Ukwazisa ‘Izipho Ezingabantu’
“Nibazise labo abasebenza kanzima phakathi kwenu . . . nibacabangele ngothando ngokudlula okungaphezu kokuvamile othandweni ngenxa yomsebenzi wabo.”—1 THESALONIKA 5:12, 13.
1. NgokwezEnzo 20:35, ukupha kunamaphi amandla? Bonisa.
“KUKHONA injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Usakhumbula ukuthi wagcina nini ukubona la mazwi kaJesu efezeka kuwe? Mhlawumbe wawuphe othile omthanda kakhulu isipho. Wawusikhethe kahle, ngoba wawufuna sibe yinto ayeyoyazisa lona omthandayo. Indlela abonakala ejabule ngayo yakujabulisa kakhulu! Lapho kunesisusa esifanele, ukupha kuwukubonisa uthando, futhi ukubonisa uthando kusilethela injabulo.
2, 3. (a) Kungani kungase kuthiwe akekho umuntu ojabula ngaphezu kukaJehova, futhi ilungiselelo ‘lezipho ezingabantu’ lingayenza kanjani inhliziyo yakhe ijabule? (b) Yini esingeke sifune ukuyenza ngesipho esivela kuNkulunkulu?
2 Khona-ke, ubani ongajabula ngaphezu kukaJehova, uMuphi wazo “zonke izipho ezinhle”? (Jakobe 1:17; 1 Thimothewu 1:11) Kuzo zonke izipho aphana ngazo usuke eshukunyiswa uthando. (1 Johane 4:8) Ngokuqinisekile lokho kuyiqiniso mayelana nezipho uNkulunkulu aziphe ibandla ngoKristu—‘izipho ezingabantu.’ (Efesu 4:8) Ilungiselelo labadala abanakekela umhlambi liwukubonakaliswa kothando lukaNkulunkulu olujulile ngabantu bakhe. La madoda akhethwa ngokucophelela—kumelwe ahlangabezane nezimfuneko ezingokomBhalo. (1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9) Ayazi ukuthi kumelwe ‘awuphathe ngesisa umhlambi,’ ngoba uma enza kanjalo izimvu ziyoba nesizathu sokuzizwa zibonga ngalaba belusi abanothando. (IzEnzo 20:29; IHubo 100:3) Lapho uJehova ebona ukuthi izimvu zakhe zinezinhliziyo ezigcwele ukubonga okunjalo, ngokuqinisekile kumelwe ukuba inhliziyo yakhe iyajabula!—IzAga 27:11.
3 Ngokuqinisekile ngeke sithande ukuseya isipho esivela kuNkulunkulu; futhi ngeke sifune ukuba abangazazisi izipho zakhe. Ngakho kuphakama imibuzo emibili: Abadala kufanele bayibheke kanjani indima yabo ebandleni? Futhi umhlambi ungabonisa kanjani ukuthi uyazazisa ‘izipho ezingabantu’?
‘Siyizisebenzi Ezikanye Nani’
4, 5. (a) UPawulu ulifanisa nani ibandla, futhi kungani kuwumfanekiso ofanelekayo lona? (b) Umfanekiso kaPawulu ubonisani ngokuphathelene nendlela okufanele sibhekane futhi siphathane ngayo?
4 UJehova uye wanikeza ‘izipho ezingabantu’ isilinganiso esithile segunya ebandleni. Yiqiniso, abadala abafuni ukulisebenzisa kabi igunya labo, kodwa bayazi ukuthi kulula ukwenza kanjalo njengabantu abangaphelele. Khona-ke, kufanele bazibheke kanjani ngokuphathelene nomhlambi? Cabanga ngomfanekiso owasetshenziswa umphostoli uPawulu. Ngemva kokukhuluma ngokuthi kungani siphiwe ‘izipho ezingabantu,’ uPawulu wabhala: “Masikhuleni ngothando kuzo zonke izinto kuye oyinhloko, uKristu. Wonke umzimba, ngokuhlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo nangokwenziwa ukuba ubambisane ngawo wonke amalunga anikeza lokho okudingekayo, ngokokusebenza kwelungu ngalinye ngokuhluka kwalo ngesilinganiso esifanele, ubangela ukukhula komzimba usuka kuye ukuze uzakhe othandweni.” (Efesu 4:15, 16) Ngakho uPawulu ulifanisa nomzimba womuntu ibandla, kuhlanganise nabadala namanye amalungu. Kungani lona kuwumfanekiso ofanelekayo?
