Phumelela Ekugwemeni Ugibe Lokuhaha
“Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, [nasogibeni, NW].”—1 THIMOTHEWU 6:9.
1. Kungani kufanele sikhathazeke ngezingibe?
IGAMA elithi “ugibe” lingase likwenze ucabange ngomzingeli ebeka isicupho esingabonakali ukuze abambe isisulu esinganakile. Nokho, uNkulunkulu ukwenza kucace ukuthi kithina ugibe oluyingozi kakhulu, aluzona izicupho ezinjalo ezingokoqobo, kodwa luyilokho okungase kusibambe ngokomoya noma ngokokuziphatha. UDeveli uwuchwepheshe ekubekeni izingibe ezinjalo.—2 Korinte 2:11; 2 Thimothewu 2:24-26.
2. (a) UJehova usisiza kanjani ukuba sigweme izingibe eziyingozi? (b) Yiluphi uhlobo olukhethekile logibe manje esesigxilisa ukunakekela kulo?
2 UJehova usisiza ngokusibonisa ezinye zezingibe zikaSathane eziningi nezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu uxwayisa ngokuthi izindebe zethu, noma umlomo, zingaba ugibe uma sikhuluma ngokungahlakaniphi, ngamawala, noma ngalokho okungafanele sikhulume ngakho. (IzAga 18:7; 20:25) Ukuqhosha kungaba ugibe, njengoba nokuba nobudlelwane nabantu abathambekele entukuthelweni kungaba yilo. (IzAga 22:24, 25; 29:25) Kodwa ake siphendukele kolunye ugibe: “Abafuna ukuceba bayela ekulingweni, [nasogibeni, NW], nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.” (1 Thimothewu 6:9) Lokho okudala lologibe noma isisekelo salo kungafushaniswa ngegama elithi “ukuhaha.” Nakuba ukuhaha ngokuvamile kubonakala ngokuzimisela ukuceba, empeleni ukuhaha kuwugibe olunezici eziningi.
UJehova Usixwayisa Ngengozi
3, 4. Yisiphi isifundo umlando womuntu wasendulo osiqukethe mayelana nokuhaha?
3 Ngokuyisisekelo, ukuhaha kuyisifiso esingafanele noma eseqile sokuba nokwengeziwe, kungakhathaliseki ukuthi lokho kuyimali, impahla, ukubusa, ubulili, noma ezinye izinto. Akuqali ngathi ukuba sibe sengozini yogibe lokuhaha. Esikhathini eside esidlule ensimini yase-Edene ugibe lokuhaha lwabamba u-Eva futhi kamuva no-Adamu. Umngane ka-Eva, owayenokuhlangenwe nakho okwengeziwe ekuphileni kunaye, wayeyalwe uJehova ngokomuntu siqu. UNkulunkulu wayebalungiselele ikhaya eliyipharadesi. Babengajabulela inala yokudla okuhle nokunhlobonhlobo, okukhiqizwa emhlabathini ongangcolisiwe. Babengalindela ukuba nabantwana abaphelele, ababengaphila nabo futhi bakhonze uNkulunkulu ngokungapheli. (Genesise 1:27-31; 2:15) Bekungeke yini lokho kubonakale kwanele ukuba kwanelise noma yimuphi umuntu?
4 Nokho, ukuba komuntu nokwanele akukuvimbeli ukuhaha ekubeni ugibe. U-Eva wabanjwa ugibe lwethemba lokuba njengoNkulunkulu, lokuba nenkululeko eyengeziwe nokuzibekela izindinganiso zakhe siqu. Kubonakala sengathi u-Adamu wayefuna ubuhlobo obuqhubekayo nomngane wakhe omuhle, kungakhathaliseki ukuthi lokho kwakungamlahlekiselani. Njengoba ngisho nalabantu abaphelele babanjwa ugibe lokuhaha, ungaqonda ukuthi kungani ukuhaha kungaba yingozi kithi.
