Qhubeka Uhamba Endleleni KaJehova
“Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba.”—IHUBO 37:34.
1, 2. Ukuhamba endleleni kaJehova kwakuhilelani eNkosini uDavide, futhi kudinga ukuba senzeni thina namuhla?
“NGAZISE indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.” (IHubo 143:8) AmaKristu namuhla awenanela ngenhliziyo yonke lawo mazwi eNkosi uDavide. Afuna ngobuqotho ukujabulisa uJehova futhi ahambe endleleni yakhe. Kuhilelani lokhu? KuDavide, kwakusho ukugcina umthetho kaNkulunkulu. Kwakuhilela ukuthembela kuJehova kunakumifelandawonye ayengayenza nezizwe. Yebo, kwakusho ukukhonza uJehova ngokwethembeka, hhayi onkulunkulu bezizwe ezazingomakhelwane. KumaKristu, ukuhamba endleleni kaJehova kuhilela okwengeziwe.
2 Okokuqala, ukuhamba endleleni kaJehova namuhla kusho ukubonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu, ukuvuma ukuthi yena ‘uyindlela neqiniso nokuphila.’ (Johane 3:16; 14:6; Heberu 5:9) Futhi, kusho ukugcwalisa “umthetho kaKristu,” ohlanganisa nokubonisa uthando komunye nomunye, ikakhulukazi kubafowabo bakaJesu abagcotshiwe. (Galathiya 6:2; Mathewu 25:34-40) Labo abahamba endleleni kaJehova bayazithanda izimiso nemiyalo yakhe. (IHubo 119:97; IzAga 4:5, 6) Bayalazisa ilungelo labo eliyigugu lokuhlanganyela enkonzweni yobuKristu. (Kolose 4:17; 2 Thimothewu 4:5) Umthandazo uyingxenye yasikhathi sonke yokuphila kwabo. (Roma 12:12) Futhi ‘bayaqaphelisisa ukuthi indlela abahamba ngayo ayinjengeyabantu abangahlakaniphile kodwa injengeyabahlakaniphileyo.’ (Efesu 5:15) Abayideli neze ingcebo engokomoya ngenxa yezinzuzo zesikhashana zezinto ezibonakalayo noma izinjabulo zenyama ezingemthetho. (Mathewu 6:19, 20; 1 Johane 2:15-17) Ngaphezu kwalokho, ukwethembeka kuJehova nokwethembela kuye kubalulekile. (2 Korinte 1:9; 10:5; Efesu 4:24) Ngani? Ngoba isimo sethu sisifuze kakhulu esika-Israyeli wasendulo.
Isidingo Sokwethembela Nokwethembeka KuJehova
3. Kungani ukwethembeka, ukholo nokwethembela kuJehova kuyosisiza sihlale endleleni yakhe?
3 U-Israyeli wayeyisizwe esincane esasizungezwe omakhelwane abangenabungane ababenza imikhosi engenakuzithiba bekhulekela onkululunkulu abayizithombe. (1 IziKronike 16:26) Ngu-Israyeli kuphela owayekhonza okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso nongabonakali, uJehova, futhi wayefuna ukuba bagcine izindinganiso eziphakeme zokuziphatha. (Duteronomi 6:4) Ngokufanayo namuhla, bayizigidi ezimbalwa kuphela abantu abakhulekela uJehova, futhi bahlala emhlabeni onabantu abayizigidi eziyizinkulungwane ezicishe zibe yisithupha abanezindinganiso nombono ongokwenkolo okuhluke kakhulu kokwabo. Uma siphakathi kwalezo zigidi ezimbalwa, kumelwe siqaphele ukuba singathonywa ngendlela engalungile. Kanjani? Ukwethembeka kuJehova uNkulunkulu, ukuba nokholo kuye nokwethemba ngokuqinile ukuthi uyozigcwalisa izithembiso zakhe kuyosisiza. (Heberu 11:6) Kuyosenza singathembeli ezintweni izwe elithembela kuzo.—IzAga 20:22; 1 Thimothewu 6:17.
