Ukulandela Ngokunakekela Iziyalezo ZeNkosi
“Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.”—IHUBO 119:15, 16.
1. Kungani wonke umuntu nayo yonke into kungaphansi kweziyalezo zikaJehova?
WONKE umuntu nayo yonke into kuqondiswa iziyalezo zikaNkulunkulu uMninimandla onke uJehova, iNkosi yaphakade. NguYe owadala indawo yonke. UnguMthombo wokuphila. Wabumba umhlaba futhi wawulungiselela ukuba kuhlalwe kuwo. UnguNkulunkulu wokuhleleka, futhi ngokusetshenziswa kwezimiso zakhe, kuyoba nokuhleleka kuyo yonke indalo yakhe.—IHubo 36:9; Isaya 45:18; IsAmbulo 15:3.
2. Ngubani olawula amazulu anezinkanyezi, futhi kanjani?
2 KwakunguJehova uNkulunkulu owayaleza amazulu anezinkanyezi ukuba endlaleke njengetende phezu komhlaba khona-ke wamema abantu bakhe ethi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezozinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama.” NguJehova owabuza uJobe: “Uyazazi izimiso zasezulwini,. umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?” Yimithetho yaKhe yamandla adonsela phansi neyokunyakaza kwezinto ehlanganisa ndawonye izigidi zemithala enezinkanyezi eziyizigidi eziyizinkulungwane futhi eqondisa ukunyakaza komhlaba njengoba uhamba emkhathini.—Isaya 40:26; Jobe 38:33.
3. Izilwane ziqhubeka ziphila ngeziyalezo zikabani, futhi yini ebingenzeka uma zingalaleli?
3 NguYe oveza izitshalo eziluhlaza ezembathisa umhlaba. Ngeziyalezo zakhe imbewu iyaqhuma futhi ikhule bese ithela. Emhlabeni kugcwele izinhlobonhlobo zezilwane ezingenakubalwa—kusukela ezifundeni ezibandayo kuya emahlathini asezindaweni ezishisayo, kusukela phezulu emkhathini kuya ekujuleni enhlabathini, kusukela ogwini lolwandle kuya ekujuleni kwalo. Ukuze luqhubeke lukhona, ngalunye lwezinhlobo ezingenakubalwa kumelwe luphile ngendlela uJehova aluyaleza ngayo. Ngokomzwelo ongokwemvelo, uhlela ngaphakathi kwazo iziyalezo zakhe zokuba ziqhubeke ziphila. “Zihlakaniphile ngokwemvelo.” (IzAga 30:24, NW) Kodwa kuthiwani uma iblackpoll warbler encane yaseAlaska ingazitshela ukuthi, ‘Ngeke ngindize izinkulungwane zamakhilomitha ngiye eNingizimu Melika. Kungani kumelwe ngenze kanjalo?” Leyowarbler encane ibingabulawa amakhaza asebusika. Kodwa ngeke ikusho lokho. Ihlelelwe ukuba ithuthele kwamanye amazwe ukuze iqhubeke iphila. Kungokufanayo nangazo zonke izilwane. Ngokomzwelo ongokwemvelo zilandela iziyalezo ezifakwe uJehova uMdali wazo kuzo. Azizikhetheli.
4. Yikuphi ukukhetha abantu abanakho, futhi namiphi imiphumela?
4 Kungokwehlukile ngabantu. Sidalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, futhi sinakho ukuzikhethela. Nokho, nakuba uJehova engazange asihlelele ukuba senze ngokuhlakanipha ngomzwelo ongokwemvelo kuphela, akazange futhi asishiye singenalwazi. NgeZwi lakhe iBhayibheli, usinikeza iziyalezo zakhe zokuzuza ukuphila. Siyaphila uma sizilandela ngokunakekela lezo ziyalezo zeNkosi. Uma sisebenzisa inkululeko yethu singazinaki futhi sithathe inkambo esizikhethele yona, siyofa. Kumelwe sizihlelele ukuba siqhubeke siphila. Kulula ukukwenza. Umhubi wathi, “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.” Ngakolunye uhlangothi, ‘indlela ehlukile ingase ibonakale sengathi ilungile kumuntu, kepha ukuphela kwayo kuyindlela yokufa.’ (IHubo 119:105; IzAga 14:12) Kulesikhathi sokuphela, kudingeka ukuba sinanele amazwi eHubo 119:15, 16, njengoba ashiwo kuJehova: “Ngiyakuzindla ngeziyalezo zakho, ngihloniphe izindlela zakho. Ngiyakuthokoza ngezimiso zakho; angiyikukhohlwa izwi lakho.”
