Imibuzo Evela Kubafundi
Kungani oFakazi bakaJehova bethi kuyoba nePharadesi lesikhathi esizayo “emhlabeni” kanti eye-2 Korinte 12:1-4 ihlanganisa ‘ipharadesi’ ‘nezulu lesithathu’?
Indaba ibonisa ukuthi ‘ipharadesi’ elishiwo kweye-2 Korinte 12:1-4 akulona ipharadesi lemvelo emhlabeni. Nokho, amavesi amaningi eBhayibheli abonisa ukuthi uNkulunkulu uyobuyisela ipharadesi loqobo emhlabeni wethu.
Iqiniso liwukuthi iPharadesi lokuqala abantu ababekulo lalingokoqobo. UAdamu noEva babephila epaki elihle, noma insimu, okuyincazelo eyisisekelo yamagama esiHeberu, isiGreki nesiPeresiya ahunyushwa ngokuthi ipharadesi. Babenethemba lokuphila okungapheli ngokujabula nangempilo enhle kuleloPharadesi. Kodwa balahlekelwa yileloPharadesi lasemhlabeni lapho behlubuka futhi bona, okwaholela ukuba uNkulunkulu abaxoshe ensimini yase-Edeni.
Lokhu kusishiya kuphi, manje, nasesikhathini esizayo? Ngokuqinisekile akukho bufakazi bokushintshwa komhlaba wethu manje ube yipharadesi. Kunalokho, kwanda ukungcola nomonakalo. (IsAmbulo 11:18) Naphezu kwalokho, akunakucatshangelwa ukuthi injongo kaNkulunkulu ngomhlaba ukuba ube yipharadesi lembulunga yonke iyokwehluleka; lokho akuqalile, uyakuqeda. Ngakho wathumela iNdodana yakhe ukuba ilungiselele isihlengo, kanjalo esibekela isisekelo sokuba izono zethu zithethelelwe nokuba ukungapheleli esikuzuze njengefa kuAdamu kunqotshwe. (1 Thimothewu 2:5, 6; Roma 5:18) Uma lokho sekufeziwe, abantu bayokwazi ukujabulela lokho okwakubekwe phambi kuka-Adamu noEva, ukuphila okungapheliyo. Kuphi?
Injongo kaNkulunkulu yokuqala ngabantu yayiwukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni, futhi injongo kaNkulunkulu ayinakwehluleka noma ivinjelwe. (Isaya 55:11) Ngakho asinakubheka yini phambili ekuphileni okuphakade ukuba kujatshulelwe lapha eMhlabeni, umhlaba ngaleso sikhathi usubuyiselwe esimweni sepharadesi? Kunobufakazi obuningi eBhayibhelini bokuthi lona umbono ofanelekile, ukuthi intando kaNkulunkulu ‘iyokwenziwa emhlabeni njengoba yenziwa ezulwini.’ (Mathewu 6:10; IsAmbulo 21:4, 5) Ukuze uthole ingxoxo eyengeziwe yokusekela kweBhayibheli lokhu, bheka isihloko esithi “Ingabe IBhayibheli Liyalithembisa IPharadesi Lasemhlabeni?” kuyi“Nqabayokulinda” ka-April 15, 1984.
Kodwa, kuthiwani ngamazwi omphostoli uPawulu kweye-2 Korinte 12:1-4? Washo ngokuqondile ukuthi wayezokhuluma ‘ngemibono nezambulo zeNkosi.’ Futhi ngokusobala uye owamukela umbono okhethekile noma umbono wokwenyuselwa kokuthile okwakuzoba ngesikhathi esizayo esikhathini sakhe. Wakhuluma ‘ngokuhlwithwa eyiswa epharadesi.’ Kodwa njengoba ekhuluma futhi ‘ngezulu lesithathu,’ kubonakala ukuthi wayebhekisela entweni engokomoya, njengento ehlukile epharadesi elingokoqobo eliyinsimu. Kwakunesandulela sokwenza kwakhe kanjalo.
Iziprofetho eziningi emiBhalweni yesiHeberu zabikezela ukuthi amaJuda ayedingiselwe eBabiloni ayezobuyiselwa ezweni lawo. Ngaphezu kweziboniso zokuthi izwe nezimo ezingokoqobo zezwe kwakuyothuthuka, leziziprofetho zabonisa ukuthi kwakuzoba noshintsho kubantu, amaJuda ayebuyiselwe. Ngokwesibonelo, uIsaya wabhala ukuthi uJehova ‘wayeyoqinisa amathambo abo, futhi babeyokuba njengensimu eniselweyo’ futhi babizwe ngokuthi “imithi yokulunga nokutshaliweyo nguJehova ukuba adunyiswe.” (Isaya 58:11; 61:3; qhathanisa neHubo 1:3.) Esebenzisa umbono ofanayo ngesikhathi esingaphambili, uIsaya wabhala ukuthi lapho amaIsrayeli esathembekile kuJehova ayenjengensimu yakhe yemivini noma isivande; lapho engathembekile, ayenjengemivini eveza izithelo zomvini wasendle futhi emiselwe ukushiswa, kumile ameva nokhula esikhundleni sayo.—Isaya 5:1-7.
Ngakho-ke, kunesizathu esingokweBhayibheli sokuqonda ukubhekisela kukaPawulu okungokombono kweye-2 Korinte 12:4 njengokuphathelene nokubuyiselwa kwesibili kwesikhathi esizayo kokuchuma okungokomoya phakathi kwabakhulekeli bakaJehova. Yena ngokwakhe wabikezela ukuthi ukuhlubuka ebuKristwini beqiniso kwakuyokwenzeka ngaphambi kokuba “khona” kweNkosi. (IzEnzo 20:29, 30; 2 Thesalonika 2:3-8, “NW”) Nokho, lokho kwakungenakuba isimo saphakade. Ibandla lobuKristu leqiniso, “insimu kaNkulunkulu,” yayiyophinde ibe luhlaza futhi ikhiqize. (1 Korinte 3:9) Siyaqonda ukuthi leli ipharadesi uPawulu alibona embonweni. Ukubhekisela kwakhe epharadesi elinjalo elingokomoya, nokho, akumelani neze nezithembiso eziningi zeBhayibheli zePharadesi eliseduze lasemhlabeni, iPharadesi elibuyiselwe ngokwenjongo kaNkulunkulu yokuqala ngomhlaba.