“Hlomani Izikhali Zonke ZikaNkulunkulu”
AMAKRISTU ahlome izikhali? Kungani kufanele athathe izikhali ezinjalo zempi? Awabona yini abathandi bokuthula? (2 Thimothewu 2:24) Yebo, ayibo. Nokho, wonke amaKristu ahileleke empini—leyo angalweli ukubulala kuyo, kodwa ukunqoba.
Ukuba uSathane akazange ahlubuke, impi enjalo yayingeke idingeke. Kodwa wahlubuka, futhi wadukisa uAdamu noEva ukuba bahlanganyele ekuhlubukeni kwakhe. Kusukela ngalesosikhathi izwe eliye laba khona lisemandleni ‘omubi,’ uSathane uDeveli. (1 Johane 5:19) Labo abazithoba kuMbusi ofanele, uJehova, kumelwe bamelane nethonya lezwe nombusi walo. Kumelwe bakulwele ukuphila kwabo okungokomoya. Kulokhu, amaKristu ayanxuswa: “Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe-namandla okumelana namaqhinga kaSathane.”—Efesu 6:11.
Izikhali
Phawula ukuthi sidinga “izikhali zonke zikaNkulunkulu” ukuze sivikeleke kahle. Khona-ke, make sihlole ingxenye ngayinye yalezikhali ezichazwa umphostoli uPawulu bese siyazihlola ngobuqotho ukuthi siyihlomele ngokugcwele yini impi engokomoya.—Efesu 6:14-17.
“Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso.” (Efesu 6:14a) Ezikhathini zeBhayibheli amasosha ayebopha ibhande lesikhumba elingaba ngamasentimitha angu-15 ububanzi. Lelibhande lalisiza ekuvikeleni izinkalo. Lapho isosha liqinisa ibhande lalo, lokhu kwakubonisa ukulungela kwalo ukuyokulwa.
Khona-ke, yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi iqiniso laphezulu lifaniswa nebhande lesosha! Lokhu kubonisa kahle ukuthi kufanele sigcine iZwi likaNkulunkulu leqiniso eduze kakhulu nathi, njengokungathi siboshwe ngalo. Kufanele sicabangisise ngokujulile ngomqondo oqukethwe yiZwi likaNkulunkulu. Lokhu kuyosivikela ekubeni sidukiswe amanga nenkohliso. Ngaphezu kwalokho, amazwi aphuma emlonyeni kaJehova ayosisekela abuye asiqinise ngokomoya futhi asekele ubuqotho bethu.
“Nifakile isivikelo sesifuba sokulunga.” (Efesu 6:14b) Isivikelo sesifuba sasivikela isitho somzimba esibaluleke kakhulu—inhliziyo. Khona-ke, ezikhalini zethu ezingokomoya ezinikezwa nguNkulunkulu, ukulunga kuvikela inhliziyo yethu. Ngokombhalo, inhliziyo iwuphawu olufanelekayo lwalokho esiyikho ngaphakathi—imizwa yethu, imicabango, nezifiso. Njengoba iBhayibheli lisho futhi ukuthi inhliziyo ithambekele ebubini, kubalulekile ukuba sihlakulele ukuzimisela ukubambelela endinganisweni kaJehova yokulunga. (Jeremiya 17:9) Ukulalela uNkulunkulu akumelwe kube ukubonakaliswa kwangaphandle kobuzenzisi; kumelwe kuvele ngaphakathi. Lokhu kukwenza kudingeke ukuba sakhe uthando oluqinile ngokulunga nenzondo eqine ngokulinganayo ngobubi. (IHubo 45:7) Ngaleyondlela izinhliziyo zethu ziyovikeleka.
“Izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula.” (Efesu 6:15) Ingabe izinyawo zakho zigqokiswe ngalendlela? Ingabe ziyakuthwala njalo zikuyise enkonzweni yasensimini ukuyosakaza izindaba ezinhle? Ingabe uyakulwela ukuthuthukisa izinga lemisebenzi yakho yokushumayela nokufundisa? Iqiniso, amanye amasimu awasabeli uma kuqhathaniswa. Abantu ngabanye bangase babe abanganaki, abangenasithakazelo, noma abaphikisayo. Ukushumayela kwethu kungase kusilethele ngisho noshushiso. Kodwa ngokubekezela, amaKristu akha ukukhuthazela, imfanelo enikeza isivikelo ekuhlaseleni kukaSathane. Nakuba ashushiswa, uPawulu wayengumshumayeli oshisekayo, futhi sikhuthazwa ukuba sibe ‘ngabalingisi bakhe, njengokuba naye elingisa uKristu.’—1 Korinte 11:1.