UJehova UMhleli Wabantu Bakhe
5. Kungaziphi izindlela uJehova ayenguMahluleli, uMniki-mthetho, neNkosi kaIsrayeli ngazo?
5 UJehova wakhuluma noMose eNtabeni yaseSinayi, emnikeza iziyalezo zokuqondisa uIsrayeli. IMithetho Eyishumi yayivelele kuzo, yayilotshwe ezibhebheni zamatshe ngomunwe kaNkulunkulu. (Eksodusi 20:1-17; 31:18) Ngaphezu kokuba uMniki-mthetho kaIsrayeli, uJehova wayenguMahluleli wakhe, esebenza ngoMose namanye amadoda amadala. UMose wayala lawomadoda amadala ukuba akhumbule: “Maningakhethi ekwahluleleni, nimuzwe omncane njengomkhulu, ningesabi ubuso bamuntu, ngokuba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu.” (Duteronomi 1:17) UJehova futhi wayeyiNkosi yabo, ehlela lezigidi zabantu ukuze izindaba zabo ziphathwe kahle. Ngokucabangela konke lokhu, kamuva omunye wabaprofethi bakhe wayengathi: “UJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu.”—Isaya 33:22.
6. UJehova wazibonakalisa kanjani ewuMhleli noMqondisi kaIsrayeli ehlane?
6 Isizwe sakwaIsrayeli sasihlelwe ngezizwe, imindeni, nezindlu. Njengoba sasihamba ehlane, uJehova wabela isizwe ngasinye indawo kulolohambo. Lapho simise amakamu nxazonke zetende, isizwe ngasinye sasinendawo yaso esasiyabelwe. (Numeri 2:1-34; Joshuwa 7:14) Ngefu, uJehova wayebayala ukuba bahambe noma bame: “Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwaIsrayeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwaIsrayeli bamisa khona. Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwaIsrayeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa.”—Numeri 9:17, 18.
7. Ngubani owayengenza ushintsho nowalwenza enhlanganweni kaIsrayeli?
7 Lapho kwakudingeka ukuba kushintshwe uhlelo, uJehova wayelenza. UMose wakhononda: “Anginakuthwala bonke lababantu ngedwa, ngokuba kuyangisinda.” UJehova waphendula: “Ngibuthele amadoda angamashumi ayisikhombisa amalunga akwaIsrayeli, owaziyo ukuthi angamalungu abantu nezinduna zabo, . . . ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.” (Numeri 11:14, 16, 17) Ngisho nalapho kamuva abantu befuna inkosi engumuntu, iNkosi enkulu yaphakade ayizange imshiye uIsrayeli. Inkosi engumuntu yayinencwadi yoMthetho kaJehova. Abaprofethi babememezela izahlulelo zikaJehova. Amakhosi athembekile ayelokhu ekhonza njengabaphathi bakaNkulunkulu njengoba ‘ayehlezi esihlalweni sobukhosi sikaJehova.’—1 IziKronike 29:23; Duteronomi 17:18; 2 AmaKhosi 17:13; Jeremiya 7:25.
Isibonelo Esihle Sokulandela Iziyalezo ZeNkosi
8. UJesu wawumemezela kanjani, kuphi uMbuso kaJehova owawususondele, futhi kwaba namiphi imiphumela?
8 Lapho uJesu efika njengoMesiya ethenjisiwe, walandela iziyalezo zikaYise wasezulwini ngentshiseko enamandla. Lapho eqalisa inkonzo enkulu yaseGalile, “waqala ukushumayela nokusho ukuthi: Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele. UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni abo eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zabo zonke nasebuthakathakeni bonke. Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, laseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.” (Mathewu 4:17, 23, 25; Johane 2:17) Akazange ashumayele emasinagogeni kuphela. Wayememezela izindaba ezinhle zoMbuso noma kuphi lapho kwakunabantu ababezohlala: ethempelini, ogwini lolwandle, entabeni, emaphandleni, emizini nasemizaneni, nasezindlini zabantu. Izixuku zeza kuye, ‘zamuzwa ngokujabula.’‘ Zabambelela kuye zimuzwa.’—Marku 12:37; 19:48.
