Intsha Iyabuza. . .
Ngingalenza Kanjani Iqiniso Libe Elami?
“Ngakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova, futhi bengilokhu nginomuzwa wokuthi uma ukhuliswe ngaleyo ndlela, umazi ngempela uJehova. Yeka ukuthi nganginephutha kangakanani!”—Antoinette.
“LIYINI iqiniso?” UPontiyu Pilatu, indoda eyanikela uJesu ukuba abulawe, wabuza lowo mbuzo odumile. (Johane 18:38) Nokho, kusobala ukuthi ngalo mbuzo ogconayo uPilatu wayehlose ukunqamula—hhayi ukuqala—ingxoxo ekhululekile. Wayengenaso ngempela isithakazelo ‘eqinisweni.’ Kodwa kuthiwani ngawe? Ingabe unesithakazelo eqinisweni?
Sekungamakhulu eminyaka izazi zefilosofi zicabanga ukuthi liyini iqiniso, kodwa zahlangabezana nemiphumela edumazayo yemizamo yazo. Nokho, ungayithola impendulo yombuzo kaPilatu. UJesu Kristu wafundisa ukuthi iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso. Wazibiza nangokuthi ‘uyiqiniso.’ Futhi umphostoli uJohane wabhala: ‘Iqiniso laba khona ngoJesu Kristu.’ (Johane 1:17; 14:6; 17:17) Yonke indikimba yezimfundiso zobuKristu, kamuva eyaba ingxenye yeBhayibheli, nayo ibizwa ngokuthi “iqiniso” noma ‘iqiniso lezindaba ezinhle.’ (Thithu 1:14; Galathiya 2:14; 2 Johane 1, 2) Lezi zimfundiso zobuKristu zihlanganisa izinto ezinjengegama likaNkulunkulu, ukumiswa koMbuso kaNkulunkulu, uvuko nesihlengo sikaJesu.—IHubo 83:18; Mathewu 6:9, 10; 20:28; Johane 5:28, 29.
Intsha eyizinkulungwane iye yafundiswa iqiniso leBhayibheli abazali abangamaKristu. Kodwa ingabe lokhu kusho ukuthi abanjalo ‘bahamba eqinisweni’? (3 Johane 3, 4) Cha. Ngokwesibonelo, uJennifer oneminyaka engu-20 ubudala wakhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova. Uyakhumbula: “Ngangihamba nomama siye emihlanganweni yoFakazi futhi wasikisela ukuthi kufanele ngicabange ngobhapathizo. Kodwa ngacabanga, ‘Angifuni neze ukuba uFakazi. Ngifuna ukuzijabulisa nje kuphela!’”
Enye intsha iyakukholelwa lokho eye yakufundiswa, kodwa ayikuqondi ngokujulile lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela. Iyini ingozi? UJesu waxwayisa ngokuthi abanye abantu “abanampande phakathi kwabo.” Abanjalo “bayaqhubeka isikhathi esithile; khona-ke ngokushesha lapho usizi noma ukushushiswa kuvela ngenxa yezwi, bayakhubeka.” (Marku 4:17) Abanye bayakwazi ukuchaza izinkolelo zabo ezisekelwe eBhayibhelini ngezinga elithile, kodwa abamazi uNkulunkulu ngokomuntu siqu. Owesifazane osemusha okuthiwa u-Aneesa uthi: “Ngicabanga ukuthi ngangingenabo ubuhlobo bangempela noJehova lapho ngisakhula . . . Ngicabanga ukuthi ngokuyisisekelo ngangincike ebuhlotsheni babazali bami naye.”
Umi kuphi wena kule ndaba? Ingabe uJehova umane nje unguNkulunkulu wabazali bakho? Noma, njengomhubi waseBhayibhelini, ungasho ukuthi: “Ngithemba wena-Jehova; ngithi: UnguNkulunkulu wami”? (IHubo 31:14) Kudinga isibindi ukubhekana namaqiniso. Insizwa okuthiwa u-Alexander ithi: “Kimina, ukuzihlola ngobuqotho kwakuyisinyathelo sokuqala.” Ngemva kokuzihlola, ungase uqaphele ukuthi awuzange ngempela uzihlolele mathupha iqiniso (yonke indikimba yezimfundiso zobuKristu). Ungase untule ukuqiniseka, futhi ukuphila kwakho kungase kubonakale kungenanjongo, ungazazi ukuthi uyaphi.