Ukuzigcina simatasa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso kuqinisa ukuzethemba kwethu ezindabeni ezinhle. Ngaphezu kwalokho, kuvumela umoya kaJehova ukuba usebenze ngathi ekufezweni kwentando yakhe. Eqinisweni, umsebenzi onjalo usenza izisebenzi ezikanye nezingelosi—ngisho nanoJehova uNkulunkulu ngokwakhe. (1 Korinte 3:9; IsAmbulo 14:6) Futhi ukuba ‘nokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi’ kusenza sibe “ngabagxilile, abangaxegiyo.” (1 Korinte 15:58, qhathanisa neNW.) Yeka isivikelo esimangalisayo lokhu okusinikezayo!
‘Nithathe isihlangu esikhulu sokukholwa.’ (Efesu 6:16) Ngesihlangu esikhulu, isosha lezikhathi zasendulo lalizivikela emikhontweni nemicibosholo. Uma lehlulekile ukusebenzisa isihlangu, lalingalimala kakhulu noma life nokufa. AmaKristu abhekene nezikhali ezibulala ngisho nangokwengeziwe—“imicibisholo evuthayo yomubi.” Lezikhali zihlanganisa yonke imithombo uSathane ayilethayo ukuze ayisebenzisele ukwenza buthakathaka ukholo lwethu futhi asibulale ngokomoya. Zihlanganisa ushushiso, amanga, amafilosofi ezwe akhohlisayo, ukukhanga kwezinto ezibonakalayo, nesilingo sokuhileleka ekuziphatheni okubi. Ukuze sivikeleke kukho konke lokhu, sidinga isihlangu esikhulu. Ayikho ingxenye yethu okumelwe isale ingavikelekile.
UAbrahama nomkakhe, uSara, babenokholo oluqinile. Lapho sebedlulile ebudaleni bokuzala abantwana, baba nokholo esithembisweni sikaNkulunkulu sokuthi imbewu yayizovela ngabo. Kamuva, uAbrahama wabonisa ukholo oluphawulekayo lapho elalela ubizo lokunikela ngoIsaka, okuwukuphela kwendodana yakhe ayizalelwa uSara othandekayo. UJehova wavimba isandla sika-Abrahama futhi walungiselela umhlatshelo owawuzokwenziwa esikhundleni sikaIsaka. Kodwa uAbrahama wayekulungele ukulalela. Ngani? Ngoba wayenokholo oluyisisekelo lokuthi uJehova wayeyoyivusa indodana yakhe futhi agcwalise izithembiso ayezenze ngayo.—Roma 4:16-21; Heberu 11:11, 12, 17-19.
UMose ngokufanayo wayenohlobo lokholo esiludingayo. Wenqaba ingcebo yaseGibithe, kunalokho ekhetha ukuhlupheka nabantu bakaNkulunkulu. Ngani? Ngoba wayenokholo lokuthi uJehova ukhona futhi uyoletha insindiso kumaIsrayeli. Ukholo lukaMose lwaluqine ngendlela yokuthi “wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.”—Heberu 11:6, 24-27.
Ingabe sinokholo olufanayo kuJehova? Ingabe sinobuhlobo obuseduze noJehova cishe njengokungathi siyambona? Ingabe sizimisele ukwenza noma yikuphi ukuzidela noma ukukhuthazelela noma yibuphi ubunzima ukuze silondoloze ubuhlobo bethu noNkulunkulu? Ingabe sinokholo olugcwele kuJehova? (Heberu 11:1) Uma kunjalo, imicibisholo kaSathane evuthayo ngeke idlulele ngalé kwesihlangu sethu sokholo.
“Namukele isigqoko sensindiso.” (Efesu 6:17a) Isigqoko sesosha sasivikela ikhanda lalo kanjalo nobuchopho—isitho esiqondisa isimiso semizwa nomcabango. Ithemba lobuKristu lensindiso lifaniswa nesigqoko ngoba livikela ingqondo. Ingqondo yomKristu iye yenziwa yaba yintsha ngolwazi oluqondile, kodwa ilokhu ingeyomuntu obuthakathaka nongaphelele. (Roma 7:18; 12:2) Uma sivumela ingqondo izondle ngemicabango engcolile ebulala ukholo evezwa umoya walelizwe, ithemba lethu lensindiso liyonyamalala futhi lingase life ekugcineni. Ngakolunye uhlangothi, uma siqhubeka sondla izingqondo zethu ngamazwi kaNkulunkulu aqinisayo, ithemba lethu liyohlala likhazimula futhi likhanya. Ingabe ugcina isigqoko sakho sensindiso sifakwe saqina?