5 Umzimba womuntu unezitho eziningi ezihlukahlukene kodwa unekhanda elilodwa kuphela. Nokho, akukho lutho emzimbeni—ngisho kwasicubu namthambo—olungenalusizo. Isitho ngasinye siwusizo futhi sinikela okuthile empilweni enhle nasebuhleni bomzimba uwonke. Ngokufanayo, ibandla lakhiwe amalungu amaningi ahlukahlukene, kodwa ilungu ngalinye—kungakhathaliseki ukuthi liselisha noma selikhulile ngeminyaka, liwumqemane noma libuthakathaka—linganikela okuthile empilweni enhle nasebuhleni obungokomoya bebandla lilonke. (1 Korinte 12:14-26) Akekho okufanele abe nomuzwa wokuthi akabalulekile, kangangokuthi akusho lutho ukuba khona kwakhe. Ngakolunye uhlangothi, akekho okufanele azizwe ephakeme kunawo wonke umuntu, ngoba sonke—abelusi nezimvu ngokufanayo—siyingxenye yomzimba, futhi kunenhloko eyodwa kuphela, uKristu. Kanjalo uPawulu wakha umfanekiso omuhle wokuthandana, ukunakekelana nokuhloniphana okumelwe sibe nako. Ukuqaphela lokhu kusiza abadala babe nombono wokuthobeka nolinganiselayo ngendima yabo ebandleni.
6. Nakuba ayenegunya lobuphostoli, uPawulu wawubonisa kanjani umoya wokuthobeka?
6 Lezi “zipho ezingabantu” azifuni ukulawula ukuphila noma ukholo lwabakhulekeli abakanye nazo. Nakuba ayenegunya lobuphostoli, uPawulu watshela abaseKorinte ngokuthobeka: “Akukhona ukuthi singamakhosi phezu kokholo lwenu, kodwa siyizisebenzi ezikanye nani ngenjongo yenjabulo yenu, ngoba nimi ngokholo lwenu.” (2 Korinte 1:24) UPawulu wayengafisi ukulawula ukholo nendlela yokuphila yabafowabo. Wayengasiboni ngempela isidingo sokwenza kanjalo, ngoba wazwakalisa ukuqiniseka ngokuthi kakade babengamadoda nabesifazane abathembekile ababesenhlanganweni kaJehova ngoba befuna ukwenza okulungile. Ngakho, lapho ekhuluma ngaye noThimothewu, owayemphelezela ohambweni, empeleni uPawulu wayethi: ‘Kuwumsebenzi wethu ukubambisana nani ekukhonzeni uNkulunkulu ngenjabulo.’ (2 Korinte 1:1) Yeka umoya wokuthobeka!
7. Yini abadala abathobekile abayiqaphelayo ngendima yabo ebandleni, futhi yini abaqiniseka ngayo mayelana nezisebenzi ezikanye nabo?
7 ‘Izipho ezingabantu’ namuhla zinomsebenzi ofanayo. ‘Ziyizisebenzi ezikanye nathi ngenjongo yenjabulo yethu.’ Abadala abathobekile bayaqaphela ukuthi akukhona okwabo ukunquma ukuthi abanye bangenza okungakanani ekukhonzeni uNkulunkulu. Bayazi ukuthi nakuba bengase bakhuthaze abanye ukuba bandise inkonzo yabo, ukukhonza uNkulunkulu kufanele kusuke enhliziyweni evumayo. (Qhathanisa neyesi-2 Korinte 9:7.) Bayaqiniseka ukuthi uma izisebenzi ezikanye nabo zijabula, ziyokwenza konke ezingakwenza. Ngakho kuyisifiso esisuka enhliziyweni yabo ukuba basize abafowabo ‘bakhonze uJehova ngokujabula.’—IHubo 100:2.