4. Kungani izizwe “zisebumnyameni ngengqondo”?
4 Umphostoli uPawulu wabonisa indlela amaKristu okumelwe ahluke ngayo ezweni lapho ebhala ethi: “Ngakho-ke, lokhu ngikusho futhi ngikufakazele eNkosini, ukuthi ningabe nisaqhubeka nihamba njengoba nje izizwe zihamba ekungabini nambuyiselo kwezingqondo zazo, lapho zisebumnyameni ngengqondo, futhi zihlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu, ngenxa yokungazi okukuzo, ngenxa yokungazweli kwezinhliziyo zazo.” (Efesu 4:17, 18) UJesu ‘ungukukhanya kweqiniso.’ (Johane 1:9) Noma yibaphi abantu abamenqabayo noma abathi bayakholelwa kuye kodwa bengawulaleli “umthetho kaKristu” ‘basebumnyameni ngengqondo.’ Kunokuba bahambe endleleni kaJehova, ‘bahlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu.’ Kungakhathaliseki ukuthi bangase bacabange ukuthi bahlakaniphe kangakanani ngokwezwe, ‘abazi’ lutho mayelana nokuwukuphela kolwazi oluholela ekuphileni, ulwazi ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu.—Johane 17:3; 1 Korinte 3:19.
5. Nakuba ukukhanya kweqiniso kukhanya ezweni, kungani izinhliziyo zabaningi zingasabeli?
5 Nokho, ukukhanya kweqiniso kuyakhanya ezweni! (IHubo 43:3; Filipi 2:15) “Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni.” (IzAga 1:20) Ngonyaka odlule oFakazi BakaJehova basebenza amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane, betshela omakhelwane babo ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Kwasabela amakhulu ezinkulungwane. Nokho, ingabe kufanele kusimangaze ukuthi abanye abaningi abazange basabele? Cha. UPawulu wakhuluma ‘ngokungazweli kwezinhliziyo zabo.’ Abanye banezinhliziyo ezingasabeli ngenxa yobugovu noma ukuthanda imali. Abanye bathonywe yinkolo yamanga noma umbono owande kakhulu namuhla wokungayishayi mkhuba inkolo. Ukwehlelwa yizinto ezinzima ekuphileni kuye kwaholela abaningi ekubeni bamfulathele uNkulunkulu. Abanye bayenqaba ukuphila ngezindinganiso zikaJehova eziphakeme zokuziphatha. (Johane 3:20) Ingabe inhliziyo yomuntu ohamba endleleni kaJehova ingaba engazweli kulezi zici?
6, 7. Nakuba ayengabakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu, kunini lapho ama-Israyeli alahla khona ukukhulekela kwawo, futhi ngani?
6 Lokhu kwenzeka ku-Israyeli wasendulo, njengoba uPawulu abonisa. Wabhala: “Lezizinto zaba izibonelo zethu, ukuze singabi abantu abafisa izinto ezilimazayo, njengoba nje nabo bazifisa. Futhi ningabi abakhonza izithombe, njengoba abanye kubo benza; njengoba nje kulotshiwe ukuthi: ‘Abantu bahlala phansi ukuba badle baphuze, futhi basukuma ukuba bazijabulise.’ Futhi masingabenzi umkhuba ubufebe, njengoba abanye kubo benza ubufebe, kwamane kwaphumela ekuweni kwabo, abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu kubo ngosuku olulodwa.”—1 Korinte 10:6-8.
7 UPawulu uqale abhekisele esenzakalweni lapho ama-Israyeli ayekhulekela ithole legolide phansi kweNtaba YaseSinayi. (Eksodusi 32:5, 6) Lokhu kwakuwukuwephula ngokuqondile umyalo waphezulu ayevume ukuwulalela emasontweni ambalwa ngaphambili. (Eksodusi 20:4-6; 24:3) UPawulu ube esebhekisela esikhathini lapho u-Israyeli ekhothamela uBali kanye namadodakazi akwaMowabi. (Numeri 25:1-9) Ukukhulekelwa kwethole kwakuphawulwa ukuzitika okubi, ‘ukudlala.’a Ukukhulekelwa kukaBali kwakuhambisana nokuziphatha kabi ingcaca ngokobulili. (IsAmbulo 2:14) Kungani ama-Israyeli enza lezi zono? Yingoba avumela izinhliziyo zawo ukuba ‘zifise izinto ezilimazayo’—kungakhathaliseki ukuthi zaziwukukhulekela izithombe noma imikhuba engenakuzithiba eyayihambisana nako.
