Isahluko 7
Ingabe IBhayibheli Liyaziphikisa?
Ngokuvamile iBhayibheli limangalelwa ngokuthi liyaziphikisa. Ngokuvamile, abantu abalibeka lelicala abazange balifunde iBhayibheli ngokwabo; bamane nje baphinda lokho abakuzwile. Nokho, abanye baye bakuthola lokho okubonakala kuwukuphikisana okungokoqobo futhi bakhathazekile ngakho.
1, 2. (Hlanganisa nesethulo.) (a) Livame ukumangalelwa ngokuthini iBhayibheli? (b) Lapho siqhathanisa izindinyana zeBhayibheli ezihlukene, yini okufanele siyikhumbule? (c) Yiziphi ezinye izizathu zokuthi kungani ngezinye izikhathi kunokwehlukana endleleni abalobi beBhayibheli ababili ababika ngayo isenzakalo esifanayo?
UMA iBhayibheli ngempela liyiZwi likaNkulunkulu, kufanele livumelane, lingaziphikisi. Pho-ke, kungani ezinye izindinyana zibonakala ziphikisa ezinye? Ukuze siphendule, sidinga ukukhumbula ukuthi, nakuba iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, lalotshwa abantu abaningana phakathi nenkathi engaphezu kwamakhulu amaningi eminyaka. Labalobi babenezizinda ezihlukene, izindlela zokubhala, namakhono, futhi wonke lomehluko uyaboniswa ekubhaleni kwabo.
2 Ngaphezu kwalokho, uma ababhali ababili noma ngaphezulu bekhuluma ngesenzakalo esifanayo, omunye angase afake imininingwane eshiywa omunye. Ngaphezu kwalokho, abalobi abahlukene bathula isihloko sendaba ngezindlela ezihlukene. Omunye angase asibhale ngokulandelana kwezenzakalo, kanti omunye angase alandele uhlelo oluhlukile. Kulesahluko, sizonikeza okunye kwalokho okuthiwa kuwukuziphikisa okuseBhayibhelini futhi sicabangele indlela okungavumelaniswa ngayo, kucatshangelwa izinto eziphawulwe ngenhla.
Ofakazi Abazimele
3, 4. Ngokuqondene nenduna yekhulu enceku yayo yayigula, ikuphi okubonakala kuwukungavumelani phakathi kokulandisa kukaMathewu nalokho kukaLuka, futhi lokhu kulandisa kungavumelaniswa kanjani?
3 Okunye “ukuziphikisa” kuphakama lapho sinokulandisa okubili noma ngaphezulu ngesehlakalo esisodwa. Ngokwesibonelo, kuMathewu 8:5 sifunda ukuthi lapho uJesu efika eKapernawume, “kweza kuye induna yekhulu, yamncenga,” icela uJesu ukuba elaphe inceku yayo. Kodwa kuLuka 7:3, sifunda ngalenduna yekhulu ukuthi “yathuma amalunga abaJuda kuye [uJesu], imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo.” Ingabe induna yekhulu yakhuluma noJesu noma yathumela amalunga?
4 Ngokusobala, impendulo iwukuthi, lendoda yathuma amalunga amaJuda. Khona-ke, kungani uMathewu ethi lendoda yamncenga ngokwayo uJesu? Ngoba, eqinisweni, lendoda yacela uJesu ngamalunga amaJuda. Amalunga asebenza njengomlomo wayo.
5. Kungani iBhayibheli lithi uSolomoni wakha ithempeli, lapho ngokusobala umsebenzi ongokoqobo wenziwa ngabanye?
5 Ukubonisa lokhu, kwezesi-2 IziKronike 3:1, siyafunda: “USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema.” Kamuva, siyafunda: “USolomoni waqeda-ke indlu kaJehova.” (2 IziKronike 7:11) Ingabe uSolomoni walakha yena mathupha ithempeli kusukela ekuqaleni laze layophela? Yiqiniso akunjalo. Umsebenzi wokwakha ngokwawo wenziwa isixuku sochwepheshe nezisebenzi. Kodwa uSolomoni wayengumhleli walomsebenzi, kunguye owengamele. Ngakho-ke, iBhayibheli lithi wayakha lendlu. Ngendlela efanayo, iVangeli LikaMathewu lisitshela ukuthi induna yezempi yaya kuJesu. Kodwa uLuka unikeza umniningwane owenezelwe wokuthi yakhuluma naye ngamalunga amaJuda.
