Intsha Iyabuza . . .
Ingabe UNkulunkulu Uyohlala Engumngane Wami?
INKOSI UDAVIDE yayingumuntu owayenobungane noNkulunkulu. Kodwa ngesinye isikhathi yathi: “Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile.” UDavide wayengahlupheki nje kuphela ngenxa yokuphathwa kabi abanye abantu kodwa futhi nangenxa yamaphutha akhe siqu. Waqala ukuba nomuzwa wokuthi ngisho noNkulunkulu wayemlahlile, futhi wathandaza: “Phendukela kimi, ube-nomusa kimi, ngokuba nginesizungu, ngihluphekile.”—IHubo 25:11, 16-19.
Mhlawumbe nawe uzizwa ucindezelekile. Mhlawumbe ekhaya noma esikoleni ubhekene nesimo esibi esikhungathekisayo. Kanti-ke, ungase ube nezinkinga zempilo ezingathi sína noma uzithole udumele ngenxa yobuthakathaka obuthile onabo. Kungakhathaliseki ukuthi isimo siyini, akudingekile uhlupheke wedwa; ngomusa uNkulunkulu ukunikeza ubungane futhi uyakusekela.a Uma kakade usuqalile ukuhlakulela ubuhlobo naye, uyothola induduzo ngokwazi ukuthi akabashiyi dengwane abangane bakhe lapho besebunzimeni. Noma kunjalo, lapho uhlaselwe izinkathazo, ungase ube nomuzwa wokuthi uNkulunkulu ukude nawe. Ungase ubone sengathi akakusizi ngisho nokukusiza. Kodwa ingabe kunjalo ngempela?
“Iva Enyameni”
Okokuqala, sicela ufunde eyesi-2 Korinte 12:7-10. Lapho umphostoli uPawulu ukhuluma ngendlela ahlushwa ngayo okuthile okuthiwa “iva enyameni.” Cishe ‘leliva’ laliwubuthakathaka obuthile obungokomzimba, mhlawumbe obabuhilela amehlo akhe. Kungakhathaliseki ukuthi laliyini, lalilokhu ‘limshaya ngempama’ ngokomzwelo. Naphezu kokucela ngobuqotho kathathu ukuba uNkulunkulu alisuse, ‘leliva’ laqhubeka likhona.
Ingabe uJehova wayewushaya indiva umthandazo kaPawulu? Lutho neze! UNkulunkulu wathi kuye: “Umusa wami ongafanelwe ukwanele; ngoba amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” Nakuba uJehova akhetha ukungalikhiphi ‘leliva,’ akazange amlahle uPawulu. Ngomusa kaNkulunkulu ongafanelwe, uPawulu wajabulela ubungane obuhle naye. Lokho ‘kwakwanele’ ukuba kusize uPawulu akhuthazelele ubuthakathaka bakhe. Njengoba uPawulu ayezikhandla ekwenzeni kanjalo, wayezothola namandla kaNkulunkulu asekelayo ngendlela entsha futhi ngezinga lomuntu siqu.
Usizo Ekubhekaneni Nobunzima
NjengoPawulu, ungase ube ‘neva’ elithile, noma inkinga ekuhluphayo, ekuqeda ithemba futhi ekudumazayo. Njengasendabeni kaPawulu, uNkulunkulu angase avumele lenkathazo ukuba iphikelele. Lokho akusho ukuthi akaseyena uMngane wakho. UNkulunkulu watshela umphostoli uPawulu: “Amandla ami enziwa aphelele ebuthakathakeni.” Uma uthembele emandleni kaNkulunkulu hhayi awakho, ungakhuthazela. Ungase uthole nokuthi ngosizo lomoya kaNkulunkulu, ukwazi ukwenza izinto owawungacabangi ukuthi ungazenza. UPawulu wathi: “Ngiyajabula ngobuthakathaka . . . Ngoba lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.”
Kwaba njalo kowesifazane osemusha okuthiwa uRobin.b Lapho eneminyaka engu-14 ubudala waba impumputhe ngenxa yesifo okuthiwa i-glaucoma. Ngawo lowo nyaka unina washona ngokuzumayo. “Ngase ngisele noJehova kuphela manje,” kusho uRobin lapho eqala ukubhekana ‘nalameva’ abuhlungu. “Ngangazi ukuthi ukuze ngiphumelele, kwakudingeka nginamathele kuye.” URobin wenza lokho kanye, ekugcineni wakhonza njengomshumayeli wesikhathi esigcwele. Uthi: “Ngacela uJehova ukuba angisize kuzo zonke izinto. Wangisiza ngempela.”