8. Singafundani kulokho okwenzeka kuma-Israyeli?
8 UPawulu wabonisa ukuthi kufanele sifunde kulezi zenzakalo. Sifundeni? Asinakucabanga ukuthi umKristu angakhothamela ithole legolide noma unkulunkulu wasendulo wakwaMowabi. Kodwa kuthiwani ngokuziphatha okubi noma ukuzitika okungenakuzithiba? Lokhu kuvamile namuhla, futhi uma sivumela isifiso sako sikhule ezinhliziyweni zethu, kuyosihlukanisa noJehova. Umphumela uyoba ofanayo nalapho besiyobe sikhonzé izithombe—ukuhlukaniswa noNkulunkulu. (Qhathanisa neyabaseKolose 3:5; Filipi 3:19.) Yebo, uPawulu uphetha ingxoxo yakhe yalezo zenzakalo ngokunxusa amakholwa ayekanye naye: “Balekelani ukukhonza izithombe.”—1 Korinte 10:14.
Usizo Ekuhambeni Endleleni KaNkulunkulu
9. (a) Yiluphi usizo esilutholayo ukuze siqhubeke sihamba endleleni kaJehova? (b) Iyiphi enye yezindlela ‘esizwa’ ngazo ‘izwi emva kwethu’?
9 Uma sizimisele ukuqhubeka sihamba endleleni kaJehova, sizoluthola usizo. U-Isaya waprofetha: “[Izindlebe] zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: ‘Nansi indlela; hambani ngayo,’ noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.” (Isaya 30:21) ‘Izindlebe zethu’ zilizwa kanjani lelo ‘zwi emva kwethu’? Akekho namuhla ozwa izwi elingokoqobo noma othola umyalezo ovela kuNkulunkulu uqonde kuye ngokukhethekile. “Izwi” elizwakalayo lifika kithi sonke ngendlela efanayo. Okokuqala nokuyinhloko, lifika ngemiBhalo ephefumulelwe, iBhayibheli, eliqukethe imicabango kaNkulunkulu nomlando wokusebenzelana kwakhe nabantu. Njengoba sichayeka nsuku zonke kuyinkulumo-ze evela emithonjeni ‘ehlukanisiwe nokuphila okungokukaNkulunkulu,’ kudingeka sifunde iBhayibheli futhi sizindle njalo ngalo ukuze sibe nempilo enhle engokomoya. Lokhu kuyosisiza sigweme “izinto eziyize” futhi ‘sifaneleke ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (IzEnzo 14:14, 15; 2 Thimothewu 3:16, 17) Kuyosiqinisa, kusisize ‘sihlahlamelise indlela yethu.’ (Joshuwa 1:7, 8) Ngakho, iZwi likaJehova liyanxusa: “Ngalokho, bantwana, ngizweni, ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami. Yizwani ukulaya, nihlakaniphe, ningakwenqabi.”—IzAga 8:32, 33.
10. Iyiphi indlela yesibili ‘esizwa’ ngayo ‘izwi emva kwethu’?
10 ‘Izwi emva kwethu’ lifika ‘nangesigqila esikholekile nesiqondayo,’ esinikeza ‘ukudla ngesikhathi esifanele.’ (Mathewu 24:45-47) Enye yezindlela lokhu kudla okunikezwa ngazo yizincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, futhi eminyakeni yamuva lolu hlobo lokudla luye lwaba yinala. Ngokwesibonelo, ukuqonda kwethu isiprofetho kuye kwalungiswa ngomagazini INqabayokulinda. Kulo magazini, siye sakhuthazwa ukuba sikhuthazele emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi naphezu kokunganaki okukhulayo, siye sasizwa ukuba sigweme izingibe futhi sakhuthazwa ukuba sihlakulele izimfanelo ezinhle zobuKristu. Yeka indlela esikwazisa ngayo lokhu kudla okufika ngesikhathi esifanele!