6, 7. Singakuvumelanisa kanjani ukulandisa okubili okuhlukene kwamaVangeli ngesicelo samadodana kaZebedewu?
6 Nasi isibonelo esifanayo. KuMathewu 20:20, 21, siyafunda: “Kwafika [kuJesu] unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.” Lokho akucela kwakuwukuthi amadodana akhe kwakufanele abe nesikhundla esingcono kakhulu lapho uJesu efika eMbusweni wakhe. Ekulandiseni kukaMarku ngaso lesenzakalo esifanayo, siyafunda: “Kwase kusondela [kuJesu] oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.” (Marku 10:35-37) Ingabe kwakungamadodana amabili kaZebedewu noma kwakungunina, owenza lesicelo kuJesu?
7 Ngokusobala, kwakungamadodana amabili kaZebedewu enza lesicelo, njengoba uMarku esho. Kodwa asenza ngonina. Wayengumkhulumeli wawo. Lokhu kusekelwa umbiko kaMathewu wokuthi lapho abanye abaphostoli bezwa lokho okwenziwe unina wamadodana kaZebedewu, abazange bathukuthelele unina, kodwa “izelamani ezimbili.”—Mathewu 20:24.
8. Kwenzeka kanjani ukuba ukulandisa okubili okuhlukene kwesenzakalo esifanayo kuhluke nokho kokubili kube yiqiniso?
8 Wake wabezwa abantu ababili bechaza isenzakalo abasibona bobabili? Uma kunjalo, waphawula ukuthi umuntu ngamunye ugcizelela imininingwane eyamhlaba umxhwele? Omunye kungenzeka uye wazishiya izinto ezifakwe omunye. Nokho, bobabili babekhuluma iqiniso. Kungokufanayo nangokulandisa okune kwamaVangeli ngenkonzo kaJesu, nangezinye izenzakalo ezingokomlando ezibikwe abalobi beBhayibheli abangaphezu koyedwa. Umlobi ngamunye wabhala ukwaziswa okunembile ngisho noma omunye elondoloza imininingwane eyashiywa omunye. Ngokucabangela konke ukulandisa, kungatholakala ukuqonda okugcwele kwalokho okwenzeka. Ukwehlukahluka okunjalo kubonisa ukuthi ukulandisa kweBhayibheli kuzimele. Futhi ukuvumelana kwakho okuyisisekelo kufakazela ukuthi kuyiqiniso.
Funda Umongo
9, 10. Umongo usisiza ngayiphi indlela ukuba sibone ukuthi uKayini wamtholaphi umkakhe?
9 Ngokuvamile, okubonakala kuwukungavumelani kungaxazululwa uma nje sibheka umongo. Ngokwesibonelo, cabangela inkinga ephakanyiswa njalo ngomkaKayini. KuGenesise 4:1, 2 siyafunda: “[UEva] wazala uKayini; wathi: Ngitholile indoda kuJehova. Waphinda wazala uAbela umfowabo.” Njengoba kwaziwa kahle, uKayini wabulala uAbela; kodwa ngemva kwalokho, sifunda ukuthi uKayini waba nomfazi nabantwana. (Genesise 4:17) Uma uAdamu noEva babenamadodana amabili kuphela, uKayini wamtholaphi umkakhe?
10 Ikhambi liseqinisweni lokuthi uAdamu noEva babenabantwana abangaphezu kwababili. Ngokomongo, baba nomkhaya omkhulu. KuGenesise 5:3 sifunda ukuthi uAdamu waba uyise wenye indodana ethiwa uSeti, bese kuthi evesini elilandelayo, sifunde: “Wazala amadodana namadodakazi.” (Genesise 5:4) Ngakho uKayini wayengashada nomunye wodadewabo noma ngisho nomunye wabashanakazi bakhe. Kulelobanga lokuqala lomlando wesintu, lapho isintu sasiseseduze kakhulu nokuphelela, umshado onjalo ngokusobala awuzange uphakamise izimo eziyingozi ngabantwana balesosibopho njengoba ungaziphakamisa namuhla.
