“Qhubekani Nizuza Amandla ENkosini”
“Qhubekani nizuza amandla eNkosini nasebukhulwini bamandla ayo.”—EFESU 6:10.
1. (a) Iyiphi impi engavamile eyalwiwa eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule? (b) Kungani uDavide anqoba?
EMINYAKENI engaba ngu-3 000 edlule, abantu ababili babebhekene ngeziqu zamehlo empini. Omncane kwakungumfana owelusayo okuthiwa uDavide. Wayebhekene noGoliyati, umdondoshiya wendoda. Ijazi lensimbi lale ndoda lalingaba amakhilogremu angu-57, iphethe inhlokohlela yomkhonto nenkemba enkulu. UDavide wayengagqoke lutho lokuzivikela, ehlome ngendwayimane kuphela. Kulo mdondoshiya womFilisti, uGoliyati, kwakuwukwedelelwa ukuba kuthiwe uzolwa nalo mfanyana womIsrayeli. (1 Samuweli 17:42-44) Kumelwe ukuba ababebukele nhlangothi zombili babengadingi kutshelwa ukuthi iyiphi eyayizogoba uphondo. Kodwa ukunqoba empini akuyi ngabanamandla ngaso sonke isikhathi. (UmShumayeli 9:11) UDavide wanqoba, ngoba wayelwa ngamandla kaJehova. Wathi: “Impi ingekaJehova.” Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “UDavide, ngendwayimane netshe, waba namandla kunomFilisti.”—1 Samuweli 17:47, 50.
2. Hlobo luni lwempi amaKristu ayilwayo?
2 AmaKristu awalwi impi engokwenyama. Nakuba enokuthula nabo bonke abantu, ikhona impi engokomoya ayilwa nezitha ezinamandla kakhulu. (Roma 12:18) Esahlukweni sokugcina sencwadi yakhe kwabase-Efesu, uPawulu wachaza impi ehilela wonke amaKristu. Wabhala: “Asibambene negazi nenyama kodwa sibambene nawohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobu bumnyama, nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.”—Efesu 6:12.
3. Ngokweyabase-Efesu 6:10, yini esiyidingayo ukuze siqiniseke ukuthi sizonqoba?
3 Lelo “bandla lomoya ababi” lakhiwa uSathane namademoni, abafuna ukucekela phansi ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu. Njengoba benamandla kakhulu kunathi, sizithola sisesimweni esifuze esikaDavide, futhi asinakuphumelela ngaphandle kokuthembela kuNkulunkulu ukuze sithole amandla. Empeleni, uPawulu usinxusa ukuba ‘siqhubeke sizuza amandla eNkosini nasebukhulwini bamandla ayo.’ (Efesu 6:10) Ngemva kokunikeza leso seluleko, umphostoli uchaza amalungiselelo angokomoya nezimfanelo zobuKristu ezisenza sikwazi ukunqoba.—Efesu 6:11-17.
4. Imaphi amaphuzu amabili ayinhloko esizowahlola kulesi sihloko?
4 Manje ake sihlaziye lokho imiBhalo ekushoyo ngezici isitha sethu esimandla kuzo nangamaqhinga aso. Ngemva kwalokho sizohlola amasu okumelwe siwasebenzise ukuze sizivikele. Uma silandela iziyalezo zikaJehova, singaqiniseka ukuthi ngeke zisinqobe izitha zethu.
Ukubambana Nebandla Lomoya Ababi
5. Ukusetshenziswa kwegama elithi ‘ukubambana’ kweyabase-Efesu 6:12 kusenza siqondeni ngamacebo kaSathane?
5 UPawulu uthi “sibambene . . . nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.” Yebo, umoya omubi oyinhloko nguSathane uDeveli, “umbusi wamademoni.” (Mathewu 12:24-26) IBhayibheli lichaza impi esiyilwayo ngokuthi ‘ukubambana.’ Emincintiswaneni yokubambana ngezikhwepha yaseGrisi yasendulo, umuntu ngamunye wayezama ukwenza lowo alwa naye ahluleke ukuzimelela, ukuze amqumbe phansi. Ngokufanayo, uDeveli ufuna sihluleke ukuzimelela ngokomoya. Angasenza kanjani ukuba senze lokhu?
6. Bonisa ngemiBhalo indlela uDeveli angasebenzisa ngayo amacebo ahlukahlukene ukuze acekele phansi ukholo lwethu.
6 UDeveli angase enze njengenyoka, njengebhubesi elibhongayo, noma njengengelosi yokukhanya imbala. (2 Korinte 11:3, 14; 1 Petru 5:8) Angasebenzisa abantu ukuze basishushise noma basidikibalise. (IsAmbulo 2:10) Njengoba uSathane enegunya phezu kwalo lonke izwe, angasebenzisa izifiso nezinto zalo ezihehayo ukuze asifake ogibeni. (2 Thimothewu 2:26; 1 Johane 2:16; 5:19) Angasebenzisa ukucabanga kwezwe noma kwezihlubuki ukuze asidukise, njengoba nje akhohlisa u-Eva.—1 Thimothewu 2:14.