5. Kubaluleke kangakanani ngathi ukuba sigweme ugibe lokuhaha?
5 Kumelwe siqaphele ukuba singabanjwa ugibe lokuhaha ngoba umphostoli uPawulu uyasixwayisa: “Kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe‚ nabakhonza isithombe‚ naziphingi‚ nazihlobongi‚ nabesilisa abalalanayo‚ namasela‚ nabahahayo, . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:9, 10) UPawulu wasitshela futhi: “Kepha ubufebe‚ nakho konke ukungcola‚ noma [ukuhaha, NW] makungaphathwa nangegama phakathi kwenu.” (Efesu 5:3) Ngakho ukuhaha akumelwe kube ngisho nayinto okuxoxwa ngayo ngenjongo yokwanelisa inyama yethu engaphelele.
6, 7. (a) Yiziphi izibonelo ezingokweBhayibheli ezigcizelela indlela ukuhaha okungaba namandla ngayo? (b) Kungani lezozibonelo kufanele zibe yisixwayiso kithi?
6 UJehova uye waloba izibonelo eziningi ukuze asixwayise ngengozi yokuhaha. Khumbula ukuhaha kuka-Akani. UNkulunkulu wathi iJeriko kwakumelwe libhujiswe, kodwa igolide lalo, isiliva, ithusi, nensimbi kwakungokwendlu yaKhe yengcebo. Kungenzeka ukuthi ekuqaleni u-Akani wayezimisele ukulandela lesosiqondiso, kodwa wabanjwa ugibe lokuhaha. Lapho nje efika eJeriko, kwakunjengokungathi wayesohambweni lokuyothenga lapho abona khona imititilizo engakholeki, kuhlanganise nengubo enhle eyayibonakala imfanela. Lapho ephakamisa igolide nesiliva elibiza izinkulungwane zamaRandi, kungenzeka wacabanga, ‘Yeka inhlanhla! Kunjengokungathi ngiyeba.’ Yilokho kanye ayekwenza! Ngokuba nomhawu ngalokho okwakumelwe kubhujiswe noma kulethwe endlini yengcebo, u-Akani webela uNkulunkulu, futhi lokho kwamlahlekisela ukuphila kwakhe. (Joshuwa 6:17-19; 7:20-26) Cabangela, futhi, izibonelo zikaGehazi noJuda Iskariyothe.—2 AmaKhosi 5:8-27; Johane 6:64; 12:2-6.
7 Akumelwe singalinaki iqiniso lokuthi laba abathathu abashiwo ngenhla babengewona amaqaba ayengazi ngezindinganiso zikaJehova. Kunalokho, babesebuhlotsheni bokuzinikela noNkulunkulu. Bonke babeye bazibonela ngawabo izimangaliso okumelwe ngabe zagcizelela kubo amandla kaNkulunkulu nokubaluleka kokulondoloza umusa wakhe. Nakuba kunjalo, ugibe lokuhaha lwabawisa. Nathi singonakalisa ubuhlobo bethu noNkulunkulu uma sizivumela ukuba sibanjwe ugibe lokuhaha lwanoma yiluphi uhlobo. Yiziphi izinhlobo zokuhaha ezingase zibe yingozi ngokukhethekile kithi?
Ukubanjwa Ugibe Lokuhahela Ingcebo Noma Impahla
8. Yisiphi isixwayiso iBhayibheli elisinikezayo ngokuqondene nengcebo?
8 AmaKristu amaningi aye ezwa izixwayiso ezicacile ezivela eBhayibhelini ngokumelene nokuhlakulela uthando lwengcebo, ukulangazelela ingcebo. Kungani ungabukezi ezinye zalezixwayiso, njengoba zitholakala kuMathewu 6:24-33; Luka 12:13-21; nakweyoku-1 Thimothewu 6:9, 10? Nakuba ungase ube nomuzwa wokuthi uyasamukela futhi uyasilandela iseluleko esinjalo, akunakwenzeka yini ukuthi u-Akani, uGehazi, noJuda nabo babengase bathi bayavumelana naso? Ngokukhanyayo, kumelwe sidlulele ngalé kokuvuma nje ngengqondo. Kumelwe siqaphele ukuthi ugibe lokuhahela ingcebo noma impahla aluthinti ukuphila kwethu kwansuku zonke.