9. Yini uJesu ayenza ukuze andise umsebenzi wokushumayela, futhi iziphi iziyalezo azinikeza?
9 Waphawula kubaphostoli bakhe isidingo sezisebenzi ezengeziwe, ngakho “laba abayishumi nambili uJesu wabathuma, wabayala wathi: Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya: kodwa yanini kakhulu ezimvini ezilahlekileyo zakwaIsrayeli. Ekuhambeni kwenu shumayelani nithi: Umbuso wezulu ususondele. Nakumuphi umuzi noma umuzana eniyakungena kuwo, cingani ofaneleyo kuwo, nihlale khona, nize nimuke. Ekungeneni kwenu endlini niyibingelele. Uma indlu ifanele ukuthula kwenu, ukuthula kwenu makuze phezu kwayo; kodwa uma ingafanele, ukuthula kwenu makubuyele kini.” (Mathewu 10:5-7, 11-13) Kamuva wathuma abanye abangama-70 ngeziyalezo ezifanayo, futhi ngokulandela leziyalezo ngokunakekela, bathola impumelelo nenjabulo enkulu.—Luka 10:1, 17.
10. (a) Ngemva kokuvuswa kwakhe, yikuphi okunye ukuthunywa uJesu akunikeza, futhi kwaba namiphi imiphumela? (b) Kungani kwakudingeka ukuba kumiswe amadoda athile, futhi yiziphi izimfuneko okwakumelwe ahlangabezane nazo?
10 Ngemva kokufa nekuvuswa kwakhe, uKristu Jesu wandisa insimu yabalandeli bakhe, ethi kubo: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:18-20) Lapho enyukela ezulwini, wanikeza isiyalezo esifanayo: “Nibe-ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube-sekugcineni komhlaba.” (IzEnzo 1:8) Njengoba abalandeli bakhe babesakaza isigijimi soMbuso, izinkulungwane zahlanganyela nabo. (IzEnzo 2:41; 4:4; 5:14; 6:7) Kwamiswa amabandla kuyo yonke indawo. Kwamiswa ababonisi nabasizi abakhonzayo ababehlangabezana nezimfanelo ezithile ezingokomBhalo ukuba baluse lemihlambi yamadoda nabesifazane. Amabandla achuma futhi anda.—1 Thimothewu 3:2-10, 12, 13; Thithu 1:5-9.
11. Luhlobo luni lwenhlangano oFakazi BakaJehova abanayo namuhla, futhi kungani kudingeka ehlelwe kahle namuhla?
11 Namuhla kubalulekile kakhulukazi ngamabandla oFakazi BakaJehova ukuba alandele isibonelo sikaJesu ekushumayeleni. Ukuze enze kanjalo ngokuphumelelayo, alandela isimo sokuhlela esasungulwa ngesikhathi sabaphostoli. Sisesikhathini sokuphela, isikhathi uJesu abikezela ukuthi kwakuyokwenziwa ngaso umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke: “Lelivangeli lombuso liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke, andukuba kufike ukuphela.” (Mathewu 24:14) Ngemva kweMpi Yezwe I, izinkulungwane ezimbalwa zaqala ukumemezela lezindaba ezinhle zoMbuso; namuhla inani lazo seliye lakhula ladlula ezigidini ezintathu! Yisikhathi esiphuthumayo sokulandela ngokunakekela kokubili iziyalezo zeNkosi yaphakade, uJehova uNkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uKristu Jesu.
Abadala Badinga Inhlonipho Nokusekela Kwakho
12. Yini edingekayo kubadala namuhla, futhi umsebenzi wabo lingenziwa kanjani ujabulise?
12 Ekulandeleni iziyalezo zeNkosi, abadala bebandla banengxenye eyinhloko. Kumelwe babe izibonelo: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabingokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi-ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo, kungabi-njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe-yizibonelo zomhlambi.” (1 Petru 5:1-3) Kungumhlambi kaNkulunkulu. Abadala kumelwe balandise ngawo, kodwa ukubambisana ngokulalela kwawo wonke umuntu kungenza umsebenzi wabo ujabulise: “Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu njengabazakulandiswa ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula. bangabubuli, ngokuba lokhu akunakunisiza.”—Heberu 13:17.
