Ukulondoloza Ubuhle Ezweni Eligcwele Ububi
“Qhubekani nenza zonke izinto ngaphandle kokububula nokuphikisana, ukuze nibe abangasoleki nabamsulwa, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile.”—FILIPI 2:14, 15.
1, 2. Kungani uNkulunkulu ayala ukuba abaseKhanani baqothulwe?
IMIYALO kaJehova ayikuvumeli ukuyekethisa. Ama-Israyeli ayesezongena eZweni Lesithembiso lapho umprofethi uMose ewatshela: “Uyakubabhubhisa nokubabhubhisa: amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi njengokukuyala kukaJehova uNkulunkulu wakho.”—Duteronomi 7:2; 20:17.
2 Njengoba uJehova enguNkulunkulu onesihe, kungani ayala ukuba izakhamuzi zaseKhanani ziqothulwe? (Eksodusi 34:6) Esinye sezizathu sasiwukuvimbela ‘abaseKhanani bangawafundisi ama-Israyeli ukuba enze zonke izinengiso ababezenzile konkulunkulu babo, futhi kanjalo one kuJehova uNkulunkulu.’ (Duteronomi 20:18) UMose wathi futhi: “Kungenxa yobubi balezozizwe uJehova azixosha phambi kwakho.” (Duteronomi 9:4) AbaseKhanani babeyisibonelo esingokoqobo sobubi. Ukukhohlakala ngokobulili nokukhonza izithombe kwakuyizici eziphawula ukukhulekela kwabo. (Eksodusi 23:24; 34:12, 13; Numeri 33:52; Duteronomi 7:5) Ukulalana kwezihlobo, ubungqingili nokulala nesilwane ‘kwakuyimisebenzi yezwe laseKhanani.’ (Levitikusi 18:3-25) Izingane ezingenacala zazenziwa imihlatshelo yonkulunkulu bamanga ngesihluku. (Duteronomi 18:9-12) Akumangalisi ukuthi ukuba khona nje kwalezi zizwe uJehova wayekubheka njengokuwusongo enhlalakahleni yabantu bakhe engokomzimba, yokuziphatha nengokomoya!—Eksodusi 34:14-16.
3. Waba yini umphumela lapho ama-Israyeli engayilandeleli ngokugcwele imiyalo kaNkulunkulu emayelana nezakhamuzi zaseKhanani?
3 Ngenxa yokuthi imiyalo kaNkulunkulu ayizange ilandelelwe ngokugcwele, izakhamuzi eziningi zaseKhanani zasinda ekunqobeni kuka-Israyeli iZwe Lesithembiso. (AbAhluleli 1:19-21) Ngokuhamba kwesikhathi, ithonya labaseKhanani elalinyenya lazwakala, futhi kwakungase kuthiwe: “[Abakwa-Israyeli] badelela izimiso [zikaJehova], nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayalé ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.” (2 AmaKhosi 17:15) Yebo, phakathi neminyaka, ama-Israyeli amaningi enza bona kanye ububi obabubangele ukuba uNkulunkulu ayale ukuba abaseKhanani baqothulwe—ukukhonza izithombe, ukuzitika ngobulili, ngisho nokwenza imihlatshelo ngezingane!—AbAhluleli 10:6; 2 AmaKhosi 17:17; Jeremiya 13:27.
4, 5. (a) Kwenzekani ku-Israyeli noJuda ongathembekile? (b) Isiphi isikhuthazo esinikezwe kweyabaseFilipi 2:14, 15, futhi imiphi imibuzo ephakanyiswayo?
4 Ngakho-ke umprofethi uHoseya wamemezela: “Yizwani izwi likaJehova nina-bantwana bakwaIsrayeli, ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni, lokhu kungekho-qiniso, namusa, nakumazi uNkulunkulu ezweni. Kukhona ukufunga nokuqamba amanga, nokubulala, nokweba, nokuphinga; bayafohla, izingazi zilandele izingazi. Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhé kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.” (Hoseya 4:1-3) Ngo-740 B.C.E., umbuso wakwa-Israyeli wasenyakatho okhohlakele wanqotshwa yi-Asiriya. Ngemva kweminyaka engaphezudlwana kwekhulu, umbuso wakwaJuda waseningizimu owawungathembekile wanqotshwa yiBabiloni.