‘Inkemba kamoya eyizwi likaNkulunkulu.’ (Efesu 6:17b) Isisho sesiNgisi esithi ukuhlasela kahle kuwukuzivikela okungcono kakhulu siyiqiniso empini yobuKristu. Njengoba izinyawo zethu, ezigqokiswe izindaba ezinhle zokuthula, zisithwala zisiyise phakathi kwabangakholwayo, asishiywanga singenazikhali. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lisebenza njengenkemba enamandla enqamula ilahlele kude amanga angokomoya nemibono eyiphutha nokusiza abantu abanenhliziyo elungile ukuba bathole inkululeko engokomoya.—Johane 8:31, 32.
Eqinisweni, uJesu wawabonisa amandla alesikhali lapho, ebhekene noSathane uDeveli. Lapho elingwa ehlane, uJesu wazivikela ekuhlaseleni okuthathu kukaSathane ngokusebenzisa ngokuqhubekayo iZwi likaNkulunkulu futhi ethi: “Kulotshiwe.” (Mathewu 4:1-11) Uma sifunda ukusebenzisa lenkemba ngekhono, singabasiza abathobekile ukuba baphume ngaphansi kwamandla kaSathane. Ngakho, abadala bebandla ngokufanayo basebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze bavikele umhlambi kubantu abazama ukonakalisa ukholo lwalabo ababuthakathaka.—IzEnzo 20:28-30.
Ikhono lesosha ekusebenziseni inkemba alizizeli. Kudingeka ukufundiswa, nokuqeqeshwa kokuzinikela okuthatha isikhathi eside ukuze liyisebenzise ngobungcweti. Ngokufanayo, empini engokomoya kudingeka ukutadisha okwengeziwe nokuziqeqesha ngokuqhubekayo enkonzweni ukuze sibe ngabalisebenzisa ngekhono iZwi likaNkulunkulu. Ngazo zonke izindlela, make senze umzamo odingekayo ukuze sibe ngamadoda angokomoya angabaphathi benkemba abanekhono, abakwaziyo ‘ukuqondisa kahle izwi leqiniso.’—2 Thimothewu 2:15.
Khuleka Ngezikhathi Zonke, Yima Uqinile
Zonke izingxenye zezikhali zethu ezingokomoya zibalulekile ekulondolozeni ubuqotho bethu kuNkulunkulu. Kodwa singazigcina kanjani lezikhali zisebenza? Ukutadisha iBhayibheli ngaso sonke isikhathi, ukuyilungiselela kusengaphambili imihlangano yobuKristu, nokulalela ngokunakekela nokuhlanganyela ngentshiseko kuyo kuyosisiza ukuba sigcine izikhali zethu zisebenza. (2 Thimothewu 3:16; Heberu 10:24, 25) Inkonzo yasensimini yasikhathi sonke nenentshiseko nobungane bobuKristu obuhle kuyosisiza futhi ekugcineni izikhali zethu ezingokomoya zokuhlasela nezokuzivikela zisesimweni esihle.—IzAga 13:20; Roma 15:15, 16; 1 Korinte 15:33.
Ukwakha isimo sengqondo esiqondile nakho kubalulekile. Kumelwe senqabe ukuvumela ukukhanga kwalelizwe kusiphambukise. Kunalokho, masihlakulele ‘iso elihle.’ (Mathewu 6:19-24) Ekulingiseni uJesu Kristu, nathi kumelwe sifunde ukuthanda ukulunga futhi sizonde okubi. (Heberu 1:9) Zonke lezinto zisisiza ukuba silondoloze izikhali zethu ezingokomoya ezivela kuNkulunkulu.
Ngemva kokukhulumela ingxenye ngayinye yezikhali zethu ezingokomoya, uPawulu uphetha ngokuthi: “Ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke.” (Efesu 6:18) Amasosha athembekile aqhubeka exhumana nendlunkulu yombutho futhi alalela imiyalo. Njengamasosha angamaKristu, sidinga ukuthintana njalo noMbusi wethu, uJehova uNkulunkulu, ‘ngomholi nomyali wakhe kubantu,’ uJesu Kristu. (Isaya 55:4) Lokhu kungenziwa, hhayi ngomthandazo okha phezulu wokushwampuluza, kodwa ngokunxusa okusuka enhliziyweni okubonakalisa ukusondelana nokuzinikela okujulile kuJehova. Ngokuxhumana njalo noJehova, sizuza amandla usuku ngalunye ukuze asilondoloze ekulweni.
UJesu wathi: “Mina ngilinqobile izwe.” (Johane 16:33) UJehova ufuna ukuba nathi sibe ngabanqobayo. Njengoba ukufa komphostoli uPawulu kwakusondela, wayengathi: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa.” (2 Thimothewu 4:7) Sengathi singakwazi ukusho amazwi afanayo ngengxenye yethu kulempi. Uma sikufisa ngempela lokhu, ‘masimelane namaqhinga kaSathane’ ngokulondoloza zonke izikhali zikaNkulunkulu.—Efesu 6:11.