9. Kungani kufanele sihlole isimo sethu sengqondo ngokuqondene nokuthenga?
9 Ekuphileni kwansuku zonke, ngokuvamile kudingeka sithenge izinto—ukudla, okokwembatha, nezinto zasekhaya. (Genesise 42:1-3; 2 AmaKhosi 12:11, 12; IzAga 31:14, 16; Luka 9:13; 17:28; 22:36) Kodwa izwe lezentengiselwano lishukumisa isifiso sokuthola izinto ezengeziwe nezintsha. Ezokukhangisa eziningi ezigcwele emaphephandabeni, komagazini, nakuma-TV ziyimizamo ecashile yokukuyengela ekubeni nokuhaha. Imizamo enjalo eyengayo ingase itholakale nasezitolo ezinezinsimbi zokuphanyeka amayembe abesifazane, amajazi, amalokwe, namajezi, ezinamashalofu ezicathulo ezintsha, izinto ezisebenza ngogesi, namakhamera. AmaKristu angase afune ukuzibuza ukuthi, ‘Ingabe ukuthenga sekuye kwaba yinto evelele noma ejabulisa ngokuyinhloko ekuphileni kwami?’ ‘Ingabe ngizidinga ngempela izinto ezintsha engizibonayo, noma ingabe izwe lezentengiselwano limane nje likhulisa izimbewu zokuhaha ezikimi?’—1 Johane 2:16.
10. Yiluphi ugibe lokuhaha oluyingozi ngokukhethekile kwabesilisa?
10 Uma ukuthenga kubonakala kuwugibe oluvamile kwabesifazane, ukuthola imali eyengeziwe nakho kuyilo kwabesilisa abaningi kakhulu. UJesu wafanekisa lolugibe ngendoda enothile eyayithola imali eningi kodwa eyayifuna ‘ukudiliza izinqolobane zayo, yakhe ezinkulu, ibuthele khona ukudla kwayo konke nempahla yayo.’ UJesu akazange ashiye ukungabaza ngokuqondene nengozi: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke.” (Luka 12:15-21) Kungakhathaliseki ukuthi sicebile noma asicebile, kufanele sisilalele lesoseluleko.
11. Kukanjani umKristu engase abanjwe ugibe lokuthola imali eyengeziwe?
11 Ukuhahela imali eyengeziwe, noma izinto ezingathengwa yimali, ngokuvamile kuthuthukiswa ngendlela engabonakali. Kungase kuvezwe isu lokuceba ngokushesha—mhlawumbe ithuba elivela kanye ekuphileni lokuma kahle ngokwezimali ngendlela ethile eyingozi yokuzalisa imali. Noma umuntu angase alingwe ukuba enze imali ngemikhuba yebhizinisi engabazekayo noma engekho emthethweni. Lesifiso sokuhaha singase sisinqobe, sisifake ogibeni. (IHubo 62:10; IzAga 11:1; 20:10) Abanye phakathi kwebandla lobuKristu baye baqalisa amabhizinisi belindele ukuthi abazalwane babo abathembekile babe amakhasimende abo ayinhloko. Uma isisusa sabo besingekhona nje ukunikeza umkhiqizo odingekayo noma inkonzo ‘ngokukhuthala besebenza okuhle ngezandla zabo,’ kodwa siwukwenza imali ngokushesha belimaza amaKristu akanye nabo, khona-ke babonisa ukuhaha. (Efesu 4:28; IzAga 20:21; 31:17-19, 24; 2 Thesalonika 3:8-12) Ukuhahela imali kuye kwaholela abanye ekugembuleni ngomaziqokele, imincintiswano enezizumbulu zemali, noma imidlalo yokugembula ngamathikithi. Abanye, bengalunaki uzwela nokucabangela baye ngokuxhamazela baqala ukumangalela abanye abantu ezinkantolo benethemba lokuthola umvuzo omkhulu noma impahla.
