahlanganisa imizamo yakhe nokukhuthala ngenxa yohambo olunzima, ukungavikeleki, ukuswela nobunye ubunzima abukhuthazelela ‘enkonzweni engcwele’ kuJehova.—Roma 12:1.
16. Yini eyabangela uku“qwasha ebusuku” kaningi kukaPawulu?
16 Kaningi ngokuqwasha ebusuku: Ngenxa yesifiso sikaPawulu sokugwema ukubeka umthwalo ongokwezimali kulabo ayeshumayela kubo izindaba ezinhle, wakhandleka esebenza “ubusuku nemini,” cishe engalali izikhathi eziningi. (1 Thesalonika 2:9) Yebo, konke lokhu kwakuhlangene nomsebenzi womphostoli njenge‘sikhonzi sikaKristu.’ ‘Ukuqwasha kwakhe ebusuku’ kwakungenziwa ukunxanela izidingo ezibonakalayo, ngoba uJehova uyaqaphela ukuthi izinceku zakhe zinakho lokhu. (Mathewu 6:25-34) Kodwa obunye balobobusuku ebhekile kungenzeka ukuthi bachithwa emthandazweni noma ekukhathaleleni okujulile amanye amakholwa. (Qhathanisa noLuka 6:12-16; 2 Korinte 11:28, 29.) Ngesinye isikhathi wakuthola kudingekile ukuba akhulume nabazalwane ababehlangene “kwaze kwaba-phakathi kobusuku,” yebo, bonke ubusuku “kwaze kwasa.” (IzEnzo 20:7-12) Futhi, obuningi balobobusuku eqwashile kumelwe ukuba babangelwa ukungaphatheki kahle komzimba, izingozi nobunye ubunzima umphostoli abubekezelela lapho enza inkonzo yakhe.
17. Kunini lapho uPawulu ngokunokwenzeka ‘alamba futhi woma’ khona?
17 Ngokulamba nangokoma: Kungenzeka uPawulu wayeke ‘walamba futhi woma’ lapho ehamba ezinkalweni noma ezindaweni eziyizingwadule ezishisayo. Ngezinye izikhathi kungenzeka walamba futhi woma ngenxa yokuthembela ezihambini noma kunoma imuphi umphako okungenzeka wawuthola ngokukhandleka kwakhe siqu ezindaweni angazijwayele. Kodwa uJehova ngaso sonke isikhathi wenza ukuba uPawulu aphile, ngisho nakuba umphako wawumncane ngezinye izikhathi. Ngokufanayo, “uNkulunkulu wenduduzo yonke” ulungiselela ukudla ezincekwini zakhe zanamuhla.—IHubo 37:25; Luka 11:2, 3.
18. “Ukuzila ukudla” kungasho ukuthini?
18 Kaningi ngokuzila ukudla: Lapha (ku2Ko 11 ivesi 27) uPawulu kungenzeka wayeqonde ukuqhathanisa ‘ukulamba nokoma’ okungenziwa neze ngokuthanda ‘nokuzila ukudla kaningi’ okwenziwa ngamabomu. Ezimweni ezithile kungenzeka wazila ukudla ngokuzithandela, njengalapho ezinikela emithandazweni noma ekunakekeleni izindaba ezisinda kakhulu ezingokomoya. (Qhathanisa nezEnzo 13:3; 14:23.) Kodwa uma ayesho ubunzima kuphela lapha, wayesho ukuhamba engenakudla ngokungazithandeli, mhlawumbe ngenxa yokugula njengokuphathwa isisu, noma ukuswela enkonzweni. (Qhathanisa no-2 Korinte 6:5.) Ngokusobala, lapho uPawulu ethatha uhambo oluthile lwenkonzo kungenzeka wayeqaphela ukuthi ukudla namanzi kwakungaba kuncane noma kungatholakali. Kodwa akavumelanga lokhu ukuba kumvimbele ekuqhubeni izithakazelo zobuKristu.—Filipi 4:12.
19. Kungaphansi kwaziphi izimo okungenzeka uPawulu wakhuthazelela kuzo ‘amakhaza nokuhambaze’?
19 Nasemakhazeni nangokuhambaze: Ubunzima bamakhaza ‘nokuhambaze,’ noma “ukungavikeleki” okukhudlwana, umphostoli wakubekezelela nakho. (The New English Bible) Kodwa ‘wayengagqoki amanikiniki’ ngenxa yobuvila. UPawulu wasebenza ukuze anelise izidingo zakhe. (1 Korinte 4:11, 12; qhathanisa nezEnzo 20:33, 34.) ‘Amakhaza nokuhambaze’ kwakuwubunzima obuthile obakhuthazelelwa umphostoli lapho engambethe ngokwanele phakathi nokushushiswa, lapho ehamba isimo sezulu sisibi noma lapho ematasa enkonzweni ngaphansi kwezimo ezinzima.