Emihlanganweni yabo yobuKristu, oFakazi BakaJehova bavame ukuhlabelela ingoma ethi “Yenza Iqiniso Libe Ngelakho.”a Mhlawumbe leso seluleko sikufanele. Kodwa ungakwenza kanjani lokho? Ungaqalaphi?
Zihlolele Mathupha
KweyabaseRoma 12:2, sithola iseluleko somphostoli uPawulu: “Nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” Ungakwenza kanjani lokho ngempela? Ngokuthola ‘ulwazi olunembile lweqiniso.’ (Thithu 1:1) Izakhamuzi zasendulo zasemzini waseBereya azizamukelanga ngaphandle kokuziphenyisisa izinto ezazizwa. Ngokuphambene, “[zahlola] ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezizinto [ezazifunda].”—IzEnzo 17:11.
Osemusha ongumKristu okuthiwa u-Erin wasibona isidingo sokuba naye enze okufanayo. Uyakhumbula: “Ngacwaninga. Ngazibuza, ‘Ngazi kanjani ukuthi lena inkolo yeqiniso? Ngazi kanjani ukuthi kunoNkulunkulu ogama lakhe linguJehova?’” Kungani ungaqali isimiso sakho sesifundo somuntu siqu? Ungase uqale ngencwadi esekelwe eBhayibhelini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.b Yifunde ngokucophelela. Funda yonke imiBhalo ekhonjiwe bese ubheka ukuthi ihlangana kanjani nendaba okukhulunywa ngayo. Ungase umangale uma uthola ukuthi uzizwa ngendlela ehluke kangakanani ngeqiniso lapho uba “isisebenzi okungekho lutho esingaba namahloni ngakho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele”!—2 Thimothewu 2:15.
Umphostoli uPetru wathi eBhayibhelini kunezinto “okunzima ukuziqonda,” futhi uyokuthola kuyiqiniso lokhu. (2 Petru 3:16) Kodwa umoya kaNkulunkulu ungakusiza ukuba uqonde ngisho nezindaba ezinzima. (1 Korinte 2:11, 12) Thandazela usizo lukaNkulunkulu uma kukhona okuthile ongakuqondi. (IHubo 119:10, 11, 27) Zama ukucwaninga okwengeziwe ezincwadini ze-Watch Tower Society. Uma ungaqiniseki ukuthi ungakwenza kanjani lokho, cela usizo. Abazali bakho noma amanye amalungu avuthiwe ebandla lobuKristu angakusiza.
Khumbula, awufundeli ukuhlaba abanye umxhwele ngolwazi onalo. Osemusha okuthiwa uCollin uyachaza: “Uzokwazi izimfanelo zikaJehova.” Zinike isikhathi sokuzindla ngalokho okufundayo ukuze kugxile enhliziyweni yakho.—IHubo 1:2, 3.
Ukuzihlanganisa nebandla emihlanganweni yobuKristu nakho kungakusiza. Phela, njengoba umphostoli uPawulu abhala, ibandla ‘liyinsika nozime lweqiniso.’ (1 Thimothewu 3:15) Enye intsha ikhononda ngokuthi imihlangano yamaKristu ibangela isithukuthezi. UCollin osemusha uyasikhumbuza: “Kodwa uma ungayilungiseleli imihlangano, khona-ke ngeke uzuze lutho kuyo.” Ngakho lungiselela kusengaphambili. Imihlangano ithakazelisa kakhulu uma uhlanganyela kuyo—ungesona nje isibukeli.
Umatasa Kakhulu Ukuthi Ungatadisha?
Yiqiniso, njengoba unomsebenzi omningi wesikole nemisebenzi yasekhaya, kungase kube yinselele ukuthola isikhathi sokutadisha. Osemusha okuthiwa uSusan uyabhala: “Iminyaka eminingi ngangikhathazwa ukwazi ukuthi kufanele ngilungiselele imihlangano futhi ngibe nesifundo somuntu siqu, kodwa ngangihluleka ukwenza kanjalo.”
