-
Ingabe Uyasifinyelela Isilinganiso Sokuvuthwa KukaKristu?INqabayokulinda—2015 | Septhemba 15
-
-
2 Ngemva kokuba umuntu efunde ngoJehova futhi wanquma ukubhapathizwa, ubuhlobo bakhe noNkulunkulu buyaqhubeka bukhula. Umgomo wakhe ukuba umKristu ovuthiwe. Lokhu kuvuthwa akusho ukuba mdala ngeminyaka. Kubhekisela ekukhuleni ngokomoya, okusho ukusondelana kakhulu noJehova. Umphostoli uPawulu wayefuna ukuba amaKristu ase-Efesu avuthwe. Wawakhuthaza ukuba abe munye okholweni futhi aqhubeke efunda ngoJesu ukuze abe ‘amadoda akhule ngokugcwele, esilinganisweni sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.’—Efesu 4:13.
3. Ibandla lase-Efesu lifana kanjani nabantu bakaJehova namuhla?
3 Ibandla lase-Efesu lase lineminyaka ethile likhona lapho uPawulu elibhalela incwadi. Abaningi kulelo bandla base bengamaKristu avuthiwe, ayesebhekane nokuningi ekuphileni. Noma kunjalo, kwakunabanye okwakusadingeka babuqinise kakhudlwana ubuhlobo babo noJehova. Ngokufanayo nanamuhla, abafowethu nodadewethu abaningi sebekhonze uJehova isikhathi eside futhi sebengamaKristu avuthiwe. Nokho, abanye ebandleni abakafinyeleli kulelo zinga. Ngokwesibonelo, kubhapathizwa izinkulungwane unyaka nonyaka, ngakho abanye kusadingeka bakhulele ekuvuthweni. Kuthiwani ngawe?—Kolose 2:6, 7.
-
-
Ingabe Uyasifinyelela Isilinganiso Sokuvuthwa KukaKristu?INqabayokulinda—2015 | Septhemba 15
-
-
5 UmKristu ovuthiwe ulingisa uJesu futhi ulandela “izinyathelo zakhe eduze.” (1 Petru 2:21) UJesu wathi kubaluleke kakhulu ukuba umuntu athande uJehova ngayo yonke inhliziyo yakhe, umphefumulo wakhe nangengqondo yakhe futhi athande umakhelwane wakhe njengoba ezithanda yena. (Mathewu 22:37-39) UmKristu ovuthiwe uzama kanzima ukulalela leso seluleko. Indlela aphila ngayo ifakazela ukuthi ubuhlobo bakhe noJehova nothando lwakhe olujulile ngabanye kubaluleke kakhulu kuye.
-