‘Khuthazela Kuze Kube Sekupheleni’!
20, 21. (a) Kungani ungase uthi uPawulu wayengeyena umuntu onamandla amakhulu? (b) OFakazi BakaJehova namuhla bangaqhathaniswa kanjani nomphostoli uPawulu?
20 Njengoba sesicabangele okunye ukukhandleka kukamphostoli uPawulu, ukuhlupheka, uhambo, izingozi nobunzima, omunye angambheka njengomuntu onamandla amakhulu. Nokho, njengomunye nomunye wethu wayengumuntu ongaphelele. (Roma 7:21-25) Eqinisweni, abaphikisi bakhe baseKorinte bambhekela phansi, bethi: “Izincwadi-ke . . . zinzima, zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile.” (2 Korinte 10:10) Futhi, uPawulu waye‘neva enyameni’—cishe wayenesifo samehlo.—2 Korinte 12:7; IzEnzo 23:1-5; Galathiya 4:15; 6:11.
21 Ngokufanayo, njengofakazi bakaJehova banamuhla, asiphelele, nakuba nathi, njengoPawulu, sizama ngobuqotho ukuthokozisa uNkulunkulu. (1 Korinte 9:24-27) Izwe lisibukela phansi, njengoba abanye benza kumphostoli, ngisho nakuba sibonisa ukukhathalela okujulile ngenhlalakahle engokomoya yabanye abantu. (Mathewu 22:39) NjengoPawulu, abaningi bethu baphathwa izinhlungu ezithile. Kodwa lokhu kusenza sincike ngokwengeziwe emandleni kaNkulunkulu, futhi ebuthakathakeni bethu amandla akhe enziwa abonakale ngokukhethekile phakathi kwalabo esibashumayezayo.—2 Korinte 12:7-10.
22. (a) Uma kubizela ukuba sihlupheke “ngenxa yokulunga,” uJehova usiduduza kanjani? (b) Iyiphi indlela okuwukuphela kwayo ‘esingakhuthazela ngayo kuze kube sekupheleni’?
22 Akukho kungabaza ngokuthi amandla avela phezulu asekela uPawulu kwaze kwaba sekufeni kwakhe njengenceku kaJehova engaphelele kodwa ethembekile. (2 Korinte 4:7; 2 Thimothewu 4:6-8) Ngokufanayo, kungamandla kaNkulunkulu kuphela esingakwazi ngawo ‘ukubekezela kuze kube sekupheleni’ kwalesisimiso sezinto esibi noma kuze kube sekufeni kwethu ngokwethembeka. (IHubo 29:11; Mathewu 10:28; 24:3, 13; Marku 13:13) Uma kubizela ukuba sihlupheke “ngenxa yokulunga,” siyaduduzwa kakhulu umoya ongcwele kaJehova, izithembiso zakhe eziyigugu nezimpendulo zakhe emithandazweni yethu. Izinto ezinjalo zisenza siqiniseke ukuthi “uNkulunkulu wenduduzo yonke” unathi. Njengomphostoli uPawulu singase ‘sicindezelwe nxazonke, kodwa singabi abangenandlela yokuphuma . . . sizingelwa, kodwa singadelwa; siwiswa phansi, kodwa singabhujiswa.’ (2 Korinte 4:8, 9) UNkulunkulu wethu usinikeza amandla okuba simemezele izindaba ezinhle ngokungesabi naphezu kobunzima nokushushiswa. Futhi, ngokuqinisekile, ngamandla kaJehova ‘singakhuthazela kuze kube sekupheleni.’
Ungayiphendula lemibuzo?
□ Kusho ukuthini ‘ukukhuthazela kuze kube sekupheleni’?
□ Hlobo luni lohambo umphostoli uPawulu abhekisela kulo uma ekhuluma ngokuthi “ngangisekuhambeni kaningi”?
□ Umphostoli wafakwa kanjani engozini “abazalwane bamanga,” futhi ofakazi bakaJehova banamuhla baye baqiniswa kanjani ngokomoya ngokumelene nabantu abanjalo?
□ Kwakungaphansi kwaziphi izimo uPawulu ahlangabezana kuzo ‘nokulamba nokoma,’ ‘namakhaza nokuhambaze’?
□ Nakuba singaphelele, njengoba noPawulu ayenjalo, kunokwenzeka kanjani ‘ukukhuthazela kuze kube sekupheleni’?
[Isithombe ekhasini 16]
Ohambweni lwakhe lwenkonzo uPawulu ngokuvamile wayesengozini yezigebengu
[Isithombe ekhasini 17]
UPawulu wayesengozini kwabezizwe, njengaseListra