Okudingekayo Ngempela Ukuze Sijabule
UJEHOVA, ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ noJesu Kristu, ‘uMbusi Onamandla ojabulayo nowukuphela kwakhe,’ bazi kahle ukuthi yini edingekayo ukuze sijabule. (1 Thimothewu 1:11; 6:15) Ngakho, akumangalisi ukuthi isihluthulelo senjabulo sitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.—IsAmbulo 1:3; 22:7.
ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni edumile, uJesu uchaza lokho okudingekayo ukuze sijabule. Uthi: “Bayajabula” (1) abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, (2) abalilayo, (3) abanomoya omnene, (4) abalambele futhi bomele ukulunga, (5) abanesihe, (6) abahlanzekile enhliziyweni, (7) abanokuthula, (8) abashushiswa ngenxa yokulunga (9) nabahlanjalazwa futhi beshushiswa ngenxa yakhe.—Mathewu 5:3-11.a
Ingabe Amazwi KaJesu Ayiqiniso?
Ukuba yiqiniso kwamanye amazwi kaJesu akudingi nakuchazwa. Ubani ongaphika ukuthi umuntu onomoya omnene, onesihe nonokuthula oshukunyiswa inhliziyo ehlanzekile uyojabula kakhulu kunomuntu onolaka, oyisilwi nongenasihe?
Nokho, singazibuza ukuthi kungashiwo kanjani ukuthi abantu abalambele futhi bomele ukulunga noma abalilayo bayajabula. Abantu abanjalo banombono ongokoqobo wezimo zezwe. ‘Bayabubula futhi bayaquma ngenxa yazo zonke izinto ezinengekayo ezenziwa’ osukwini lwethu. (Hezekeli 9:4) Lokho ngokwako akubenzi bajabule. Nokho, lapho befunda ngenjongo kaNkulunkulu yokuletha ukulunga emhlabeni nobulungisa kulabo abacindezelwe, bachichima injabulo.—Isaya 11:4.
Uthando ngokulunga lubangela ukuba abantu balile ngenxa yokwehluleka kwabo kaningi ukwenza okuhle. Ngakho bayasiqaphela isidingo sabo esingokomoya. Abantu abanjalo bazimisele ukulalela isiqondiso esivela kuNkulunkulu ngoba bayaqaphela ukuthi nguye kuphela ongasiza abantu kuba banqobe ubuthakathaka babo.—IzAga 16:3, 9; 20:24.
Abantu abalilayo, abalambele futhi bomele ukulunga nabaqaphela isidingo sabo esingokomoya bayakwazi ukubaluleka kokuba nobuhlobo obuhle noMdali. Ubuhlobo obuhle nabanye abantu buletha injabulo, kodwa ikakhulu ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Yebo, abakuthanda ngempela okuhle nabazimisele ukwamukela isiqondiso sikaNkulunkulu, kungashiwo kufanele ukuthi bayajabula.
Nokho, ungakuthola kunzima ukukholelwa ukuthi umuntu oshushiswayo nohlanjalazwayo angajabula. Kodwa kumelwe kube yiqiniso, ngoba uJesu ngokwakhe washo njalo. Ngakho, kufanele aqondwe kanjani amazwi akhe?
Ukushushiswa Kodwa Ujabule—Kungenzeka Kanjani Lokho?
Qaphela ukuthi uJesu akashongo ukuthi ukuhlanjalazwa nokushushiswa ngokwako kuletha injabulo. Wathi: “Bayajabula abaye bashushiswa ngenxa yokulunga, . . . lapho abantu benihlambalaza, benishushisa . . . ngenxa yami.” (Mathewu 5:10, 11) Ngakho kuba nenjabulo kuphela uma umuntu ehlanjalazwa ngenxa yokuba ngumlandeli kaKristu nangenxa yokuphila ngezimiso zokulunga uJesu azifundisa.
Lokhu kubonakala kulokho okwenzeka kumaKristu okuqala. Amalungu eSanhedrini, inkantolo ephakeme yamaJuda, ‘abiza abaphostoli, ababhambabula, futhi abayala ukuba bayeke ukukhuluma ngesisekelo segama likaJesu, ase ebadedela.’ Benzenjani abaphostoli? “Ngakho-ke, laba basuka phambi kweSanhedrini bejabula, ngoba bebalwe njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama lakhe. Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.”—IzEnzo 5:40-42; 13:50-52.
Umphostoli uPetru wanezela okunye mayelana nokuxhumana phakathi kokuhlanjalazwa nenjabulo. Wabhala: “Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, niyajabula, ngoba umoya wenkazimulo, yebo, umoya kaNkulunkulu, uhlezi phezu kwenu.” (1 Petru 4:14) Yebo, ukuhlupheka komKristu ngenxa yokwenza okuhle, nakuba lokho kuhlupheka kungajabulisi, kuletha injabulo ebangelwa ukwazi ukuthi uthola umoya ongcwele kaNkulunkulu. Umoya kaNkulunkulu uhlobana kanjani nenjabulo?
Imisebenzi Yenyama Noma Izithelo Zomoya?
