-
UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”INqabayokulinda—2005 | Agasti 1
-
-
4. Isiphi isimo esasiqhubeka uPawulu okwadingeka ukuba asikhuthazelele, futhi isimo esinjalo singasithinta ngaziphi izindlela thina?
4 Cabanga ngalokho okwenzeka kumphostoli uPawulu. Wabhala: “Nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba liqhubeke lingishaya.” Wabe esenezela: “Ngayincenga kathathu iNkosi ukuba lisuke kimi.” UJehova wakuzwa ukuncenga kwakhe. Noma kunjalo, wambonisa ukuthi wayengayikungenela amnikeze ikhambi eliyisimangaliso. Kunalokho, uPawulu kwakuyodingeka ancike emandleni kaNkulunkulu ukuba amsize abekezelele “iva enyameni” yakhe.b (2 Korinte 12:7-9) NjengoPawulu, kungenzeka ubhekene nobunzima obuthile obungapheli. Mhlawumbe uyazibuza, ‘Ingabe iqiniso lokuthi uJehova ubonakala engakenzi lutho ngokuhlupheka kwami lisho ukuthi akasiboni isimo sami noma ukuthi akanandaba nami?’ Impendulo ingucha ocacile! Ukuthi uJehova uyikhathalela ngokujulile inceku yakhe ngayinye kugcizelelwa yilokho uJesu akutshela abaphostoli bakhe ngemva nje kokubakhetha. Ake sibone ukuthi amazwi akhe angasikhuthaza kanjani thina namuhla.
-
-
UJehova Uzibalile “Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu”INqabayokulinda—2005 | Agasti 1
-
-
b IBhayibheli alisho ukuthi laliyini ngempela “iva enyameni” kaPawulu. Kungenzeka kwakuwukugula okuthile emzimbeni, njengenkinga yamehlo. Noma kungenzeka inkulumo ethi “iva enyameni” yayibhekisela kubaphostoli bamanga nabanye ababebubekela inselele ubuphostoli nenkonzo yakhe.—2 Korinte 11:6, 13-15; Galathiya 4:15; 6:11.
-