Intsha eningi iye yathola ukuthi ukubhekana nezilingo eqinisweni kuyisiza ukuba isondele kakhudlwana kuNkulunkulu. Cabangela uJeff osemusha. Uyise washiya umkhaya wakubo, eshiya unina kaJeff nezingane ezingu-7. “Ngazizwa ngidinga ubaba kakhulu,” kuvuma uJeff, owayeneminyaka engu-12 kuphela ngaleso sikhathi. “Ngangilangazelela othile owayengavala leso sikhala enganginaso nsuku zonke.” Wenzani uJeff? “Ngathandaza kuJehova ukuze angisize kuvaleke leso sikhala.” UJeff wenza ngokuvumelana nemithandazo yakhe futhi wagxila emisebenzini engokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi, waqaphela ukuthi uJehova wayemsekela—ngomoya wakhe ongcwele onikeza amandla nangebandla lobuKristu. (Qhathanisa neHubo 27:10.) Njengoba eseneminyaka engu-27 ubudala, uJeff uyakhumbula: “Kwakungekho muntu engangingathola kuye ukulondeka, ngakho ngasondela kakhulu kuJehova.” Lobo buhlobo obuseduze ububiza ngokuthi “isibusiso esiyigugu esabangelwa yilesi silingo.”
Indlela Yokuthola Usizo LukaNkulunkulu
Ngokufanayo uMngane wakho wasezulwini uyokusiza phakathi nobunzima obhekene nabo. Kodwa yini okumelwe uyenze? Phela, ukuze noma yibuphi ubungane buqhubeke kahle, kumelwe kube nokukhulumisana. Umthandazo uyindlela esikhulumisana ngayo noNkulunkulu. Ngawo simazisa ukuthi sidinga usizo lwakhe. Nokho, umthandazo awulutho uma ungasuki enhliziyweni. Njengentsha ecashunwe ngenhla, kumelwe ‘uthulule inhliziyo yakho’ kuNkulunkulu! (IHubo 62:8) Kungase kudingeke nokuba unxuse. (Filipi 4:6) Ukunxusa kusho ukuthandaza ngomuzwa ojulile ngempela nangobuqotho.
Ake sithi unenkinga yokulawula imicabango yakho noma unobunzima ekunqobeni umkhuba othile omubi. Nxusa uJehova ngomthandazo! Cela usizo lwakhe ngesikhathi ufikelwa isilingo. Lokhu kungase kungabi lula ngaso sonke isikhathi. “Lapho ngihlaselwa umuzwa onamandla wokwenza okungalungile, ngiyathandaza,” kuvuma uGary. “Ngezinye izikhathi ngiyacabanga, ‘Ngingaya kanjani nje kuJehova?’ Kodwa, ngiyaqhubeka ngimnxusa ukuba angisize. Unginikeza amandla engiwadingayo ukuze ngiphikelele.” Ngisho noma kunzima ekuqaleni, qhubeka uthulula inhliziyo yakho kuNkulunkulu.
Kodwa kuthiwani lapho kubonakala sengathi imithandazo yakho ayiphendulwa? Ngokwesibonelo, uLora wayenobunzima bokulwa nomkhuba omubi wokushaya indlwabu. Uyachaza: “Ngangikhuluma noJehova ngobuqotho ngalenkinga, kodwa kwakubonakala ngingakwazi ukuyeka.” Ngezinye izikhathi uNkulunkulu angase asivumele sibonise ukuthi sizimisele kangakanani ngezicelo zethu. (Qhathanisa neHubo 88:13, 14.) Ngakho-ke kumelwe siphikelele emthandazweni! (Mathewu 7:7; Roma 12:12) ULora wenza lokho kanye. Ngesikhathi esifanayo, waqala ukusebenzisa ukusikisela okukhuluma ngalendaba okwakuvela ezincwadini ze-Watch Tower Society.c Ngokuhamba kwesikhathi, waqala ukubona imiphumela. Uyakhumbula: “Ngaso sonke isikhathi lapho ngimelane ngokuphumelelayo nesilingo, ngangibonga uJehova ngoba ngangazi ukuthi wayenami.” Yiqiniso, ungase uphindele emkhubeni omdala ngezikhathi ezithile njengoba ulwa nokunqoba inkinga yakho. Kodwa uma nje uqhubeka ulwa futhi ungabuvumeli ngamabomu ubuthakathaka bakho, iyomjabulisa uNkulunkulu ‘imizamo yakho yenkuthalo’ futhi uyohlala enguMngane wakho.—2 Petru 1:5.
