Nakuba Wenziwe Ngothuli, Phokophela Phambili!
“Uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.”—IHUBO 103:14.
1. Ingabe iBhayibheli linembile ngokwesayensi uma lithi abantu benziwe ngothuli? Chaza.
NGENDLELA engokoqobo, siluthuli. “UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu [ngothuli lomhlabathi, NW], waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba-kanjalo umphefumulo ophilayo.” (Genesise 2:7) Lendlela elula, echaza ukudalwa komuntu iyavumelana neqiniso elingokwesayensi. Zonke izakhi umzimba womuntu owakhiwe ngazo zitholakala ‘othulini lomhlabathi.’ Usokhemisi othile wake wathi umzimba womuntu omdala unomoya-mpilo ongamaphesenti angu-65, i-carbon engamaphesenti angu-18, i-hydrogen engamaphesenti ayishumi, i-nitrogen engamaphesenti amathathu, i-calcium eyiphesenti elilodwa nengxenye, ne-phosphorus eyiphesenti elilodwa, bese kuthi ingxenye esele yenziwe ezinye izakhi. Ukuthi lezizilinganiso zinembe ngokuphelele yini akubalulekile. Iqiniso liwukuthi: “Siluthuli”!
2. Indlela uNkulunkulu adale ngayo abantu ikwenza usabele kanjani, futhi ngani?
2 Ubani, ngaphandle kukaJehova, obengadala izidalwa eziyinkimbinkimbi kanjalo ngothuli nje kuphela? Imisebenzi kaNkulunkulu iphelele futhi ayinasici, ngakho ukukhetha kwakhe ukudala umuntu ngalendlela ngokuqinisekile akunakusolwa. Ngempela, ukuthi uMdali Omuhle wakwazi ukudala umuntu ngothuli lomhlaba ngendlela esabekayo nemangalisayo kwandisa ukwazisa kwethu amandla, ikhono, nokuhlakanipha kwaKhe okungalinganiselwe.—Duteronomi 32:4, umbhalo waphansi we-NW; IHubo 139:14.
Ukushintsha Kwezimo
3, 4. (a) Yini uNkulunkulu ayengayihlosile lapho edala umuntu ngothuli? (b) KuyiHubo 103:14 yini uDavide ayebhekisela kuyo, futhi umongo usisiza kanjani ukuba sifinyelele lesisiphetho?
3 Izidalwa zothuli zinokulinganiselwa. Nokho, uNkulunkulu akakaze ahlose ukuba lokhu kube umthwalo noma okuvimbela ngokweqile. Kwakungahloselwe ukuba kubangele ukudumazeka noma kuphumele ekungabini nanjabulo. Nakuba kunjalo, njengoba umongo wamazwi kaDavide akumaHubo 103:14 ubonisa, ukulinganiselwa abantu abanakho kungakubangela ukudumazeka futhi kuphumele ekungabini nanjabulo. Ngani? Lapho u-Adamu no-Eva bengamlaleli uNkulunkulu, balethela umkhaya wabo wesikhathi esizayo isimo esishintshile. Khona-ke, ukuba abenziwe ngothuli kwathatha isimo esisha.a
4 UDavide wayengakhulumi ngokulinganiselwa okungokwemvelo lokho ngisho nabantu abaphelele abenziwe ngothuli ababeyoba nakho, kodwa wayekhuluma ngokushiyeka kwabantu okubangelwa ukungapheleli okuzuzwe ngefa. Kungenjalo, wayengenakukusho lokhu ngoJehova: “Yena othethelela zonke izono zakho, owelapha zonke izifo zakho; okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni, [ongasiphathi] njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.” (IHubo 103:2-4, 10) Naphezu kokuba benziwe ngothuli, ukube abantu abaphelele bahlala bethembekile, babengeke bawenze amaphutha, bone, kangangokuba badinge ukuthethelelwa; futhi babengeke babe nezifo ezidinga ukwelashwa. Ngaphezu kwakho konke, babengasoze neze behlele egodini lokufa lapho babengase babuyiswe khona ngovuko kuphela.
5 .Kungani kulula ukuba siqonde amazwi kaDavide?
