Imibuzo Evela Kubafundi
Kuyini ukubekwa uphawu okukhulunywa ngakho kusAmbulo 7:3?
IsAmbulo 7:1-3 sithi: “Ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini amane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba zayiqinisa, ukuze kungabikho moya ovunguzayo phezu komhlaba noma phezu kolwandle noma phezu kwanoma yimuphi umuthi. Ngabona enye ingelosi inyuka ivela empumalanga, inophawu lukaNkulunkulu ophilayo; yamemeza ngezwi elikhulu ezingelosini ezine ezazinikwe ukuba zilimaze umhlaba nolwandle, yathi: ‘Ningawulimazi umhlaba noma ulwandle noma imithi, kuze kube yilapho sesizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.’”
Lapho “imimoya emine” idedelwa, umphumela uyoba ‘usizi olukhulu,’ ukubhujiswa kwenkolo yamanga kanye nalo lonke leli zwe elibi. (IsAmbulo 7:14) ‘Izinceku zikaNkulunkulu wethu’ abafowabo bakaJesu abagcotshiwe abasemhlabeni. (1 Petru 2:9, 16) Ngakho, lesi siprofetho sibonisa ukuthi lapho kuqala usizi olukhulu kuyobe sekuphelile ukubekwa uphawu kwabafowabo bakaKristu. Nokho, amanye amavesi eBhayibheli abonisa ukuthi kukhona ukubekwa uphawu kwabagcotshiwe kokuqala. Ngakho, ngezinye izikhathi kukhulunywa ngokubekwa uphawu kokuqala nokokugcina. Uyini umahluko phakathi kwalokhu okubili?
Ake sicabangele indlela nesizathu sokubekwa kophawu lapho kubhalwa izincwadi ezikhathini zasendulo. Kwakusetshenziswa ithuluzi elithile ukuze lishiye uphawu obumbeni oluvala incwadi noma ezinye izinto. Uphawu olwaluba kulolo bumba lwalubonisa ukuthi incwadi ayikathintwa muntu noma ukuthi iphuma kubani.—1 AmaKhosi 21:8; Jobe 14:17.
UPawulu wafanisa umoya ongcwele nophawu lapho ethi: “Lowo oqinisekisa ukuthi thina nani singabakaKristu, futhi osigcobile, nguNkulunkulu. Ubeke nophawu lwakhe phezu kwethu futhi usinike uphawu lwalokho okuzokuza, okungukuthi, umoya, ezinhliziyweni zethu.” (2 Korinte 1:21, 22) Ngakho, uJehova ugcoba la maKristu ngomoya wakhe ongcwele ukuze abonise ukuthi angawakhe.
Nokho, kunezigaba ezimbili ekubekweni kwabagcotshiwe uphawu. Ukubekwa uphawu kokuqala kuhlukile kokokugcina (1) ngenjongo (2) nangesikhathi. Ukubekwa uphawu kokuqala kuwukukhethwa kwelungu elisha elenezelwa esibalweni samaKristu agcotshiwe. Ukubekwa uphawu kokugcina kuqinisekisa ukuthi lona okhethiwe futhi wabekwa uphawu uye wabonisa ubuqotho ngokuphelele. Kungalesi sikhathi-ke, sokubekwa uphawu okokugcina, lapho lubekwa unomphela ‘ebunzini’ logcotshiwe, futhi lokho kumbonisa ngokuphelele ukuthi ‘uyinceku kaNkulunkulu wethu’ eye yavivinywa futhi yahlala ithembekile. Ukubekwa uphawu okukhulunywa ngakho esahlukweni 7 sencwadi yesAmbulo kusho lokhu kubekwa uphawu kokugcina.—IsAmbulo 7:3.
Ngokuqondene nesikhathi sokubekwa uphawu kokuqala, umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu agcotshiwe: “Nani nathembela kuye ngemva kokuba senizwe izwi leqiniso, izindaba ezinhle mayelana nensindiso yenu. Ngaye futhi, ngemva kokuba senikholiwe, nabekwa uphawu ngomoya ongcwele othenjisiwe.” (Efesu 1:13, 14) Ezimweni eziningi, ukulandisa kweBhayibheli kubonisa ukuthi ngempela amaKristu ekhulu lokuqala ayebekwa uphawu ngokushesha ngemva kokuzwa izindaba ezinhle nokukholelwa kuKristu. (IzEnzo 8:15-17; 10:44) Ukubekwa kwawo uphawu ngale ndlela kwakubonisa ukuthi uNkulunkulu uyawamukela. Nokho, kwakungasho neze ukuthi uNkulunkulu usewamukele unomphela. Ngani?
UPawulu wathi amaKristu agcotshiwe “aphawulelwa usuku lokukhululwa.” (Efesu 4:30) Lokhu kubonisa ukuthi ngokuvamile kudlula iminyaka ngaphambi kokuba abekwe uphawu okokugcina. Abagcotshiwe kudingeka bahlale bethembekile kusukela osukwini ababekwa ngalo uphawu ngomoya ongcwele kuze kube ‘sosukwini abakhululwa’ ngalo emizimbeni yabo yenyama—okungukuthi, kuze kube sosukwini abafa ngalo. (Roma 8:23; Filipi 1:23; 2 Petru 1:10) Ngakho, uPawulu wayengawasho kufanele la mazwi lapho esezokufa: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo. Kusukela manje kuqhubeke ngigcinelwe umqhele wokulunga.” (2 Thimothewu 4:6-8) Ngaphezu kwalokho, nakhu uJesu akusho ebandleni lamaKristu agcotshiwe: “Zibonakalise uthembekile kuze kube ngisho nasekufeni, khona-ke ngiyokunika umqhele wokuphila.”—IsAmbulo 2:10; 17:14.
Igama elithi “umqhele” linikeza obunye ubufakazi bokuthi kudlula isikhathi eside phakathi kokubekwa uphawu okokuqala nokubekwa uphawu okokugcina. Kungani kuba njalo? Ezikhathini zasendulo, kwakuyinkambiso ukumnika umqhele umgijimi ophumelele emncintiswaneni. Ukuze athole lo mqhele, kwakudingeka enze okungaphezu kokungenela umncintiswano. Kwakudingeka agijime aze afike ekugcineni. Ngokufanayo, amaKristu agcotshiwe ayothola umqhele wokungafi ezulwini kuphela uma ekhuthazele kwaze kwaba sekupheleni—kusukela ebekwa uphawu okokuqala kuze kube lapho ebekwa uphawu okokugcina.—Mathewu 10:22; Jakobe 1:12.
Insali yamaKristu agcotshiwe esibekwe uphawu okokuqala iyobekwa nini uphawu okokugcina? Noma imaphi asekhona la emhlabeni ayobekwa uphawu ‘emabunzini awo’ ngaphambi kokuqala kosizi olukhulu. Lapho imimoya emine yosizi idedelwa, wonke u-Israyeli ongokomoya uyobe esebekwe uphawu okokugcina, ngisho noma abambalwa bayobe besaphila futhi kusamelwe baqede inkambo yabo yasemhlabeni.