Ukusebenza NoNkulunkulu
Enye indlela yokuthola usizo lukaNkulunkulu ukwamukela isimemo sakhe sokuba ngomunye ‘wezisebenzi ezikanye naye.’ (1 Korinte 3:9) Lokhu kuhlanganisa ukuba nengxenye ekusizeni abanye bafunde ngoNkulunkulu. (Mathewu 28:19, 20) Lapho uzizwa ucindezelekile noma udumele, umqondo wokuhileleka kunoma yimuphi umsebenzi ungase ungabonakali ukhanga. Nokho, ‘ukuba nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi’ kungakusiza ngempela. (1 Korinte 15:58) Okungenani, ngeke ugxile ezinkingeni zakho siqu. (Qhathanisa nezAga 18:1.) URobin, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi ngezikhathi lapho ayenobunzima: “Into eyangisiza ngaphikelela ukusebenzela uJehova!”
Ukusebenza noNkulunkulu kungakusiza futhi ukuba unqobe noma yimuphi umuzwa obeleselayo wokuthi uNkulunkulu ukushiye dengwane. Lapho abantu ababili besebenza ndawonye njengeqembu benomgomo ofanayo, akuvamile yini ukuthi babe amathe nolimi? Njengoba uhlanganyela emsebenzini wokushumayela, ubhekana nezinselele njalo. Uzithola uphendukela kuNkulunkulu ukuze uthole usizo. Futhi njengoba uNkulunkulu ebusisa ukuzikhandla kwakho, ubungane naye buba ngokoqobo ngokwengeziwe. Uqala ukuqaphela ukuthi uNkulunkulu uyakwethemba njengesisebenzi esikanye naye. Lokhu kungakuqinisa ngempela ukuzethemba kwakho.
Ngokwesibonelo, uCarol wayezizwa engalondekile neze. Unina wayezibulele, futhi uyise oxhaphazayo wayemgxeka njalo. Kodwa lapho eneminyaka engu-17 ubudala waba ngomunye woFakazi BakaJehova futhi wangenela umsebenzi wokushumayela. Manje ngemva kweminyaka eyishumi engumshumayeli wesikhathi esigcwele, uthi: “Lomsebenzi uye wangisiza kakhulu ngoba ngiye ngabona indlela uJehova angibusisa ngayo. Ngizitshela ukuthi, ‘Uma uNkulunkulu engithanda, ngiyigugu.’ Ukusetshenziswa uJehova ekumemezeleni igama lakhe kuye kwangenza ngazizwa ngilondeke kakhulu.”
“Yizwani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”
“[UNkulunkulu] wangikhulula kulo lonke uvalo lwami,” kubhala iNkosi uDavide ngemva kokusinda ngokulambisa enhlekeleleni eyayisongela ukuphila kwayo. (IHubo 34:4, 6, amazwi angenhla kulombhalo; 1 Samuweli 21:10-12) Ngakho uDavide wayengasho lamazwi ngokuhlangenwe nakho kwakhe: “Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowomuntu ophephela kuye.”—IHubo 34:8.
Nakuba ukuphila kwakho kungase kungabi sengozini njengokukaDavide, ngokuqinisekile uyocindezeleka ngezinye izikhathi. Lapho ‘izinsizi zenhliziyo yakho zikhula,’ nxusa uNkulunkulu ngomthandazo. (IHubo 25:17) Ungesabi ukuthi uNkulunkulu uyoyeka ukuba umngane wakho. Njengoba ukhuthazela ngesineke futhi uzibonela mathupha ukusekela kukaJehova nokunakekela kwakhe, ‘uyozizwela futhi uzibonele’ ngokwakho “ukuthi uJehova muhle.” Futhi uyohlala enguMngane wakho kuze kube phakade.—Jakobe 4:8.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Ngingaba Umngane KaNkulunkulu Ngempela?” kumagazini wethu ka-July 22, 1995.
b Amanye amagama ashintshiwe.
c Bheka izahluko 25 no-26 zencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 19]
Ingabe uNkulunkulu ubashiya dengwane abangane bakhe lapho besebunzimeni?