5 Njengoba singaphelele, sonke siye sahlangabezana nezinto uDavide akhuluma ngazo. Siyakuqaphela njalo ukulinganiselwa kwethu ngenxa yokungapheleli. Siyadumala ngezinye izikhathi lapho kubonakala konakalisa ubuhlobo bethu noJehova noma nabafowethu abangamaKristu. Siyadabuka ngokuthi ukungapheleli kwethu nokucindezela kwezwe likaSathane ngezinye izikhathi kubangela ukuba sidangale. Njengoba ukubusa kukaSathane kusondela ngokushesha esiphelweni sakho, izwe lakhe liletha ukucindezela okukhulu kunanini kubantu bebonke futhi ikakhulukazi kumaKristu.—IsAmbulo 12:12.
6 .Kungani amanye amaKristu engase azizwe edumazekile, futhi uSathane angasizakala kanjani ngokuzizwa kwethu ngalendlela?
6 Ingabe unomuzwa wokuthi ukuphila ukuphila kobuKristu kuya kuba nzima ngokwengeziwe? Amanye amaKristu aye ezwakala ephawula ukuthi lapho ehlala isikhathi eside eqinisweni yilapho ebonakala eba angaphelele ngokwengeziwe. Nokho, cishe, kumane nje kuwukuthi sebeye bakuqaphela kakhulu ukungapheleli kwabo siqu nokuhluleka kwabo ukwenza ngokuvumelana nezindinganiso zikaJehova eziphelele ngendlela abebengathanda ngayo. Nokho, eqinisweni cishe lona umphumela ovamile wokuqhubeka ekhula olwazini nasekwaziseni izimfuneko zikaJehova zokulunga. Kubalulekile ukuba singakuvumeli ukuqaphela okunjalo kusidumaze kuze kube sezingeni lapho uDeveli esizakala khona ngathi. Emakhulwini amaningi eminyaka uye wazama ngokuphindaphindiwe ukusebenzisa ukudumazeka ukuze abangele izinceku zikaJehova ukuba zishiye ukukhulekela kweqiniso. Nakuba kunjalo, uthando lwangempela ngoNkulunkulu, kanye ‘nenzondo ephelele’ ngoDeveli, kuye kwavimbela eziningi zazo ekwenzeni kanjalo.—IHubo 139:21, 22; IzAga 27:11.
7. Kukusiphi isici ngezinye izikhathi esingafana noJobe kuso?
7 Nakuba kunjalo, ngezinye izikhathi izinceku zikaJehova zingase zizizwe zidumele. Esinye isizathu kungaba ukunganeliseki ngalokho esikufezile. Kungase kuhileleke izici ezingokomzimba noma ukungezwani namalungu omkhaya, abangane, noma esisebenza nabo. UJobe othembekile wadumala kakhulu kangangokuba wanxusa uNkulunkulu: “Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.” Manje-ke, uma izimo ezinzima zazingabangela uJobe, “umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi,” ukuba abe nezikhathi zokudumazeka, akumangalisi ukuthi into efanayo ingenzeka nakithi.—Jobe 1:8, 13-19; 2:7-9, 11-13; 14:13.
8. Kungani ukudumazeka okwenzeka ngezikhathi ezithile kungase kube uphawu oluhle?
8 Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova ubheka ngaphakathi ezinhliziyweni futhi akazishayi indiva izisusa ezinhle! Akasoze abalahla labo abazama ngabo bonke ubuqotho ukumjabulisa. Eqinisweni, ukudumazeka okwenzeka ngezikhathi ezithile kungase kube uphawu oluhle, olubonisa ukuthi inkonzo yethu esiyenzela uJehova asiyithathi kalula. Uma sikubheka ngalendlela, umuntu ongalwisani nokudumazeka angase angabi oqaphela ubuthakathaka bakhe ngokomoya njengoba abanye benza. Khumbula: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.”—1 Korinte 10:12; 1 Samuweli 16:7; 1 AmaKhosi 8:39; 1 IziKronike 28:9.
Nabo Babenziwe Ngothuli
9, 10. (a) Ukholo lukabani amaKristu enza kahle ukululingisa? (b) UMose wasabela kanjani esabelweni sakhe?
