Izinkinga Zesintu Zizophela Maduze!
“IMIZAMO yokusiza umphakathi ayanele uma ingeyona ingxenye yohlelo olubanzi lwezombusazwe oluhloselwe ukubhekana nezimbangela eziyisisekelo zezimpi. Izenzakalo ziye zabonisa kaningi ukuthi imizamo yokusiza umphakathi iyodwa ayikwazi ukuxazulula izinkinga ezingezombusazwe ngokuyisisekelo.”—The State of the World’s Refugees 2000.
Naphezu kwemizamo emikhulu yokusiza, izinkinga zesintu ziyanda, azinqandeki. Angakanani amathuba okuba kutholakale ikhambi lezombusazwe elihlala njalo? Empeleni, mancane kakhulu. Pho, singalifunaphi-ke? Endimeni ephawulekayo esekuqaleni kwencwadi ayibhalela amaKristu ase-Efesu, umphostoli uPawulu uchaza indlela uNkulunkulu ayoqeda ngayo zonke izinkinga zesintu. Uze aveze nethuluzi uNkulunkulu ayolisebenzisa ekwenzeni lokhu—ithuluzi eliyosusa izimbangela eziyisisekelo zazo zonke izinkinga ezisikhungethe namuhla. Kungani ungakuhloli lokho uPawulu akusho? Leyo ndima ikweyabase-Efesu 1:3-10.
“Ukuphinde Abuthele Ndawonye Zonke Izinto KuKristu”
Umphostoli uthi injongo kaNkulunkulu iwukuba kube “nesimiso sokuqondisa [noma ukuphathwa kwezinto] lapho kugcwala isilinganiso sezikhathi ezimisiwe.” Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi uNkulunkulu ubeke isikhathi ayothatha ngaso isinyathelo sokuba ‘aphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.’ (Efesu 1:10) Yebo, uNkulunkulu wenze ilungiselelo eselisebenza lokwenza konke okusezulwini nokusemhlabeni kuphinde kuvumelane, kuqondiswe nguye mathupha. Ngokuthakazelisayo, lapho sikhuluma ngegama lapha elihunyushwe ngokuthi “ukuphinde abuthele ndawonye,” isazi seBhayibheli uJ. H. Thayer sithi: “Aphinde aziqoqele . . . zonke izinto nezidalwa (ebezihlukaniswe isono kuze kube manje) zibe munye kuKristu.”
Lawo mazwi aveza isidingo sokuba uNkulunkulu athathe isinyathelo uma sicabanga indlela ukuhlukana okwavela ngayo kwasekuqaleni. Ekuqaleni komlando wesintu, abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, bahlubuka kanye noSathane uDeveli kuNkulunkulu. Bafuna ukuzibusa, babe nelungelo lokuzinqumela okuhle nokubi. (Genesise 3:1-5) Ngokuvumelana nobulungisa bukaNkulunkulu, baxoshwa emkhayeni wakhe futhi bangabe besaba nobuhlobo naye. Bafaka isintu ekungaphelelini, basenza sathola yonke imiphumela emibi esibhekene nayo namuhla.—Roma 5:12.
Ukuvunyelwa Kobubi Isikhashana
Abanye bangase babuze, ‘Kungani uNkulunkulu abavumela benza kanjalo? Kungani engazange amane asebenzise amandla akhe amakhulu abaphoqe ukuba benze intando yakhe, avimbele bonke lobu buhlungu nokuhlupheka okusikhungethe manje?’ Kulula ukucabanga kanjalo. Kodwa ukusetshenziswa okunjalo kwamandla amakhulu kwakuyobonisani ngempela? Uyamhlonipha yini noma umthande umuntu othi angaphikiswa amane abacoboshise bonke abamphikisayo ngoba nje enamandla okwenza kanjalo? Lutho neze.
Lezo zihlubuki azizange ngempela ziphonsele amandla kaNkulunkulu amakhulu inselele. Yilungelo lakhe lokubusa nokufaneleka kwendlela yakhe yokubusa abakuphonsela inselele. Ukuze azixazulule kube kanye izimpikiswano eziyisisekelo ezaphakama, uJehova uye wavumela izidalwa zakhe ukuba zizibuse isikhathi esithile ngaphandle kokulawulwa nguye ngokuqondile. (UmShumayeli 3:1; Luka 21:24) Lapho leso sikhathi siphela, uyongenela aphinde athathe izintambo ngokuphelele emhlabeni. Ngaleso sikhathi kuyobe sekucace bhá ukuthi indlela yakhe yokubusa iyona yodwa enikeza izakhamuzi zomhlaba ukuthula, injabulo nokuchuma okuhlala njalo. Bonke abacindezeli abasemhlabeni bayosuswa unomphela.—IHubo 72:12-14; Daniyeli 2:44.
