-
Ingabe Bewazi?INqabayokulinda—2010 | Agasti 1
-
-
▪ UPawulu wabhala: ‘UNkulunkulu usihola odwendweni lokunqoba kanye noKristu futhi wenza iphunga lolwazi ngaye lizwakale ngathi kuyo yonke indawo! Ngoba kuNkulunkulu siyiphunga likaKristu elimnandi phakathi kwalabo abasindiswayo naphakathi kwalabo ababhubhayo; kulaba ababhubhayo siyiphunga elivela ekufeni liyise ekufeni, kwabasindiswayo siyiphunga elivela ekuphileni liyise ekuphileni.’—2 Korinte 2:14-16.
-
-
Ingabe Bewazi?INqabayokulinda—2010 | Agasti 1
-
-
I-International Standard Bible Encyclopedia ithi isingathekiso esithi ‘iphunga likaKristu elimnandi’ elimelela ukuphila kwabathile nokufa kwabathile “cishe sisuselwa emkhubeni wamaRoma wokushisa impepho phakathi nodwendwe. Iphunga elalimelela ukunqoba kulabo abangabanqobi lalikhumbuza abathunjwa ukuthi cishe bazoyiswa kwagoqanyawo.”a
-