5 Lezi zenzakalo zibonisa indlela okungaba yingozi ngayo ukuba sizivumele sinqotshwe ububi. UNkulunkulu uyakwenyanya ukungalungi futhi akakubekezeleli kubantu bakhe. (1 Petru 1:14-16) Kuyiqiniso ukuthi siphila “kulesisimiso sezinto esibi samanje,” ezweni eliya liba elikhohlakele. (Galathiya 1:4; 2 Thimothewu 3:13) Noma kunjalo, iZwi likaNkulunkulu linxusa wonke amaKristu ukuba aqhubeke enza ngendlela yokuba abe ‘angasoleki namsulwa, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile, akhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni.’ (Filipi 2:14, 15) Kodwa singabulondoloza kanjani ubuhle ezweni eligcwele ububi? Kungenzeka ngempela ukwenza kanjalo?
Izwe LaseRoma Elaligcwele Ububi
6. Kungani amaKristu ekhulu lokuqala abhekana nenselele ekulondolozeni ubuhle?
6 AmaKristu ekhulu lokuqala ayebhekene nenselele yokulondoloza ubuhle ngoba kwakugcwele ububi kuzo zonke izici zomphakathi wamaRoma. Isazi sefilosofi esingumRoma, uSeneca, sathi ngabantu besikhathi saso: “Abantu bayashikashikeka embangweni omkhulu wobubi. Usuku ngalunye isifiso sokwenza okubi siyakhula, ukukwesaba kuyancipha.” Safanisa umphakathi wamaRoma “nomphakathi wezilo zasendle.” Khona-ke, akumangalisi ukuthi amaRoma ayefuna imincintiswano enesihluku yezilwi nemidlalo yaseshashalazini engcolile ukuze azijabulise.
7. UPawulu wabuchaza kanjani ububi obabuvamile kwabaningi ngekhulu lokuqala C.E.?
7 Kungenzeka ukuthi umphostoli uPawulu wayecabanga ngokuziphatha okuxekethile kwabantu bekhulu lokuqala lapho ebhala: “UNkulunkulu [wa]banikela ezifisweni zobulili eziyichilo, ngoba kokubili abesifazane babo bashintsha ukusetshenziswa kwabo kwemvelo bakwenza okuphambene nemvelo; ngokufanayo ngisho nabesilisa bakuyeka ukusetshenziswa kowesifazane kwemvelo basha kakhulu ekukhanukelaneni kwabo, abesilisa nabesilisa, benza okuyichilo futhi bamukela kubo ngokwabo imbuyiselo egcwele, eyayifanele ngenxa yesiphambeko sabo.” (Roma 1:26, 27) Njengoba wawuthambekele ekuphishekeleni izifiso zenyama ezingcolile, umphakathi wamaRoma wacwila ebubini.
8. Izingane zazivame ukuxhashazwa kanjani emphakathini wamaGreki namaRoma?
8 Umlando awukucacisi ukuthi ubungqingili babudlange kangakanani phakathi kwamaRoma. Nokho, akungabazeki ukuthi athonywa amaGreki angaphambi kwawo, obabuxhaphakile kuwo ubungqingili. Kwakuvamile ngamadoda amadala ukuba one abafana abancane, ebafukamela ebuhlotsheni bomfundi nomfundisi obabuvame ukuholela umfanyana ekuziphatheni kobulili okunhlanhlathayo. Ngokungangabazeki, nguSathane namademoni akhe ababeshoshozela lobu bubi nokuxhashazwa kwezingane.—Joweli 3:3; Jude 6, 7.
9, 10. (a) Eyoku-1 Korinte 6:9, 10 ibulahla kanjani ububi obuhlukahlukene? (b) Ebandleni laseKorinte sasiyini isizinda sabanye, futhi yiluphi ushintsho olwenzeka kubo?
9 Ebhala ephefumulelwe ngokwaphezulu, uPawulu watshela amaKristu aseKorinte: “Babeshane! Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu? Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, noma iziphingi, noma amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, noma amadoda alala namadoda, noma amasela, noma abantu abahahayo, noma izidakwa, noma izithuki, noma abaphangi ngeke bawuzuze njengefa umbuso kaNkulunkulu. Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, kodwa seniye nangcweliswa, kodwa sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Korinte 6:9-11.