Ukusiza Bonke Bakhonze Ngenjabulo
8. Yiziphi ezinye zezindlela abadala abangasiza ngazo abafowabo ukuba bakhonze uJehova ngenjabulo?
8 Badala, ningabasiza kanjani abafowenu ukuba bakhonze ngenjabulo? Ningakhuthaza ngesibonelo. (1 Petru 5:3) Intshiseko nenjabulo yenu enkonzweni mayibonakale, futhi abanye bangase bakhuthazeke ukuba balingise isibonelo senu. Batuseni abanye ngemizamo yabo yomphefumulo wonke. (Efesu 4:29) Ukutusa ngemfudumalo nangobuqotho kusiza abanye bazizwe bewusizo futhi bedingeka. Kukhuthaza izimvu ukuba zifune ukwenza okungcono kakhulu ezingakwenza ekukhonzeni uNkulunkulu. Gwemani ukuqhathanisa okubi. (Galathiya 6:4) Ukuqhathanisa okunjalo kuyadikibalisa kunokuba kushukumisele abanye ukuba bathuthukise. Nangalé kwalokho, izimvu zikaJehova zingabantu abahlukahlukene—abanezimo namakhono okungafani. NjengoPawulu, bonisani ukuthi niyabethemba abafowenu. Uthando “lukholelwa yizo zonke izinto,” ngakho kuhle sikholelwe ukuthi abafowethu bayamthanda uNkulunkulu futhi bafuna ukumjabulisa. (1 Korinte 13:7) Lapho ‘ubonisa abanye udumo,’ ubenza baveze izimfanelo zabo ezinhle kakhulu. (Roma 12:10) Qinisekani ukuthi lapho izimvu ziye zakhuthazwa futhi ziqabulekile, iningi lazo liyokwenza konke elingakwenza ekukhonzeni uNkulunkulu, futhi liyothola injabulo kuleyo nkonzo.—Mathewu 11:28-30.
9. Yimuphi umbono ngabanye abadala oyosiza umdala ngamunye ukuba akhonze ngenjabulo?
9 Ukuzibheka ngokuthobeka ‘njengesisebenzi esikanye nabanye’ kuyosiza wena ukuba ukhonze ngenjabulo futhi wazise izipho eziyingqayizivele zabadala okanye nabo. Umdala ngamunye uneziphiwo namakhono angawasebenzisela ukuzuzisa ibandla. (1 Petru 4:10) Omunye angase abe nesiphiwo sokufundisa. Omunye angase aphumelele ekuhleleni izinto. Kanti omunye angase abe ongeneka kalula ngendlela ephawulekayo ngenxa yemfudumalo nobubele bakhe. Iqiniso liwukuthi, akekho umdala onazo zonke iziphiwo ngezinga elilinganayo. Ingabe ukuba nesiphiwo esithile—ake sithi, isiphiwo sokufundisa—kwenza umdala abe ophakeme kunomunye? Lutho neze! (1 Korinte 4:7) Ngakolunye uhlangothi, asikho isidingo sokucasulwa yisipho somunye noma uzizwe ungafaneleki lapho abanye betusa omunye umdala ngekhono lakhe. Khumbula, nawe ngokwakho uneziphiwo uJehova azibonayo kuwe. Futhi angakusiza ukuba uzihlakulele lezo ziphiwo futhi uzisebenzisele ukuzuzisa abafowenu.—Filipi 4:13.
‘Lalelani Futhi Nizithobe’
10. Kungani kufaneleka ukuba sibonise ukuzazisa ‘izipho ezingabantu’?
10 Lapho samukela isipho kuyafaneleka ukuba sibonise ukwazisa. EyabaseKolose 3:15 ithi: “Ziboniseni ninokubonga.” Kuthiwani-ke “ngezipho ezingabantu,” isipho esiyigugu uJehova asiphe sona? Yiqiniso, ngokuyinhloko sibonga uJehova, uMuphi Wezipho onesandla esivulekile. Kodwa kuthiwani “ngezipho ezingabantu” ngokwazo? Singabonisa kanjani ukuthi siyazazisa?