7. Amademoni alinganiselwe kanjani, futhi iziphi izinto ezingasisiza?
7 Nakuba uSathane namademoni akhe benezikhali ezingase zibonakale zinamandla amakhulu, balinganiselwe. Le mimoya emibi ayikwazi ukusiphoqa ukuba senze izinto ezimbi ezithukuthelisa uBaba wethu osezulwini. Siyizidalwa ezinenkululeko yokuzikhethela, futhi singayilawula imicabango nezenzo zethu. Ngaphezu kwalokho, asisodwa kule mpi. Namuhla kusenjengoba kwakunjalo ngesikhathi sika-Elisha: “Baningi abanathi kunabanabo.” (2 AmaKhosi 6:16) IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uma sizithoba kuNkulunkulu simelane noDeveli, uyosibalekela.—Jakobe 4:7.
Siyawazi Amacebo KaSathane
8, 9. Iziphi izinhlupheko uSathane azilethela uJobe ukuze aphule ubuqotho bakhe, futhi iziphi izinkinga ezingokomoya esibhekene nazo namuhla?
8 Asibona abangawazi amacebo kaSathane ngoba imiBhalo iyawadalula amaqhinga akhe ayisisekelo. (2 Korinte 2:11) Endodeni elungile uJobe, uDeveli wasebenzisa izinkinga ezinzima zomnotho, ukushonelwa abathandekayo, ukuphikisa komkhaya, ubuhlungu enyameni, nokugxeka okungenasisekelo kwabangane bamanga. UJobe wacindezeleka, wazizwa eshiyiwe nguNkulunkulu. (Jobe 10:1, 2) Nakuba uSathane engase angazibangeli ngokuqondile lezi zinkinga namuhla, ziyawathinta amaKristu amaningi, futhi uDeveli angasizakala ngazo.
9 Izingozi ezingokomoya ziye zanda kakhulu kulesi sikhathi sokuphela. Siphila ezweni lapho iminako yezinto ezibonakalayo igqiba imigomo engokomoya. Izinto ezifundwayo nezibukelwayo zihlale ziveza ubulili obungemthetho njengobuletha injabulo kunosizi. Futhi iningi labantu seliye laba “abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:1-5) Le ndlela yokucabanga ingasongela ukuzimelela kwethu ngokomoya, uma ‘singalulweli kanzima ukholo.’—Jude 3.
10-12. (a) Isiphi isixwayiso uJesu asinikeza emfanekisweni wakhe womhlwanyeli? (b) Fanekisa indlela izinto ezingokomoya ezingaminyaniseka ngayo.
10 Elinye lamaqhinga kaSathane aphumelela kakhulu elokusenza singene shì kuleli zwe naseminakweni yalo yezinto ezibonakalayo. Emfanekisweni wakhe womhlwanyeli, uJesu waxwayisa wathi ngezinye izikhathi “izinkathazo zalesi simiso sezinto namandla engcebo okukhohlisa [kuyaliminyanisa] izwi [loMbuso].” (Mathewu 13:18, 22) Igama lesiGreki elihunyushwe lapha ngokuthi ‘minyanisa’ lisho ukuthi “klinya ngokuphelele.”
11 Emahlathini emvula, ungase uthole umkhiwane oklinyayo. Ukhula kancane uzungeze isiqu sesihlahla. Kancane kancane, lo mkhiwane uthandela isihlahla ngezimpande eziya ziqina. Uxhaxha lwezimpande zalo mkhiwane lugcina lumunce cishe wonke umsoco osenhlabathini okumi kuyo isihlahla, kuyilapho amagatsha awo esincisha ukukhanya. Ekugcineni isihlahla siyafa.
12 Ngendlela ethi ayifane, kancane kancane izinkathazo zalesi simiso sezinto nokufuna ingcebo nokuphila okuntofontofo kungadla isikhathi namandla ethu. Njengoba sesinake izinto zezwe, kungase kube lula ukudebeselela isifundo somuntu siqu seBhayibheli futhi sikwenze umkhuba ukuphutha emihlanganweni yobuKristu, kanjalo singakutholi ukondleka okungokomoya. Imisebenzi engokomoya ingase ithathelwe indawo yimigomo yezinto ezibonakalayo, bese uSathane egcina esibambe kalula.