10 Incwadi kaPawulu ephefumulelwe yakulahla kanjalo ukuziphatha okubi kobulili, ithi ‘izifebe ngeke ziwuzuze njengefa uMbuso kaNkulunkulu.’ Nokho, ngemva kokubala ububi obuningana, uPawulu wathi: “Yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka.” Ngosizo lukaNkulunkulu abenzi bokubi babekwazi ukuba abahlanzekile emehlweni akhe.
11. AmaKristu ekhulu lokuqala abhekana kanjani nesimo esibi sosuku lwawo?
11 Yebo, ubuhle bobuKristu babuchuma ngisho nasezweni lekhulu lokuqala eligcwele ububi. Amakholwa ‘ayeguqulwa ngokushintsha ingqondo yawo.’ (Roma 12:2) Ashiya “inkambo [yawo] yokuziphatha yangaphambili” futhi ‘enziwa masha emandleni ashukumisa ingqondo yawo.’ Ngakho ayebubalekela ububi bezwe ‘agqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’—Efesu 4:22-24.
Izwe Lanamuhla Eligcwele Ububi
12. Yiluphi ushintsho oluye lwenzeka emhlabeni kusukela ngo-1914?
12 Kuthiwani ngosuku lwethu? Izwe esiphila kulo likhungethwe ububi kunanini ngaphambili. Kuye kwaba nokuwohloka kokuziphatha embulungeni yonke ikakhulukazi kusukela ngo-1914. (2 Thimothewu 3:1-5) Belahla imibono engokwesiko mayelana nobuhle, ukuziphatha, idumela elihle nezimiso zokuhle, abaningi baye baba abanobugovu ekucabangeni kwabo futhi ‘abasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (Efesu 4:19) Umagazini i-Newsweek wathi: “Siphila enkathini yenkolelo yokuthi ukuziphatha kuxhomeke kumuntu,” wanezela ukuthi isimo sokuziphatha esithandwayo “siye saguqula yonke imibono yokulungile nokungalungile yaba indaba yokuzikhethela komuntu, okungokomzwelo noma okungokwesiko.”
13. (a) Ukuzijabulisa okuningi kwanamuhla kubukhuthaza kanjani ububi? (b) Yiliphi ithonya elibi ukuzijabulisa okungafanelekile okungaba nalo kubantu ngabanye?
13 Njengasekhulwini lokuqala, ukuzijabulisa okonakele kuvamile namuhla. Ithelevishini, umsakazo, amabhayisikobho nama-video kukhiqiza imvula yezinto ezigxile ebulilini. Ububi buye bangena ngisho nasezimisweni zama-computer eziyinxanxathela. Ukwaziswa okunezithombe ezingcolile kuyanda ezimisweni zama-computer eziyinxanxathela futhi abantu bobudala obuhlukahlukene bayakwazi ukukufinyelela. Iyini imiphumela yakho konke lokhu? Omunye umlobi wengosi yephephandaba uthi: “Lapho ukuchitha igazi, ubudlova nokuziphatha okuxekethile kusibekela indlela yokuphila esiyithandayo, siyakujwayela ukuchithwa kwegazi, ubudlova nokuziphatha okuxekethile. Siyathuntubezeka. Ububi buya bubekezeleleka ngenxa yokuthi kuya kuncipha okusishaqisayo.”—Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 4:1, 2.
14, 15. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi izindinganiso zokuziphatha kobulili ziye zawohloka emhlabeni wonke?
14 Cabangela lombiko we-New York Times: “Into eyayingabhekwa njengehlazisayo eminyakeni engu-25 edlule manje isiyilungiselelo lokuphila elamukelekayo. Inani lemibhangqwana ekhetha ukukipita kunokuba ishade liye lakhuphuka ngamaphesenti angu-80 [e-United States] phakathi kuka-1980 no-1991.” Lena akuyona nje inqubo yaseNyakatho Melika. Umagazini i-Asiaweek uyabika: “Kuwo wonke amazwe [ase-Asia] kuqaguliswana ngamasiko. Kuphikiswana ngenkululeko engokobulili iqhathaniswa nezindinganiso ezingokwesiko, futhi kancane kancane ukucindezela koshintsho kuyanda.” Izibalo zibonisa ukwamukelwa okukhulayo kokuphinga nobulili bangaphambi komshado emazweni amaningi.