11. (a) Singabonisa kanjani ukuthi siyazazisa ‘izipho ezingabantu’? (b) Asho ukuthini amazwi athi “lalelani” nathi “nizithobe”?
11 Singabonisa ukuthi siyazazisa ‘izipho ezingabantu’ ngokuzilalela ngokushesha izeluleko nezinqumo zazo ezisekelwe eBhayibhelini. IBhayibheli liyasicebisa: “Lalelani labo abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.” (Heberu 13:17) Phawula ukuthi akumelwe sigcine ‘ngokubalalela’ labo abaholayo, kodwa futhi kumelwe ‘sizithobe’ kubo. Igama lesiGreki elisho ukuthi “nizithobe” ngokwezwi nezwi lisho ukuthi “zivumelaniseni.” Lapho sikhuluma ngamazwi athi “lalelani” nathi “nizithobe,” isazi seBhayibheli uR. C. H. Lenski sithi: “Umuntu usuke elalela lapho evumelana nalokho okuthiwa akakwenze, ekholelwa ukuthi kulungile futhi kuyazuzisa; usuke ezivumelanisa . . . lapho enombono ohlukile.” Lapho sisiqonda futhi sivumelana nesiqondiso salabo abaholayo, ukulalela kungase kube lula. Kodwa kuthiwani uma singasiqondi isizathu sesinqumo esithile?
12. Kungani kufanele sizithobe, noma sizivumelanise, ngisho nalapho singasiqondi ngokugcwele isizathu sesinqumo esithile?
12 Yilapha lapho kungase kudingeke sizithobe khona, noma sizivumelanise. Ngani? Phakathi kokunye, kudingeka sethembe ukuthi la madoda afanelekayo ngokomoya asikhathalela ngobuqotho. Phela, azi kahle ukuthi kumelwe alandise kuJehova ngezimvu aziphathisiwe. (Jakobe 3:1) Ngaphezu kwalokho, kuhle sikhumbule ukuthi kungenzeka asiwazi wonke amaqiniso ayimfihlo awaholelé esinqumweni asenzé ngokwazi.—IzAga 18:13.
13. Yini engasisiza ukuba sizithobe lapho kuziwa ezinqumweni zokwahlulela zabadala?
13 Kuthiwani ngokuzithoba lapho kuziwa ezinqumweni zokwahlulela? Kuyavunywa, lokhu kungase kungabi lula, ikakhulukazi uma kwenziwe isinqumo sokususa ekuhlanganyeleni umuntu esimthandayo—isihlobo noma umngane oseduze. Nalapha, kungcono kakhulu ukuzivumelanisa nesahlulelo ‘sezipho ezingabantu.’ Isimo ezikuso sizenza zikwazi ukubona izinto njengoba zinjalo ukudlula thina, futhi kungenzeka zazi amaqiniso engeziwe. Laba bazalwane ngokuvamile bayahlupheka ngezinqumo ezinjalo; kuwumthwalo wemfanelo osindayo ‘ukwahlulelela uJehova.’ (2 IziKronike 19:6) Benza yonke imizamo yokuba nesihe, ngoba bayakhumbula ukuthi uNkulunkulu ‘ukulungele ukuthethelela.’ (IHubo 86:5, NW) Kodwa futhi kumelwe bagcine ibandla lihlanzekile, futhi iBhayibheli lithi mababasuse ekuhlanganyeleni abenzi bokubi abangaphenduki. (1 Korinte 5:11-13) Ezimweni eziningi owonile ngokwakhe uyasamukela isinqumo. Kungenzeka ukuthi udinga sona kanye lesi siyalo ukuze asanguluke. Uma thina esimthandayo sizithoba esinqumweni, singase simsize azuze kuleso siyalo ngokwenza kanjalo.—Heberu 12:11.