11. Chaza indlela yesithathu ‘esingezwa’ ngayo ‘izwi emva kwethu.’
11 Isigqila esikholekile nesiqondayo sinikeza ukudla nangemihlangano yethu yasikhathi sonke. Lena ihlanganisa imihlangano yebandla, imihlangano yesifunda eba mibili ngonyaka nemihlangano eqhutshwa kanye ngonyaka emikhulu kunalena. Yimuphi umKristu othembekile ongayazisi imibuthano enjalo? Iwusizo olubalulekile ekusisekeleni ukuba sihambe endleleni kaJehova. Njengoba abaningi kudingeka bachithe isikhathi esiningi besemsebenzini noma esikoleni phakathi kwabantu abanenkolo engafani neyabo, ukuzihlanganisa njalo namaKristu kusindisa ukuphila ngokoqobo. Imihlangano isinika ithuba elihle lokuba “sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle.” (Heberu 10:24) Siyabathanda abafowethu, futhi siyakuthanda ukuzihlanganisa nabo.—IHubo 133:1.
12. Yini oFakazi BakaJehova abazimisele ngayo, futhi baye bakuzwakalisa kanjani muva nje?
12 Njengoba beqiniswa yilokhu kudla okungokomoya, abantu abacishe babe yizigidi eziyisithupha namuhla bahamba endleleni kaJehova, futhi izigidi zabanye zitadisha iBhayibheli ukuze zifunde ukuthi zingahamba kanjani kuyo. Ingabe kuyazidikibalisa noma kuzithene amandla ukuthi zimbalwa ngenani uma ziqhathaniswa nezinkulungwane zezigidi zabantu abasemhlabeni? Lutho neze! Zizimisele ukuqhubeka zilalela ‘izwi emva kwazo,’ zenza intando kaJehova ngokwethembeka. Ukuze bakubonise obala lokhu, phakathi neMihlangano Yezigodi Neyezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ Ka-1998/99, ababekhona bamukela izwi lesinqumo elalizwakalisa isimo sabo ngokusuka enhliziyweni. Ngezansi kunamazwi alelo zwi lesinqumo.
Izwi Lesinqumo
13, 14. OFakazi BakaJehova banamuphi umbono ongokoqobo ngesimo sezwe?
13 “Thina, njengoFakazi BakaJehova esihlangene eMhlanganweni Wesigodi ‘Wendlela KaNkulunkulu Yokuphila,’ sivuma ngenhliziyo yonke ukuthi indlela kaNkulunkulu yokuphila ingengcono kunazo zonke. Nokho, siyaqaphela ukuthi iningi lesintu namuhla linomuzwa ohlukile. Umphakathi wesintu uzame imiqondo ehlukahlukene, amafilosofi, kanye nemiqondo engokwenkolo ukuze uthole ukuthi iyiphi indlela yokuphila engcono kunazo zonke. Ukuhlola umlando wesintu ngobuqotho kanye nezimo zezwe namuhla kuliveza ngokusobala iqiniso lamazwi aphezulu alotshwe kuJeremiya 10:23: ‘Akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.’
14 “Nsuku zonke sibona ubufakazi obengeziwe obuqinisekisa ukuba yiqiniso kwalawo mazwi. Ingxenye enkulu yomphakathi wesintu iyishaya indiva indlela kaNkulunkulu yokuphila. Abantu baphishekela lokho okubonakala kulungile emehlweni abo. Imiphumela iye yadabukisa—ukuwohloka kokuphila komkhaya, okushiya izingane zingenaso isiqondiso; ukuphishekela izinto ezibonakalayo, okuba yize futhi kukhungathekise; ubugebengu nobudlova obungenangqondo, okubulala abantu abaningi; imibango yobuzwe nezimpi, okuthatha ukuphila okuningi kwabantu; ukuziphatha okubi okwandile, okubangela ubhadane lwezifo ezithathelwana ngobulili. Lezi izinkinga ezimbalwa kuphela kweziningi eziyinkimbinkimbi eziphazamisa ukuphishekela injabulo, ukuthula nokulondeka.
