Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe ubatholile omagazini bamuva beNqabayokulinda ababaluleke ngempela kuwe? Ngakho kungani ungavivinyi inkumbulo yakho ngokulandelayo:
◻ Kungani uThimothewu ayeyisibonelo esihle kangaka sokulandelwa intsha?
UThimothewu wadela lokho okuthiwa ukuphila okuvamile ekhaya, ukuze abe umngane kaPawulu oqotho, nothembekile. Wanamathela kuPawulu lapho esebunzimeni, emsekela emsebenzini wokushumayela futhi ezimisele ukukhonza noma kuphi lapho ethunywa khona. (Filipi 2:19, 20)—8/15, ikhasi 14.
◻ Ziyini izimfanelo zokubhapathizwa?
Lowo ofundela ubhapathizo kumelwe aqonde lokho okuhilelekile. Kumelwe ngempela afune ukukhonza uJehova ngoba emthanda. Ubonisa lokhu ngokunamathela ezimfunekweni zikaNkulunkulu zokuziphatha futhi ahlanganyele ukholo lwakhe nabanye. Udinga futhi ukuba enze ukuzinikezela kwakhe siqu kuJehova ngomthandazo.—8/15, ikhasi 16.
◻ Kungani kungalungile ukucwaninga imimoya?
Ukucwaninga imimoya kuphumela ekuthandeni lokho uJehova akuzondayo. (IzAga 6:16-19) Empeleni, kufana nokushiya uJehova, futhi ube sohlangothini lwesitha esikhulu sikaNkulunkulu nabasekeli baso.—9/1, ikhasi 5.
◻ Iyini “incwadi yokukhumbula” okukhulunywa ngayo kuMalaki 3:16?
Kusukela esikhathini sika-Abela kuqhubeke, uNkulunkulu ubephawula, njengokungathi uloba phansi encwadini, labo besintu esingasindiswa abangakhunjulwa ngenjongo yokuphila okuphakade. ‘Lencwadi yokukhumbula’ iyefana ‘nencwadi yokuphila’ “nomqulu wokuphila.” (IsAmbulo 3:7; 17:8, NW; Mathewu 23:35)—9/1, ikhasi 29.
◻ Yini eyenza umngane weqiniso abe yigugu kangaka?
Ngaso sonke isikhathi ungaphendukela kumngane weqiniso ngosizo, iseluleko, induduzo, nobungane obufudumele.—9/15, amakhasi 3, 4.
◻ Uyini ‘umoya’ obulalayo walelizwe?
Uwumoya ovamile, noma isimo esibusayo sobugovu nokungalaleli, esiboniswa abantu abadediselwe kude noNkulunkulu. (Efesu 2:2; 1 Korinte 2:12)—9/15, ikhasi 11.
◻ Ukuze inkolo ibe usizo yini okumelwe iyenze?
Kumelwe ithele izithelo ezinhle. Kumelwe ikhiqize abantu abangcono. Kumelwe ikwazi ukuchaza ukuthi kungani izinto zinjengoba zinjalo emhlabeni namuhla. Futhi kumelwe igxilise ithemba eliqinisekile ngekusasa ezingqondweni nasezinhliziyweni zabantu. (Mathewu 7:17-20)—10/1, ikhasi 7.
◻ Yini iNguquko eyahluleka ukuyifeza?
Abanye abaguquli bokuqala baphupha ngokubuyela ezindinganisweni zeBhayibheli, ebuKristwini bangempela. Leliphupho alizange ligcwaliseke. Ngokuhamba kwesikhathi, izimfundiso eziyisisekelo zamasonto obuProthestani, ezobuzwe noma ezinye, zafana ncimishí nalezo zeSonto lamaRoma Katolika.—10/1, ikhasi 25.
◻ Yini eyaholela esahlulelweni esinzima sikaNkulunkulu ngoMose noAroni esilandela isenzakalo saseKadeshi-Barineya?
IHubo 106:32, 33 linikeza ukuqonda kulendaba, libonisa ukuthi uMose wenza ngokuhluthuka komoya “wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.” Ngamazwi okuthukuthela, wabhekisela ukunakekela kuye ngokwakhe nakuAroni kunokuba akubhekisele kuJehova, okunguyena ngempela owayengalungiselela amanzi ngokuyisimangaliso. Ngalendlela uMose wehluleka ‘ukungcwelisa uNkulunkulu phambi kwamehlo abantu.’ (Numeri 27:12-14)—10/15, ikhasi 31.
◻ Iyiphi injongo ephakeme eyafezwa uMthetho kaNkulunkulu owanikwa amaIsrayeli?
UMthetho wanikwa amaIsrayeli ukuze ugcine isizwe sihlanzekile ngokomzimba, ngokomoya, ngokwengqondo, nangokuziphatha.—11/1, ikhasi 12.
◻ Iluphi olunye usizo lokugcina ukungashadi okucocekile?
Thandazela njalo umoya kaNkulunkulu nosizo lwakhe lokuveza izithelo zawo. Zindla futhi usebenzise iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu. Gwema izincwadi ezingcolile namabhayisikobho anokuziphatha okubi. Qaphela abangane bakho. Xwaya zonke izinkulumo ezingcolileyo namahlaya amabi.—11/15, ikhasi 20.
◻ Imuphi umehluko onqumayo okhona phakathi kokwelapha okubikwe eBhayibhelini nalokho okubikwe abaphilisi namuhla?
UJesu nabafundi bakhe abazange babize imali ngokwelapha kwabo. Ukuphilisa okwakwenziwa ngezikhathi zeBhayibheli kwakufezwa ngalesosikhathi noma kuthathe isikhathi esifushane.—12/1, amakhasi 4, 5.
◻ Ziyini ezinye zezinzuzo zokuhlabelela kakhulu ekukhulekeleni kweqiniso?
Ukuhileleka kwethu komuntu siqu ekukhulekeleni kwasobala kuyaqina. Ukuhlabelela kunikeza ubufakazi obuhle kulabo abasanda kuqala ukuza emihlanganweni. Okubaluleke kakhulu, udumo olukhulu luyiswa kuJehova.—12/1, ikhasi 27.