11. Yikuphi okubhekwa njengokungavumelani phakathi kukaJakobe nomphostoli uPawulu abanye ababhekisela kukho?
11 Ukucabangela kwethu umongo kuyasisiza futhi ukuba siqonde lokho abanye abaye bagomela ngokuthi kuwukungezwani phakathi komphostoli uPawulu noJakobe. Kweyabase-Efesu 2:8, 9, uPawulu uthi amaKristu asindiswa ngokholo, hhayi ngemisebenzi. Uthi: “Nisindisiwe ngokukholwa . . . akuveli ngemisebenzi.” Nokho, uJakobe ugcizelela ukubaluleka kwemisebenzi. Uyabhala: “Njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.” (Jakobe 2:26) Zingavunyelaniswa kanjani lezinkulumo ezimbili?
12, 13. Amazwi kaJakobe awagcwalisa kanjani amazwi omphostoli uPawulu kunokuba awaphikise?
12 Uma sicabangela umongo wamazwi kaPawulu, sithola ukuthi enye inkulumo igcwalisa enye. Umphostoli uPawulu ubhekisela emizamweni yamaJuda yokugcina uMthetho kaMose. Ayekholelwa ukuthi uma egcina uMthetho ngayo yonke imininingwane yawo, ayobe alungile. UPawulu waveza ukuthi lokhu kwakungenakwenzeka. Asisoze sibe abalungileyo—futhi kanjalo sifanelekele insindiso—ngemisebenzi yethu siqu, ngoba sinesono esasizuza ngefa. Singasindiswa kuphela ngokuba nokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo.—Roma 5:18.
13 Nokho, uJakobe unezela iphuzu elibalulekile lokuthi ukholo ngokwalo alunanzuzo uma lungasekelwa izenzo. Umuntu ozisholo ukuthi unokholo kuJesu kufanele alubonise ngalokho akwenzayo. Ukholo olungasetshenziswa luwukholo olufile futhi aluyikuholela ensindisweni.
14. Kukuziphi izindinyana lapho uPawulu ebonisa khona ukuthi uvumelana ngokugcwele nesimiso sokuthi ukholo oluphilayo kumelwe luboniswe ngemisebenzi?
14 Umphostoli uPawulu wayevumelana ngokugcwele nalokhu, futhi kaningi uphawula ngezinhlobo zemisebenzi amaKristu okufanele ahileleke kuyo ukuze abonise ukholo lwawo. Ngokwesibonelo, wabhalela abaseRoma ukuthi: “Umuntu ukholwa ngenhliziyo kube-ngukulunga, ngomlomo [wenza ukuvuma kwasobala ukuze asindiswe].” Ukwenza “ukuvuma kwasobala”—ukuhlanganyela ukholo lwethu nabanye—kubalulekile ukuze sisindiswe. (Roma 10:10, qhathanisa neNW; bheka futhi eyoku-1 Korinte 15:58; Efesu 5:15, 21-33; 6:15; 1 Thimothewu 4:16; 2 Thimothewu 4:5; Heberu 10:23-25.) Nokho, awukho umsebenzi umKristu angawenza, futhi ngokuqinisekile awukho umzamo wokugcwalisa uMthetho kaMose, oyomzuzela ilungelo lokuphila okuphakade. Lokhu ‘kuyisipho somusa kaNkulunkulu’ kulabo ababonisa ukholo.—Roma 6:23; Johane 3:16.
Imibono Ehlukene
15, 16. Kwakungenzeka kanjani ukuba bobabili uMose noJoshuwa babe abaqondile lapho omunye ethi impumalanga yeJordani ‘yayinganeno’ komfula kuyilapho omunye ethi ‘yayingaphesheya’?