‘Nibacabangele Ngokudlula Okungaphezu Kokuvamile’
14, 15. (a) Ngokweyoku-1 Thesalonika 5:12, 13, kungani kufanele ukuba abadala sibacabangele? (b) Kungani kungase kuthiwe abadala ‘basebenza kanzima phakathi kwethu’?
14 Singabonisa futhi ukuthi siyazazisa ‘izipho ezingabantu’ ngokubonisa ukuzicabangela. Lapho ebhalela ibandla laseThesalonika, uPawulu wayala amalungu alo: “Nibazise labo abasebenza kanzima phakathi kwenu nabanengamele eNkosini futhi beniyala; . . . nibacabangele ngothando ngokudlula okungaphezu kokuvamile othandweni ngenxa yomsebenzi wabo.” (1 Thesalonika 5:12, 13) “Abasebenza kanzima”—ingabe lokho akuchazi abadala abazinikela ngokungenabugovu ngenxa yethu? Ake uthi ukucabanga ngomthwalo onzima othwelwe yilaba bazalwane abathandekayo.
15 Ezimweni eziningi bangamadoda anemizi okumelwe asebenze ukuze ondle imikhaya yawo. (1 Thimothewu 5:8) Uma umdala enezingane, zidinga isikhathi nokunakwa nguyise. Kungase kudingeke azisize emsebenzini wazo wesikole, abuye futhi ahlele isikhathi sokuba zisebenzise ubungqabavu bazo ekuzijabuliseni okuhle. (UmShumayeli 3:1, 4) Okubaluleke kakhulu, unakekela izidingo ezingokomoya zomkhaya wakhe, ngokuwuqhubela isifundo seBhayibheli somkhaya njalo, asebenze nawo enkonzweni yasensimini futhi aye nawo emihlanganweni yamaKristu. (Duteronomi 6:4-7; Efesu 6:4) Masingakhohlwa ukuthi ngaphezu kwale mithwalo yemfanelo abaningi bethu abanayo, abadala banemisebenzi eyengeziwe: ukulungiselela izinkulumo emihlanganweni, ukwenza ukuhambela kokwalusa, ukunakekela inhlalakahle engokomoya yebandla, kanye nokusingatha amacala okwahlulela lapho kudingekile. Abanye banomthwalo wemfanelo owengeziwe ophathelene nemihlangano yesifunda, yesigodi, ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso namaKomiti Okubonisana Nezibhedlela. Ngempela, laba bazalwane “basebenza kanzima”!
16. Chaza izindlela esingabonisa ngazo ukucabangela abadala.
16 Singakubonisa kanjani ukubacabangela? Isaga seBhayibheli sithi: ‘Izwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!’ (IzAga 15:23; 25:11) Ngakho amazwi okwazisa okuqotho nokukhuthaza angababonisa ukuthi asikuthathi kalula ukuzikhandla kwabo. Futhi, kumelwe silinganisele kulokho esikulindela kubo. Ngakolunye uhlangothi, kufanele sizizwe sikhululekile ukuya kubo ukuze sithole usizo. Kungase kube nezikhathi lapho ‘inhliziyo yethu ithuthumela’ futhi sidinga isikhuthazo, isiqondiso, noma iseluleko esingokomBhalo kulabo ‘abafanelekela ukufundisa’ iZwi likaNkulunkulu. (IHubo 55:4; 1 Thimothewu 3:2) Ngesikhathi esifanayo, kudingeka sikhumbule ukuthi umdala angasinika isilinganiso esithile kuphela sesikhathi, ngoba akanakuyeka ukunaka izidingo zomkhaya wakhe noma zabanye ebandleni. Njengoba ‘sizwelana’ nalaba bazalwane abasebenza kanzima, ngeke sifune okuningi ngokweqile kubo. (1 Petru 3:8) Kunalokho, masazise isikhathi nokunaka abakwaziyo ukusinika kona ngokunengqondo.—Filipi 4:5.
