-
‘Izipho Ezingabantu’ Zokunakekela Izimvu ZikaJehovaINqabayokulinda—1999 | Juni 1
-
-
Lapho Kunesidingo ‘Sokulungisa’
8. Yiziphi izindlela sonke esidinga ukulungiswa ngazo ngezinye izikhathi?
8 Okokuqala, uPawulu uthi ‘izipho ezingabantu’ zinikezwé ‘ngombono wokulungiswa kwabangcwele.’ (Efesu 4:12) Ibizo lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukulungiswa’ libhekisela ‘ekuqondiseni [into ethile] kahle.’ Njengabantu abangaphelele, sonke siyakudinga ukulungiswa ngezikhathi ezithile—ukuba ukucabanga kwethu, izimo zengqondo, noma ukuziphatha kwenziwe ‘kuqondane kahle’ nokucabanga kukaNkulunkulu nentando yakhe. UJehova uye walungiselela ‘izipho ezingabantu’ ngothando ukuze zisisize ekwenzeni ukulungisa okufanele. Zikwenza kanjani lokhu?
9. Umdala angasiza kanjani ekulungiseni imvu eyonile?
9 Ngezinye izikhathi, umdala kungase kudingeke asize imvu eyonile, mhlawumbe eye ‘yathatha isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba isiqaphele.’ Umdala angasiza kanjani? EyabaseGalathiya 6:1 ithi: “Zamani ukumlungisa ngomoya wobumnene umuntu onjalo.” Ngakho, lapho umdala enikeza iseluleko ngeke amthethise lowo owonile, asebenzise amazwi anokhahlo. Iseluleko akufanele ‘simesabise’ ositholayo, kodwa kufanele simkhuthaze. (2 Korinte 10:9; qhathanisa noJobe 33:7.) Kungenzeka ukuthi lowo muntu uzizwa enamahloni kakade, ngakho abadala abanothando bayakugwema ukumchoboza emoyeni. Lapho kusobala ukuthi ukweluleka, ngisho nokusola ngokuqinile, kushukunyiswa uthando futhi kwenziwa ngalo, cishe kuyoqondisa ukucabanga noma ukuziphatha kowonile, kanjalo kumbuyise.—2 Thimothewu 4:2.
10. Kuhilelani ukulungisa abanye?
10 Lapho enikeza ‘izipho ezingabantu’ ngenjongo yokuba silungiswe, uJehova wayehlose ukuba abadala babe abaqabulayo ngokomoya nabafanelwe ukulingiswa abantu bakhe. (1 Korinte 16:17, 18; Filipi 3:17) Ukulungisa abantu akuhileli nje kuphela ukuqondisa labo abathatha inkambo engalungile, kodwa kuhlanganisa nokusiza abathembekile ukuba banamathele enkambweni efanele.a Namuhla, njengoba kunezinkinga eziningi kangaka ezithena amandla, abaningi badinga isikhuthazo sokuba baqhubeke. Abanye bangase badinge usizo olunesisa lokuba baqondanise ukucabanga kwabo nokukaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, amanye amaKristu athembekile ashikashikana nemizwa ejulile yokungafaneleki. Leyo “miphefumulo ecindezelekile” ingase ibe nomuzwa wokuthi uJehova akasoze ayithanda nokuthi ngisho nemizamo yayo emikhulu kakhulu yokukhonza uNkulunkulu ayisoze yamukeleka kuye. (1 Thesalonika 5:14) Kodwa le ndlela yokucabanga ayihambisani nendlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngempela ngabakhulekeli bakhe.
11. Yini abadala abangayenza ukuze basize labo abashikashikana nemizwa yokungafaneleki?
11 Badala, yini eningayenza ukuze nisize abanjalo? Baboniseni ngomusa ubufakazi obungokomBhalo bokuthi uJehova ukhathalela ngayinye yezinceku zakhe, nibaqinisekise nangokuthi le mibhalo yeBhayibheli isebenza kubona uqobo. (Luka 12:6, 7, 24) Basizeni ukuba babone ukuthi uJehova uye ‘wabadonsa’ ukuze bazomkhonza, ngakho kumelwe nakanjani ukuba uyabazisa. (Johane 6:44) Baqinisekiseni ukuthi ababodwa—ziningi izinceku zikaJehova ezithembekile ezake zaba nemizwa efanayo. Umprofethi u-Eliya wake wacindezeleka kakhulu kangangokuthi wayesefuna ukufa. (1 AmaKhosi 19:1-4) Amanye amaKristu agcotshiwe ekhulwini lokuqala azizwa ‘elahlwa’ yizinhliziyo zawo uqobo. (1 Johane 3:20) Kuyaduduza ukwazi ukuthi abantu abathembekile bangezikhathi zeBhayibheli ‘babenemizwa efana neyethu.’ (Jakobe 5:17) Ningabukeza futhi kanye nabadangeleyo izihloko ezikhuthazayo ezikuyi-Nqabayokulinda ne-Phaphama! UNkulunkulu ophane ngani ‘njengezipho ezingabantu’ uyoyiqaphela imizamo yenu yothando yokubuyisela ukuzethemba kwabanjalo.—Heberu 6:10.