Umoya ongcwele kaNkulunkulu uhlala kuphela kulabo abalalela uNkulunkulu njengombusi. (IzEnzo 5:32) UJehova akabaniki umoya wakhe labo abenza “imisebenzi yenyama.” Leyo misebenzi “iwubufebe, ukungcola, ukuziphatha okubi, ukukhonza izithombe, umkhuba wokusebenzisa imimoya, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, amahlelo, umona, izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo, nezinto ezifana nalezi.” (Galathiya 5:19-21) Yiqiniso, “imisebenzi yenyama” ivame kakhulu kuleli zwe lanamuhla. Nokho, labo abayenzayo abayitholi injabulo yangempela nehlala njalo. Kunalokho, ukwenza lezo zinto konakalisa ubuhlobo obuhle umuntu anabo nezihlobo, abangane nalabo umuntu ajwayelene nabo. Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi labo “abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”
Okuphambene nalokho, uNkulunkulu ubanikeza umoya wakhe labo abahlakulela “izithelo zomoya.” Izimfanelo ezakha lesi sithelo “uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.” (Galathiya 5:22, 23) Uma sibonisa lezi zimfanelo, zisenza sikwazi ukuba nobuhlobo obunokuthula nabanye kanye noNkulunkulu, okubangela injabulo yeqiniso. (Bheka ibhokisi.) Okubaluleke nakakhulu, ngokubonisa uthando, umusa, ubuhle nezinye izimfanelo zikaNkulunkulu, sijabulisa uJehova futhi sibe nethemba elijabulisayo lokuphila phakade ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga.
Injabulo Uyazikhethela Yona
Lapho uWolfgang noBrigitte, umbhanqwana waseJalimane, beqala ukufunda iBhayibheli ngokuzimisela, babenezinto eziningi ezibonakalayo lezo abantu abanomuzwa wokuthi ziyadingeka ukuze sijabule. Babesebasha futhi beyimiqemane. Babegqoka izingubo ezibizayo, behlala emzini ohlotshiswe kahle futhi benebhizinisi elichumayo. Babechitha isikhathi esiningi bephishekela izinto ezibonakalayo ezengeziwe, kodwa lokho akuzange kubalethele injabulo yangempela. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi uWolfgang noBrigitte benza isinqumo esibalulekile. Baqala ukuchitha isikhathi esengeziwe nokwenza umzamo othé xaxa ekuphishekeleni izinto ezingokomoya futhi bafuna izindlela zokusondela kakhudlwana kuJehova. Ngokushesha lesi sinqumo sabo sababangela ukuba bashintshe isimo sabo sengqondo, naso esabashukumisela ukuba benze ukuphila kwabo kube lula futhi baba amaphayona, noma abashumayeli boMbuso besikhathi esigcwele. Namuhla, bayizisebenzi zokuzithandela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eJalimane. Ngaphezu kwalokho, bafunda ulimi lwase-Asia ukuze basize abezinye izizwe ukuba bafunde iqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli.
Ingabe lo mbhanqwana wayithola injabulo yeqiniso? UWolfgang uthi: “Selokhu saqala ukuphishekela izinto ezingokomoya, siye sathola injabulo nokwaneliseka okuthé xaxa. Ukukhonza uJehova ngomphefumulo wonke kuye kwaqinisa nomshado wethu. Sasinomshado ojabulisayo ngaphambili, kodwa sasinezibopho nezithakazelo ezazisihlukanisa. Manje ngobunye siphishekela umgomo owodwa.”
Yini Edingekayo Ukuze Sijabule?
Ngamafuphi: Gwema “imisebenzi yenyama,” uhlakulele “izithelo zomoya [kaNkulunkulu].” Ukuze umuntu ajabule, kudingeka afise ukuba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu. Umuntu olwela ukufinyelela lokhu uyofanelana kahle nencazelo kaJesu yomuntu ojabulayo.
Ngakho-ke, ungalenzi iphutha uphethe ngokuthi ukufinyelela injabulo kungaphezu kwamandla akho. Yiqiniso, kungenzeka ukuthi manje awusiwo umqemane noma unezinkinga emshadweni wakho. Mhlawumbe isikhathi sokuba umzali sesidlulile, noma uzama ukuthola umsebenzi omuhle. Mhlawumbe usunemali encane kunaleyo owawunayo ngaphambili. Noma kunjalo, yima isibindi; asikho isizathu sokuphelelwa yithemba! Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kuzozixazulula lezi zinkinga nezinye eziningi. Ngempela, ngokushesha uJehova uNkulunkulu uyofeza isithembiso sakhe esashiwo umhubi: “Ubukhosi bakho buwubukhosi kuze kube nini nanini . . . Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.” (IHubo 145:13, 16) Njengoba izigidi zezinceku zikaJehova emhlabeni wonke zingakufakazela, ukuhlala ukhumbula lesi sithembiso sikaJehova namuhla kuyoba nomthelela omkhulu enjabulweni yakho.—IsAmbulo 21:3.
[Umbhalo waphansi]
a Ngayinye yalezi zinjabulo eziyisishiyagalolunye yethulwa ngegama lesiGreki elithi ma·kaʹri·oi. Kunokuba ihumushe leli gama ngokuthi “babusisiwe,” njengoba ezinye izinguqulo zenza, INguqulo Yezwe Elisha nezinye izinguqulo, njenge-Jerusalem Bible ne-Today’s English Version, zisebenzisa igama elinembile elithi “bayajabula.”
[Ibhokisi ekhasini 6]
Izici Ezibangela Injabulo
Uthando lushukumisela abanye ukuba nabo bakuthande.
Injabulo ikunika amandla okubhekana nezinselele.
Ukuthula kukusiza ukuba ugcine ubuhlobo bakho nabanye bungenazo izingxabano.
Ukubekezela kukwenza ukuba uhlale ujabule ngisho nalapho ubhekene nokulingwa.
Umusa wenza abanye bafune ukuba ube umngane wabo.
Ubuhle obenzela abanye benza ukuba abanye bakusize lapho udinga usizo.
Ukholo luyokuqinisekisa ngesiqondiso sikaNkulunkulu sothando.
Ubumnene buyokwenza ube nokuzola kwenhliziyo, kwengqondo nokomzimba.
Ukuzithiba kusho ukuthi amaphutha akho ayoba mbalwa.
[Izithombe ekhasini 7]
Ukuze uthole injabulo, kudingeka wanelise isidingo sakho esingokomoya