12. Kungani sazi ukuthi ukuhahela ingcebo kunganqotshwa?
12 Lokhu okwandulelayo kuyizici okufanele sizihlole kuzo ukuze sibone ngempela ukuthi sinakho yini ukuhaha. Ngisho noma sinakho, singashintsha. Khumbula ukuthi uZakewu washintsha. (Luka 19:1-10) Uma noma ubani ethola ukuthi unenkinga yokuhahela ingcebo noma impahla, kufanele azimisele njengoZakewu ukuba aphunyuke kulolugibe.—Jeremiya 17:9.
Ukuhaha Kwezinye Izici Zokuphila
13. Yiluphi olunye ugibe lokuhaha iHubo 10:18 eliluletha ekunakekeleni kwethu?
13 Abanye bakuthola kulula ukubona ingozi yokuhaha ngokuqondene nemali noma impahla kunangezinye izindlela okubonakala ngazo. Esinye isichazamazwi sesiGreki sithi iqoqo lamagama ahunyushwe ngokuthi “ukuhaha” noma “ukukhanuka” linomqondo “‘wokufuna okwengeziwe,’ ngokuqondene nokubusa njll. kanye nempahla.” Yebo, singabanjwa ugibe lokufuna ngokuhaha ukubusa abanye, mhlawumbe senze ukuba bathuthumele ngaphansi kwegunya lethu.—IHubo 10:18.
14. Kukuziphi izici isifiso sokufuna ukubusa siye saba yingozi?
14 Kusukela ezinsukwini zakuqala abantu abangaphelele baye bakujabulela ukubusa abanye. UNkulunkulu wabona kusengaphambili ukuthi umphumela odabukisayo wesono somuntu wawuyoba ukuthi amadoda amaningi ‘ayeyobusa’ abafazi bawo. (Genesise 3:16) Nokho, lokhu kwehluleka akugcinanga emshadweni. Ezinkulungwaneni zeminyaka kamuva, omunye umlobi weBhayibheli waphawula ukuthi ‘lapho umuntu ebusa omunye kuba ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Cishe uyazi ukuthi lokhu kuye kwaba yiqiniso kangakanani ezindabeni zezombangazwe nezempi, kodwa kungenzeka yini ukuthi thina ngokwethu, silwela ukuba namandla engeziwe omuntu siqu noma ukulawula?
15, 16. Yiziphi izici umKristu angabanjwa kuzo ugibe lokufisa amandla engeziwe? (Filipi 2:3)
15 Sonke sixhumene nabanye abantu—emikhayeni yethu eseduze noma ehlanganisa izihlobo, emisebenzini yethu yokuziphilisa noma esikoleni, phakathi kwabangane, nasemabandleni. Ngezinye izikhathi, noma ngokuvamile, singase sibe nezwi ekunqumeni ukuthi yini eyokwenziwa, nokuthi iyokwenziwa kanjani noma nini. Lokho ngokwakho akukubi. Nokho, ingabe sikujabulela ngokweqile ukusebenzisa noma yiliphi igunya okungenzeka sinalo? Ingabe sithanda ukuba kube yithina esenza izinqumo ngaso sonke isikhathi? Izimenenja zezwe noma obasi ngokuvamile babonisa lesimo sengqondo ngokuzihlanganisa nabantu abangovuma zonke, abangavezi imibono ehlukile nabangaphikisi ukunxanela (ukuhahela) amandla kwababaphethe okungokwezwe.
16 Lolu ugibe okumelwe silugweme lapho sisebenzelana namaKristu esikanye nawo. UJesu wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo‚ nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. Akunjalo phakathi kwenu‚ kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba-mkhulu phakathi kwenu makabe-yisikhonzi senu.” (Mathewu 20:25, 26) Ukuthobeka okunjalo kumelwe kubonakale lapho abadala abangamaKristu besebenzelana bodwa, nezinceku ezikhonzayo, nanomhlambi. Ingabe isifiso sokubusa singaboniswa, ngokwesibonelo, umbonisi owengamele othintana nabadala akanye nabo ngezindaba ezincane nje kuphela kodwa enze zonke izinqumo eziyinhloko eyedwa? Ingabe uzimisele ngempela ukunika abanye imisebenzi? Kungase kuvele izinkinga uma inceku ekhonzayo eqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini ifuna kulandelwe amalungiselelo ayo ngokungacabangeli, ibeka ngisho nemithetho.—1 Korinte 4:21; 9:18; 2 Korinte 10:8; 13:10; 1 Thesalonika 2:6, 7.