13. Kungani abadala kufanele batuswe ngokuphindiweyo?
13 Bonke abantu ebandleni kufanele batuswe, kodwa ikakhulukazi abadala: “Amalunga aphatha kahle akuthiwe afanele ukutuswa ngokuphindiweyo, ikakhulu lawo akhuthalela izwi nokufundisa.” (1 Thimothewu 5:17; Roma 12:10) Kungani abadala befanele “ukutuswa ngokuphindiweyo”? Ngenxa yomsebenzi wabo omuhle. Kulotshwe lokhu ngabo: “Ambeke kuwo uMoya eNgcwele ukuba nibe-ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu.” (IzEnzo 20:28) Basebenza kanzima bekhonza wena nabanye. Kungase kudingeke ukuthi beluleke abanye abantu lapho iziyalezo zeNkosi zinganakwa noma zeqiwa—umsebenzi ongemnandi nongase ucasule kwabanye. Kungase kudingeke ukuba kunikezwe iseluleko ngokugqoka nokuziphatha futhi singase singathandwa. Nokho zonke lezinto zenzelwa inhlalakahle engokomoya yebandla. Abadala kufanele bahlonishwe futhi batuswe.
14. (a) Ngokucabangela uJakobe 4:12, iyiphi ewukuphela kwendlela izahlulelo ezikhishwa abadala ezingaba ezifanele ngayo? (b) Kunini lapho ukwahlulela kungahoxiswa khona futhi kunini lapho isihawu singaba ngaphezu kokwahlulela?
14 Ngezinye izikhathi abadala kumelwe bakhonze emakomitini okwahlulela futhi bakhiphe izahlulelo—ngezinye izikhathi ezingathandwa. Lokhu kwahlulela kuvumelana kanjani noJakobe 4:12? Uthi: “Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena owahlulelayo umakhelwane na?” Yebo, abantu akumelwe bahlulelane. Ngaphezu kwalokho ukwahlulela okwenziwa ngabadala akumelwe kube ngokombono wabo siqu kodwa kube ngokweZwi likaJehova. Phawula indlela iNkosi uJehoshafati eyaxwayisa ngayo abahluleli eyayibakhethile: “Anahluleli umuntu kepha uNkulunkulu, . . . ingebhe ngoJehova mayibephezu kwenu; qaphelani nikwenze, ngokuba ukungalungi akukho kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso, nokwamukela umvuzo.” (2 IziKronike 19:6, 7) Inhlangano kumelwe igcinwe ihlanzekile. Nokho abadala akufanele babe nokhahlo, ‘izilwi.’ Isihawu nokuthethelela kungaboniswa lapho ukuzisola kungokujulile nokuphenduka kungokweqiniso. Khona-ke, ‘isihawu siyozigabisa ekwahluleleni, njengesiphakeme kunokwahlulela.’—1 Thimothewu 3:3; Jakobe 2:13; bheka imibhalo yaphansi yeReference Bible.
15. Imiphi imisebenzi eyenziwa ngabadala ebenza bafanelwe inhlonipho nokutuswa.?
15 Ngakho imisebenzi yabadala ngokuvamile inzima futhi iyinselele, kodwa abadala abanakekela lemithwalo yemfanelo ngokwethembeka nangothando bangaba umthombo wokuqabuleka okungokomoya nesivikelo. “Umuntu uyakuba-yindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.” (Isaya 32:2) Umvikeli onomusa nonothando—hhayi umsoli onamawala noma umeluleki onokhahlo—oletha injabulo kubo bonke, ozuza inhlonipho nokutuswa, futhi azuze ukuvunyelwa uJehova.
Nibekezelelane
16. (a) Abanye basabela kanjani emaphutheni abanye, futhi yini engabenza bangabi abagxekayo futhi bazwisise ngokwengeziwe? (b) UJehova uzibheka kanjani izinceku ezithembekile ezenza amaphutha?
16 Noma nini lapho abantu besebenza ndawonye, kuvame ukuphakama izinkinga. Kwenziwa amaphutha. Lapho lokhu kwenzeka, abanye baphazamiseka kakhulu. Abanye basebenzisa ngisho namaphutha abanye njengezaba zokwenza iphutha elikhulu kunawo wonke—bayeke ukukhonza uJehova! Nokho, uma behlolisisa amaphutha abo njengoba benza kwabanye, ngokunokwenzeka ngeke babe abagxekayo futhi bazwisisa ngokwengeziwe. UMose wenza amaphutha. Ngokufanayo noDavide. Ngokufanayo noPetru. Ngokunjalo sonke siyawenza. Kodwa uJehova waqhubeka esebenzisa lamadoda akudala, futhi nathi uyaqhubeka esisebenzisa. Ngakho, “ungubani wena owahlulela inceku yomunye na? Kusenkosini yayo ukuma noma ukuwa kwayo; kepha iya kumiswa, ngokuba iNkosi inamandla okuyimisa.”—Roma 14:4.