15 Ngezinye izikhathi abalobi beBhayibheli babhala ngesenzakalo esifanayo ngemibono ehlukene, noma bethula ukulandisa kwabo ngezindlela ezihlukene. Lapho lomehluko ucatshangelwa, okunye okubonakala kuwukuphikisana kuxazululeka kalula. Isibonelo salokhu sikuMibalo (Numeri) 35:14, (Esd) lapho uMose ekhuluma khona ngendawo engasempumalanga yeJordani ngokuthi “nganeno kweJordani.” Nokho, uJoshuwa ekhuluma ngezwe elisempumalanga yeJordani, walibiza ngokuthi “pesheya kweJordani.” (Joshuwa 22:4, Esd) Yikuphi okulungile?
16 Eqinisweni, kokubili kulungile. Ngokokulandisa okukuMibalo, amaIsrayeli ayengakawuweli uMfula iJordani angene eZweni Lesithembiso, ngakho kuwo impumalanga yeJordani ‘yayinganeno.’ Kodwa uJoshuwa wayeseliwelile kakade iJordani. Manje, ngokoqobo wayengasentshonalanga yomfula, ezweni laseKhanani. Ngakho impumalanga yeJordani kuye, ‘yayingaphesheya.’
17. (a) Yikuphi okubhekwa njengokungavumelani abanye ababhekisela kukho ezahlukweni zokuqala ezimbili zikaGenesise? (b) Siyini isizathu esiyisisekelo salokho okucatshangelwa njengokungavumelani?
17 Ngaphezu kwalokho, indlela indaba elandisayo eyakhiwa ngayo ingaholela kulokho okungabonakala kuwukuphikisana. KuGenesise 1:24-26, iBhayibheli libonisa ukuthi izilwane zadalwa kuqala kunomuntu. Kodwa kuGenesise 2:7, 19, 20, kubonakala sengathi kuthiwa umuntu wadalwa kuqala kunezilwane. Kungani kunalokungavumelani? Ngoba lokulandisa okubili kwendalo kuxoxa ngayo ngemibono emibili ehlukene. Okokuqala kuchaza ngokudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukuwona. (Genesise 1:1–2:4) Okwesibili, kugxila ekudalweni kwesintu nokuwela kwaso esonweni.—Genesise 2:5–4:26.
18. Singakuvumelanisa kanjani lokho okubonakala kuwukungavumelani phakathi kokulandisa okubili kwendalo ezahlukweni zokuqala zikaGenesise?
18 Ukulandisa kokuqala kwakhiwe ngokulandelanisa izenzakalo, kuhlukaniswe “ngezinsuku” eziyisithupha ezilandelanayo. Okwesibili, kubhalwe ngokulandelana kokubaluleka kwezihloko. Ngemva kwesethulo esifushane, ngokunengqondo kuqhubekela ngokuqondile ekudalweni kuka-Adamu, njengoba yena nomkhaya wakhe kuzokhulunywa ngabo ngokulandelayo. (Genesise 2:7) Khona-ke okunye ukwaziswa kungeniswa njengoba kudingeka. Sifunda ukuthi ngemva kokudalwa kwakhe uAdamu wayezohlala ensimini yase-Edene. Ngakho manje kukhulunywa ngokutshalwa kwensimu yase-Edene. (Genesise 2:8, 9, 15) UJehova utshela uAdamu ukuba aziqambe amagama “zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke ezindizayo.” Ngakho, manje yisikhathi sokuphawula ukuthi ‘uJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi’ zonke lezizidalwa, nakuba ukudalwa kwazo kwaqala esikhathini eside ngaphambi kokuba uAdamu abe khona.—Genesise 2:19; 1:20, 24, 26.
Funda Ukulandisa Ngokucophelela
19. Yikuphi ukudideka okubonakala kukhona ekulandiseni kweBhayibheli ngokunqotshwa kweJerusalema?
19 Ngezinye izikhathi, ukuze kuxazululwe lokho okubonakala kuwukuphikisana kudingeka kuphela ukufunda ukulandisa ngokucophelela nokucabanga ngokwaziswa okunikeziwe. Lokhu kunjalo uma sicabangela ukunqotshwa kweJerusalema ngamaIsrayeli. IJerusalema lafakwa ohlwini njengengxenye yefa likaBenjamini, kodwa sifunda ukuthi isizwe sakwaBenjamini sahluleka ukulinqoba. (Joshuwa 18:28; AbAhluleli 1:21) Sifunda futhi ukuthi uJuda wahluleka ukunqoba iJerusalema—ngokungathi laliyingxenye yefa lalesosizwe. Ekugcineni, uJuda walehlula iJerusalema, elishisa ngomlilo. (Joshuwa 15:63; AbAhluleli 1:8) Nokho, emakhulwini amaningi eminyaka kamuva, uDavide kulotshwe ngaye njengonqoba iJerusalema.—2 Samuweli 5:5-9.