-
-
‘Izipho Ezingabantu’ Zokunakekela Izimvu ZikaJehovaINqabayokulinda—1999 | Juni 1
-
-
‘Ukwakha’ Umhlambi
12. Abonisani amazwi athi ‘ukwakhiwa komzimba kaKristu,’ futhi siyini isihluthulelo sokwakha umhlambi?
12 Okwesibili, ‘izipho ezingabantu’ zinikezwa ngenjongo “yokwakhiwa komzimba kaKristu.” (Efesu 4:12) UPawulu lapha usebenzisa isifengqo. Elithi ‘ukwakha’ likhumbuza umuntu ngokwakhiwa kwesakhiwo, futhi amazwi athi ‘umzimba kaKristu’ abhekisela kubantu—amalungu ebandla lamaKristu agcotshiwe. (1 Korinte 12:27; Efesu 5:23, 29, 30) Abadala kudingeka basize abafowabo ukuba baqine ngokomoya. Umgomo wabo ‘uwukwakha hhayi ukudiliza’ umhlambi. (2 Korinte 10:8) Isihluthulelo sokwakha umhlambi uthando, ngoba “uthando luyakha.”—1 Korinte 8:1.
13. Kusho ukuthini ukuba nozwela, futhi kungani kubalulekile ngabadala ukuba babonise uzwela?
13 Esinye sezici zothando esisiza abadala ukuba bakhe umhlambi uzwela. Ukuba nozwela kusho ukuzwela abanye—ukuqonda imicabango nemizwa yabo, uqaphela nokuthi balinganiselwe. (1 Petru 3:8) Kungani kubalulekile ukuba abadala babe nozwela? Ngokuyinhloko yingoba uJehova—okunguye onikeza ‘izipho ezingabantu’—unguNkulunkulu wozwela. Lapho izinceku zakhe zihlupheka noma zisezinhlungwini, uyazizwela. (Eksodusi 3:7; Isaya 63:9) Uyakucabangela ukulinganiselwa kwazo. (IHubo 103:14) Khona-ke, abadala bangalubonisa kanjani uzwela?
14. Yiziphi izindlela abadala abangalubonisa ngayo uzwela kwabanye?
14 Lapho othile odikibele eza kubo bayalalela, bakwamukele ukuthi yileyo ndlela azizwa ngayo. Bazama ukuqonda isizinda, ubuntu nezimo zabafowabo. Khona-ke, lapho abadala benikeza usizo olwakhayo olungokomBhalo, izimvu ziyokuthola kulula ukulwamukela ngoba luvela kubelusi abaziqondayo nabazikhathalela ngempela. (IzAga 16:23) Futhi uzwela lushukumisela abadala ukuba baqaphele ukulinganiselwa kwabanye nemizwa engase ibangelwe yiko. Ngokwesibonelo, amanye amaKristu aqotho angase azizwe enecala ngoba engakwazi ukwenza okwengeziwe ekukhonzeni uNkulunkulu, mhlawumbe ngenxa yokukhula ngeminyaka noma impilo ebuthaka. Ngakolunye uhlangothi, amanye angase adinge isikhuthazo sokuthuthukisa inkonzo yawo. (Heberu 5:12; 6:1) Uzwela luyoshukumisela abadala ukuba bathole “amazwi enamisayo” ayobakha abanye. (UmShumayeli 12:10) Lapho izimvu zikaJehova zakhiwa futhi zishukunyiswa, uthando lwazo ngoNkulunkulu luyozishukumisela ukuba zenze konke ezingakwenza ekumkhonzeni!
-
-
‘Izipho Ezingabantu’ Zokunakekela Izimvu ZikaJehovaINqabayokulinda—1999 | Juni 1
-
-
a Enguqulweni yesiGreki i-Septuagint, lesi senzo esifanayo esihunyushwe ngokuthi “lungisa” sisetshenziswe kumaHubo 17[16]:5, lapho uDavide othembekile ethandazela ukuba izinyathelo zakhe zinamathele emikhondweni kaJehova.
-