Kudingeka Sime Siqinile
13, 14. Kudingeka senze njani lapho siphikiswa uSathane?
13 UPawulu wanxusa amakholwa ayekanye nawo ukuba ‘amelane ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.’ (Efesu 6:11) Yebo, asinakumbhubhisa uDeveli namademoni akhe. UNkulunkulu uwabele uJesu Kristu lowo msebenzi. (IsAmbulo 20:1, 2) Nokho, uma nje uSathane engakasuswa, thina kudingeka ‘sime siqinile’ ukuze angasinqobi njengoba esihlasela.
14 Nomphostoli uPetru wasigcizelela isidingo sokumelana ngokuqinile noSathane. UPetru wabhala: “Hlalani nisangulukile, qaphani. Isitha senu, uDeveli, sihambahamba njengengonyama ebhongayo, efuna engamshwabadela. Kodwa melanani naye, niqinile okholweni, nazi ukuthi izinto ezifanayo eziyizinhlupheko zehlela yonke inhlangano yabazalwane benu ezweni.” (1 Petru 5:8, 9) Empeleni, ukusekela kwabafowethu nodadewethu abangokomoya kubalulekile ukuze sime siqinile lapho uDeveli ehlasela njengebhubesi elibhongayo.
15, 16. Nikeza isibonelo esingokomBhalo esibonisa indlela esikholwa nabo abangasisiza ngayo ukuba sime siqinile.
15 Lapho ibhubesi libhonga eduze ezinkangala zase-Afrika, izinyamazane zingase zithathele ngejubane zize ziphume endaweni eyingozi. Nokho, izindlovu ziyisibonelo sokusekelana. Incwadi ethi Elephants—Gentle Giants of Africa and Asia iyachaza: “Indlela yokuzivikela evame ukusetshenziswa umhlambi wezindlovu iwukuma zakhe isiyingi, ezindala zibheke ngaphandle entweni esongelayo kuyilapho ezincane zivikelekile ngaphakathi esiyingini.” Lapho ebona amandla nokusekelana okunjalo, amabhubesi awavamile ukuhlasela ngisho nezindlovu ezincane.
16 Lapho uSathane namademoni akhe besisongela, nathi kudingeka sihlale simunye nabafowethu abaqinile okholweni. UPawulu wavuma ukuthi amanye amaKristu ayebe “usizo oluqinisayo” kuye lapho eboshiwe eRoma. (Kolose 4:10, 11) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “usizo oluqinisayo” livela kanye kuphela emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. Ngokwe-Expository Dictionary of New Testament Words kaVine, “isenzo saleli gama sisho imithi edambisa ukuqaqamba.” Njengomuthi opholisayo, ukusekela kwabakhulekeli bakaJehova abavuthiwe kungadambisa izinhlungu ezibangelwa ukuhlupheka ngokomzwelo nangokwenyama.
17. Yini engasisiza ukuba sithembeke kuNkulunkulu?
17 Isikhuthazo samaKristu esikanye nawo namuhla singaqinisa ukuzimisela kwethu ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Abadala abangamaKristu bazimisele ngokukhethekile ukunikeza usizo olungokomoya. (Jakobe 5:13-15) Izinto ezisisiza sihlale sithembekile zihlanganisa ukutadisha iBhayibheli njalo nokuba khona emihlanganweni yobuKristu yebandla, yesifunda, neyesigodi. Ubuhlobo bethu obuseduze noNkulunkulu buyasisiza ukuba sihlale sithembekile kuye. Ngempela, kungakhathaliseki ukuthi siyadla, siyaphuza, noma senza noma yini enye, kufanele sifune ukuba konke esikwenzayo sikwenzele inkazimulo kaNkulunkulu. (1 Korinte 10:31) Njengoba singalindela, ukuncika kuJehova ngomthandazo kubalulekile ukuze siqhubeke enkambweni emjabulisayo.—IHubo 37:5.
18. Kungani kungafanele siyeke ngisho nalapho izimo ezicindezelayo zisithena amandla?
18 Ngezinye izikhathi uSathane uhlasela lapho sizizwa singaqinile ngokomoya. Ibhubesi liyasibhozomela isilwane esibuthakathaka. Izinkinga zomkhaya, noma zomnotho, noma ukugula, kungasithena amandla ngokomoya. Kodwa masingayeki ukwenza lokho okujabulisa uNkulunkulu, ngoba uPawulu wathi: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Korinte 12:10; Galathiya 6:9; 2 Thesalonika 3:13) Wayesho ukuthini? Wayesho ukuthi amandla kaNkulunkulu angasiza lapho sibuthakathaka khona njengabantu, uma nje siwacela kuye. Ukunqoba kukaDavide uGoliyati kubonisa ukuthi uNkulunkulu angabaqinisa abantu bakhe, futhi uyabaqinisa. OFakazi BakaJehova banamuhla bangakufakazela ukuthi lapho besekuhluphekeni okukhulu, baye bezwa isandla sikaNkulunkulu esiqinisayo.—Daniyeli 10:19.