20, 21. Ngokuhlolisisa yonke imininingwane ehlobene, yini evelayo njengomlando wokunqoba kwamaHeberu umuzi waseJerusalema?
20 Uma sibheka okokuqala, konke lokhu kungase kubonakale kudida, kodwa eqinisweni akuphikisani. Eqinisweni, umngcele phakathi kwefa likaBenjamini nelikaJuda wawugudla iSigodi sikaHinomu, udabule emzini wasendulo waseJerusalema. Lokho kamuva okwabizwa ngokuthi uMuzi KaDavide eqinisweni kwakusendaweni yakwaBenjamini, njengoba nje uJoshuwa 18:28 esho. Kodwa kungenzeka ukuthi umuzi wamaJebusi waseJerusalema wawusakazekele ngaphesheya kweSigodi sikaHinomu futhi kanjalo weqela ezweni lakwaJuda, kangangokuba uJuda, naye kwadingeka alwe nezakhamuzi zawo ezingamaKhanani.
21 UBenjamini wahluleka ukuwunqoba lomuzi. Ngesinye isikhathi, uJuda walinqoba iJerusalema futhi walishisa. (AbAhluleli 1:8, 9) Kodwa ngokusobala amabutho kaJuda aqhubekela phambili, futhi abanye bezakhamuzi zokuqala bawuzuza futhi lomuzi. Kamuva, bakha iqembu elincane elinamandla elalingenakunyakaziswa uJuda noma uBenjamini. Ngalendlela, amaJebusi aqhubeka ehlala eJerusalema kwaze kwaba yilapho uDavide enqoba lomuzi eminyakeni engamakhulu amaningi kamuva.
22, 23. Ubani owathwala isigxobo sikaJesu sokuhlushwa wasiyisa endaweni abulawelwa kuyo?
22 Sihlangabezana nesibonelo sesibili emaVangelini. Ngokuqondene nokuqhutshwa kukaJesu eyiswa ekufeni kwakhe, eVangelini likaJohane siyafunda: “Waphuma ezithwalele [isigxobo sokuhlushwa].” (Johane 19:17) Nokho, kuLuka siyafunda: “Kwathi bemuka naye, babamba uSimoni waseKhurene evela endle, bamthwesa [isigxobo sokuhlushwa] ukuba asithwale emva kukaJesu.” (Luka 23:26) Ingabe uJesu walithwala ngokwakhe ithuluzi elasetshenziselwa ukufa kwakhe, noma uSimoni wamthwalela lona?
23 Okokuqala, uJesu ngokusobala wazithwalela isigxobo sakhe sokuhlushwa njengoba uJohane ephawula. Kodwa kamuva, njengoba uMathewu, uMarku, noLuka befakaza, uSimoni waseKhurene waphoqelelwa ukuba enze umsebenzi wokumthwalela sona yonke ingxenye yendlela eyayisele eya endaweni abulawelwa kuyo.
Ubufakazi Bokuzimela
24. Kungani singamangali ngokuthola okunye okubonakala kuwukungavumelani eBhayibhelini, kodwa yini okungafanele siphethe ngayo kulokhu?
24 Yiqiniso, kukhona okunye okubonakala kuwukungavumelani eBhayibhelini okunzima ukukuvumelanisa. Kodwa akufanele sicabange ukuthi kuwukuphikisana okuqondile. Ngokuvamile kumane nje kuyindaba yokuntula ukwaziswa okuphelele. IBhayibheli linikeza ulwazi olwanele lokwanelisa isidingo sethu esingokomoya. Kodwa uma lalingasinikeza yonke imininingwane nganoma yisiphi isenzakalo esiphawuliwe, laliyoba umtapo omkhulu ongasebenziseki, kunokuba umqulu owusizo othwaleka kalula esinawo namuhla.