9 AmaHeberu isahluko 11 anikeza uhlu lofakazi bakaJehova bangaphambi kwenkathi yobuKristu ababonisa ukholo oluqinile. AmaKristu ekhulu lokuqala nalawo ezikhathi zanamuhla aye enza ngendlela efanayo. Izifundo okumelwe zifundwe kuwo zibaluleke kakhulu. (Qhathanisa namaHeberu 13:7.) Ngokwesibonelo, ukholo lukabani amaKristu angalulingisa kangcono kunolukaMose? Wabizwa ukuba amemezele izigijimi zesahlulelo kumbusi wezwe onamandla kakhulu wosuku lwakhe, uFaro waseGibithe. Namuhla, oFakazi BakaJehova kumelwe bamemezele izigijimi ezifanayo zesahlulelo ngokumelene nenkolo yamanga nezinye izinhlangano ezimelene noMbuso kaKristu omisiwe.—IsAmbulo 16:1-15.
10 Ukufeza lokhu kuthunywa akusona isabelo esilula, njengoba uMose abonisa. “Ngingubani mina ukuba ngiye kuFaro, ngikhiphe eGibithe abantwana bakwaIsrayeli na?” ebuza. Singayiqonda imizwa yakhe yokungafaneleki. Wayekhathazeke nangendlela ama-Israyeli akanye naye ayeyosabela ngayo: “Bheka, abayikukholwa yimi bangalaleli izwi lami.” Khona-ke uJehova wamchazela indlela ayengafakazela ngayo ukugunyazwa kwakhe, kodwa uMose wayenenye inkinga. Wathi: “Nkosi, angizange ngibe-ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima.”—Eksodusi 3:11; 4:1, 10.
11. NjengoMose, singasabela kanjani ezibophweni ezingokwasezulwini, kodwa ngokubonisa ukholo, yini esingaqiniseka ngayo?
11 Ngezinye izikhathi, singase sizizwe ngendlela uMose azizwa ngayo. Nakuba siziqaphela izibopho zethu ezingokwasezulwini, singase singabaze indlela esingazifeza ngayo. ‘Ngingubani mina ukuba ngiye kubantu, abanye abangabesigaba esiphakeme sezenhlalo, ezomnotho, noma ezemfundo, futhi ngiqunge isibindi ngibafundise ngezindlela zikaNkulunkulu? Abafowethu abangokomoya bayosabela kanjani lapho ngiphendula emihlanganweni yobuKristu noma nginikeza izinkulumo esiteji eSikoleni Senkonzo EsingokwaseZulwini? Ngeke yini babone ukungafaneleki kwami?’ Kodwa khumbula, uJehova wayenoMose futhi wamhlomisela inkonzo yakhe ngoba uMose wabonisa ukholo. (Eksodusi 3:12; 4:2-5, 11, 12) Uma silingisa ukholo lukaMose, uJehova uyoba nathi futhi asihlomisele umsebenzi wethu ngokufanayo.
12. Ukholo lukaDavide lungasikhuthaza kanjani lapho sibhekene nokudumazeka ngenxa yezono noma ukushiyeka?
12 Noma ubani ozizwa ekhungathekile noma edumele ngenxa yezono noma ukushiyeka ngokuqinisekile angazibeka esimweni sikaDavide lapho ethi: “Ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.” Encenga uJehova, uDavide wathi futhi: “Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi.” Nokho, akazange neze avumele ukudumazeka kumephuce isifiso sakhe sokukhonza uJehova. “Ungangilahli ebusweni bakho, ungangamuki uMoya wakho oNgcwele.” Ngokusobala uDavide ‘wayeluthuli,’ kodwa uJehova akazange amshiye, ngenxa yokuthi uDavide wayenokholo esithembisweni sikaJehova sokuthi wayengenakuyeya “inhliziyo eyaphukileyo nedabukileyo.”—IHubo 38:1-9; 51:3, 9, 11, 17.
13, 14. (a) Kungani kungafanele sibe abalandeli babantu? (b) Izibonelo zikaPawulu noPetru zibonisa kanjani ukuthi ngisho nabo babenziwe ngothuli?
13 Nokho, phawula ukuthi nakuba kumelwe sibheke ‘lelifu elikhulu kangaka lawofakazi’ njengesikhuthazo ‘sokugijima ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo,’ asitshelwa ukuba sibe abalandeli balo. Sitshelwa ukuba silandele izinyathelo ‘zikaJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu,’ hhayi abantu abangaphelele—ngisho nabaphostoli abathembekile bekhulu lokuqala.—Heberu 12:1, 2; 1 Petru 2:21.