17. Kungani kufanelekile ukucabangela ukudla lapho sixoxa ngogibe lokuhaha?
17 Ukudla kungesinye isici abaningi ababanjwa ugibe lokuhaha kuso. Yiqiniso, kungokwemvelo ukuthola injabulo ekudleni nasekuphuzeni; iBhayibheli likhuluma kahle ngalokho. (UmShumayeli 5:18) Nokho, kuvamile ukuthi ngokuhamba kwesikhathi isifiso ngokuqondene nalokhu sikhule, sidlulele kude kakhulu kulokho okujabulisa ngokunengqondo nokwanele. Ukuba lokhu bekungesona isici izinceku zikaNkulunkulu okufanele zikhathazeke ngaso, beliyosholani iZwi likaJehova kuzAga 23:20 ukuthi: “Ungabi-phakathi kwezinseli zewayini nabayiziminzi zenyama”? Nokho, singalugwema kanjani lolugibe?
18. Yikuphi ukuzihlola esingakwenza ngokuqondene nokudla nophuzo?
18 UNkulunkulu akasikiseli ukuba abantu bakhe balandele isimiso esithile esiqinile sokuzincisha ukudla. (UmShumayeli 2:24, 25) Kodwa futhi akakuvumeli ukuba senze ukudla nophuzo kube yinto eyinhloko engxoxweni yethu nakulokho esikuhlelayo. Singase sizibuze, ‘Ingabe ngokuvamile ngishiseka ngokweqile lapho ngichaza ukudla okuthile engikudlile noma engihlela ukukudla?’ ‘Ingabe ngaso sonke isikhathi ngikhuluma ngokudla nophuzo?’ Olunye uphawu lungaba yindlela esisabela ngayo lapho sidla ukudla okungalungiselelwanga yithina noma esingakukhokhelanga, mhlawumbe lapho siyizivakashi ekhaya lomunye umuntu noma lapho ukudla kutholakala emhlanganweni wobuKristu. Ingabe lapho sithambekela ekubeni sidle kakhulu kunangokuvamile? Siyakhumbula ukuthi u-Esawu wavumela ukudla ukuba kubaluleke ngokungafanele, kwaphumela ekulimaleni kwakhe okuhlala njalo.—Heberu 12:16.
19. Ukuhaha ngokuqondene nenjabulo yobulili kungaba kanjani inkinga?
19 UPawulu usinikeza ukuqonda ngolunye ugibe: “Kepha ubufebe‚ nakho konke ukungcola‚ noma isangabe‚ makungaphathwa nangegama phakathi kwenu‚ njengokuba kufanele abangcwele.” (Efesu 4:17-19; 5:3) Ngempela, ukuhahela injabulo yobulili kungakheka. Yiqiniso, lenjabulo inendawo efanelekile lapho ingase iboniswe khona phakathi kwezibopho zomshado. Uthando oluseduze oluhlangene nalenjabulo lunengxenye oluyifezayo ekusizeni indoda nomfazi ukuba bahlale bezinikele komunye nomunye iminyaka eminingi yomshado. Nokho, bambalwa abantu abangaphika ukuthi izwe lanamuhla liye lagcizelela ubulili ngokweqile, liveza njengokuvamile lokho empeleni okuwukubonakaliswa kokuhaha uPawulu akhuluma ngakho. Umbono onjalo ongaqondile ngenjabulo yobulili wamukelwa kalula ikakhulukazi yilabo abazenza bavulekele ukuziphatha okubi nobunqunu okuvamile namuhla emabhayisikobho amaningi, ama-video, nakomagazini, kanye nasezindaweni zokuzijabulisa.