15 IBhayibheli labikezela ukuthi uSathane wayeyosebenza ngamandla osukwini lwethu. (IsAmbulo 12:12) Khona-ke, akufanele kusimangaze ukuthi ububi budlange ngendlela ethusayo. Ngokwesibonelo, ukuxhashazwa kwezingane ngokobulili kuye kwafinyelela izilinganiso eziwubhadane.a I-United Nations Children’s Fund ibika ukuthi “ukuxhaphaza ngokobulili okuyibhizinisi konakalisa izingane cishe kuwo wonke amazwe emhlabeni.” Unyaka nonyaka “kubikwa ukuthi emhlabeni wonke zingaphezu kwesigidi izingane eziphoqelelwa ebufebeni bezingane, kuhwetshwe ngazo futhi zithengiswe ngezinjongo zobulili, nezisetshenziswa ekukhiqizeni izithombe ezingcolile zezingane.” Ubungqingili nabo buningi, kuyilapho ezinye izazi zezombangazwe nabaholi benkolo behola ekubukhuthazeni ‘njengendlela yokuphila ehlukile.’
Ukwenqaba Ububi Bezwe
16. Yikuphi ukuma oFakazi BakaJehova abakuthathayo ngokuqondene nokuziphatha kobulili?
16 OFakazi BakaJehova abahambisani nabantu abavumela izindinganiso zokuziphatha kobulili eziyekelelayo. UThithu 2:11, 12 uthi: “Umusa ongafanelwe kaNkulunkulu oletha insindiso kuzo zonke izinhlobo zabantu ubonakalisiwe, usiyala ukuba silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesisimiso samanje sezinto.” Yebo, sihlakulela ukubuzonda ngempela, ukubenyanya, ububi obunjengobulili ngaphambi komshado, ukuphinga, nezenzo zobungqingili.b (Roma 12:9; Efesu 5:3-5) UPawulu wanikeza lesi seluleko: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova makalahle ukungalungi.”—2 Thimothewu 2:19.
17. AmaKristu eqiniso akubheka kanjani ukusetshenziswa kophuzo oludakayo?
17 AmaKristu eqiniso ayawenqaba umbono wezwe ngalokho okubonakala kuwububi obungasho lutho. Ngokwesibonelo, abantu abaningi namuhla babheka ukusebenzisa kabi utshwala njengento ejabulisayo. Kodwa abantu bakaJehova balalela iseluleko esikweyabase-Efesu 5:18: “Maningadakwa iwayini, okukhona kulo ukuzitika ngamanyala, kodwa qhubekani nigcwaliswa ngomoya.” Uma umKristu ekhetha ukuphuza, wenza kanjalo ngokulinganisela.—IzAga 23:29-32.
18. Izimiso zeBhayibheli ziziqondisa kanjani izinceku zikaJehova ekuphatheni kwazo amalungu omkhaya?
18 Njengezinceku zikaJehova, siyawenqaba nombono wabathile ezweni wokuthi ukuklabalasa nokuthethisa umuntu oshade naye nezingane zakho noma ukubakhakhabisa ngamazwi abuhlungu kuwukuziphatha okwamukelekayo. Njengoba bezimisele ukuphishekela inkambo yobuhle, amadoda namakhosikazi angamaKristu bayabambisana ekusebenziseni iseluleko sikaPawulu: “Makususwe kini konke ukufutheka okubi nentukuthelo nolaka nokuklabalasa nenkulumo echaphayo kanye nabo bonke ububi. Kodwa yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu.”—Efesu 4:31, 32.
19. Budlange kangakanani ububi kwezamabhizinisi?
19 Ukungathembeki, ukukhwabanisa, ukuqamba amanga, amasu ezebhizinisi anonya nokweba kuvamile nakho namuhla. Isihloko esasikumagazini wezamabhizinisi i-CFO siyabika: “Ukuhlolwa kwezisebenzi ezingu-4 000 . . . kwaveza ukuthi ezingamaphesenti angu-31 kwezahlolwa zaziye zabona ‘ukuziphatha kabi okungathi sína’ phakathi nonyaka owawandulele.” Lokho kuziphatha kabi kwakuhlanganisa ukuqamba amanga, ukuguqula imibhalo egciniwe, ukuhlukumeza ngokobulili nokweba. Uma sifuna ukuhlala sihlanzekile ngokokuziphatha emehlweni kaJehova, kumelwe sigweme ukuziphatha okunjalo futhi sethembeke ekusebenzelaneni nabanye ngezimali.—Mika 6:10, 11.