14 Abaphostoli uPawulu noPetru, izinsika ebandleni lobuKristu, bakhubeka ngezinye izikhathi. “Okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza,” kubhala uPawulu. “Wo mina-muntu wosizi.” (Roma 7:19, 24) Futhi uPetru ngesikhathi ezethemba ngokweqile watshela uJesu: “Noma bonke beyakukhubeka ngawe, mina angisoze ngakhubeka.” Lapho uJesu exwayisa uPetru ngokuthi wayeyomphika izikhathi ezintathu, uPetru egabadela wayiphikisa iNkosi yakhe, eqhosha: “Noma ngingaze ngife nawe, angisoze ngakuphika.” Kodwa wamphika uJesu, okuyiphutha elamenza wakhala kalusizi. Yebo, uPawulu noPetru babenziwe ngothuli.—Mathewu 26:33-35.
15. Naphezu kweqiniso lokuthi senziwe ngothuli, yini esishukumisela ukuba siphokophele phambili?
15 Nokho, naphezu kobuthakathaka babo, uMose, uDavide, uPawulu, uPetru, nabanye abafana nabo banqoba. Ngani? Ngenxa yokuthi babonisa ukholo oluqinile kuJehova, bamethemba ngokuphelele, futhi banamathela kuye naphezu kwezithiyo. Bamethemba ukuthi wayezobanika ‘amandla angaphezu kwavamile.’ Futhi wabanika amandla, engavumeli neze ukuba bawe bangabe besavuka. Uma siqhubeka sibonisa ukholo, singaqiniseka ukuthi lapho sinikezwa isahlulelo, siyovumelana nalamazwi: “UNkulunkulu kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe.” Yeka ukuthi lokhu kusishukumisa kanjani ukuba siphokophele phambili naphezu kweqiniso lokuthi senziwe ngothuli!—2 Korinte 4:7; Heberu 6:10.
Kusho Ukuthini Kithi Ngabanye Ukuba Owenziwe Ngothuli?
16, 17. Lapho kuziwa ekwahluleleni, uJehova usisebenzisa kanjani isimiso esichazwe kweyabaseGalathiya 6:4?
16 Okuhlangenwe nakho kufundise abazali nothisha abaningi ukuhlakanipha kokwahlulela izingane noma abafundi ngokwekhono lomuntu ngamunye, hhayi ngesisekelo sokubaqhathanisa nabelamana nabo noma abafunda nabo. Lokhu kuvumelana nesimiso seBhayibheli amaKristu atshelwe ukuba asilandele: “Makube-yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, yikhona eyakuba-nokubongwa ngokungokwakhe yedwa, kungengokomunye.”—Galathiya 6:4.
17 Nakuba uJehova esebenzelana nabantu bakhe njengeqembu elihleliwe, ngokuvumelana nalesisimiso, ubahlulela njengabantu ngabanye. EyabaseRoma 14:12 ithi: “Yilowo nalowo phakathi kwethu uyakuziphendulela kuNkulunkulu.” UJehova ukwazi kahle ukwakheka okungokofuzo kwenceku yakhe ngayinye. Uyakwazi ukwakheka kwayo okungokomzimba nokungokwengqondo, amakhono ayo, amandla nobuthakathaka bayo okuzuzwe njengefa, amathuba enawo, kanye nezinga ewasebenzisa ngalo lamathuba ngokunenzuzo ukuze iveze izithelo zobuKristu. Amazwi kaJesu aphathelene nomfelokazi owafaka izinhlamvu ezimbili ezincane emphongolweni wethempeli nomfanekiso wakhe wembewu etshalwe enhlabathini enhle yizibonelo ezikhuthazayo kumaKristu angase azizwe ecindezelekile ngenxa yokuziqhathanisa nabanye ngokungahlakaniphile.—Marku 4:20; 12:42-44.
18. (a) Kungani kufanele sithole ukuthi kusho ukuthini kithi ngabanye ukuba owenziwe ngothuli? (b) Kungani ukuzihlola ngobuqotho kungafanele kusenze siphelelwe ithemba?