“Ngaphambi Kokusungulwa Kwezwe”
Konke lokhu uJehova wayehlose ukukwenza kusukela kudala. UPawulu uthi ‘kwakungaphambi kokusungulwa kwezwe.’ (Efesu 1:4) Lokho akusho ngaphambi kokudalwa komhlaba noma kuka-Adamu no-Eva. Lelo zwe ‘lalilihle kakhulu,’ futhi ukuhlubuka kwakungakenzeki. (Genesise 1:31) Yiliphi-ke leli “zwe” umphostoli uPawulu ayekhuluma ngalo? Yizwe lezingane zika-Adamu no-Eva—izwe elinesono nelingaphelele lesintu esinethemba lokuhlengwa. Kungakazalwa zingane, uJehova wayesazi ukuthi uyosisingatha kanjani isimo ukuze ahlenge inzalo ka-Adamu eyayingahlengeka.—Roma 8:20.
Kodwa-ke, lokho akusikiseli ukuthi uMbusi wendawo yonke uzisingatha njengabantu izinto. Bona uma bebona ukuthi kungase kuvele isimo esiphuthumayo bakha amacebo ahlukahlukene okusisingatha. Cha, uNkulunkulu onguMninimandla onke umane abeke injongo yakhe abese eyifeza. Noma kunjalo, uPawulu uyayichaza indlela uJehova anquma ukusingatha ngayo izinto ukuze alethele isintu impumuzo ehlala njalo. Iyiphi leyo ndlela?
Ubani Oyoletha Impumuzo?
UPawulu uthi abafundi bakaKristu abagcotshwe ngomoya banendima ekhethekile ekulungiseni umonakalo owabangelwa isono sika-Adamu. UPawulu uthi uJehova ‘wasikhetha ebunyeni noKristu,’ ukuze sibuse noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini. Ecacisa lokhu kabanzi, uPawulu uthi uJehova “wasimisela kusengaphambili ukutholwa njengamadodana kuye ngoJesu Kristu.” (Efesu 1:4, 5) Yiqiniso, uJehova akabakhethanga noma abamisele kusengaphambili ngabantu ngabanye. Kodwa, wabamisela kusengaphambili njengesigaba sabantu abathembekile nabazinikele ababeyohlanganyela noKristu ekulungiseni umonakalo owawubangelwe uSathane uDeveli, no-Adamu no-Eva, emkhayeni wesintu.—Luka 12:32; Heberu 2:14-18.
Yeka isimanga! Lapho ephonsela ubukhosi bukaNkulunkulu inselele ekuqaleni, uSathane wasikisela ukuthi indalo kaNkulunkulu engabantu inephutha—ukuthi uma icindezelwa noma ihehwa ngokwanele, yonke yayiyohlubuka ekubusweni nguNkulunkulu. (Jobe 1:7-12; 2:2-5) Ebonisa ngokumangalisayo “umusa wakhe ongafanelwe okhazimulayo,” ngokuhamba kwesikhathi uJehova uNkulunkulu wakwenza kwacaca ukuthi uyayethemba indalo yakhe yasemhlabeni ngokuzitholela abathile emkhayeni ka-Adamu onesono babe izingane zakhe ezingokomoya. Abakuleli qembu elincane babeyothathwa bayokhonza ezulwini. Bayokwenzani?—Efesu 1:3-6; Johane 14:2, 3; 1 Thesalonika 4:15-17; 1 Petru 1:3, 4.
Umphostoli uPawulu uthi la madodana kaNkulunkulu okutholwa aba “izindlalifa ezikanye noKristu” eMbusweni wakhe wasezulwini. (Roma 8:14-17) Njengamakhosi nabapristi, bayoba nesandla ekukhipheni umkhaya wesintu ebuhlungwini nasekuhluphekeni okuwukhungethe manje. (IsAmbulo 5:10) Kuyiqiniso ukuthi “yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” Nokho maduze nje, la madodana kaNkulunkulu akhethwe ngokukhethekile azolandela uJesu Kristu ekuthatheni isinyathelo, futhi bonke abantu abalalelayo ‘bazokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi baphinde babe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’—Roma 8:18-22.