20. AmaKristu angazibonakalisa kanjani ukuthi ayiqaphele ingozi yokuhaha ezindabeni zobulili?
20 Ukulandisa okuqondene nesono sikaDavide asenza noBati-Sheba kubonisa ukuthi enye yezinceku zikaNkulunkulu ingabanjwa ugibe lokuhahela ubulili. Nakuba ayekhululekile ukujabulela lenjabulo phakathi komshado wakhe siqu, uDavide wavumela ukuba inkanuko yobulili obungemthetho ikhule. Ephawula indlela umka-Uriya ayekhanga ngayo, wazivumela ukuba anqotshwe umcabango—nesenzo—sokuthola injabulo engemthetho kuye. (2 Samuweli 11:2-4; Jakobe 1:14, 15) Ngokuqinisekile kumelwe silugweme loluhlobo lokuhaha. Ngisho naphakathi komshado kufanelekile ukuba sigweme ukuhaha. Lokhu kuyohlanganisa ukulahla imikhuba yobulili eyeqisayo. Indoda ezimisele ukugwema ukuhaha kulesici iyoba nesithakazelo esiqotho kumngane wayo, ukuze noma yikuphi ukukhetha bobabili abakwenzayo ngokuqondene nokuhlela umndeni kungabi okubonisa injabulo yayo njengebaluleke ukwedlula impilo yomkayo yamanje noma yesikhathi esizayo.—Filipi 2:4.
Qhubeka Uzimisela Ukugwema Ukuhaha
21. Kungani lengxoxo yethu emayelana nokuhaha kungafanele isikhubekise?
21 UJehova akasiniki izixwayiso ngenxa yokungasethembi. Uyazi ukuthi izinceku zakhe ezizinikezele zifuna ukumkhonza ngokwethembeka, futhi uyaqiniseka ukuthi iningi lazo liyoqhubeka lenza lokho. Ngokuqondene nabo bonke abantu bakhe, angasho amazwi afanayo nalawo awasho ngoJobe lapho ekhuluma noSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi.” (Jobe 1:8) UBaba wethu osezulwini onothando, osethembayo usixwayisa ngezingibe eziyingozi, njengalezo eziphathelene nezinhlobo zokuhaha, ngoba ufuna ukuba siqhubeke singenabala futhi sithembekile kuye.
22. Yini okufanele siyenze uma lesifundo sethu siye sembula indawo eyingozi kumuntu siqu noma ebuthakathaka?
22 Ngamunye wethu uzuze njengefa ukuthambekela kokuhaha, futhi kungenzeka ukuthi siye sakuthuthukisa ngokwengeziwe lokhu ngaphansi kwethonya lalelizwe elibi. Kuthiwani uma phakathi nesifundo sethu esiphathelene nokuhaha—ngokuqondene nengcebo, impahla, amandla negunya, ukudla, noma injabulo yobulili—uboné ukuthi kunendawo ethile obuthakathaka kuyo? Khona-ke sithathe ngokungathi sína iseluleko sikaJesu: “Uma isandla sakho sikukhubekisa, sinqume; kungcono ungene ekuphileni uyingini kunokuba uye [eGehena, NW] . . . unezandla zombili.” (Marku 9:43) Yenza noma yiziphi izinguquko ezidingekayo esimweni sengqondo noma ezithakazelweni. Gwema ugibe olubulalayo lokuhaha. Kanjalo ngosizo lukaNkulunkulu, ‘ungangena ekuphileni.’
Yini Engiyifundile?
◻ Kungani kufanele sikhathazeke ngogibe lokuhaha?
◻ Kungaziphi izindlela ukuhahela ingcebo noma impahla kungasibamba ogibeni?
◻ Ukuhaha kwezinye izici zokuphila kungaziletha kanjani izingozi zangempela?
◻ Kufanele sibe yini isimo sethu sengqondo kunoma yibuphi ubuthakathaka esinabo ngokuqondene nokuhaha?