15, 16. Ngokuqondene nendlela kaNkulunkulu yokuphila, yikuphi ukuzimisela okwazwakaliswa ezwini lesinqumo?
15 “Ngenxa yesimo sesintu esilusizi kanye nokusondela ‘kwempi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ okuthiwa i-Armagedoni (IsAmbulo 16:14, 16), thina njengoFakazi BakaJehova sinquma ukuthi:
16 “Okokuqala: Njengoba sazinikezela kuJehova uNkulunkulu ngokungenamibandela, sizibheka njengabakhe, futhi sizohlala sinokholo olungenakunyakaziswa elungiselelweni likaJehova lesihlengo ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Sizimisele ukuhamba endleleni kaNkulunkulu yokuphila, sikhonze njengoFakazi bakhe futhi sizithobe ebukhosini bakhe obubonakaliswa ngokubusa kukaJesu Kristu.
17, 18. Yikuphi ukuma oFakazi BakaJehova abazoqhubeka benakho ngokuphathelene nezindinganiso zokuziphatha nobuzalwane bobuKristu?
17 “Okwesibili: Sizoqhubeka sinamathela ezindinganisweni zeBhayibheli eziphakeme zokuziphatha okuhle nezingokomoya. Sizimisele ukungahambi njengabezizwe ekungabini nambuyiselo kwezingqondo zabo. (Efesu 4:17-19) Kuyisinqumo sethu ukuhlala sihlanzekile phambi kukaJehova futhi singenabala elivela kuleli zwe.—Jakobe 1:27.
18 “Okwesithathu: Sizobambelela ngokuqinile esimweni sethu esingokomBhalo, siwubuzalwane bobuKristu bomhlaba wonke. Sizolondoloza ukungathathi-hlangothi kobuKristu phakathi kwabezizwe, singavumi ukuhileleka enzondweni noma ekuhlukaneni kobuhlanga nokobuzwe.
19, 20. (a) Yini abazali abangamaKristu abazoyenza? (b) Wonke amaKristu eqiniso azoqhubeka kanjani eziveza njengabafundi bakaKristu?
19 “Okwesine: Thina esingabazali sizogxilisa indlela kaNkulunkulu ezinganeni zethu. Sizobeka isibonelo sokuphila kobuKristu, okuhlanganisa ukufunda iBhayibheli njalo, isifundo somkhaya, kanye nokuhlanganyela ngomphefumulo wonke ebandleni lobuKristu nasenkonzweni yasensimini.
20 “Okwesihlanu: Sonke sizolwela ukuhlakulela izimfanelo zokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu eziboniswa uMdali wethu, futhi sizozama ukulingisa ubuntu bakhe nezindlela zakhe, njengoba uJesu enza. (Efesu 5:1) Sizimisele ukuba zonke izinto sizenze ngothando, ngaleyo ndlela sizibonakalise singabafundi bakaKristu.—Johane 13:35.
21-23. Yini oFakazi BakaJehova abazoqhubeka beyenza, futhi yini abaqinisekayo ngayo?
21 “Okwesithupha: Siyoqhubeka singayekethisi ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, senze abafundi, futhi siyobafundisa indlela kaNkulunkulu yokuphila futhi sibakhuthaze ukuba bathole ukuqeqeshwa okwengeziwe emihlanganweni yebandla.—Mathewu 24:14; 28:19, 20; Heberu 10:24, 25.
22 “Okwesikhombisa: Njengabantu ngabanye nanjengenhlangano engokwenkolo, siyoqhubeka senza intando kaNkulunkulu ize kuqala ekuphileni kwethu. Sisebenzisa iZwi lakhe, iBhayibheli, njengesiqondiso sethu, ngeke siphambukele ngakwesokudla noma ngakwesobunxele, ngaleyo ndlela sifakazela ukuthi indlela kaNkulunkulu iphakeme kakhulu kunezindlela zezwe. Sizimisele ukuphishekela indlela kaNkulunkulu yokuphila—ngokuqinile nangokwethembeka, manje naphakade!