18 Kithi ngabanye, kubalulekile ukuba sithole ukuthi kusho ukuthini ukuba owenziwe ngothuli ukuze sikhonze ngawo wonke amandla ethu. (IzAga 10:4; 12:24; 18:9; Roma 12:1) Kungokuqaphela ngokujulile ukushiyeka nobuthakathaka bethu siqu kuphela lapho singahlale sisiphaphamele khona isidingo namathuba okwenza intuthuko. Lapho sizihlola, masingalokothi neze siwabukele phansi amandla omoya ongcwele ekusisizeni ukuba sithuthuke. Ngawo, kwadalwa indawo yonke, kwalotshwa iBhayibheli, futhi, phakathi nezwe elifayo, kuye kwazalwa umphakathi wezwe elisha elinokuthula. Ngakho umoya ongcwele kaNkulunkulu ngokuqinisekile unamandla ngokwanele ukunikeza labo abawucelayo ukuhlakanipha namandla adingekayo ukuze bagcine ubuqotho.—Mika 3:8; Roma 15:13; Efesu 3:16.
19. Ukuba kwethu abenziwe ngothuli akuzona izaba zani?
19 Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova uyakhumbula ukuthi siluthuli! Nokho, akufanele neze sicabange ukuthi lokhu kuyizaba ezamukelekayo zokuyekethisa noma mhlawumbe zokwenza ngisho nokungalungile. Lutho neze! Ukuthi uJehova uyakhumbula ukuthi siluthuli kuwukubonakaliswa komusa wakhe ongafanelwe. Kodwa asifuni ukuba abantu “abangamesabi uNkulunkulu, [abaphendukezela] umusa kaNkulunkulu wethu ube-ngamanyala, bephika uMbusi oyedwa neNkosi yethu uJesu Kristu.” (Juda 4) Ukuba abenziwe ngothuli akuzona izaba zokuba abangamesabi uNkulunkulu. UmKristu wenza umzamo wokulwa nokuthambekela okungalungile, etuba umzimba wakhe futhi ewuphatha njengesigqila, ukuze agweme ‘ukudabukisa umoya ongcwele kaNkulunkulu.’—Efesu 4:30; 1 Korinte 9:27.
20. (a) Kukuziphi izici ezimbili lapho ‘sinokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi’? (b) Kungani sinesizathu sokulindela okuhle?
20 Manje, phakathi neminyaka yokugcina yesimiso sezwe likaSathane, akusona isikhathi sokuyekethisa—ekushumayeleni ngoMbuso nasekuhlakuleleni ngokugcwele izithelo zomoya kaNkulunkulu. Kuzo zombili lezizici ‘sinokuningi kakhulu esingakwenza.’ Manje isikhathi sokuphokophela phambili ngoba siyazi ukuthi ‘ukusebenza kwethu akusilo ize.’ (1 Korinte 15:58, qhathanisa ne-NW.) UJehova uyosisekela, ngoba uDavide wathi ngaye: “Akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.” (IHubo 55:22) Yeka injabulo okuyiyo ukwazi ukuthi uJehova uvumela thina ngabanye ukuba sihlanganyele emsebenzini omkhulu kunayo yonke izidalwa ezingabantu abangaphelele ezake zabelwa ukuba ziyenze—naphezu kokuba kwethu abenziwe ngothuli!
[Umbhalo waphansi]
a Incwadi ehlaziya iBhayibheli i-Herders Bibelkommentar, lapho ikhulumela iHubo 103:14, iyaphawula: “Wazi kahle kamhlophe ukuthi wadala abantu ngothuli lomhlabathi, futhi uyabazi ubuthakathaka nokuthi ukuphila kwabo akuhlali isikhathi eside, okubasindayo kusukela esonweni sokuqala.”—Omalukeke sizenzele.
Ungachaza?
◻ Umbhalo kaGenesise 2:7 noweHubo 103:14 ihluke kanjani ekubhekiseleni kubantu njengabenziwe ngothuli?
◻ Kungani amaHeberu isahluko 11 ewumthombo wesikhuthazo kumaKristu namuhla?
◻ Kungani kufanele sisebenzise isimiso esivezwe kweyabaseGalathiya 6:4?
◻ Umbhalo wamaHeberu 6:10 neyoku 1 Korinte 15:58 ingasisiza kanjani ukuba sigweme ukudumazeka?
[Izithombe ekhasini 10]
AmaKristu alingisa ukholo lwabakhulekeli abakanye nawo, kodwa alandela uMphelelisi wokholo lwawo, uJesu