17. Kulendaba yokwenza amaphutha lokwahlulela abanye, yimaphi amanye amaphuzu okumelwe siwakhumbule?
17 Masikhumbule futhi ukuthi: Lapha emhlabeni, uJehova asebenzisa abantu abangaphelele—okuyilokho anakho okwamanje. Eqinisweni, lokhu kuletha udumo kuJehova. Ufeza okuningi kakhulu ngokuncane kakhulu! Ubuthakathaka bethu bukhulisa amandla akhe: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” (2 IziKronike 12:9) Umsebenzi wokushumayela womhlaba wonke uyachuma ngenxa yesizathu uJehova ngokwakhe asinikezayo: “Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela.” (Zakariya 4:6) Ngakho masithethelele amaphutha nokungapheleli kwabanye ukuze nokwethu kuthethelelwe. Khumbula: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo wasezulwini uyakunithethelela nani.”—Mathewu 6:14, 15.
Ukuhlelelwa Ukulandela Iziyalezo ZeNkosi Zokushumayela
18. Ukuze kunikezwe ukuqondisa kobunye ekushumayeleni kwamabandla, yiliphi ilungiselelo elalikhona ezinsukwini zabaphostoli elikhona namanje osukwini lwethu?
18 Indikimba ebusayo yayakhiwa abaphostoli namadoda amadala aseJerusalema ayenza izinqumo enikeza nokuqondisa kobunye emabandleni amaKristu okuqala. (IzEnzo 15:1-31; 16:1-5) Namuhla ofakazi abagcotshiwe bakaJehova, “inceku ethembekileyo neqondayo,” baneNdikimba Ebusayo endlunkulu yabo eBrooklyn, eNew York. (Mathewu 24:45-47) Iqondisa umsebenzi omkhulu wokufakaza ngoMbuso emhlabeni wonke manje owenziwa emhlabeni wonke ekugcwalisekeni komyalo wokumemezela ngoMbuso kaJehova. (Mathewu 24:14) Lomsebenzi wawungeke wenziwe ngaphandle kwenhlangano. Umuntu wayengeke awenze ngokwakhe.
19. Yimuphi umsebenzi abantu ngabanye abangeke bawenze oFakazi Bakajehova abawenza ngokuphumelelayo ngenxa yokulandela ngokunakekela iziyalezo zeNkosi?
19 Akukho muntu namaqembu abantu abangahleliwe, abahlakazekile ayengashumayela ngezilimi ezingaphezu kwe-190 nasemazweni angama-205, aqhube njalo izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kwezi-2 250 000, futhi minyaka yonke abhapathize izikhonzi ezintsha zezindaba ezinhle zoMbuso cishe eziyizi-190 000. Cha, kwathatha cishe amahora ayizigidi ezingamakhulu ayisithupha okushumayela koFakazi abangaphezu kwezigidi ezintathu ukuba benze lesilinganiso somsebenzi ngonyaka owodwa ka-1985. Bakwazi ukukwenza lokho ngenxa yokuthi babehlelwe kahle bengamabandla acishe abe izi-50 000, bonke bengaphansi kokuqondisa kweNdikimba Ebusayo yabo eyodwa kuphela. Ngisho nalapho, kwakungenziwa kuphela ngenxa yokuthi iNdikimba Ebusayo, amagatsha angama-94, amabandla ayizi-50 000, nabo bonke abantu ngabanye abangoFakazi abayizi-3 000 000 babenobunye ekulandeleni ngokunakekela iziyalezo zeNkosi.
Uyakhumbula?
◻ UJehova wasihlela kanjani isizwe sakwaIsrayeli?
◻ Yisiphi isibonelo esiphelele sokufezwa komsebenzi wokumemezela ngoMbuso kaJehova esashiywa nguJesu?
◻ Yimiphi imisebenzi eminingi eyenziwa abadala ebenza bafanelwe ukuba sibatuse?
◻ Kungani amaqembu azimele noma abantu ngabanye bengenakuwenza umsebenzi wokushumayela?
[Isithombe ekhasini 23]
UMdali uhlela zonke izilwane ukuze ziqhubeke ziphila
Abantu kumelwe bazihlelele ukuqhubeka bephila ngokutadisha iziyalezo zikaJehova