17, 18. Yikuphi ukuzidela okwenziwa amakhosikazi amaningi anabayeni abangabadala, futhi singabonisa kanjani ukuthi asibathathi kalula lab’ odade abathembekile?
17 Kuthiwani ngamakhosikazi abadala? Ingabe wona awakufanelekeli ukuba siwacabangele? Ahlanganyela abayeni bawo nebandla. Ngokuvamile lokhu kudinga ukuba azidele. Ngezikhathi ezithile, abadala kumelwe banakekele izindaba zebandla ebusuku ngesikhathi abebengabe bahlezi nemikhaya yabo ngaso. Emabandleni amaningi abesifazane abathembekile abangamaKristu bazimisele ukuzidela ngaleyo ndlela ukuze abayeni babo bakwazi ukunakekela izimvu zikaJehova.—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 12:15.
18 Singabonisa kanjani ukuthi asibathathi kalula lab’ odade abathembekile abangamaKristu? Ngokuqinisekile ngokuba singabi abafuna okuningi ngokweqile kubayeni babo. Kodwa masingakhohlwa ukuthi anamandla kanjani amazwi alula okwazisa. IzAga 16:24 zithi: “Amazwi amahle anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.” Cabanga ngalokhu okuhlangenwe nakho. Ngemva komhlangano wamaKristu, umbhangqwana oshadile waya kumdala wafike wacela ukukhuluma naye ngendodana yawo esencane. Lapho lo mdala ekhuluma nalo mbhangqwana, umkakhe wayelinde ngesineke. Kamuva, unina womfana waya kumkamdala wafike wathi: “Ngifuna ukukubonga kakhulu ngesikhathi umyeni wakho azinike sona esiza umkhaya wami.” Lawo mazwi okwazisa alula namnandi ayithinta ngempela inhliziyo yalowo mkamdala.
19. (a) Njengeqembu, abadala bafeza miphi imigomo ngokwethembeka? (b) Yini okufanele sonke sizimisele ukuyenza?
19 Ilungiselelo lokuba abadala banakekele izimvu lingesinye ‘sezipho ezinhle’ zikaJehova. (Jakobe 1:17) Cha, la madoda awaphelele; ayawenza amaphutha, njengathi sonke. (1 AmaKhosi 8:46) Nokho, njengeqembu, abadala emabandleni emhlabeni wonke bayifeza ngokwethembeka imigomo uJehova ayebahlosele yona—ewukuba balungise, bakhe, bakhe ubunye futhi bavikele umhlambi. Kwangathi umdala ngamunye angazimisela ukuqhubeka enakekela izimvu zikaJehova ngesisa, kanjalo azibonakalise eyisipho, noma isibusiso, kubafowabo. Futhi kwangathi sonke singazimisela ukubonisa ukuthi siyazazisa lezi “zipho ezingabantu” ngokuzilalela nokuzithoba kuzo nangokubonisa ukuzicabangela ngenxa yokusebenza kwazo kanzima. Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uJehova uye walungiselela ngothando amadoda, empeleni athi ezimvwini zakhe: ‘Kuwumsebenzi wethu ukunisiza nikhonze uNkulunkulu ngenjabulo’!
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kungani ibandla lingase lifaniswe ngokufanelekayo nomzimba?
◻ Abadala bangabasiza kanjani abafowabo ukuba bakhonze uJehova ngenjabulo?
◻ Kungani kufanele singagcini ngokulalela kodwa futhi sizithobe kulabo abaholayo?
◻ Yiziphi izindlela esingabonisa ngazo ukuthi siyabazisa abadala?
[Isithombe ekhasini 16]
Badala, batuseni abanye ngemizamo yabo yomphefumulo wonke
[Isithombe ekhasini 17]
Ngesibonelo sabo sokushiseka enkonzweni, abadala bangasiza amalungu omkhaya nabanye ukuba bakhonze ngenjabulo
[Izithombe ekhasini 18]
Siyabazisa abadala bethu abazikhandlayo!