20. Kungani amaKristu kudingeka angabi ‘nothando lwemali’?
20 Cabangela okwenzeka kwenye indoda eyayinombono wokuthi yayiyokuba nesikhathi esengeziwe senkonzo kaNkulunkulu uma yayingase ithole isizumbulu semali ebhizinisini elithile. Yafaka abanye ecebweni lokwenza imali ngokwenza ihaba elikhulu ngezinzuzo ababengazithola. Lapho lokhu kungaphumeleli, yaba senkingeni yokukhokha izimali ezinkulu ezazilahlekile kangangokuthi yeba imali eyayiyiphathisiwe. Ngenxa yezenzo zayo nesimo sayo sengqondo sokungaphenduki, yasuswa ekuhlanganyeleni nebandla lobuKristu. Siyiqiniso ngempela isixwayiso seBhayibheli esithi: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu embubhisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela loluthando abanye baye badukiswa okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngobuhlungu obuningi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
21. Yikuphi ukuziphatha okuvamile emadodeni asezikhundleni eziphakeme ezweni, kodwa labo abanezikhundla zomthwalo wemfanelo ebandleni lobuKristu kufanele baziphathe kanjani?
21 Amadoda ezwe anamandla nethonya ngokuvamile ayabuntula ubuhle futhi afakazela ukuba yiqiniso kwesisho esithi, ‘Amandla ayonakalisa.’ (UmShumayeli 8:9) Kwamanye amazwe, ukufumbathisa nezinye izinhlobo zokukhohlakala ziyindlela yokuphila yamajaji, amaphoyisa nezazi zezombangazwe. Nokho, labo abaholayo ebandleni lobuKristu kumelwe babe nobuhle futhi bangazenzi izingqongqo phezu kwabanye. (Luka 22:25, 26) Abadala, kanye nezinceku ezikhonzayo, abakhonzi “ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki.” Akumelwe bathonywe yinoma imiphi imizamo yokuphendukezela noma ukuthonya ukwahlulela kwabo ngokuthenjiswa izindlela zokuzicebisa.—1 Petru 5:2; Eksodusi 23:8; IzAga 17:23; 1 Thimothewu 5:21.
22. Sizoxoxa ngani isihloko esilandelayo?
22 AmaKristu ewonke ahlangabezana ngokuphumelelayo nenselele yosuku lwanamuhla yokulondoloza ubuhle ezweni eligcwele ububi. Nokho, ubuhle buhilela okungaphezu kokumane ugweme ububi. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalokho okufuneka ngempela ekuhlakuleleni ubuhle.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka uchungechunge oluthi “Vikela Abantwana Bakho!,” olukuyi-Phaphama! ka-October 8, 1993.
b Labo abaye bahlanganyela ezenzweni zobungqingili esikhathini esidlule bangenza ushintsho ekuziphatheni kwabo, njengoba nje abanye benza ekhulwini lokuqala. (1 Korinte 6:11) Kwanikezwa ukwaziswa okuwusizo kuyi-Phaphama! ka-March 22, 1995, amakhasi 21-3.
Amaphuzu Okubukezwa
◻ Kungani uJehova ayala ukuba abaseKhanani baqothulwe?
◻ Yibuphi ububi obabuvamile ekhulwini lokuqala, futhi amaKristu abhekana kanjani naleso simo?
◻ Kunabuphi ubufakazi bokuthi umhlaba uye wabhekana nokuwohloka kokuziphatha kwembulunga yonke kusukela ngo-1914?
◻ Yibuphi ububi obuvamile abantu bakaJehova okumelwe babenqabe?
[Isithombe ekhasini 9]
AmaKristu ekhulu lokuqala ayenobuhle, nakuba ayephila ezweni eligcwele ububi
[Isithombe ekhasini 10]
Ububi buye bangena nasezimisweni zama-computer eziyinxanxathela, kwenza intsha eningi nabanye bafinyelele izithombe ezingcolile
[Isithombe ekhasini 12]
AmaKristu kumelwe alondoloze ubuhle, angalingisi amasu abanye okungathembeki