“Ukukhululwa Ngesihlengo”
Konke lokhu kuye kwenzeka ngenxa yokubonakaliswa okuvelele komusa kaNkulunkulu ongafanelwe kuleli zwe lesintu esingahlengeka—umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. UPawulu uthi: “Ngaye [uJesu Kristu] sitholé ukukhululwa ngesihlengo esingegazi lakhe lowo, yebo, ukuthethelelwa kweziphambeko zethu, ngokwengcebo yomusa wakhe ongafanelwe.”—Efesu 1:7.
UJesu Kristu ungoyinhloko ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu. (Heberu 2:10) Umhlatshelo wakhe wesihlengo uyisisekelo esingokomthetho sokuba uJehova azitholele enye yenzalo ka-Adamu ayifake emkhayeni wakhe wasezulwini, futhi asuse imiphumela yesono sika-Adamu esintwini, ngaphandle kokwenza imithetho nezimiso zaKhe kudeleleke. (Mathewu 20:28; 1 Thimothewu 2:6) UJehova uye wasingatha izinto ngendlela ehambisana nokulunga kwakhe nehlangabezana nezimfuneko zobulungisa obuphelele.—Roma 3:22-26.
“Imfihlo Engcwele” KaNkulunkulu
Kwaphela izinkulungwane zeminyaka uNkulunkulu engakwembulile ukuthi uyoyifeza kanjani ngempela injongo yakhe ngomhlaba. Ekhulwini lokuqala C.E., ‘wazisa amaKristu imfihlo engcwele yentando yakhe.’ (Efesu 1:9) UPawulu namaKristu agcotshiwe ayekanye nawo babeyiqonda kahle indima emangalisayo uJesu Kristu anikwe yona ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Baqala ukuqonda neyabo indima ekhethekile njengezindlalifa ezikanye noKristu eMbusweni wakhe wasezulwini. (Efesu 3:5, 6, 8-11) Yebo, uhulumeni owuMbuso ophethwe uJesu Kristu nababusi abakanye naye yilona thuluzi uNkulunkulu azolisebenzisa ukuze alethe ukuthula okuhlala njalo, kungabi semazulwini nje kuphela kodwa nasemhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) Ngawo, uJehova uyobuyisela lo mhlaba esimweni ayewuhlosele sona ekuqaleni.—Isaya 45:18; 65:21-23; IzEnzo 3:21.
Sesiseduze isikhathi sakhe sokuthatha isinyathelo esiqondile asuse konke ukucindezela nokungabi nabulungisa. Kodwa empeleni uJehova wayiqala ngePhentekoste lika-33 C.E. inqubo yokuvuselela. Kanjani? Ngokuba ngaleso sikhathi aqale ukubutha “izinto ezisezulwini,” labo abayobusa noKristu ezulwini. Kulabo kwakukhona namaKristu ase-Efesu. (Efesu 2:4-7) Muva nje, esikhathini sethu, uJehova ubutha ‘izinto ezisemhlabeni.’ (Efesu 1:10) Ngomkhankaso wokushumayela emhlabeni wonke, wazisa zonke izizwe izindaba ezinhle zikahulumeni wakhe owuMbuso ophethwe uJesu Kristu. Labo abasabelayo kwamanje babuthelwa endaweni yesivikelo nokwelashwa okungokomoya. (Johane 10:16) Maduze nje, emhlabeni ohlanziwe oyipharadesi, bazohlukana ngokuphelele nokuhlupheka nakho konke ukungabi nabulungisa.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 11:18.
Izinhlangano zokusiza umphakathi “ziye zathatha amagxathu amaningi aphawulekayo” ekusizeni isintu esicindezelwe. (The State of the World’s Children 2000) Kodwa igxathu eliphawuleka kunawo wonke kuzoba ukungenela kukaKristu Jesu maduze nje enababusi abakanye naye ngohulumeni owuMbuso wasezulwini. Bayozisusa ngokuphelele zonke izimbangela eziyisisekelo zezimpi nazo zonke ezinye izinkathazo ezisikhungethe. Bayoqeda zonke izinkinga zesintu.—IsAmbulo 21:1-4.
[Izithombe ekhasini 4]
Imizamo yokusiza umphakathi ayizixazululanga izinkinga zesintu
[Isithombe ekhasini 6]
Umhlatshelo wesihlengo sikaKristu walethela isintu impumuzo esonweni sika-Adamu
[Isithombe ekhasini 7]
Isivikelo nokwelashwa okungokomoya kuyatholakala namuhla
[Izithombe ekhasini 7]
Maduze, izinkinga zizosuswa ngokuphelele ngoMbuso kaMesiya