25. UJohane uthini ngombhalo ogciniwe wenkonzo kaJesu, futhi lokhu kusisiza kanjani ukuba siqonde ukuthi kungani iBhayibheli lingasinikezi yonke imininingwane ngazo zonke izenzakalo?
25 Ekhuluma ngenkonzo kaJesu, umphostoli uJohane wabhala ngokweqisa okufanelekayo: “Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.” (Johane 21:25) Bekungaba okungenakwenzeka ngisho nangokwengeziwe ukuloba yonke imininingwane yomlando omude wabantu bakaNkulunkulu kusukela enkathini yezinzalamizi kuya ebandleni lobuKristu lekhulu lokuqala leminyaka!
26. IBhayibheli liqukethe ukwaziswa okwanele kokuba siqiniseke ngaliphi iqiniso elibalulekile?
26 Eqinisweni, iBhayibheli liyisimangaliso sencwadi efinyeziwe. Liqukethe ukwaziswa okwanele ukuba kusisize ukuze siliqaphele njengelingaphezulu kakhulu kunokuba nje incwadi yomuntu. Noma yikuphi ukwehlukana elikuqukethe kufakazela ukuthi abalobi ngempela babengofakazi abazimele. Ngakolunye uhlangothi, ubunye obuvelele beBhayibheli—esizoxoxa ngabo ngokuningiliziwe kwesinye isahluko esizolandela—bubonisa ngaphandle kokungabaza umsuka walo waphezulu. Liyizwi likaNkulunkulu, hhayi elomuntu.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 89]
Okubonakala kuwukungavumelani eBhayibhelini kufakazela ukuthi abalobi ngempela babengofakazi abazimele
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 91]
Ukucabangela umongo ngokuvamile kuyasiza ukuba kuxazululwe lokho okuthiwa kuwukuziphikisa
[Ibhokisi ekhasini 93]
“Ukungavumelani” Akusho Ukuphikisana Nakanjani
UKenneth S. Kantzer, ongumfundisi, wake wabonisa ukuthi kungenzeka kanjani ukuba imibiko emibili yesenzakalo esifanayo ibonakale iphikisana nokho yomibili ibe yiqiniso. Wabhala: “Esikhathini esithile esidlule unina womngane wethu othandekayo wafa. Sezwa okokuqala ngokufa kwakhe ngomngane wethu sobabili othembekile owabika ukuthi unina womngane wethu wayemi ejikeni lomgwaqo elinde ibhasi, washayiswa elinye ibhasi elalidlula, walimala kakhulu, wafa emizuzwini embalwa kamuva.”
Ngokushesha ngemva kwalokho, wezwa umbiko ohluke kakhulu. Uthi: “Sezwa ngomzukulu wowesifazane oshonile ukuthi owesifazane wayehileleke engozini yokushayisana kwezimoto, imoto ayegibele kuyo yamkhiphela ngaphandle, wafa ngaso lesosikhathi. Umfana wayeqiniseka kakhulu ngalokho ayekusho.
“Kamuva kunalokho . . . saphenyisisa ukuze sithole ukuvumelana. Sezwa ukuthi uninakhulu wayelindele ibhasi, washayiswa elinye ibhasi, walimala kakhulu. Wayethathwe imoto eyayidlula futhi ephuthunyiswa esibhedlela. Kodwa kulokho kujaha, imoto ayethwelwe ngayo eyiswa esibhedlela yashayisana nenye imoto. Waphonseka ngaphandle kwemoto futhi washona ngalesosikhathi.”
Yebo, ukulandisa okubili ngesenzakalo esifanayo kungase kokubili kube yiqiniso nakuba kungase kubonakale kungavumelani. Ngezinye izikhathi kunjalo nangeBhayibheli. Ofakazi abazimele bangase bachaze imininingwane ehlukene ngesenzakalo esifanayo. Nokho, esikhundleni sokuba kuphikisane, lokho abakubhalayo kuyagcwalisana, futhi uma sikucabangela konke lokulandisa, sithola ukuqonda okungcono kwalokho okwenzeka.