USusan wafunda ‘ukuzithengisisela ithuba’ emisebenzini engabalulekile. (Efesu 5:15, 16) Okokuqala, wenza uhlu lwazo zonke izinto okwakumelwe azifunde. Khona-ke, wahlela isikhathi sokuzifunda. Kodwa wafaka nesikhathi sokuzijabulisa ohlelweni lwakhe. Uyeluleka: “Ungahleli ukwenza okuthile ngaso sonke isikhathi sakho. Sonke siyasidinga isikhathi sokuphumula.” Mhlawumbe nawe kuyokusiza ukuba nesimiso.
Kuhlanganyele Nabanye Lokho Okufundayo
Ukusebenzisa lokho okufundayo kuwusizo kakhulu ekukwenzeni okwakho. Zama ukufundisa omunye umuntu. Umhubi wathi: “Umlomo wami uzakukhuluma ukuhlakanipha, ukuzindla kwenhliziyo yami kuzakuba-ngokokuqonda.”—IHubo 49:3.
Uma ungenamahloni ngezindaba ezinhle, ngeke ube madolonzima ukuzihlanganyela nofunda nabo kanye nabanye ongase uhlangane nabo. (Roma 1:16) Ngokusebenzisa amathuba anjalo okukhuluma nabanye ngeqiniso, uyobe usebenzisa okufundayo; futhi ngaleyo ndlela uyogxilisa iqiniso engqondweni nasenhliziyweni yakho.
Qaphela Abantu Ozihlanganisa Nabo
Amanye amaKristu ekhulwini lokuqala athuthuka kahle ngokomoya. Kodwa ngokushesha umphostoli uPawulu kwadingeka awabhalele, ebuza: “Ubani onithiyile ukuba ningaqhubeki nilalela iqiniso?” (Galathiya 5:7) Kwenzeka okufanayo kosemusha okuthiwa u-Alex. Uyavuma ukuthi imizamo yakhe yokufunda iZwi likaNkulunkulu yayibhuntshiswa “ukujwayelana nabangane ababi.” Ukuze uthuthuke ngokomoya, nawe kungase kudingeke wenze izinguquko kule ndaba.
Ngakolunye uhlangothi, abangane abahle bangakusiza ngempela ukuba uthuthuke. IzAga 27:17 zithi: “Insimbi ilola insimbi, nomuntu ubuso bomunye.” Thola izibonelo ezinhle zokulandelwa—abantu abasebenzisa iqiniso ekuphileni kwabo. Kungase kungadingeki ukuthi uphumele ngaphandle kwasekhaya kini. UJennifer osemusha uyakhumbula: “Umkhulu wayeyisibonelo esihle kakhulu kimi. Njalo wayechitha amahora amathathu elungiselela isifundo seBhayibheli sebandla sangeSonto. Wayehlola yonke imiBhalo yaleso sifundo emaBhayibhelini ahlukahlukene abese ebheka amagama esichazamazwini sakhe. Wayewazi kahle amaqiniso anzima eBhayibheli. Wawungambuza noma yini, futhi wayeyithola impendulo.”
Uma wenza iqiniso libe elakho, uthola impahla eyigugu—ongeke nanini uphane ngayo. Ngakho ungalokothi ubheke iqiniso ‘njengenkolo nje yabazali bakho.’ Kufanele uqiniseke njengomhubi owathi: “Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.” (IHubo 27:10) Ngokukwazi ngempela lokho iBhayibheli elikufundisayo, ngokukukholelwa, ngokuhlanganyela izinkolelo zakho nabanye, futhi ngaphezu kwakho konke, ngokuphila ngokuvumelana nalezi zinkolelo, uyobonisa ukuthi uye wenza iqiniso laba elakho.
[Imibhalo yaphansi]
a Ithathwe encwadini yezingoma ethi Hubani Izindumiso zikaJehova, enyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
b Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 13]
Zihlolele mathupha iqiniso ngokuzicwaningela nangesifundo somuntu siqu