19. Nikeza isibonelo esibonisa indlela uJehova angaziqinisa ngayo izinceku zakhe.
19 Ukhuluma ngokusekelwa kwawo uNkulunkulu, omunye umbhangqwana oshadile wabhala: “Sesineminyaka sikhonza uJehova njengendoda nomfazi, futhi siye sajabulela izibusiso eziningi, sazi nabantu abaningi abahle kakhulu. Futhi uJehova uye wasiqeqesha, wasiqinisa, ukuze sikhuthazelele izinkinga ngokuphumelelayo. NjengoJobe, sasingaqondi ngaso sonke isikhathi ukuthi kungani izinto zenzeka ngendlela ezazenzeka ngayo, kodwa sasazi ukuthi uJehova uhlale ekulungele ukusisiza.”
20. Ibuphi ubufakazi obungokomBhalo obubonisa ukuthi uJehova ubasekela njalo abantu bakhe?
20 Isandla sikaJehova asisifushane ukuba ahluleke ukusekela nokuqinisa abantu bakhe abathembekile. (Isaya 59:1) Umhubi uDavide wahlabelela: “UJehova usekela bonke abawayo, futhi uvusa bonke abakhotheme.” (IHubo 145:14) Ngempela, uBaba wethu osezulwini ‘usithwalela umthwalo nsuku zonke’ futhi asinike lokho esikudinga ngempela.—IHubo 68:19.
Sizidinga “Zonke Izembatho Zempi Ezivela KuNkulunkulu”
21. UPawulu wasigcizelela kanjani isidingo sezembatho zempi ezingokomoya?
21 Sesihlole ezinye zezindlela zikaSathane, sabona nesidingo sokuma siqinile lapho esihlasela. Manje kumelwe sihlole elinye ilungiselelo elibalulekile ekuvikeleni ukholo lwethu ngokuphumelelayo. Encwadini yakhe eya kwabase-Efesu, umphostoli uPawulu wasithinta kabili isici esibalulekile ekumelaneni ngokuqinile namaqhinga kaSathane nasekuphumeleleni ekulweni kwethu nebandla lomoya ababi. UPawulu wabhala: “Gqokani zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu ukuze nikwazi ukumelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli . . . Thathani zonke izembatho [zempi] ezivela kuNkulunkulu, ukuze nikwazi ukuzabalaza ngosuku olubi, nokuba, ngemva kokuba senenze konke ngokuphelele, nime niqinile.”—Efesu 6:11, 13.
22, 23. (a) Izembatho zempi zethu ezingokomoya zihlanganisani? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
22 Yebo, kudingeka sizigqoke “zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu.” Lapho uPawulu ebhalela abase-Efesu incwadi yakhe, wayegadwe yisosha elingumRoma, okungenzeka ngezinye izikhathi laligqoka zonke izembatho zempi. Nokho, nguNkulunkulu owaphefumulela lo mphostoli ukuba akhulume ngezembatho zempi ezingokomoya ezibaluleke kakhulu encekwini kaJehova ngayinye.
23 Lezi zembatho ezivela kuNkulunkulu zihlanganisa izimfanelo umKristu okumelwe abe nazo kanye namalungiselelo angokomoya enziwa uJehova. Esihlokweni esilandelayo, sizohlola isembatho ngasinye esingokomoya. Lokhu kuzosenza sikwazi ukubona ukuthi siyihlomele ngezinga elingakanani impi yethu engokomoya. Ngesikhathi esifanayo, sizobona indlela isibonelo esihle sikaJesu Kristu esisisiza ngayo ukuba siphumelele ekumelaneni noSathane uDeveli.
Ungaphendula Kanjani?
• Iyiphi impi wonke amaKristu abhekene nayo?
• Chaza amanye amaqhinga kaSathane.
• Ukusekela kwamanye amakholwa kungasiqinisa kanjani?
• Awabani amandla okumelwe sithembele kuwo, futhi ngani?
[Isithombe ekhasini 11]
AmaKristu ‘abambene nebandla lomoya ababi’
[Isithombe ekhasini 12]
Izinkathazo zalesi simiso zingaminyanisa izwi loMbuso
[Isithombe ekhasini 13]
AmaKristu esikanye nawo angaba “usizo oluqinisayo”
[Isithombe ekhasini 14]
Ingabe uyawathandazela amandla kuNkulunkulu?