23 “Sithatha leli zwi lesinqumo ngoba sithembela ngokuphelele esithembisweni sikaJehova sothando sokuthi umuntu owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. Sithatha leli zwi lesinqumo ngoba siyaqiniseka ukuthi ukuphila ngezimiso, iseluleko nesiyalo esingokomBhalo kuyindlela engcono kakhulu yokuphila manje futhi kubeka isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze sibambisise ukuphila kwangempela. (1 Thimothewu 6:19; 2 Thimothewu 4:7b, 8) Ngaphezu kwakho konke, sithatha leli zwi lesinqumo ngoba sithanda uJehova uNkulunkulu ngenhliziyo yethu yonke, ngomphefumulo wonke, ngengqondo yonke nangamandla onke!
24, 25. Kwasatshelwa kanjani ezwini lesinqumo elaphakanyiswa, futhi labo abahamba endleleni kaJehova bazimisele ukwenzani?
24 “Nonke enikhona kulo mhlangano enivumelana naleli zwi lesinqumo, sicela nithi ELETHU!”
25 Amakhulu amahholo nezinkundla emhlabeni wonke ahlokoma lapho bonke ababekhona besho ngezwi elikhulu bethi, “ELETHU!” OFakazi BakaJehova abangabazi ukuthi bazoqhubeka behamba endleleni kaJehova. Bathembela ngokugcwele kuJehova futhi banokholo lokuthi uyozifeza izithembiso zakhe. Bayaqhubeka bethembekile kuye, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Futhi bazimisele ukwenza intando yakhe.
‘UNkulunkulu Ungakithi’
26. Labo abahamba endleleni kaJehova bakusiphi isimo esijabulisayo?
26 OFakazi BakaJehova bayasikhumbula isikhuthazo somhubi: “Lindela uJehova, ulonde indlela yakhe; uzakukuphakamisa, udle ifa lomhlaba.” (IHubo 37:34) Abawakhohlwa amazwi kaPawulu akhuthazayo: “Uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi? Yena ongazange agodle ngisho neNdodana yakhe siqu kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke, kungani engeke futhi asinike kanye nayo ngomusa zonke ezinye izinto?” (Roma 8:31, 32) Yebo, uma siqhubeka sihamba endleleni kaJehova, uyosinikeza “zonke izinto ngokucebile ukuze sizijabulele.” (1 Thimothewu 6:17) Iyiphi indawo engaba khona engcono kunalena esikuyo—sihamba endleleni kaJehova, kanye nabafowethu nodadewethu abathandekayo. Njengoba uJehova esisekela, masizimisele ukuhlala kuyo futhi sikhuthazele kuze kube sekupheleni, siqiniseka ngokugcwele ukuthi ngesikhathi sakhe esifanele, siyombona efeza zonke izithembiso zakhe ezisasele.—Thithu 1:2.
[Umbhalo waphansi]
a Ebhekisela egameni lesiGreki elihunyushwe ngokuthi ‘ukudlala’ lapha, omunye umlobi wesichazamazwi uthi libhekisela emidansweni eba semikhosini yamaqaba, abese enezela: “Eminingi yale midanso, njengoba kwaziwa kahle, yayihloselwe ngokuqondile ukuvusa izinkanuko ezingenakho nokuncane ukuzithiba.”
Uyakhumbula?
◻ Yini edingekayo kumKristu ukuze ahambe endleleni kaJehova?
◻ Kungani kudingeka sihlakulele ukwethembela kuJehova nokwethembeka kuye?
◻ Yiluphi usizo esingaluthola njengoba sihamba endleleni kaJehova?
◻ Nikeza amanye amaphuzu avelele ezwi lesinqumo elamukelwa eMihlanganweni ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila.’
[Izithombe ekhasini 18]
EMihlanganweni Yezigodi NeYezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ kwamukelwa izwi lesinqumo elibalulekile